Ezombangazwe—Ingabe Ziyingxenye Yokuthunywa Kwevangeli?
NGOKUKAJOACHIM Meisner, umbhishobhi omkhulu waseCologne nowayengumfundisi ovelele waseMpumalanga Jalimane, “kuwukwambuka ukubiza ezombangazwe ngokuthi zingcolile, umsebenzi umuntu angcolisa ngawo izandla zakhe.” Engxoxweni yango-1989, wathi: “Ezombangazwe ziyinto engokoqobo yokuphila ngakho-ke ziyingxenye futhi yokuthunywa kwethu kwevangeli. Kumelwe siyisukumele lenselele. Ngendlela eqondile, kumelwe sithubeleze kuzo zonke izinhlangano zezombangazwe, kusukela ezinhlanganweni zezisebenzi kuye emaqenjini ezombangazwe, sakha kulezinhlangano namaqembu isisekelo somnyombo wobuKristu abantu abangaphuma kuwona ukuze bahole ekuthuthukiseni ezombangazwe zaseJalimane naseYurophu.”
Izingcaphuno ezilandelayo ezivela kuyiFrankfurter Allgemeine Zeitung, iphephandaba elihamba phambili laseJalimane, zibonisa ukuthi abefundisi abaningi baseYurophu—kokubili abangamaKatolika nabangamaProthestani—banombono ofana nokaMeisner.
“Ezinsukwini eziyisithupha kuphela ngemva kokukhethwa kwakhe [October 1978], [upapa] wamemezela ukuthi njengomuntu waseMpumalanga Yurophu wayengazimisele ukwamukela indlela izinto ezazimi ngayo eYurophu. . . . Abanye bakuthatha njengentshumayelo, kodwa kwakuwuhlelo lwezombangazwe.”—November 1989.
“Kwezinye izindawo [eCzechoslovakia] isonto lazuza ukuhlonishwa okuphakeme njengevulandlela ekubhidlangeni. Abafundi esikoleni sabapristi eLitomĕr̆ice, idolobha elisenyakatho lesonto laseBohemia, . . . bahola ekuvukeleni okungenabudlova kwangoNovember odlule.”—March 1990.
“Umthandazo wokuthula wamasonto onke eSontweni LamaNikolai [lobuProtestani], lelo eminyakeni eyishumi elalidonsa ukunakekela okuncane, ngokungazelelwe laba uphawu lombhidlango kulonyaka, lokuvukela okunokuthula eGDR [German Democratic Republic]. . . . Abefundisi abangenakubalwa nabalandeli bebandla abavamile bahlanganyela njalo emibhikishweni eyaba khona kamuva.”—December 1989.
Engxoxweni yakhe uMbhishobhi Omkhulu uMeisner waphawula futhi: “Ngeke silinde kuze kwehle amaKristu ezombangazwe ezulwini. . . . Angilokothi ngikhathale ukukhuthaza amaKristu ayintsha . . . ukuba ahileleke ekuphileni kwezombangazwe [noma] . . . ukutshela izakhamuzi esezikhulile: Ningavumeli nolulodwa ukhetho ludlule ngaphandle kokuba nihileleke.”
Ngokufanelekile, amalungu angu-19 ePhalamende laseMpumalanga Jalimane avotelwa ezikhundleni ngoMarch 1990 ayengabefundisi. Inkolo yamelelwa kahle futhi emkhandlwini kahulumeni. Ngomunye wabefundisi bayo abathathu, uNgqongqoshe Wezokuvikela uRainer Eppelmann, umlweli wokuthula omukelwayo, iphephandaba iNassauer Tageblatt labhala: “Abaningi bambheka njengomunye wobaba benguquko enokuthula.”
OFakazi BakaJehova eMpumalanga Yurophu, ababalelwa emakhulwini ezinkulungwane, bayayijabulela inkululeko engokwenkolo eyandisiwe asebenayo manje. Kodwa abayisebenziseli ukuba bahileleke ezimpikiswaneni ezingokombangazwe noma ezingokwenhlalo. Ngokuvumelana nokuthunywa kwevangeli okwashiwo kuMathewu 24:14, balandela isibonelo sikaJesu sokuxwaya ezombangazwe zesintu, ngaso sonke isikhathi beshumayela ngentshiseko izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lesintu. Abefundisi beLobukholwa—kungakhathaliseki ukuthi baseMpumalanga Yurophu noma kwenye indawo—bayobe bahlakaniphile uma benza okufanayo.—Johane 6:15; 17:16; 18:36; Jakobe 4:4.