Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 11/15 kk. 29-31
  • Isivuno Esiyinala Siletha Injabulo ETaiwan

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isivuno Esiyinala Siletha Injabulo ETaiwan
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Ukutshala Kokuqala Okuncane
  • Ukusabela Ngomusa Ngokuphambene Nesithakazelo Esiqotho
  • Okushukumisa Ukwanda
  • Ukuvuna Phakathi Kwamaqembu Ezizwe
  • Ukuvuna Kuyaqhubeka
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 11/15 kk. 29-31

Isivuno Esiyinala Siletha Injabulo ETaiwan

ITAIWAN iyisiqhingi esinobude obungamakhilomitha angu-390 nobubanzi obungamakhilomitha angu-140. Njengoba inezakhamuzi ezingaphezu kuka-20 000 000, ingenye yezindawo eziminyene kakhulu emhlabeni. Iningi lezakhamuzi zayo likhuluma isiShayina, noma isiShayina sesiMandarin njengoba abaseNtshonalanga besibiza kanjalo. Kodwa futhi lapha kukhulunywa izilimi eziningana zezigodi kanye nezilimi ezingaba ngu-13 zezizwe.

Njengoba iseNjikweni Yenkalankala, iTaiwan iyisiqhingi esivunde kakhulu, esikhiqiza isivuno esiyinala selayisi nezinye izivuno kangangokuba iye yaba yizwe elithumela ukudla kwamanye amazwe. Nokho, isivuno solunye uhlobo siletha injabulo enkulu kulabo abahlanganyela kuso. Lesi isivuno esingokomoya salabo abasabela kahle ‘evangelini lombuso.’—Mathewu 24:14.

Ukutshala Kokuqala Okuncane

Umsebenzi wokuhlwanyela imbewu yeqiniso leBhayibheli eTaiwan waqala cishe eminyakeni engu-60 edlule, lapho ummeleli weWatch Tower Society efika evela eJapane futhi enikeza izinkulumo ezithile zeBhayibheli eTaipei, inhloko-dolobha. Enye insizwa engumJapane egama layo linguSaburo Ochiai yasabela kahle esigijimini soMbuso futhi ngokushesha yaqala ukukhuluma ngaso nabanye. Kamuva, izikhonzi ezimbili zesikhathi esigcwele ezivela eJapane zahambahamba kulesiqhingi, zihlwanyela imbewu yezindaba ezinhle. Ekugcineni, zaboshwa ngabaholi bezempi baseJapane futhi zadela ukuphila kwazo ngenxa yoMbuso kaNkulunkulu. Imbewu eningi ezase ziyihlwanyelile yamila ngokushesha phakathi kwesizwe sama-Amis, kodwa kwatholwa isithakazelo esincane phakathi kwabantu abaningi abangamaShayina abahlala ogwini olusentshonalanga lwalesiqhingi. Ngokuyinhloko bangamaBuddha noma amaTao.

Umsebenzi wokuvuna okungokomoya eTaiwan uye waqhubeka kusukela kulesosiqalo esincane, kangangokuba namuhla lesiqhingi siye saba insimu ekhiqizayo. Ngokwesibonelo, eminyakeni emihlanu edlule, kwabhapathizwa abantu abangu-529, abaningi babo bevela phakathi kwezakhamuzi ezingamaShayina. Lokhu kwenza inani labamemezeli boMbuso kulesiqhingi laba yinani eliphakeme elingu-1 552 ngo-1989. Yebo, amaTao, amaBuddha, namaKristu okuzisholo ayasabela ezindabeni ezinhle futhi afunda ngoJehova uNkulunkulu! Kodwa kunjani ukukhuluma ngeBhayibheli kubantu abanezizinda ezihlukene kanjalo? Futhi iye yaba yini imiphumela?

Ukusabela Ngomusa Ngokuphambene Nesithakazelo Esiqotho

Umsebenzi wokushumayela eTaiwan kokubili uyavuza futhi uyinselele ngoba abantu abangamaShayina banomusa ngokwemvelo. Ngokuvamile, bazilalela ngenhlonipho izivakashi. Lapho kuhanjiswa incwadi yeBhayibheli, ngokuvamile yamukelwa ngenxa yesimilo esihle. Ngenxa yalokho, ezinye izikhonzi zesikhathi esigcwele ziye zahambisa omagazini abafinyelela ku-300 noma ziye zathola izikhokhelo ezingu-100 zomagazini bethu ngenyanga eyodwa. Phakathi neminyaka edlule, amaBhayibheli amaningi, izincwadi, omagazini, namapheshana kuye kwashiywa kubantu. Pho-ke, kungani ukwanda kwabamemezeli boMbuso kuye kwahamba kancane uma kuqhathaniswa?

Esinye isizathu sihilela imiqondo kaConfucius eye yathonya ukucabanga kwabantu amakhulu amaningi eminyaka. NgokukaConfucius, lowo “ngokuhlonipha imiMoya ayigweme, kungathiwa uhlakaniphile.”a Umqondo uwukuthi umuntu ohlakaniphile akahileleki kakhulu ekukhulekeleni imimoya noma onkulunkulu. Ngakho, abaningi bangase babe nesifiso sokufuna ukwazi isigijimi soMbuso, kodwa bambalwa abafuna ukuhileleka esifundweni seBhayibheli. Kanti futhi, nakuba amaShayina ekholelwa emimoyeni eminingi nakonkulunkulu, umqondo woMdali ophakeme uyinto engaziwa kwabaningi bawo. Ngaphezu kwalokho, ngisho nabantu abavamile eBhayibhelini njengoAbrahama noDavide bangase bangasho lutho kuwo. Ngakho-ke, akunzima ukubona ukuthi kungani kudingeka isikhathi esiningi nokubekezela ukuze kusizwe abantu lapha bamukele iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe futhi bathuthukise ubuhlobo bomuntu siqu noMdali, uJehova uNkulunkulu. Nokho, ngesibusiso sikaJehova imizamo enjalo iyavuzwa.

Okushukumisa Ukwanda

Iminyaka eminingi, amabandla abantu bakaJehova eTaiwan asebenzisa amahholo aqashwayo ngenjongo yemihlangano yawo. Isidingo sendawo yokuhlanganyela efaneleka ngokwengeziwe salethwa ekunakekeleni kwabadala kwelinye ibandla lapho umuntu othakazelayo ephawula: “Uma nineqiniso, nifunani endaweni enjengalena? Kungani ningabi nendawo yasikhathi sonke yokuhlanganyela?” Ngakho ngokuthembela kuJehova, lelobandla laqala ukufuna indawo efanelekile yeHholo LoMbuso. Ekugcineni, lathenga amakamelo amabili axhumene asesakhiweni esikhulu, futhi manje lineHholo LoMbuso elihle.

Eminyakeni eyisithupha edlule, kuye kwakhiwa noma kwathengwa amaHholo oMbuso angu-11 eTaiwan. Esimweni ngasinye, lokhu kuye kwaphumela esivunweni esandisiwe kanye nasekubeni nabaningi ababa khona emihlanganweni. Esinye isibonelo kwakuyibandla elisedolobheni eliseningizimu laseTainan. Ngo-1981 lelidolobha elikhulu elinabantu abangu-600 000 lalinebandla elincane elilodwa kuphela elinabamemezeli boMbuso abangu-44. Ngenxa yesidingo leliqembu lanquma ukwakha iHholo LoMbuso lalo siqu. Benokholo lokuthi uJehova wayezobabusisa, abazalwane nodade baqhubeka nomsebenzi ngisho nakuba ihholo lalizobiza cishe u-R520 000. Abanye banikela ngegolide labo abalinikwa mhla beshada; abanye bahlehlisa uhambo lokuya phesheya. Bonke ebandleni basekela ngokugcwele. Lapho abazalwane ehhovisi legatsha leWatch Tower Society bezwa ngalomsebenzi, banquma ukwakha ikhaya lezithunywa zevangeli ngaphezu kweHholo LoMbuso, ngakho bahlanganyela ingxenye yezindleko. Lelihholo laqedwa phakathi neminyaka emibili. Waba yini umphumela? Ngesikhathi leliHholo LoMbuso liqedwa, ingqikithi yenani labamemezeli yayisifinyelele kwabangu-74! Njengamanje, amabandla amabili, anengqikithi yabamemezeli abangu-160, asebenzisa lelohholo, futhi ababa khona emihlanganweni yamasonto onke cishe baba ngu-250 ngokwesilinganiso. Lamabandla amabili manje ahlela ukwakha iHholo LoMbuso lesibili.

Ukuvuna Phakathi Kwamaqembu Ezizwe

Ukuvuna phakathi kwamaqembu ezizwe ogwini olusempumalanga yeTaiwan bekuqhubeka kusukela khona kanye ekuqaleni komsebenzi woMbuso kulesiqhingi. Abanye abantu abangama-Amis abafunda iqiniso okokuqala eminyakeni engaphezu kuka-50 edlule basakhuthele namanje. Phakathi neminyaka edlule, baye bahlangabezana nezinselele eziningi. Phakathi nokuphatha kweJapane ngeMpi Yezwe II, kwadingeka ukuba bafunde isiJapane. Lapho lesiqhingi sibuyiselwa ezweni laseChina ngemva kwempi, kwadingeka ukuba bafunde ulimi lwesiShayina. Ekuqaleni kwawo-1960, babhekana novivinyo lolunye uhlobo. Ngalesosikhathi abaningi abavelele besizwe sama-Amis bayishiya inhlangano kaJehova ehlanzekile noma bazibonakalisa bengakufanelekele ukuhlanganiswa nayo. Phakathi nakho konke lokhu, iqembu loFakazi abathembekile laqhubeka likhonza uJehova. Iningi labazukulu balabazalwane nodade abathembekile abakhulile manje liyahola emsebenzini wokushumayela.

Abantu bamanye amaqembu ezizwe nabo baye bathuthuka ngokomoya. Ngokwesibonelo, kuneqembu elithembekile labamemezeli boMbuso phakathi kwesizwe samaBunun. Abanye bokhokho babo bamuva nje babengabazingeli abanquma amakhanda. Manje labantu bashumayela isigijimi esinokuthula soMbuso kaNkulunkulu. Izizwe zamaLukai namaPaiwan nazo ziye zathola ubufakazi obuhle, futhi abaningi phakathi kwazo baye benza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo. UBa Chu Fu ulandisa okuhlangenwe nakho kwakhe, ethi:

“Ngazalelwa endaweni enezintaba yasePingtung. Njengoba ubaba wayeyinkosi yesizwe samaLukai, abantu babeletha izipho eziwukudla, ngakho kwakungadingeki ukuba senze umsebenzi onzima. Ngenxa yalesimo, ngangenwa umoya wokuqhosha okukhulu. Ngaba ‘yinkosi’ yeqembu lezixhwanguxhwangu eziyintsha, ezisongela abantu futhi zibaphuce imali yabo. Ngangesatshwa endaweni yakithi. Lapho ngineminyaka engu-22, ngathatha enye yezintombi zami eziningi yaba umkami. Kodwa ukuphila kokuziphatha okubi nokuphuza ngokweqile kwakugxile ngokujule kakhulu kimina kangangokuba ngakuthola kunzima ukwamukela impilo yasemshadweni. Ngokushesha umshado wethu wawohloka, futhi ngabuyela endleleni yami yokuphila endala.

“Cishe ngalesikhathi, umkami waqala ukuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Ngangingenasithakazelo futhi ngangizithatha njengongakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu. Nokho, ngenxa yemizamo eqotho neyentshiseko yomkami, ngo-1973 ngavuma ukuya naye emhlanganweni wezizwe zonke eTaipei. Sahlala nomkhaya woFakazi. Umusa kadade ongumShayina nesimo sakhe sokungabandlululi kwaba yithonya kimi engingasoze ngilikhohlwe. Lapho sengibuyele ekhaya, ngaqala ukutadisha iBhayibheli futhi ngenza umzamo oqotho wokuba ngishintshe. Ngabhapathizwa ngo-1974.

“Kusukela ngalesosikhathi, kuye kwaba novivinyo oluningi. Olunye kwakuwukuba ngifunde ukuzifundela isiShayina. Olunye kwaba ukuqhela kwabanye. Ngenxa yokuthi babengekho abazalwane abavuthiwe engangingahlanganyela nabo noma ngifune kubo usizo, ngakhuthazwa ukuba ngithembele kuJehova. Ngafunda ukuthobeka nokunamathela enhlanganweni kaJehova. Waba yini umphumela? Namuhla, bonke emkhayeni wami bakhuthele eqinisweni. Nginelungelo lokuba inceku ekhonzayo ebandleni, manje elinabamemezeli abashisekayo abangu-60. Nakuba ngingenalo ikhono elithile elikhethekile, uJehova uye wabusisa futhi wasekela imizamo yami emsebenzini wokuvuna.”

Ukuvuna Kuyaqhubeka

ITaiwan imane nje iyingxenye encane yensimu yomhlaba wonke. Nokho, amazwi kaJesu athi, “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana,” ayiqiniso futhi nalapha. (Mathewu 9:37) Ngonyaka odlule, abangu-4 534 baba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Futhi njengoba ukuvuna kuqhubekela emvuthwandaba, izisebenzi ebezikhandleka eTaiwan zivuna ngokuthokoza.—Qhathanisa neHubo 126:5, 6.

[Umbhalo waphansi]

a IAnalects, vii 20, njengoba ihunyushwe uArthur Waley, kwethi The Analects of Confucius, 1938, Vintage Books, New York.

[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 21]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

IJAPANE

ICHINA

ITAIWAN

IPHILIPPINES

[Izithombe]

IHholo LoMbuso elisanda kwakhiwa ogwini olusempumalanga yeTaiwan

Abamemezeli boMbuso baletha injabulo kwabaningi kulelizwe elinohlaza

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela