Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 4/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu Ababhala NgoJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • ‘Abantu Abangafundile Nabavamile’
    ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Abantu Ababa Abafundi BakaJesu
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-41—UMarku
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 4/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ UJohane 18:15 ukhuluma ngomfundi owayaziwa ngumpristi omkhulu. Ingabe lomfundi kusenguye lona ngaphambili ‘owayebaleke-ze,’ njengoba kubika uMarku 14:51, 52?

Cha, kubonakala sengathi umuntu owayaziwa ngumpristi omkhulu kwakungumphostoli uJohane, kanti kwakungumfundi uMarku ‘owabaleka-ze.’

Uma sithatha lokhu kulandisa ngokulandelana kwako ngokwesikhathi, siqala ensimini yaseGetsemane. Abaphostoli basabela ngokwesaba lapho uJesu Kristu eboshwa. “Bamshiya bonke, babaleka.” Lona kanye ivesi elilandelayo ekulandiseni kukaMarku liveza umehluko: “Insizwa ethile yamlandela yembethe indwangu nje emzimbeni; bayibamba. Yayisiyishiya indwangu, yabaleka-ze.”—Marku 14:50-52.

Ngaleyondlela, ukusabela kokuqala kwabaphostoli abangu-11 kuyehluka kokwalomfundi ongashiwongo ngegama, ngakho kunengqondo ukuphetha ngokuthi wayengeyena omunye wabaphostoli. Lesisehlakalo sibhalwe kuphela eVangelini elabhalwa umfundi wokuqala uJohane okuthiwa uMarku, umzala kaBarnaba. Ngaleyondlela, kunesizathu sokuphetha ngokuthi uMarku ‘wayeyileyonsizwa ethile’ eyaqala ukulandela uJesu oboshiwe kodwa yabaleka ingayembethe ingubo yayo lapho isixuku sizama ukuyibamba nayo.—IzEnzo 4:36; 12:12, 25; Kolose 4:10.

Ngesinye isikhathi ngalobobusuku, umphostoli uPetru naye wamlandela uJesu, ebangeni eliqhelile. Kunokufana okuthile kulomqondo; umfundi osemncane (uMarku) waqala ukulandela uJesu kodwa wema, kanti kamuva ababili babaphostoli ababebalekile baqala ukulandela iNkosi yabo eboshiwe. EVangelini likamphostoli uJohane, siyafunda: “USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowomfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu.”—Johane 18:15.

Umphostoli uJohane usebenzisa igama elithi “Johane” lapho ebhekisela kuJohane uMbhapathizi kodwa yena akalokothi azibize ngegama. Ngokwesibonelo, ubhala “[ngo]mfundi ofakaza ngalezizinto nokulobile lokhu.” Ngokufanayo: “Obonileyo ufakazile, ubufakazi bakhe buqinisile; yena-ke uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso.” (Johane 19:35; 21:24) Phawula futhi uJohane 13:23: “Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, enciké esifubeni sikaJesu.” Lokho kwakungaphambi nje kokuboshwa kukaJesu. Kamuva ngalolosuku uJesu obethelwe wakhetha umfundi oyedwa, lowo uJohane akhuluma ngaye ngendlela efanayo: “Kuthé uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona, [uJesu] wathi kunina: Mame, bheka indodana yakho.”—Johane 19:26, 27; qhathanisa noJohane 21:7, 20.

Lesimo esifanayo sokungazisho kwakhe ngegama siyabonakala kuJohane 18:15. Ngaphezu kwalokho, uJohane noPetru bahlanganisiwe ekulandiseni kwangemva kovuko okukuJohane 20:2-8. Lezinkomba zisikisela ukuthi umphostoli uJohane ‘wayeyilowomfundi owayaziwa ngumpristi omkhulu.’ IBhayibheli alikunikezi ukwaziswa kokuthi lomphostoli (uJohane) waseGalile kwenzeka kanjani ukuba azi umpristi omkhulu, futhi umpristi omkhulu amazi. Kodwa ukwaziwa kwakhe abendlu yompristi omkhulu kwenza uJohane wakwazi ukudlula kumlindisango angene egcekeni futhi akwazi ukungenisa noPetru.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela