Kubaluleke Kangakanani Ukubukeka?
“Kwangiphatha kabi ukubukeka kwami,” kubhala omusha waseBeaver Falls, ePennsylvania, eU.S.A. “Ngaba nomuzwa wokuthi ngimubi futhi angikhangi.” Echaza: “Ngangingadli lutho izinsuku ezimbalwa, futhi ngancipha impela, kodwa ngangilamba ngenxa yokungadli kangangokuthi ngangidla kakhulu ngosuku olulandelayo ngibuye ngikhuluphale futhi.”
Kamuva, emhlanganweni wobuKristu, wathi: “Ngazibuka esibukweni ngase ngithi kumngane, ‘Ngibukeka kabi!’
“Lomngane othandekayo wangibuza ukuthi ngangiyifundile yini ingxenye ethi ‘Ukubheka Indlela Obukeka Ngayo,’ encwadini Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Ngathi kuye cha. Wathi kimi, ‘S’thandwa, kudingeka uye ekhaya namuhla ebusuku futhi uyifunde.’ Yilokho kanye engakwenza.
“Kwaba sengathi ngifunda indaba yokuphila kwami. Ngabe sengifika embuzweni owangenza ngacabanga, ‘Ubani othuthukisa umqondo wokuthi udinga ukubukeka okuthile ukuze udume, uphumelele, noma ujabule?’”
Impendulo yalombuzo, kusho lona omusha, yenza ushintsho olukhulu eku-phileni kwakhe. Waphetha: “Ngokusikisela okuwusizo encwadini Intsha Iyabuza, ngabona isidingo sokuhlela izinto zami eziza kuqala.”
Intsha inokucindezeleka okuningi namuhla. Idinga usizo lokubhekana nakho ngokuphumelelayo. Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo inikeza lolusizo. Ungathola ikhophi yalencwadi enemifanekiso ekhangayo ngokugcwalisa bese uthumela lesigqebhezana.