Ingabe Uyazilandela Iziyalezo?
UBABA onothando uyobayala abantwana bakhe ukuze baphumelele ekuphileni futhi bajabule lapho beba badala. Abantwana ababathandayo futhi ababahloniphayo abazali babo bayokwamukela ukuyalwa okunjalo ngoba bayazi ukuthi kungokwenzuzo yabo. Ngokufanayo, uBaba wethu wasezulwini onothando, uJehova, unikeza izinceku zakhe ukuqondiswa okuzilethela impumelelo nenjabulo ekuphileni kwazo. Ngakho-ke, kubalulekile ukuba silandele iziyalezo esizinikezwa uNkulunkulu ngeZwi lakhe, iBhayibheli, ngenhlangano yakhe yasemhlabeni.
Emkhayeni
Kunezingxenye ezihlukahlukene esinikezwa iziyalezo kuzo. Enye kusemkhayeni. Umshado nomkhaya kwavela phezulu. IBhayibheli lithi uNkulunkulu washadisa umbhangqwana wokuqala ongabantu wase ewutshela ukuba ube nabantwana. (Genesise 1:27, 28; 2:22-24) UMdali uye wanikeza iziqondiso kuwo wonke amalungu omkhaya ngokuqondene nemisebenzi yawo ngokwehlukene. Ngokwesibonelo, indoda nobaba iyinhloko yekhaya, okusho ukuthi inomthwalo wemfanelo wokunikeza ukuyala, ukudla, izembatho, indawo yokuhlala, isivikelo, kanye nokuyala. Futhi yenza izinqumo ezibalulekile zomkhaya. Njengendoda, kumelwe ibonise ukumcabangela umkayo futhi imnike udumo njengesitsha esibuthakathaka. (Efesu 5:22, 23; 1 Thimothewu 5:8; 1 Petru 3:7) Umfazi kufanele azithobe endodeni yakhe, ayihloniphe ngokujulile, futhi abe umsizi kanye nomphelelisi wayo. ImiBhalo ibonisa ukuthi abantwana kumelwe balalele abazali babo.—Genesise 2:18; Efesu 6:1-3; 1 Petru 3:1, 2.
Kwenzekani uma leziziyalezo zinganakwa? Kuba khona ukungezwani nezingxabano lapho amadoda entula ukucabangela omkawo, nalapho abafazi bebonisa inhlonipho encane ngegunya lamadoda. Eqinisweni, izinto ezinjalo ziye zabangela ukuchitheka kwemishado eminingi. Ukungalaleli nokuhlubuka kwabantwana kuye kwaletha ukudabuka okukhulu kubazali abaningi. Ngokuvamile kumelwe kusolwe abazali kakhulu ngokungakhulisi abantwana babo ngesiyalo esifanele, kanjalo bebathukuthelisa.—Efesu 6:4.
Nakuba izisebenzi zezenhlala-kahle, izazi zokusebenza kwengqondo, nabanye beye banikeza ukusikisela okunhlobonhlobo ngendlela yokusingatha izinkinga zomkhaya, asikho iseluleko esiphumelela kangcono kuneziyalezo ezinikezwa uMdali wemikhaya eBhayibhelini. Ukuzilandela kuletha injabulo yangempela nokwaneliseka.—IHubo 19:7-9.
Ebandleni
Kufanele silandele iziyalezo ezinikezwa iNhloko yebandla lobuKristu, uJesu Kristu, ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo,’ umzila omisiwe wenhlangano kaNkulunkulu lapha emhlabeni. (Mathewu 24:45-47; Efesu 5:23) Ukuze kube nokuthula nobunye ebandleni, wonke amalungu alo kumelwe enze ngokuvumelana nokuqondiswa okunikezwayo. Ngokwesibonelo, labo abaholayo ekufundiseni ibandla nasekusizeni abanye badinga ukunamathela eziqondisweni abazithola enhlanganweni kaJehova. Lokhu kuyonikela empumelelweni yabo. Kungase kunikezwe iziyalezo futhi ngendlela yokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela, nendlela yokubhekana nezinkinga ebandleni, nendlela yokunikeza iseluleko nesikhuthazo, indlela yokududuza abacindezelekile, nokunye. Kuneziqondiso ngendlela yokulungiselela imihlangano efundisayo neyakhayo kubo bonke abahlanganyela nebandla lobuKristu.—IzEnzo 20:20; Roma 12:6-8; Galathiya 6:1; 1 Thesalonika 3:1-3.
Abadala bebandla, noma ababonisi, kufanele babeke isibonelo esihle kulokhu. INdikimba Ebusayo ithumela iziyalezo abadala okumelwe bazilandele ngokunakekela nangokwethembeka. Kufanele iziyalezo bazifanelanise futhi bazisebenzise ezimweni ezikhona ebandleni. Kufanele sikhumbule ukuthi uJesu Kritu oqondisa ibandla lobuKristu. Uzazi ngokuphelele izidingo zawo wonke amabandla emhlabeni wonke, futhi unikeza isikhuthazo nosizo oludingekayo. Ngakho-ke abadala akufanele banqikaze ukusebenzisa noma iziphi iziqondiso abazamukela enhlanganweni kaNkulunkulu engokwasezulwini. Lokhu kuyoba isibonelo esihle kubo bonke ebandleni futhi kuyobasiza ukuba babe munye phakathi kwabo kanye nabo bonke abazalwane emhlabeni wonke.—IzEnzo 15:1-31; Heberu 13:7; IsAmbulo 5:6.
Imiphumela Ejabulisayo
Lapho umakhi akha isakhiwo esikhulu, uwalandela ngokunakekela amapulani omklami wezindlu ukuze isakhiwo asakhayo sihlale isikhathi eside. Ezinsukwini zobudlova ngaphambi kukaZamcolo, uNowa wayalwa ukuba akhe umkhumbi. Watshelwa ukuthi kwakufanele awake kanjani nokuthi ibaphi abantu nezilwane ayeyokungenisa emkhunjini ukuze kusinde kuZamcolo owawuzofika. UNowa wasabela kanjani? IBhayibheli lithi: “UNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.” UNowa kanye nalabo abebenaye emkhunjini kuphela abasinda kuZamcolo. (Genesise 6:5, 13-22; 7:23) Namuhla siphila ezikhathini ezifana ncamashí nezosuku lukaNowa, ngenxa yalesizathu uNkulunkulu uzosusa bonke abantu ababi. IBhayibheli liyasitshela ukuthi kumelwe sithathe ziphi izinyathelo uma sifuna ukuba phakathi kwalabo abayosinda.—Mathewu 24:37-39; 2 Petru 3:5-7, 11.
Ngakho-ke, masizamukele ngokwazisa futhi sizenze iziyalezo esizinikezwa uJehova ngeZwi lakhe elilotshiwe nangenhlangano yakhe yasemhlabeni. Ukwenza lokhu kuyosilethela impumelelo nenjabulo futhi kuyosindisa ukuphila kwethu.