“Ngangithukuthele Ngivutha”
Intombazane eneminyaka engu-15 ubudala yaseKnoxville, eTennessee, yabhala: “Bengifuna ukuzwakalisa ukubonga kwami kini ngencwadi yenu entsha ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Ngiye ngakujabulela kakhulu ukuyifunda.”
Khona-ke iyachaza ukuthi yini eyayishukumisela ukuba ibhale lencwadi: “Ngangimthukuthelele ngivutha umfowethu ngoba wayengicebile ngokungenzi okuthile okwakumelwe ngikwenze endlini. Manje njengoba sesiye salwa, ngizizwa nginecala futhi ngiye ngaya ekamelweni lami ukuze nginibhalele futhi ngifunde esithi ‘Kungani Kunzima Kangaka Ukuzwana Nomfowethu Nodadewethu?’ (Isahluko 6) Ngiyazi ukuthi sizoba usizo ekubhekaneni nezinkinga esikhathini esizayo.”
Intsha ibhekene nemibuzo eminingi edinga ukwahlulela okunengqondo: Ingabe ngikulungele ukuphola? Ngingaluqeda kanjani uthando lokuthatheka? Kuthiwani ngobulili ngaphambi komshado? ngazi kanjani uma kuwuthando lwangempela? Imuphi umsebenzi okumelwe ngiwukhethe? Ngingabhekana kanjani nokucindezela kontanga? Emibuzweni enjalo neminye, intsha idinga izimpendulo ezisebenzayo.
Sinomuzwa wokuthi uzozuza kakhulu encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, enesahluko ngasinye esikhuluma ngalemibuzo. Ungazitholela ikhophi yalencwadi enemifanekiso ekhangayo ngokugcwalisa bese uthumela ikhuphoni.
Ngingathanda ukuthola incwadi enoqwembe oluqinile ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. (Ngaphandle kweR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa Bheka ikhasi 2.)