Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 4/1 k. 10
  • “Bonke Abasemathuneni”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Bonke Abasemathuneni”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Uyakukhathalela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • ‘Imizimba Eminingi Yabangcwele Yavuswa’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • UJehova Uyayibusisa Imizamo Yethu Yokuba Khona ESikhumbuzweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • INew World Translation—Iwubuciko Futhi Ithembekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 4/1 k. 10

“Bonke Abasemathuneni”

INGABE ungaqiniseka ngokuthi abaningi babafile bayophinde baphile? Yebo, njengoba uJesu asho: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni [okukhunjulwa, NW] beyakulizwa izwi layo, . . . baphume.” (Johane 5:28, 29) Phawula amazwi athi “emathuneni okukhunjulwa,” atholakala kuyiNew World Translation kuphela. Asikhumbuza ngokubaluleka kwenkumbulo kaNkulunkulu esikhathini sovuko.

Kungani ukuhumusha okuvamile kokuthi, “amangcwaba,” kungasetshenziswanga? Ngoba uJesu akasebenzisanga ubuningi begama lesiGreki elithi taʹphos, elisho “ingcwaba” noma “indawo yokungcwaba.” Ngempela, akubona bonke abake bafa abangcwatshwa emangcwabeni angokoqobo, noma taʹphoi. Nakuba kunjalo, labo uNkulunkulu ayobabuyisa ngovuko basenkumbulweni yakhe. Lokhu kuboniswa ukusebenzisa kukaJesu isimo esisebuningini selithi mne·meiʹon, elihlobene ngokuseduze namagama esiGreki ngokuyisisekelo asho “ukukhumbula.” (Mathewu 16:9; Marku 8:18) IGreek-English Lexicon kaH. G. Liddell noR. Scott ihumusha elithi mne·meiʹon ngokuthi “isikhumbuzo, inkumbulo, umlando womuntu noma into, . . . ithuna, . . . ngokuvamile, itshe eliyisikhumbuzo.”

Ngakho-ke, iNew World Translation yenza umehluko phakathi kwegama elithi taʹphos nelithi mne·meiʹon. Futhi kufanele kuphawulwe ukuthi izinguqulo eziningi zeBhayibheli ngokufanayo zisebenzisa amagama amabili ahlukene kuMathewu 23:29 lapho kuvela khona womabili amagama esiGreki. IRevised Standard Version iwahumusha ngokulandelayo: “Nakha amathuna [uhlobo oluthile lwelithi taʹphos] abaprofethi futhi nihlobise amatshe ayizikhumbuzo [uhlobo oluthile lwelithi mne·meiʹon] abalungileyo.”

UMdali womuntu akazikhohlwa izindlela zokuphila zezinkulungwane zezigidi zabantu abaye baphila. (IHubo 139:16; 147:4; Mathewu 10:30) Ngesikhathi sakhe esifanele, uyobakhumbula labo “abasemathuneni okukhunjulwa” futhi ababuyisele ekuphileni emhlabeni ohlanziwe. Yeka indlela esikhuthazeka futhi siduduzeke ngayo ngokwazi ukuthi inkumbulo kaNkulunkulu ephelele ayinakwehluleka!—IsAmbulo 20:11-13.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela