Isikhathi Sokuphila Esingcono Kakhulu
Omunye osemusha waseNigeria, eNtshonalanga Afrika, muva nje wabhala: “Ngaphambili, ngangicabanga ukuthi isikhathi sobusha siyisikhathi esinzima kakhulu sokuphila komuntu nokuthi inkathi ejabulisa kakhulu inkathi lapho umuntu esengubaba noma umama noma lapho esemdala.”
Nokho lona osemusha waseAfrika wathola ikhophi yencwadi ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Wabhala: “Ngibonga kakhulu, lencwadi iye yangisiza ngezindlela eziningi.” Waphetha: “Manje, ngemva kokufunda lencwadi, sengiyabona ukuthi ubusha buyinkathi engcono kakhulu.”
Abasha abakhula kulezikhathi ezinenkathazo babhekana nezimo eziningi ezintsha futhi kumelwe benze izinqumo ezinzima. Ingabe osemusha kufanele abheme noma amukele imilaliso? Ikuphi ukuziphatha okufanele lapho unowobulili obehlukile? Kuthiwani ngokushaya indlwabu nobungqingili?
Izinqumo ezingalungile zingaholela kuzo zonke izinhlobo zobuhlungu benhliziyo nezinkathazo. Incwadi ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo iyayicabangela yonke lemibuzo engenhla neminye eyengeziwe. Uma ungathanda ukuthola ikhophi, siza ugcwalise lesigqebhezana bese usithumela.
Ngingathanda ukuthola incwadi enamakhasi angu-192 enoqwembe oluqinile ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. (Ngaphandle kwaseR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)