IZwi LikaNkulunkulu Liyiqiniso
“Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.”—JOHANE 17:17.
1. Umhubi ongumHeberu walibheka kanjani iBhayibheli, kodwa abaningi balibheka kanjani namuhla?
“IZWI lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.” (IHubo 119:105) Washo kanjalo umhubi ongumHeberu. Yidlanzana kuphela namuhla elinenhlonipho enjalo ngeZwi likaNkulunkulu. Kulelikhulu leminyaka lama-20, iZwi likaNkulunkulu lisesimweni esibhaliwe njengeBhayibheli Elingcwele. Liye lahunyushelwa ezilimini eziningi futhi lasakazwa kabanzi ukwedlula nanoma iyiphi enye incwadi emlandweni. Nokho, abaningi bayenqaba ukulamukela njengesibani sezinyawo zabo. Ngisho nalabo abathi bangamaKristu bakhetha, ikakhulukazi, ukulandela imibono yabo kunokuvumela iBhayibheli likhanyise indlela yabo.—2 Thimothewu 3:5.
2, 3. OFakazi BakaJehova balibheka kanjani iBhayibheli, futhi lokhu kubalethele ziphi izinzuzo?
2 Ngokuphambene kakhulu, thina esingoFakazi BakaJehova siyavumelana nomhubi. Kithina, iBhayibheli liyisiqondiso esivela kuNkulunkulu. Siyazi ukuthi “yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni.” (2 Thimothewu 3:16) Ngokungafani nabaningi namuhla, asifuni ukwenza ukuhlola ezindabeni zesimilo nokuziphatha. Siyazi ukuthi yikuphi okulungile ngoba iBhayibheli liyasitshela.
3 Lokhu kuye kwasilethela izinzuzo ezinkulu. Siye samazi uJehova, futhi siye safunda ngezinjongo zakhe ezinhle kakhulu ngomhlaba nangesintu, ngakho siyaqiniseka ukuthi lingaba khona ikusasa elikhanyayo ngathi nangemikhaya yethu. Sivumelana ngenhliziyo yonke nomhubi owathi: “Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo. Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube-phakade.”—IHubo 119:97, 98.
Ukufakaza Ngokuziphatha
4. Ukuqaphela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu kusenza sibe nasiphi isibopho?
4 Ngakho, sinezizathu ezanele zokuvumelana namazwi kaJesu abhekiswé kuYise: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Kodwa ukuqaphela leliqiniso kusenza sibe nesibopho. Kumelwe sisize abanye baqaphele ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyiqiniso. Ngaleyondlela nabo bayokwazi ukujabulela izibusiso esizitholayo. Singabasiza kanjani kulokho? Phakathi kokunye, kumelwe senze yonke imizamo ukuba sisebenzise izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Ngaleyondlela, abanhliziyo-zilungile bayobona ukuthi indlela yeBhayibheli ngempela iyona engcono kakhulu.
5. Isiphi iseluleko uPetru asinikeza ngokufakaza ngokuziphatha kwethu?
5 Lokhu kwakuwumongo weseluleko somphostoli uPetru kwabesifazane abangamaKristu abamadoda abo ayengakholwa. Wathi kubo: “Bafazi, thobelani amadoda enu, ukuze kuthi, uma ekhona angakholwa yizwi, azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo.” (1 Petru 3:1) Futhi kwakuyisimiso esasiyisisekelo seseluleko sakhe kuwo wonke amaKristu—amadoda, abesifazane, nabantwana—lapho ethi: “Nibe-nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.”—1 Petru 2:12; 3:16.
Ukuhlakanipha KweBhayibheli Okuphakeme
6. UPetru usisiza kanjani ukuba sibone ukuthi kufanele sisize abanye bazise iBhayibheli?
6 Futhi, amaKristu angasiza abanye ukuba bazise iBhayibheli uma enza njengoba noPetru eluleka: “Mngcweliseni uKristu abe-yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini, kodwa kube-ngobumnene nangokwesaba.” (1 Petru 3:15, 16) Izikhonzi ezingamaKristu kufanele zikwazi ukuvikela iBhayibheli futhi zichazele abanye ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu. Zingakwenza kanjani lokho?
7. Iliphi iqiniso ngeBhayibheli elibonisa ukuthi kumelwe ukuba liyiZwi likaNkulunkulu?
7 Enye indlela ekholisayo yokubonisana nomuntu itholakala encwadini yezAga. Lapho sifunda ukuthi: “Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami, ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, . . . [uyakufumana] ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.” (IzAga 2:1-6) Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ngokwakhe kutholakala emakhasini eBhayibheli. Lapho umuntu oqotho ebona lokho kuhlakanipha okunzulu, ngeke ahluleke ukuqaphela ukuthi iBhayibheli alilona nje izwi lomuntu.
8, 9. Iseluleko seBhayibheli esimayelana nokugcina umbono olinganiselwe ngokuthola ingcebo siye saboniswa kanjani silungile?
8 Cabangela izibonelo ezimbalwa. Namuhla, ngokuvamile impumelelo ekuphileni ilinganiswa ngobungako bemali. Lapho umuntu ehola kakhulu, yilapho ecatshangelwa njengophumelela kakhulu. Nokho, iBhayibheli lixwayisa ngokunaka kakhulu izinto ezibonakalayo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni. Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:9, 10; qhathanisa noMathewu 6:24.
9 Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa indlela lesixwayiso esifaneleka ngayo. Isazi sokusebenza kwengqondo siyaphawula: “Ukuba ngophuma phambili nokuceba akukwenzi uzizwe wanelisekile, uhlonishwa ngempela noma uthandwa.” Yebo, labo abachitha wonke amandla abo belandelela ingcebo ngokuvamile bagcina bezizwa becasukile futhi bekhungathekile. Nakuba imiBhalo ikuvuma ukubaluleka kwemali, ikhomba kokuthile okubaluleke kakhulu kunayo: “Ukuhlakanipha kuyisivikelo njengoba nemali iyisivikelo; kodwa inzuzo yolwazi iwukuthi ukuhlakanipha ngokwakho kubagcina bephila abanakho.”—UmShumayeli 7:12, NW.
10. Kungani kufanele silalele iseluleko seBhayibheli sokuba siqaphele abangane bethu?
10 IBhayibheli linezimiso eziningi ezinjalo. Esinye sithi: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.” (IzAga 13:20) Okuhlangenwe nakho kuye kwakubonisa kuyiqiniso nalokhu. Ukucindezela kontanga kuye kwaholela intsha ekudakweni, ekusebenziseni kabi izidakamizwa, nasekuziphatheni okubi. Noma ubani ozihlanganisa nabasebenzisi bolimi olungcolile ekugcineni uzithola esesebenzisa inkulumo enjalo enyanyekayo. Abaningi bebela abaqashi babo ngoba ‘wonke umuntu uyakwenza.’ Yiqiniso, njengoba iBhayibheli lisho futhi: “Ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.”—1 Korinte 15:33.
11. Ukuhlola ukusebenza kwengqondo kwakubonisa kanjani ukuhlakanipha kokulandela uMthetho Wegolide?
11 Enye yezingxenye ezidume kakhulu zeseluleko esiseBhayibhelini yilokho okubizwa ngokuthi uMthetho Wegolide: “Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo.” (Mathewu 7:12) Ukuba isintu besiwulandela lomthetho, ngokusobala izwe beliyoba indawo engcono. Kodwa ngisho noma izwe ngokuvamile lingawulandeli lomthetho, kungcono ukuba wena uwulandele. Ngani? Ngoba sadalelwa ukuba sinakekele abanye futhi sibakhathalele. (IzEnzo 20:35) Ukuhlola ukusebenza kwengqondo okwenziwa eUnited States ngenjongo yokuthola indlela abantu abasabela ngayo lapho besiza abanye kwafinyelela kulesiphetho: “Khona-ke, kuyabonakala ukuthi ukunakekela abanye kuyingxenye yemvelo yomuntu njengokuzinakekela thina ngokwethu.”—Mathewu 22:39.
Iseluleko SeBhayibheli—Sihlakaniphe Ngokuyingqayizivele
12. Yikuphi okukodwa okwenza iBhayibheli libe ingqayizivele?
12 Yiqiniso, namuhla kuneminingi imithombo yeseluleko ngaphandle kweBhayibheli. Amaphephandaba anezinhlu zeseluleko, futhi izitolo zezincwadi zigcwele izincwadi zokuzisiza. Ngaphezu kwalokho, kukhona izazi zokusebenza kwengqondo, abeluleki abakufundele, nabanye abanikeza usizo emikhakheni ehlukahlukene. Kodwa iBhayibheli lihlukile okungenani ngezici ezintathu. Okokuqala, iseluleko salo sizuzisa njalo. Asibonaze sibe umbono nje, futhi asibonaze sisilimaze. Noma ubani olandela iseluleko seBhayibheli kumelwe avumelane nomhubi owathi kuNkulunkulu emthandazweni: “Ukufakaza [“izikhumbuzo,” NW] kwakho kuqinisekile kakhulu.”—IHubo 93:5.
13. Yini eveza iBhayibheli njengeliphakeme kakhulu kunemithombo yabantu yokuhlakanipha?
13 Okwesibili, iBhayibheli sekuyisikhathi eside kakhulu likhona. (1 Petru 1:25; Isaya 40:8) Iseluleko esivela emithonjeni engabantu saziwa kabanzi njengesishintshashintsha njalo, futhi okuthandwayo ngalonyaka ngokuvamile kuyagxekwa ngonyaka olandelayo. Nokho, nakuba iBhayibheli laqedwa ukubhalwa eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, lisaqukethe iseluleko esihlakaniphe kunazo zonke ezingatholakala, futhi amazwi alo asebenza embulungeni yonke. Asebenza ngezinga elilinganayo kungakhathaliseki ukuthi sihlala eAfrika, eAsia, eNingizimu noma eNyakatho Melika, eYurophu, noma eziqhingini zolwandle.
14. Kungayiphi indlela iseluleko seZwi likaNkulunkulu sizedlula zonke?
14 Okokugcina, izeluleko zeBhayibheli eziningi ezihlukahlukene azinakuqhathaniswa. Isaga seBhayibheli sithi: “UJehova uyanika ukuhlakanipha,” futhi kungakhathaliseki ukuthi sibhekene nayiphi inkinga noma isinqumo, eBhayibhelini kunohlakanipha okusisiza ukuba siyixazulule. (IzAga 2:6) Abantwana, intsha, abazali, abantu abadala, abaqashwa, abaqashi, iziphathimandla, bonke bathola ukuthi ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kuyasebenza kubo. (IzAga 4:11) Ngisho noma sibhekene nezimo ezazingaziwa esikhathini sikaJesu nabaphostoli bakhe, iBhayibheli lisinika iseluleko esisebenzayo. Ngokwesibonelo, emuva ekhulwini lokuqala leminyaka, ukubhema ugwayi kwakungaziwa eMpumalanga ePhakathi. Namuhla kusakazeke yonke indawo. Noma kunjalo, noma ubani olalela iseluleko seBhayibheli sokugwema ‘ukubuswa [noma ukulawulwa] utho’ nokuzigcina ehlanzekile “ekungcoleni konke kwenyama nokomoya” uyowugwema lomkhuba, kokubili oluthayo nolimaza impilo.—1 Korinte 6:12; 2 Korinte 7:1.
Singesenzuzo Yethu Ehlala Njalo
15. Kungani abaningi bethi iBhayibheli liyisidala?
15 Yiqiniso, abaningi bathi iBhayibheli liyisidala futhi alisebenzi kulelikhulu leminyaka lama-20. Nokho, ngokunokwenzeka isizathu siwukuthi iBhayibheli alisho lokho abafuna ukukuzwa. Ukulandela iseluleko esingokomBhalo kungokwenzuzo yethu ehlala njalo, kodwa ngokuvamile kudinga ukubekezela, ukuzithiba, nokuzidela—okuyizici ezingathandwa ezweni elisikhuthaza ukuba sifune ukwaneliseka okusheshayo.—IzAga 1:1-3.
16, 17. Iziphi izindinganiso eziphakeme zokuziphatha ngokobulili iBhayibheli elizibekayo, futhi ziye zanganakwa kanjani ezikhathini zanamuhla?
16 Cabangela indaba yokuziphatha ngokobulili. Izindinganiso ezingokomBhalo ziqinile. Okuwukuphela kwendawo yokusondelana okungokobulili ingaphakathi emshadweni, futhi konke ukusondelana okunjalo ngaphandle kwasemshadweni kwenqatshelwe. Sifunda ukuthi: “Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) Ngaphezu kwalokho, imfuneko yeBhayibheli ngamaKristu iwukuba umuntu ashade nomuntu oyedwa. (1 Thimothewu 3:2) Futhi nakuba kunezimo ezedlulele lapho idivosi noma ukuhlala ngokwehlukana kungase kuvunyelwe khona, iBhayibheli lithi ngokuvamile ifindo lomshado lingelokuphila konke. UJesu ngokwakhe wathi: “Owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, wathi: Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba-nyamanye . . . Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”—Mathewu 19:4-6, 9; 1 Korinte 7:12-16.
17 Namuhla, lezindinganiso azinakwa abantu abaningi. Izenzo zokuziphatha kabi ngokobulili ziyavunyelwa. Ubuhlobo bobulili phakathi kwentsha eqomene bubhekwa njengento evamile. Ukuhlala ndawonye ngaphandle kokushada kuyamukelwa. Phakathi kwemibhangqwana eshadile, ubuhlobo bobulili obungemthetho nomunye umuntu buyinto evamile. Futhi idivosi isakazeke kuyo yonke indawo kulelizwe lanamuhla. Nokho, lezindinganiso eziyekethisayo aziyilethanga injabulo. Imiphumela emibi iye yafakazela ukuthi iBhayibheli belilungile ngokugcizelela izindinganiso eziqinile zokuziphatha.
18, 19. Ube yini umphumela wokunganakwa osakazeke kabanzi kwezindinganiso zikaJehova zokuziphatha?
18 ILadies’ Home Journal yathi: “Ukugcizelela ubulili okwakuwuphawu lweminyaka yawo-1960 nawo-1970 akulethanga injabulo engapheli kodwa usizi lwabantu olungathi sína.” “Usizi lwabantu olungathi sína” okubhekiselwe kulo lapha luhlanganisa nalolo lwezingane ezilinyazwa ukudivosa kwabazali bazo nalolo lwabantu abadala abezwa ubuhlungu obujulile obungokomzwelo. Luhlanganisa futhi nokwanda kwemikhaya enomzali oyedwa nobhadane lwamantombazane amancane angashadile anabantwana kuyilapho wona ngokwawo esengabantwana. Ngaphezu kwalokho, luhlanganisa nobhadane lwezifo ezithathelwana ngobulili ezisakazeke kuyo yonke indawo, ezinjengokuqubuka kwezitho zobulili, isipatsholo, ugcunsula, ichlamydia, nengculaza.
19 Ngenxa yakho konke lokhu, uprofesa wezokuhlalisana kwabantu waphawula: “Mhlawumbe sesikhule ngokwanele ukuba sicabangele ukuthi bekungeke yini kusisize ukukhuthaza ukuzithiba kwangaphambi komshado njengesimiso esiyozanelisa kakhulu izidingo zezakhamuzi zethu nelungelo lazo lenkululeko: inkululeko ezifweni, inkululeko ekukhulelweni okungafunwa.” IBhayibheli lisho ngokufanele ukuthi: “Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.” (IHubo 40:4) Labo abathembela ekuhlakanipheni kweBhayibheli abakhohliswa amanga alabo abamelana neBhayibheli futhi bathi izindinganiso eziyekethisayo zokuziphatha ziletha injabulo. Izindinganiso zeBhayibheli ezihlakaniphile, uma ziqinile, ziletha okungcono kakhulu.
Izinkinga Ezinzima Ekuphileni
20. Iziphi izimiso zeBhayibheli eziye zaba usizo kulabo okumelwe babhekane nobumpofu obukhulu ekuphileni kwabo?
20 Ukuhlakanipha kweBhayibheli futhi kusisiza ukuba sisingathe izinkinga ezinzima esibhekana nazo ekuphileni. Ngokwesibonelo, emazweni amaningi, kunamaKristu aphila ebumpofwini obukhulu. Nokho ayakwazi ukubhekana nobumpofu bawo futhi asayithola injabulo. Kanjani? Ngokulandela iZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe. Awathatha ngokungathi sína amazwi aduduzayo eHubo 55:22: “Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa.” Athembela kuJehova ukuze athole amandla okukhuthazela. Khona-ke asebenzisa izimiso zeBhayibheli futhi agweme imikhuba elimazayo, yokusaphaza, njengokubhema nobudakwa. Akhuthele, njengoba iBhayibheli likutusa, futhi kanjalo athola ukuthi ayakwazi ukondla imikhaya yawo kuyilapho abantu abavilaphayo noma labo abazivumela ukuba balahlekelwe yithemba behluleka. (IzAga 6:6-11; 10:26) Ngaphezu kwalokho, alalela isixwayiso seBhayibheli: “Ungabi-namhawu ngabenza okungalungile.” (IHubo 37:1) Awaphendukeli ekugembuleni noma ezenzweni zobugebengu, njengokuthengisa izidakamizwa. Lezinto zinganikeza “ikhambi” elisheshayo ezinkingeni zawo, kodwa isithelo esihlala njalo simuncu.
21, 22. (a) Omunye wesifazane ongumKristu waluthola kanjani usizo nenduduzo eBhayibhelini? (b) Iliphi elinye iqiniso eliphathelene neBhayibheli elisisiza ukuba sibone ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu?
21 Ingabe ukulandela iBhayibheli kuyabasiza ngempela abampofu kakhulu? Yebo, njengoba kufakazelwa okuhlangenwe nakho okuninginingi. Omunye umfelokazi ongumKristu ohlala eAsia uyabhala: “Nakuba ngicishe ngiphile ngobumpofu, angicasukile. Iqiniso leBhayibheli lingigcwalisa ngombono oqondile.” Ubika ukuthi isithembiso esiphawulekayo esanikezwa uJesu siye sagcwaliseka kuye. UJesu wathi: “Funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.” (Mathewu 6:33) Uqinisekisa ukuthi ngokubeka inkonzo yakhe eya kuNkulunkulu phambili ekuphileni kwakhe, ngaso sonke isikhathi, ngandlela thile, uyazithola izidingo zokuphila zezinto ezibonakalayo. Futhi inkonzo yakhe yobuKristu imnika isithunzi nenjongo ekuphileni okwenza ukuba ubumpofu bakhe bubekezeleleke.
22 Ngempela, ukujula kokuhlakanipha kwalo kubonisa ukuthi ngempela iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Ayikho incwadi ekhiqizwe abantu kuphela engahlanganisa izici zokuphila eziningi kangaka, ibe nokuqonda okujule kangaka futhi ishaye emhloleni ngaso sonke isikhathi. Kodwa kunesinye isici ngeBhayibheli esibonisa ukuthi livela ezulwini. Linamandla okuguqula abantu babe ngcono. Sizoxoxa ngalokhu esihlokweni esilandelayo.
Ingabe Ungachaza?
◻ OFakazi BakaJehova babusiswa ngayiphi indlela ngokwamukela kwabo iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu?
◻ Njengabantu abakholelwa eZwini likaNkulunkulu, isiphi isibopho esinaso, futhi ukuziphatha kwethu kungasisiza kanjani ukuba sigcwalise lesibopho?
◻ Yini eyenza iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile sibe esiphakeme kuneseluleko somuntu nje?
◻ Iziphi ezinye izibonelo ezibonisa ukujula kokuhlakanipha kweBhayibheli?