Ukuvuma Izono—Ingabe Kunokuthile Okuntulekayo?
“UKUVUMA izono kuwukuhlanzwa okungokomoya, indlela yokuphinda futhi uqale, indlela yokuqala umlando wokuziphatha okuhle. Ngiyakuthanda ukuVuma Izono, ukutshela umfundisi izono zami, angithethelele futhi ngibe nomuzwa wenjabulo oba khona kamuva.” Usho kanjalo omunye umKatolika ozinikele.—Bless Me, Father, for I Have Sinned.
NgokweNew Catholic Encyclopedia, “uKristu wanikeza noma waphathisa umfundisi yedwa amandla okubopha nawokukhulula, awokuzithethelela nawokungazithetheleli” izono. Incwadi efanayo okubhekiselwa kuyo ithi ukuvuma izono kwasikhathi sonke kwenzelwa ukuba “kubuyise ubungcwele bokuphila obulahleka ngenxa yesono esingathi sína futhi . . . kuhlanze unembeza womuntu.” Nokho, isimo sokuziphatha emazweni amaningi sibonisa ukuthi ukuvuma izono kwasikhathi sonke akubangeli abaningi abakwenzayo ukuba ‘badede kokubi, futhi benze okuhle.’ (IHubo 34:14) Ngakho ingabe kukhona okuntulekayo?
Ingabe Kumane Nje Kuyisiko?
Ukuvuma izono kungase kuqale njengesiko. EIreland, ukuvuma izono kokuqala kuza ngokushesha ngaphambi kwePhasika lokuqala. Futhi ingabe kuyamangalisa ukuthi intombazane eneminyaka eyisikhombisa ubudala ingacabanga kakhulu ngengubo kamakoti enhle, encane ezoyigqoka esikhundleni sokucabanga ‘ngokubuyiselwa kobungcwele bokuphila obulahleka ngenxa yesono esingathi sína’?
“Into eyangijabulisa kakhulu kwakuyingubo, ngingasayiphathi eyokuthola imali evela ezihlotsheni zami,” kuvuma uRamona, owavuma izono zakhe ngokokuqala ngqá lapho eneminyaka eyisikhombisa. “Phakathi kwawo wonke amantombazane engangiwazi,” uyaqhubeka, “wawungekho umuzwa ongokomoya. Akekho kithi owayecabanga ngisho nokucabanga ngoNkulunkulu ngalesosikhathi.”
Eqinisweni, ukubopha abantwana ukuba bavume izono njalo kungaholela ekukwenzeni njengenkondlo ngendlela yokugcina icala. “Ngangimane ngisebenzise imisho efanayo njalo,” kusho uMichael, naye owaqala umkhuba wokuvuma izono eneminyaka eyisikhombisa ubudala.
Okwaphawulwa amanye amaKatolika okucashunwe encwadini ethi Bless Me, Father, for I Have Sinned kubonisa ukuthi ukuvuma izono kunokubaluleka okuncane okungokomoya kuwo ngisho nalapho esekhulile. “Ukuvuma izono kukufundisa ukuqamba amanga, ngoba kunezinto ezithile ongenakukwazi ukuzisho ngokwakho uzitshele umfundisi,” kuvuma omunye umuntu. Ukuntuleka kokungaguquguquki phakathi kwabefundisi kungase kusetshenziselwe ukuzihlawulisa okuncishisiwe okuncane. Abanye babefuna umfundisi “okahle” abangavuma kuye izono ukuze bathole iseluleko abafuna ukusizwa. “Ngemva kokufuna izinyanga ezintathu, ngamthola umfundisi engangingazivuma kuye izono. Ngimbona nyanga zonke, sibhekene ubuso nobuso egunjini lokubuyisana, futhi uyamangalisa,” kusho owesifazane othile osemusha. “Uma uhlakaniphile, wawuthola umfundisi oyisithulu nongakwazi ukukhuluma isiNgisi ngaphandle kwamazwi athi ‘three Hail Marys,’ (makadunyiswe kathathu uMariya)” kusho omunye umKatolika.
Khona-ke, kusobala ukuthi kunokuthile okuntulekayo ekuvumeni izono njengoba kwenziwa abantu abathile. Kodwa iBhayibheli libonisa ukuthi kunesidingo sokuvuma izono, ngoba lithi: “Akekho ofihla izono zakhe oyochuma, noma ubani ozivumayo futhi azilahle uyothola umusa.”—IzAga 28:13, The New Jerusalem Bible.
Ingabe lokhu kusho ukuthi umKristu kufanele avume zonke izono zakhe? Uma kunjalo, kubani? Isihloko esilandelayo sizohlola lemibuzo.