Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 2/15 kk. 3-4
  • Impikiswano Ngokufa KukaJesu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Impikiswano Ngokufa KukaJesu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isihlengo—Imfundiso YeLobukholwa Edukile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Uchazwa Kanjani UZiqu-zintathu?
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
  • “UZiqu-zintathu Ongcwele”—Ingabe Ukhona EBhayibhelini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Kungani UJesu Afa?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 2/15 kk. 3-4

Impikiswano Ngokufa KukaJesu

NGOSUKU lwePhasika lika-33 C.E., kwabulawa abantu abathathu. Amadoda amathathu ayelahlwe yicala aqhutshelwa endaweni engaphandle kwezindonga zaseJerusalema futhi abulawa ngenye yezindlela ezibuhlungu nezilulaza kakhulu: ukubethelwa ezigxotsheni zokhuni. Ukubulawa okunjalo kwakuvamile ngezikhathi zamaRoma, ngakho kungase kulindeleke ukuthi ngalesikhathi ukubulala kwangePhasika kwakuyobe sekukhohlakale kudala. Nokho, enye yamadoda abulawa kwakunguJesu Kristu. Ukufa kwakhe kwabangela ushintsho olubalulekile olungokwenkolo nempikiswano.

Cishe sekudlule iminyaka eyizinkulungwane ezimbili kusukela kulesosenzakalo, ngakho ungase uthambekele ekusibhekeni njengomlando nje wasendulo. Nokho, ingabe uyaqaphela yini ukuthi impikiswano eyaphakama ayixazululekile?

Njengoba kungenzeka uyazi, izigidi zikholelwa ukuthi zafelwa uJesu. Zikholelwa ngentshiseko ukuthi ukufa kukaKristu kuyisihluthulelo sokuhlengwa nokuthethelelwa kwezono, ukuthi ukuba nokholo ekufeni kwakhe kuyindlela eyisa ekusindisweni. Nokho, ngokumangalisayo isihloko esikuyiAnglican Theological Review sibika ukuthi lenkolelo eyaziswa kakhulu “isenkingeni.” Futhi ‘lenkinga’ ivela kubaholi benkolo.

IAnglican Theological Review iyachaza: “Imfundiso yokuhlangula ngomqondo wobuKristu isenkingeni ngoba izisekelo zayo ezingokwebhayibheli ziyangabazeka, isimo sayo siye sagqishwa ngemibono yesikhashana . . . , futhi ukuchazwa kwayo ngendlela engokomoya ethandwayo kuye kwaba okokuthatheka ngokomzwelo komuntu siqu nokokuzithethelela okungenakugxekwa.” Ngempela, kokubili izazi zenkolo zamaProthestani nezamaKatolika zihlulekile ukufinyelela noma yikuphi ukuvumelana ngokuthi yini, uma ikhona, eshiwo ukufa kukaJesu Kristu.

Ungase ube nomuzwa wokuthi lokhu kumane nje kuwukuhilizisana kwezazi zemfundiso yenkolo ezimbalwa, nokuthi akuhlobene nokuphila kwakho. Kodwa cabanga ngalokhu: Uma ukufa kukaJesu kuhlobene ngempela nokuma kwakho phambi kukaNkulunkulu namathemba akho okuba khona phakade (ezulwini noma kwenye indawo), khona-ke lempikiswano ifuna ukuba uyicabangele.

Kungani izazi zenkolo zisaphikisana ngalendaba? Ngokwesibonelo, cabangela iSonto LamaRoma Katolika. Linemfundiso yesonto echazwe kahle eqondene nokungafi komphefumulo kanye neqondene noZiqu-zintathu. Nokho, lelisonto alikanqumi ngokuqondile ngokuphathelene nokuhlengwa ngokufa kukaKristu. INew Catholic Encyclopedia iyavuma: “Kuye kwamiswa izimiso eziningi nezihlukahlukene zokuchaza indlela umuntu akhululwa ngayo ebubini besono nabuyiselwa ngayo emuseni . . . Kodwa akukho nesisodwa salezimiso esiye saphumelela ngokuphelele. . . . Umbono ongokwenkolo weSihlengo ngokwengxenye ungongafinyeleleki futhi uyaqhubeka uba yinkinga esifundweni sezenkolo.”

Khona-ke, akufanele kukumangaze ukuthi ezigidini ezisho ngentshiseko ukuthi ‘uJesu wasifela,’ bambalwa abaqondayo ukuthi lokho kusho ukuthini ngempela. Njengoba iAnglican Theological Review ikubeka: “Lapho ecindezelwe . . . umKristu okholwayo ngokuvamile akakwazi ukucaphuna umthombo ongokweBhayibheli walemfundiso, noma ukuchaza ukuthi isebenza kanjani.” Betheswe umthwalo wemfundiso abangayiqondi nabangenakuyichaza, abakhulekeli emasontweni bacindezelwa ukuba babone indlela ukufa kukaKristu okuhlobene ngayo nokuphila kwabo.

Ukwehluleka kweLobukholwa ukucacisa lemfundiso ecacile yesihlengo kuye futhi kwabhuntshisa imizamo yalo yokufinyelela amaJuda, amaHindu, amaBuddha, kanye nabanye ngesigijimi sobuKristu. Nakuba abaningi kwabanjalo bazisa futhi behlonipha eziningi zezimfundiso zikaJesu, ukudideka okuzungeze ukufa kukaKristu kanye nalokho okukushoyo kuyabavimbela ukuba bakholwe.

Ingabe ukubaluleka kokufa kukaKristu kumane nje kuyimfihlakalo—engenakuqondwa muntu? Noma ingabe ikhona incazelo yakho enengqondo nesekelwe eBhayibhelini? Lemibuzo ifanelwe ukuba uyicabangele, ngoba iBhayibheli likhuluma lamazwi amangalisayo ngoKristu: ‘Wonke umuntu obonakalisa ukholo kuye ngeke abhujiswe kodwa uyozuza ukuphila okuphakade.’—Johane 3:16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela