Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 4/1 k. 32
  • “Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 4/1 k. 32

“Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu”

“Lencwadi yayithakazelisa futhi iheha kangangokuba angikwazanga ukuyibeka phansi,” kubhala umfundi waseHouston, eTexas, eU.S.A. Wathi endaweni akuyo kunabantu cishe bazo zonke izinkolo okukhulunywe ngazo kulencwadi, kodwa wavuma: “Ngangingaziqondi izinkolelo ,zabo eziyisisekelo nokuthi ngingabaqondisa kanjani eBhayibhelini ukuze bathole izimpendulo. Lencwadi iye yaba impendulo emithandazweni yami.”

Ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu iqukethe ingxoxo ecwaningisisiwe, ejulile yezinkolo ezinjengobuHindu, ubuBuddha, ubuTao, ubuConfucian, ubuShinto, ubulslam, nobuJuda. Lomfundi waseTexas waphawula: “Lencwadi ikhuluma ngezinkolelo zabanye abantu ngendlela enengqondo nenenhlonipho, kuyilapho ibakhuthaza ukuba baqhubeke nokufuna kwabo uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Futhi amazwi abekwe ngendlela ekhanga kakhulu, cishe njengokungathi kunothile ohlezi eduze kwakho ekuxoxela.”

Siyaqiniseka ukuthi incwadi enamakhasi angu-384 ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu izophendula imibuzo yakho eminingi. Uma unesithakazelo sokuthola ikhophi, mane ugcwalise bese uthumela isigqebhezana esingezansi ekhelini elinikezwe ngezansi.

Ngingathanda ukuthola incwadi enemifanekiso enamakhasi angu-384 ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. (Ngaphandle kwaseR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)

[Izithombe ekhasini 32]

ELobukholwa

UbuIslam

UbuHindu

Ubuconfucian—UbuTao—UbuBuddha

UbuBuddha

UbuShinto

UbuJuda

Izinkolo Zezizwe Ezincane

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela