Imvelaphi Nokubhujiswa KukaSathane
IMIBHALO ibonisa ukuthi isidalwa esaziwa ngokuthi uSathane sasingabizwa kanjalo ekuqaleni. Kunalokho, leligama elinencazelo walinikwa ngenxa yokuthatha kwakhe inkambo yokuphikisa nokumelana noNkulunkulu. Igama ayenalo ngaphambi kwalokho alishiwongo. UNkulunkulu uwukuphela koMdali, futhi “umsebenzi wakhe uphelele,” akanakho ukwahlulela ngokungalungi noma ukungalungi. (Duteronomi 32:4) Ngakho-ke, lowo owaba nguSathane, lapho edalwa, wayeyisidalwa sikaNkulunkulu esiphelele, esilungile. Ungumuntu womoya, ngoba wavela phambi kukaNkulunkulu ezulwini. (Jobe izahluko 1, 2; IsAmbulo 12:9) UJesu Kristu wathi ngaye: “Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye.” (Johane 8:44; 1 Johane 3:8) UJesu lapha ubonisa ukuthi uSathane wake waba seqinisweni, kodwa walishiya. Eqala ngesenzo sakhe sokuqala esisobala sokuhlubukisa uAdamu noEva kuNkulunkulu, wayengumbulali wabantu, ngoba ngaleyondlela wabangela ukufa kuka-Adamu noEva, nabo, ngokomphumela, abaletha isono nokufa enzalweni yabo. (Roma 5:12) Kuyo yonke imiBhalo izimfanelo nezenzo ezibhekiselwa kuye zingabhekiselwa kumuntu kuphela, hhayi emqondweni ocatshangelwayo wobubi. Kuyacaca ukuthi amaJuda, noJesu nabafundi bakhe, babazi ukuthi uSathane wayekhona njengomuntu.
Ngakho, kusukela esiqalweni esilungile, esiphelele, lomuntu womoya waphambukela esonweni nasekonakaleni. Inqubo eyabangela lokhu ichazwe uJakobe lapho ebhala: “Yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe sizala ukufa.” (Jakobe 1:14, 15) Enkambweni uSathane ayithatha, kubonakala kukhona ukufana, ezicini ezithile, nokwenkosi yaseTire njengoba kuchazwe kuHezekeli 28:11-19. Ukuqhosha ‘kwenkosi yaseTire,’ ukuzenza kwayo ‘unkulunkulu,’ ukubizwa kwayo ngokuthi “ikherubi,” nokuba kukhulunywe ‘nge-Edene, insimu kaNkulunkulu,’ ngokuqinisekile kuyavumelana nokwaziswa okungokweBhayibheli okuphathelene noSathane uDeveli, owakhukhumala ngokuqhosha, ohlanganiswa nenyoka yase-Edene, futhi obizwa ngokuthi “unkulunkulu walelizwe.”—1 Thimothewu 3:6; Genesise 3:1-5, 14, 15; IsAmbulo 12:9; 2 Korinte 4:4.
Ukuphonswa Kwakhe Kwalasha Nokubhujiswa Kokugcina
Ngesikhathi sesenzo sikaSathane sokubangela uEva futhi kamuva uAdamu ukuba bahlubuke kuNkulunkulu, uNkulunkulu wathi enyokeni (empeleni ekhuluma noSathane, njengoba isilwane nje sasingeke sikuqonde lokho okwakuhilelekile): “[Uyakudla] uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi [kwembewu] yakho [nembewu] yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” (Genesise 3:14, 15) Lapha uNkulunkulu wenza kwaziwa ukuthi uSathane, esekhishelwe ngaphandle kwenhlangano kaNkulunkulu engcwele, wayengeke abe nalo ithemba elisekela ukuphila kodwa ‘wayeyokudla uthuli,’ ngomqondo ongokomfanekiso, kuze kube yilapho efa. Ekugcineni ‘imbewu’ yayizochoboza ikhanda lakhe, okwakuyosho inxeba lokufa. Lapho uKristu esemhlabeni, amademoni amchaza njengaLowo owayezowaphonsa “kwalasha,” ngokusobala isimo sokuboshwa okukhulunywe ngaso ‘njengokuzwisa ubuhlungu’ ekulandiseni okufanayo.—Mathewu 8:29; Luka 8:30, 31.
Isahluko 20 sencwadi yesAmbulo sichaza ukuboshwa nokuphonswa kukaSathane kwalasha iminyaka eyinkulungwane, yingelosi enkulu—ngokungangabazeki uJesu Kristu, onesihluthulelo sakwalasha futhi ‘oyimbewu’ ezochoboza ikhanda likaSathane.—Qhathanisa nesAmbulo 1:18.
Umzamo wokugcina kaSathane uphetha ngokwehlulwa okuphelele. Isiprofetho sithi uzokhululwa “isikhashana” ngokushesha lapho kuphela ukuBusa kukaKristu kweMinyaka Eyinkulungwane nokuthi uyohola abantu abahlubukayo kokunye ukuhlaselwa kobukhosi bukaNkulunkulu; kodwa uphonswa (kanye namademoni akhe) echibini lomlilo nesibabule, ukubhujiswa kwaphakade.—IsAmbulo 20:1-3, 7-10; qhathanisa noMathewu 25:41.
[Isithombe ekhasini 29]
USathane wasebenzisa inyoka ukuze akhohlise uEva