Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 10/15 kk. 22-25
  • “Ukuma Niqinile Emoyeni Munye” EChad

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ukuma Niqinile Emoyeni Munye” EChad
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Izihlokwana
  • EN’Djamena
  • Endleleni Eya EPala
  • Iqembu Elishisekayo EKélo
  • IKoumra, IDoba, NeBongor
  • Banobunye Nakuba Bekude Kakhulu
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 10/15 kk. 22-25

“Ukuma Niqinile Emoyeni Munye” EChad

NjengamaKristu abakanye nawo emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova eChad bayayazisa imihlangano yaminyaka yonke ehlelelwa ukuba bakhiwe ngokomoya. Nansi indaba yohambo lokuya ochungechungeni lwezinsuku zemihlangano ekhethekile eyenzelwa engxenyeni eseningizimu yalelizwe eliphahlwe yizinkangala, elisenkabeni yeAfrika.

Ngenxa yebanga nezinkinga zokuhamba, imihlangano eChad ivame ukwenziwa ngamaqembu amancane, isikhathi sayo sinqunywe isimo sezulu. Kusukela kuJune kuya kuSeptember, inkathi yezimvula ibangela inkinga yokuhamba futhi kwezinye izindawo akuhambeki. Izinsuku zemihlangano ekhethekile ziba ngemva kokudlula kwezimvula ezinkulu. Amaholide okuphela konyaka ayayifanelekela imihlangano yesigodi emikhudlwana. Futhi ngaphambi kokuba izimvula ziphinde ziqale ngoJune, kwenziwa imihlangano yesifunda eyizinsuku ezimbili.

KWAKUYINTAMBAMA yangeSonto eshisayo nenomswakama. IHholo LoMbuso eN’Djamena, inhloko-dolobha yaseChad, laligcwele abantu abangu-184. Naphezu kokushisa, babelalelisisa ngokucophelela inkulumo yeningi ethi, “Ukuma Niqinile Emoyeni Munye.” Ekuseni ngalolosuku bajabula ukubona abantu abathathu bebonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova uNkulunkulu ngobhapathizo lwamanzi. Lolu kwakungolokuqala ezinsukwini eziyisithupha zemihlangano ekhethekile mina nombonisi ojikelezayo kuleyondawo esaba nelungelo lokuyikhonza.

Isihloko saloluchungechunge esithi, “Ukuma Niqinile Emoyeni Munye,” sajatshulelwa ngokukhethekile ngoFakazi abangu-267 eChad. Bahlala kude namaKristu abakanye nawo akwamanye amazwe. Nokho, ukuthola kwabo ukudla okungokomoya okufanayo nokunakekelwa ngendlela efanayo kubakhuthaza ukuba baqhubeke besebenza ngobunye nabazalwane babo emhlabeni wonke. Iseluleko esisebenzayo salesimiso sabaqinisa futhi ukuba bame baqine ethonyeni lobuqili lezwe likaSathane nasemagagasini oshushiso noma okuphikiswa.

EN’Djamena

Ibandla lokuqala loFakazi BakaJehova eChad lamiswa eN’Djamena ngo-1964. Manje linabamemezeli abangaphezu kuka-90 bezindaba ezinhle zoMbuso. Kwakuyinjabulo ukubheka ezilalelini futhi ubone abaningi abebekhonza ngokwethembeka kusukela ezinsukwini zokuqala komsebenzi eChad. Omunye umzalwane wayenabafazi abathathu lapho ezwa okokuqala ngeqiniso leBhayibheli. Ngokushesha wabona isidingo sokuvumelanisa ukuphila kwakhe nezindinganiso zeBhayibheli. Washada ngokomthetho nomkakhe wokuqala futhi wahlukana nabanye, nakuba enza amalungiselelo okubanakekela. Wabhapathizwa ngo-1973 futhi ubelokhu ekhuthele enkonzweni kusukela ngalesosikhathi.

Omunye umdala owayenengxenye esimisweni wayehlangabezane nokuvivinywa okunzima kokholo. Ngo-1975 uhulumeni wangalesosikhathi waphoqelela ukuba kuhlanganyelwe emikhubeni ethile eyayisekelwe ekukhulekeleni abafileyo; noma ubani owayengayenzi wayezobulawa. Lapho umzalwane ema eqinile futhi engahlehli okholweni lwakhe, iziphathimandla zaqala ukumzingela. Ukushintsha kukahulumeni ngalesosikhathi esinzima kuphela okwamsindisa.

Endleleni Eya EPala

Ngemva kweN’Djamena, kwaqala uhambo oluya eningizimu lokuyokhonza imihlangano emihlanu eyayisasele. Sasivamile ukuhamba ngalendlela ngaphambili kodwa ngenkathi engenazimvula kuphela. Manje, ekupheleni kukaSeptember isiphela inkathi yezimvula, yonke into yayiluhlaza futhi ithelile. Kwakuyisikhathi esijabulisayo sokuthatha uhambo. Sadlula amasimu amaningi amabele. Izihloko ezisemazaleni amade agudle umgwaqo manje zase zivuthwa. Ngokushesha ayezovunwa, omiswe, futhi abekwe ezinqolobaneni ezenziwe ngenhlabathi ezimise okwekhoni ezithé gqwa gqwa emaphandleni. Amabele awukudla okuyinhloko kubantu abaningi baseChad. Agaywa esigqulweni esikhulu sokhuni ngesigxisho esivame ukuba side kunomuntu osisebenzisayo. Khona-ke impuphu ihlanganiswa namanzi abilayo bese ibunjwa ibe yindilinga edliwa nesinongo esenziwa ngemidumba yeokra noma amantongomane njengayisisekelo.

Sabona amasimu kakotini amaningi ngokwengeziwe njengoba sasihamba sibheke eningizimu. Ngenxa yokuthi indawo iyithafa kulengxenye yezwe, amasimu aqhakazile ayebonakala sengathi aze afinyelele emkhathizwe. Ngokushesha yonke imikhaya yayizoya emasimini ibuthe ukotini ngezandla. Ukotini uyisitshalo esingenisa imali eningi eChad, njengoba kwavunwa amathani angu-133 000 ngo-1988. Sekuhwalala, sasidlula eChibini iLéré. Lapha izwe linamagquma amaningi futhi lihle kakhulu, ikakhulukazi ngalesikhathi sonyaka. Ngokuba lapho ngesikhathi esifanele, sakwazi ukuthenga inhlanzi okuthiwa yicarp esanda kudotshwa eyayosiwa khona lapho eceleni komgwaqo. Kwakuyisidlo noma ubani ovakashelwe ayengaziqhenya ngokusilungiselela.

Enye into eyenza ukuhamba kube nzima kakhulu ngalenkathi yonyaka ukuthi uma kungenzeka line, kubekwa imigoqo emigwaqweni ukuze kuvinjwe izimoto. Kungani? Ukuze kuvikelwe imigwaqo. Ngakho izinhliziyo zethu zadangala njengoba sasibona isibhakabhaka esingaphambili sishintsha ngokungazelelwe siba mnyama njengelahle. Ngokuqinisekile sasingathandi ukumisa ithende emvuleni eceleni komgwaqo. Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi, sasiyokwephuza ukufika ngosuku olulandelayo lomhlangano okhethekile. Ngokujabulisayo, ingxenye enzima kakhulu yalemvula yamuva ayifikanga emgwaqweni. Nakuba kwadingeka ukuba silinde isikhashana emigoqweni eminingana, safika ebusuku ngalolosuku ePala, idolobha elinabantu abacishe babe ngu-32 000 siphephile futhi siphilile. Yeka injabulo eyayisilindele! Isibhakabhaka esingenayo inyanga sangemva kwemvula senza ukuba sibone umbukwane omangalisayo wezinkanyezi noweMilky Way, umbukwane obabazekayo izakhamuzi eziningi zedolobha ezingakaze ziwubone. Wasikhumbuza isizathu sokuma kwethu siqinile—ukuba sihloniphe uMdali Omuhle wendawo yonke emangalisayo.

Amabandla amabili amancane kanye neqembu elingalodwa ahlangana ePala. Abazalwane abathathu abasebasha babehambe ngezinyawo amakhilomitha angaphezu kwekhulu beza kulomhlangano. Njengoba imihlangano eningizimu imincane futhi kunabadala abambalwa, izingxenye zesimiso zaziqoshwe emhlanganweni eN’Djamena futhi zaphinda zasetshenziswa. Lokhu kuqinisekisa ukuba kwesimiso sezingeni eliphezulu nakuba bembalwa abakhona. Sajabula ukuba noyedwa owabhapathizwa.

Iqembu Elishisekayo EKélo

Ngokulandelayo, kwaba nohambo olufushane oluya eKélo, lapho kwaba khona abangu-194 esimisweni sangeSonto. Imikhaya eminingi nabantwana abancane yayihambe ngezinyawo amakhilomitha angaphezu kuka-30 ukuze ibe khona. Abantu ababili abasanda kuzinikezela babezobhapathizwa. Phakathi nenkathi engenazimvula, ubhapathizo luvame ukuba yinkinga uma umhlangano ungenzelwanga eduzane nomfula; ngakho, abantu abaningana kwakudingeke ukuba babhapathizwe emphongolweni onamanzi. Kodwa ukuba kwethu lapho ekupheleni kwenkathi yezimvula kwenza izinto zaba lula. Nokho, kwakudingeka ukuba sihambe ngemoto amakhilomitha angaphezu kuka-20 siye endaweni efanelekayo.

Omunye wababezobhapathizwa kwakuyintombazanyana elukholo lwayo lwaluvivinywe kanzima. Umkhaya wakubo wawusuthembise ukuyishadisa nomuntu owayengenasithakazelo ekutadisheni iBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, lomuntu wakhetha ukuba bahlanganiswe ngemikhuba engokwesizwe kunangomshado ongokomthetho. Ngenxa yokuthi wayezimisele ukukhokha ilobolo elikhulu, umkhaya wakubo wayicindezela kakhulu. Kwadingeka ngisho nokuba ithuthele kwenye indawo okwesikhashana ukuze igweme ukuhlangana okungekho ngokomBhalo okwakufunwa abomkhaya wakubo. Yama iqinile kukho konke lokhu futhi yenza intuthuko enhle. Kusukela ekubhapathizweni kwayo, ukuphikisa komkhaya kuye kwaphela. Siyambonga uJehova ngokuthi sinabantu abathembeke kanjena phakathi kwethu.

Lapha abazalwane banezinye izizathu zokubonga uJehova. IChad yaba nempi enzima yangaphakathi kwase kuthi, ngo-1984, yaba nendlala enkulu. Umdala wasendaweni ukhumbula ukuthi ngesinye isikhathi phakathi nendlala, waqalaza eHholo LoMbuso futhi wazibuza ukuthi ukhona yini kulabo ababekhona owayeyobe esaphila ezinyangeni ezimbalwa ezizayo. Nokho, inhlangano kaJehova yanikeza usizo oluwukudla, ibakhulula enhluphekweni yabo. Ukukwazisa kwabo lokho manje kubonakaliswa enkonzweni yabo yentshiseko. Kunomoya onamandla wobuphayona eKélo. Phakathi no-October 1989, abamemezeli boMbuso abangaphezu kwengxenye yesithathu bahlela izimo zabo ukuze bahlanganyele isikhathi esigcwele emsebenzini wokushumayela.

Okuhlangenwe nakho kwabo kwendlala kwabafundisa ukuthi nabo futhi kumelwe babe ngabaphanayo. Ngonyaka odlule umdala ebandleni wagula ngokuzumayo futhi wafa. Washiya umkhaya onabantwana abayisishiyagalolunye, omncane kubo bonke enezinyanga ezimbalwa nje ubudala. Umkakhe wabhekana nokucindezela kwabomndeni kokuba ahlanganyele emikhubeni yokulila eyayihilela ukukhulekela abafileyo. Abazalwane bamnikeza ukusekela okudingekayo, kangangokuba wakwazi ukumelana nokucindezela okukhulu. Khona-ke ibandla lasebenza ndawonye ukuze limakhele ikhaya yena nabantwana bakhe abancane, ngaphezu kokusiza ngezinto ezibonakalayo ngezinye izindlela ezihlukahlukene. Lokhu kwaphumela ekunikezeni ubufakazi obuhle kakhulu kulelodolobha, kubonisa umphumela ojabulisayo wobuKristu obusebenzayo.—IzEnzo 20:35.

IKoumra, IDoba, NeBongor

Ngokulandelayo samisa eKoumra. Imigwaqo engagandayiwe yenza uhambo olungamakhilomitha angu-300 lwaba lula kakhulu. Endleleni, sadabula edolobheni laseMoundou, indawo yezimboni enabantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu. Abangamashumi ayisikhombisa nanye baba khona eKoumra. Umzalwane osemusha owayengakaze aye esikoleni wakhuluma endaweni yesikhulumi. Wachaza indlela uhlelo lokufunda ukuzifundela nokubhala olufundiswa eHholo LoMbuso olwamsiza ngayo futhi lwamnika ukuzethemba okudingekayo. Manje uqhuba izifundo zeBhayibheli nabanye abantu abane.

Ngemva kosuku lomhlangano okhethekile eKoumra, sabhekisa amabombo emuva ngaseN’Djamena, lapho ngokulandelayo sasizomisa eDoba siqhube umhlangano wesihlanu ochungechungeni lwethu. Abanye balabo ababa khona baficwa yimvula yamuva futhi kwadingeka ukuba bachithe ubusuku bonke eceleni komgwaqo. Nokho, bonke bafika singakaqali isimiso eDoba. Kwakukhona abangamashumi amahlanu nanye, futhi umuntu oyedwa waziletha ukuba abhapathizwe.

Ekugcineni samisa eBongor. Lena yindawo okulinywa kuyo ilayisi, futhi samangala ngendlela lendawo eyayiyithafa ngayo. Ababa khona eBongor benza ukuba ingqikithi yalabo abalalela isimiso eChad yaba ngu-630. Futhi njengoba kunababili abengeziwe abacwiliswa, ingqikithi yenani labantu ababhapathizwa yaba yisishiyagalolunye.

Ukuphindela kwethu eN’Djamena kwaphelelisa uhambo olucishe lube ngamakhilomitha angu-2 000. Kwakujabulisa ukuhlangana nezinceku zikaNkulunkulu ezazime ziqinile iminyaka eminingi, kanye nokuhlangana nabaningi abasanda kuhlanganyela abenza intuthuko emangalisayo. Intshiseko yabo ngenkonzo yayikhuthaza ngokukhethekile. Phakathi no-October 1989, kwaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-267 eChad, ukwanda ngamaphesenti angu-20 ngaphezu konyaka owandulelayo.

Banobunye Nakuba Bekude Kakhulu

Ukuhambahamba kulelizwe kwasenza saqonda inselele okuyiyo ukusakaza izindaba ezinhle ezweni okukhulunywa kulo izilimi ezingaphezu kuka-200. Nakuba isiFulentshi nesiArabhu kuyizilimi ezingokomthetho eChad, osukwini ngalunye lomhlangano okhethekile, isimiso kwakudingeka ukuba sihunyushwe sisuselwa kuyisiFulentshi siya olimini olwehlukile. Ngisho noma kunjalo, abaningi abeza endaweni yomhlangano babengakhulumi ulimi lwakulesosifunda, ngakho kwakuseyinkinga ukubasiza ukuba baqonde isimiso.

Kuzo zonke izindawo esazivakashela, abafowethu nodadewethu basiphatha ngokufudumele. Ngokuvamile ukudla kwakuba amabele noma izindilinga ezenziwe ngempuphu yelayisi nesinongo okukhulunywe ngaso ngaphambili. Ngezinye izikhathi intombazanyana yayiletha ukudla ngoqwembe kumbozwe ngendwangu enemibala egqamile. Loluqwembe lwaluhleli ngesizotha ekhanda layo, futhi wawumane utuse isizotha sayo.

Izakhamuzi zasenyakatho yeChad ngokuvamile zingamaMuslim; abantu baseningizimu ngokuyinhloko bangamaKatolika, amaProthestani, noma bakholelwa emimoyeni. Uhulumeni usekela isimiso senkululeko engokwenkolo, futhi siyajabula ngokuba sikwazi ukuhlangana ndawonye ngokukhululekile.

Isimiso sosuku lomhlangano okhethekile sasiza iqembu elincane loFakazi eChad ukuba liqaphele ukuthi nakuba ngokwendawo likude kakhulu kubazalwane balo abakwezinye izingxenye zomhlaba, linobunye ngempela nabo emhlanjini owodwa. Sabenza bakwazi ‘ukuma beqinile emoyeni munye’ naphezu kokucindezela nokuphikiswa abahlangabezana nakho.—Filipi 1:27.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela