Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiquzintathu?
Ingabe uJesu Kristu unguNkulunkulu uMninimandla onke?
Umuntu othile waseHayward, eCaliforniam uyabhala: “Ngimangele, ngivukwe amadlingozi, futhi ngiyajabula ngencwajana eshiwo ngenhla. Iwumsebenzi wobungcweti wokuqongelela ukwaziswa emithonjeni ehlukahlukene yenkolo nokucaphuna ukuvuma kokuthi imfundiso kaZiqu-zintathu ingamanga, iyadukisa, futhi ayisekelwa iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli.”
Abaningi baye bakwazisa lokhu kuhlola okuchwepheshile, okufakazelwa izincwadi eziningi kwalemfundiso eyisisekelo yamasonto amaningi eLobukholwa. Uma ungathanda ukwamukela ikhophi yalencwajana, siza ugcwalise bese uthumela lesigqebhezana esingezansi.
Ngingathanda ukwamukela incwajana enamakhasi angu-32 ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? (Ngaphandle kweR.S.A., bhalela igatsha leWatch Tower lasendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)