Ukuletha Ukukhanya Ezindaweni Ezikude EBolivia
ENYAKATHO kanye nasempumalanga yezintaba eziphakeme zaseBolivia kunezindawo eziphansi zasetropiki, ezinohlaza oluningi kakhulu. Lezi zihlukaniswe imifula egobhoza ngamandla ethubeleza emahlanzeni nasezimfundeni zotshani. Kunjani ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso ezindaweni ezikude kanjalo?
Ake uzicabange usesikebheni esikhulu okuthiwa yicanoe, esibazwe esiqwini somuthi esigwediwe futhi esihanjiswa injini ngemuva. Lokhu kwakungokuhlangenwe nakho kwezikhonzi zesikhathi esigcwele eziyisithupha ezivela eTrinidad, idolobha elisengxenyeni yase-El Beni eBolivia. Zazihlele loluhambo ukuze zikwazi ukushumayela ezindaweni okwakhiwe kuzo ezingasemfuleni ezazingakaze zifinyelelwe ‘ngezindaba ezinhle zoMbuso’ ngaphambili. (Mathewu 24:14, qhathanisa neNW.) Ngemva kokudabula indawo ebanzi enamanzi acwebile, isikebhe sazo saqala ukuhamba emfudlaneni omncane sibheke eMfuleni iMamoré.
Omunye kuleliqembu uyalandisa: “Sase sizofika eMamoré lapho sithola ukuthi ingxenye yokugcina yomfudlana yayingenamanzi. Lapho sehla esikebheni, sazithola sibisha odakeni kwaze kwafika emathangeni! Umkami walahlekelwa izicathulo zakhe ezama ukuphuma. Kodwa ngosizo lwababedlula ngendlela, sakwazi ukudonsa isikebhe esisindayo sisikhiphe odakeni futhi sisibeke emhlabathini oqine kakhudlwana. Ngemva kwamahora amabili okusebenza kanzima, safika eMamoré.
“Khona-ke sadumisa injini sanyuka kalula ngomfula, owawuphahlwe izindonga eziphakeme ezinohlaza lwasetropiki oluningi kakhulu. Lapho zizwa umsindo wenjini, izimfudu ezinkulu zazehla ezingodweni ezintantayo, kuyilapho amahlengethwa aphiqilikayo ngezinye izikhathi ayegxuma ephuma emanzini. Indawo yethu yokuma yokuqala yabonakala ngefu lentuthu elalivela emlilweni owawubaswe eduze kogu ukuze kuxoshwe izinambuzane. Ngemva kokumisa isikebhe sethu phakathi kwamagatsha aminyene, saxoxa nezakhamuzi ezinobungane ngezibusiso zoMbuso ezizayo. Ngenjabulo zasipha izithelo namaqanda.
“Njengoba usuku lwaluqhubeka, sasihamba sima ukuze sihlwanyele imbewu eyengeziwe yeqiniso. Kwase kumnyama ngenkathi sifika eSan Antonio. Izakhamuzi zase zilele. Nokho njengoba izwi elithi kwakuzoboniswa ifilimu lalisakazeka, izibani zaqala ukukhanyiswa. Kwaboshelwa ihhashi nenqola ukuze kulandwe izimpahla zethu zilethwe edolobheni. Abantu abaningi bajwayelana noFakazi BakaJehova kokubili ngefilimu nangokomuntu siqu.
“Ngosuku olulandelayo saqhubeka sihambela izindawo ezintsha. Osebeni lomfula oluphakeme, abesifazane babehlanza izingubo zabo, futhi ngisho nomntwana, emagobolondweni amakhulu ezimfudu. Babengakaze basizwe isigijimi sethu seBhayibheli ngaphambili. Kwenye indawo izinhlanzi ezincane zazigxumela phezulu ziphume emanzini eduze kwesikebhe, futhi eziningi zaziwela ngaphakathi. Ngakho ngemva kokubonisa ngefilimu, sasidla izinhlanzi ezithosiwe ngaphambi kokuyolala. Ekupheleni kohambo, izincwadi eziningi zazishiyiwe kulendawo ekude, futhi sasenelisekile ngokusiza abaningi ukuba bezwe izindaba ezinhle ngokokuqala ngqá.”—Qhathanisa nabaseRoma 15:20, 21.
Ubufakazi Bokuqondisa Kwezingelosi
Ake uzicabange manje usemsebenzini wokuyofuna umuntu oyedwa edolobheni elinabantu abangu-12 000, oqalayo ukulivakashela. Awazi lutho ngaye ngaphandle kwegama lakhe. Leyo kwakuyinselele eyayibhekene nezikhonzi ezimbili zesikhathi esigcwele ezafika eGuayaramerín zinethemba lokuthola umuntu owayekade etadisha iBhayibheli ngaphambili futhi eba khona emihlanganweni kwelinye idolobha kodwa manje owayesethuthele kulelidolobha. Ngemva kokuzinza, lombhangqwana ongamaphayona wanquma ukuzihambela ushaywe umoya uye ezitolo zedolobha, lapho kwakunezixuku zabantu ababedla ematafuleni okudlela noma bezixoxela nje. Cishe ngokushesha nje indoda ethile yeza kulombhangqwana futhi yaqalisa ingxoxo. Wayibuza ukuthi yayimazi yini owesifazane owawumfuna. “Cha,” isho, “kodwa umkhwekazi wami ungomunye woFakazi BakaJehova.” Njengoba kwakwaziwa ukuthi babengekho oFakazi kulelodolobha, wacabanga ukuthi ngokunokwenzeka yayididekile.
Nokho, ngosuku olulandelayo wamvakashela lona wesifazane osekhulile, owayehlala elele embhedeni ephuke umlenze. “Ngingomunye woFakazi BakaJehova, kodwa angikabhapathizwa okwamanje,” esho. Ebuzwa ukuthi ngubani owayemfundise iqiniso, wakhomba isithombe somzukulu wakhe esasisodongeni futhi wathi: “Nguyena owangifundisa.” Wacishe wangakukholelwa owawukubona! Kwakungowesifazane osemusha owawumfuna! “Kungani umkhwenyana wakwakho ephikile ukuthi uyamazi?” ubuza. “Oh, useshadile manje, futhi wazi isibongo sakhe sasemshadweni kuphela,” ephendula. Lomzukulu wayengekho ngalesosikhathi, kodwa kamuva isifundo seBhayibheli saqhutshwa ngeposi. Waba yini umphumela? Yena nogogo wakhe bathuthukela ezingeni lokuba babhapathizwe. Indlu yabo yasebenza njengeHholo LoMbuso lebandla elikhulayo, futhi njengesikhonzi sesikhathi esigcwele, lona wesifazane osemusha useye waqondisa abaningi enhlanganweni kaJehova.
Ukushumayela Maphakathi Netropiki
Ngokulandelayo, cabanga ngendiza oyigibele yehlela endaweni yezindiza enotshani eSan Joaquín, emajukujukwini asematropiki aseBolivia. Uba nomuzwa wokungakhululeki uma ucabanga ngobhadane, eminyakeni emibili ngaphambili, olwalubhuqe ingxenye eyodwa kwezinhlanu yenani labantu bakulelidolobha.
Umbhangqwana wamaphayona owawufika ngendiza uvela eTrinidad wawusuke wawunambitha kakade umoya wokungenisa izihambi walabobantu. Indoda iyalandisa: “Ingxoxo yeBhayibheli eyayibe khona phakathi nohambo lwethu ngendiza yaholela esimemweni sokuhlala emzini womuntu othile, mahhala. Ababesimemile basinika ngisho nokudla kwethu ngezindleko eziphansi, benza ukuba sikwazi ukunikela ngesikhathi sethu sonke emsebenzini wethu wokushumayela. Ngokushesha ngemva kokufika kwethu, satshelwa ukuba siyoziveza ekamu lamabutho ngaso lesosikhathi. Lapho isikhulu sizwa ukuthi sasingewona amavukela-mbuso kodwa oFakazi BakaJehova, sabonisa isithakazelo esingavamile futhi sazitholela iBhayibheli, kanye nezincwadi zeBhayibheli nezikhokhelo zomagazini beNqabayokulinda nePhaphama! Ngemva kwalokho, cishe wonke umuntu edolobheni wasilalela ngokucophelela isithembiso seBhayibheli sempilo ephelele esikhathini esizayo esiseduze.”—IsAmbulo 21:4.
Izikhonzi ezine zesikhathi esigcwele zazifuna ukusuka eSan Joaquín ziye eSan Ramón, kodwa okuphela kwendlela yokuthutha eyayitholakala kwakuyinqola yezinkabi. Zasebenzisa amabhokisi ezincwadi njengezihlalo. Lawa ngokushesha adabuka ngenxa yokugxumagxuma nokutsheka kakhulu kwenqola evaliwe, namasondo ayo aphakeme okhuni. Ngisho nezinkukhu ezazigibele zazibonakala zinesiyezi ngenxa yokuhamba kwenqola.
Ngemva kwamahora ayishumi okuhamba kanzima emenweni, zafika endaweni lapho kwakungekho ngisho nomkhondo owawubonisa indlela, futhi kwase kuhwalala. Umshayeli wathusa leliqembu ngokuthi, “Ngicabanga ukuthi silahlekile!” Base beqala nje ukuzibuza ukuthi, “Singahlala kanjani kulomeno ogcwele izinyoka nezilwane eziyingozi zasendle?” ngenkathi umshayeli enezela, “Kodwa ningakhathazeki. Lezilwane zike zahamba lapha ngaphambili.” Futhi kwakunjalo. Ngemva kwehora zaphuma emenweni zaqhamukela eSan Ramón ngokuqondile!
Nalapha futhi, izinsuku eziningi zasetshenziswa ekumemezeleni ngePharadesi elizayo ezindlebeni ezazingakaze zizwe ngalo ngaphambili. Abekho oFakazi ababehlala lapha; nokho kwenzeka okuthile okwakushintsha lokho.
Umvangeli ongumKatolika wayekade elandela oFakazi njengoba babengena endlini ngendlu. Ngandlela-thile izindlela zabo zahlangana futhi bamthola ekhaya elilandelayo abangena kulo. Bemangazwe ubungane bakhe, bamshiyela incwadi ethi Iqiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Nakuba ayengenaso isithakazelo sangempela yena ngokwakhe, lencwadi wayinikeza umakoti wakubo, owafunda konke eyayikuqukethe, waqhubeka etadisha, futhi kamuva waba uFakazi obhapathiziwe.
Ubunzima Emifuleni Yakumatropiki
Manje ake uzicabange usephinini lokuqondisa isikejana sasemfuleni esinenjini esihamba emanzini ayingozi, agobhoza ngamandla. Amadwala ambozekile, izindonga zodaka, neziqu zemithi, okuhambisana nokuqhamuka okuzumayo komsinga omkhulu, kumane kungezimbalwa zezingozi. Izinhlanzi okuthiwa amapiranha, imibokwane, nezinhlanzi ezintinyelayo ziningi kulamanzi. Lezi kwakuyizinselele ezazibhekene nabazalwane eRiberalta ababenomsebenzi wokufakaza kubantu abahlala ngasemifuleni kuleyondawo.
Ukuze bafinyelele kulezindawo ezingazodwa, bakha isikejana esinenjini esibizwa ngokuthi iLuz de los Ríos (Ukukhanya Kwemifula). Phakathi nokuhambela kombonisi wesigodi nowesifunda, kwanqunywa ukuba lesikejana esinenjini sihanjiswe ukuze sihlolwe. Konke kwahamba kahle kwaze kwaba yilapho uphahla lubambeka egatsheni elalilenga. Umsinga onamandla wasiphendula lesikejana wasishayisa emthini owile. Njengenkemba, igatsha eliphukile elicijile lagwaza uhlangothi lwesikebhe—lacishe labethela umkambonisi wesigodi! Amanzi angena, futhi isikebhe sagumbuqeka, sichithela abagibeli baso emanzini aphethuzayo. Futhi umbonisi wesigodi nomkakhe babengakwazi ukubhukuda! Ngosizo lwalabo ababekwazi, bafika emhlabathini bephephile. Kodwa isikebhe sanyamalala ngokuphelele. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva satholakala emakhilomitheni amahlanu ezansi nomfula. Yonke impahla, kuhlanganise namabhokisi angu-20 ezincwadi kwakulahlekile.
Amasosha Empi Asolwandle aseBolivia asiza ekusintantiseni futhi, futhi ngemva kwamasonto amaningi okulungisa, lesikebhe sase sikulungele futhi ukuqedela uhambo lwaso lokuqala. Loluhambo olunzima lwaqalisa ngesimo sezulu esibi nenkinga yenjini.
Endaweni yokuqala abazalwane abema kuyo, bahlangana neqembu labaVangeli, ababegcona, “Isikejana senu asiwulungele lomfula!” Umzamo wokubonisa amaslide lapho washafiswa injini yokuphehla ugesi engasebenzi kahle. Emuva emfuleni futhi, oFakazi bathola ukuthi kwakudlule ezinye izikebhe ezinemibhobho zixwayisa “ngabaprofethi bamanga” abezayo. Ngokucacile, lona kwakuwumsebenzi wabaVangeli. Nokho, kwamane kwakhulisa ilukuluku labantu lokufuna ukwazi.
Nakuba lokhu kuhambela kwaqeda inkulumo-ze engamanga evela kubaprofethi bamanga bangempela, abazalwane babezizwa bengakhululekile, ngenxa yokuthi babesahlalelwe uhambo lwezinsuku ezingu-21 lokuya eFortaleza.
Endleleni, bafakaza enkosini yesizwe esikude; yalalela ngokucophelela. Ngenkulumo yeBhayibheli eyanikezwa elinye lamaphayona, iqembu labalilayo endaweni engayodwa engenamithi laduduzeka ngethemba langempela ngabafileyo. Indoda esikhulile enentshebe ende emhlophe yezwakalisa ukwazisa kwayo okusuka enhliziyweni, futhi yabuza ukuthi yayingasenza kanjani isikhokhelo seminyaka eyishumi sikamagazini wethu! EFortaleza, abantu abangu-120 bazuza ohlelweni lweNhlangano lwamaslide.
Yeka ukuthi lamaphayona aye azizwa aneliseke kanjani ngokuletha ukukhanya kweqiniso ezindaweni ezikude! Ngokuqinisekile, ayikho enye indlela eqinisekile neyanelisayo yokusebenzisa komuntu ukuphila kwakhe ukwedlula ukukhonza uMdali wokuphila ngokwakho, uJehova uNkulunkulu.—IHubo 63:3, 4.
[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 26]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
BOLIVIA
Guayaramerín
Riberalta
Fortaleza
San Jaoquín
San Ramón
Trinidad
San Antonio