Landela Isibonelo SikaJesu Sokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu
“Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo [yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, “NW”] yokuthi: [UJesu] wabonakaliswa enyameni.”—1 THIMOTHEWU 3:16.
1. (a) Imuphi umbuzo owahlala ungaphenduliwe iminyaka engaphezu kuka-4 000? (b) Impendulo yanikezwa nini futhi kanjani?
KWAKUWUMBUZO owahlala ungaphenduliwe iminyaka engaphezu kuka-4 000. Kusukela umuntu wokuqala, uAdamu, ahluleka ukugcina ubuqotho, umbuzo waba ukuthi: Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kungabonakaliswa kanjani phakathi kwesintu? Ekugcineni, ekhulwini lokuqala leminyaka C.E., ngokuza kweNdodana kaNkulunkulu emhlabeni, impendulo yanikezwa. Ngemicabango, ngamazwi, nangezenzo, uJesu Kristu wabonisa ukusondelana kwakhe siqu noJehova. Kanjalo wembula ‘imfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu,’ ebonisa abantu abazinikezele indlela yokulondoloza ukuzinikela okunjalo.—1 Thimothewu 3:16, NW.
2. Ekuphishekeleni ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, kungani kufanele sisicabangele ngokunakisisa isibonelo sikaJesu?
2 Lapho siphishekela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu njengamaKristu azinikezele, abhapathiziwe, senza kahle ‘ngokusicabangela ngokunakisisa’ isibonelo sikaJesu. (Heberu 12:3, NW) Ngani? Ngezizathu ezimbili. Okokuqala, isibonelo sikaJesu singasisiza ukuba sihlakulele ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. UJesu wayazi uYise kangcono ukwedlula noma ubani omunye. (Johane 1:18) Futhi uJesu wazilingisa ngokuseduze izindlela nezimfanelo zikaJehova kangangokuthi wayengathi: “Ongibonile mina ubonile uBaba.” (Johane 14:9) Khona-ke, ngokuphila nenkonzo kaJesu, singaziqonda ngokujulile izimfanelo zikaJehova zothando, kanjalo siqinise ukusondelana kwethu siqu noMdali wethu onothando. Okwesibili, isibonelo sikaJesu singasisiza ekubonakaliseni ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Wabeka isibonelo esiphelele sokuziphatha okubonakalisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Kanjalo senza kahle ngokucabangela indlela ‘esingamembatha’ ngayo ‘uKristu,’ okungukuthi, indlela esingambheka ngayo njengesibonelo, silingise isibonelo sakhe.—Roma 13:14.
3. Isimiso sethu sesifundo seBhayibheli somuntu siqu kufanele sihlanganise nani, futhi ngani?
3 Akuzona zonke izinto uJesu azisho nazenza ezalondolozwa ngokubhalwa phansi. (Johane 21:25) Ngakho, izinto ezalotshwa ngaphansi kokuphefumlelwa kwaphezulu kufanele zisithakazelise ngokukhethekile. Ngakho isimiso sesifundo seBhayibheli somuntu siqu kufanele sihlanganise ukukufunda njalo ukulandisa kwamaVangeli ngokuphila kukaJesu. Kodwa ukuze ukufunda okunjalo kusisize ekuphishekeleni kwethu ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, kumelwe sizinike isikhathi sokucabanga ngokwazisa ngalokho esikufundayo. Kumelwe futhi siphaphamele ukubona ngalé kokusobala.
Ukhamba Lufuz’ Imbiza
4. (a) Yini ebonisa ukuthi uJesu wayengumuntu womusa nomuzwa ojulile? (b) UJesu wathatha siphi isinyathelo kuqala ekusebenzelaneni nabanye?
4 Cabanga ngalesibonelo. UJesu wayeyindoda enomusa nemizwa ejulile. Phawula kuMarku 10:1, 10, 13, 17, no-35 ukuthi abantu babo bonke ubudala nabavela kuzo zonke izizinda babemthola engeneka. Ezikhathini ezingaphezu kwesisodwa, wagona izingane. (Marku 9:36; 10:16) Kungani abantu, ngisho nabantwana, babezizwa bekhululeke kangaka lapho benoJesu? Kwakungenxa yesithakazelo sakhe esiqotho kubo. (Marku 1:40, 41) Lokhu kwakubonakala ngokuthi ngokuvamile wayeya kuqala kwabanye ababedinga usizo. Ngakho, sifunda ukuthi ‘wabona’ umfelokazi waseNayini ondodana yakhe eyayifile yayiyiswa emathuneni. Wabe ‘esesondela’ wamvusa umfana, futhi akushiwo ukuthi othile wamcela ukuba enze kanjalo. (Luka 7:13-15) Waphinda futhi, ngaphandle kokucelwa, wazisukela yena waphulukisa owesifazane okhubazekile nendoda eyayinesifo samanzi.—Luka 13:11-13; 14:1-4.
5. Lokhu kulandisa ngenkonzo kaJesu kusifundisani ngezimfanelo nezindlela zikaJehova?
5 Lapho ufunda ngezenzakalo ezinjalo, yima uzibuze: ‘Njengoba uJesu alingisa uYise ngokuphelele, lezindaba zingitshelani ngezimfanelo nangezindlela zikaJehova?’ Kufanele zisiqinisekise ukuthi uJehova unguNkulunkulu womusa nemizwa ejulile. Ukujula kwesithakazelo sakhe esihlala njalo emkhayeni wabantu kuye kwamshukumisela ukuba athathe isinyathelo kuqala ekusebenzelaneni nabo. Akazange adinge ukuphoqwa ukuba anikele ngeNdodana yakhe ibe “isihlengo sabaningi.” (Mathewu 20:28; Johane 3:16) Ufuna amathuba ‘okunamathela’ kulabo abayomkhonza ngothando. (Duteronomi 10:15) Njengoba iBhayibheli lisho: “Amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe-namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IziKronike 16:9.
6. Uba yini umphumela uma sicabanga ngomusa kaJehova nomuzwa wakhe ojulile njengoba kwaboniswa iNdodana yakhe?
6 Ukucabanga ngalendlela ngomusa nomuzwa kaJehova ojulile, njengoba kwaboniswa iNdodana yakhe, kuyoyithinta inhliziyo yakho, kuyigcwalise ngokwazisa okukhulu ngezimfanelo zaKhe zothando nezikhangayo. Lokhu, nakho kuyokusondeza kuye. Uyoshukunyiselwa ukuba usondele kuye ngokukhululeka ngomthandazo ngazo zonke izikhathi nangaphansi kwazo zonke izimo. (IHubo 65:2) Kuyoqinisa ukusondelana kwakho siqu naye.
7. Ngemva kokucabanga ngomusa kaJehova nangomuzwa wakhe ojulile, yini okufanele uzibuze yona, futhi ngani?
7 Nokho, khumbula ukuthi ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kuhilela okungaphezu nje komuzwa wokufuna ukukhulekela. Njengoba isazi seBhayibheli uR. Lenski siphawula, ‘kuhlanganisa sonke isimo sethu sengqondo sokuhlonipha nesokukhulekela kanye nezenzo ezibangelwa yiso.’ (Omalukeke sizenzele.) Ngakho ngemva kokucabanga ngomusa kaJehova nomuzwa wakhe ojulile njengoba kwaboniswa uJesu, zibuze: ‘Ngingafana kanjani noJehova ngokwengeziwe kulesici? Ingabe abanye bangithola ngingeneka?’ Uma ungumzali, kumelwe ungeneke ezinganeni zakho. Futhi uma ungumdala webandla, ngokuqinsekile kufanele ungeneke. Khona-ke, yini eyokwenza ungeneke ngokwengeziwe? Umusa nomuzwa ojulile. Kumelwe uhlakulele isithakazelo soqobo, esiqotho kwabanye. Uma ubakhathalela ngempela abanye futhi uzimisele ukuzidela ngenxa yabo, bayokubona lokhu futhi bazizwe bedonseleka kuwe.
8. (a) Yini okufanele uyikhumbule njengoba ufunda ukulandisa kweBhayibheli ngoJesu? (b) Yini esiyifundayo ngoJehova ezindabeni eziphawulwe embhalweni waphansi?
8 Ngakho njengoba ufunda ukulandisa kweBhayibheli ngoJesu, khumbula ukuthi ungafunda okuningi ngoJehova njengomuntu ezintweni uJesu azisho nazenza.a Futhi lapho ukwazisa kwakho ngezimfanelo zikaNkulunkulu, njengoba zabonakaliswa uJesu, kukushukumisela ukuba uzame ukufana naYe ngokwengeziwe, unikeza ubufakazi bokuzinikela kwakho kokwesaba uNkulunkulu.
Ukubonisa Ukuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu Emalungwini Omkhaya
9, 10. (a) Uthando lukaJesu nokukhathalela kwakhe ngonina, uMariya, kwabonakaliswa kanjani emizuzwini embalwa nje ngaphambi kokuba afe? (b) Ngokusobala, kungani uJesu aphathisa umphostoli uJohane ukuba anakekele uMariya wangaphathisa omunye wabafowabo benyama?
9 Ukuphila nenkonzo kaJesu Kristu kwembula okuningi mayelana nendlela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okufanele kubonakaliswe ngayo. Isibonelo esithinta inhliziyo silotshwe kuJohane 19:25-27, lapho sifunda khona ukuthi: “Kepha kwakumi [ngasesigxotsheni sokuhlushwa] sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magadalena. Kuthé uJesu ebona unina nomfundi amthandayo [uJohane] bemi ngakhona, wathi kunina: Mame, bheka indodana yakho. Wayesethi kumfundi: Bheka unyoko. Kusukela kulesosikhathi umfundi lowo wamyisa kwakhe.”
10 Cabanga nje ngalokho! Emizuzwini embalwa nje ngaphambi kokuba adele ukuphila kwakhe kwasemhlabeni, uthando nokukhathalela kukaJesu kwamshukumisela ukuba aphathise umphostoli othandekayo uJohane, umsebenzi wokunakekela unina, uMariya (ngokusobala owayesengumfelokazi ngalesikhathi). Kodwa kungani kwaba uJohane futhi kungabanga omunye wabafowabo bakaJesu benyama? Ngenxa yokuthi uJesu wayengakhathalele nje kuphela izidingo zikaMariya ezingokwenyama, nezezinto ezibonakalayo kodwa wayekhathalela ngokukhethekile inhlalakahle yakhe engokomoya. Futhi umphostoli uJohane (ngokunokwenzeka umzala kaJesu) wayelufakazele ukholo lwakhe, kuyilapho kungekho phawu lokuthi abafowabo bakaJesu benyama base bengamakholwa ngalesosikhathi.—Mathewu 12:46-50; Johane 7:5.
11. (a) NgokukaPawulu, umKristu angakubonisa kanjani ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekhaya lakhe? (b) Kungani umKristu woqobo enakekela abazali asebegugile?
11 Manje, lokhu kwaba kanjani ukuboniswa kokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu? Umphostoli uPawulu uyachaza: “Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo. Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala [ukubonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu endlini, NW] yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.” (1 Thimothewu 5:3, 4) Ukuhlonipha abazali bakhe umuntu ngokubasekela ngezinto ezibonakalayo lapho lokho kuba okudingekile, njengoba kusho uPawulu, kuwukubonakaliswa kokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Kanjani? UJehova, uMqambi welungiselelo lomkhaya, uyala abantwana ukuba bazise abazali babo. (Efesu 3:14, 15; 6:1-3) Ngakho, umKristu woqobo uyaqaphela ukuthi ukunakekela imithwalo yemfanelo enjalo yomkhaya akubonisi nje kuphela uthando lomuntu ngabazali bakhe kodwa futhi kubonisa inhlonipho ngoNkulunkulu nokulalela imiyalo yakhe.—Qhathanisa neyabaseKolose 3:20.
12. Ungakubonisa kanjani ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kubazali asebegugile, futhi kufanele sibe yini isisusa?
12 Khona-ke, ungakubonisa kanjani ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu emalungwini omkhaya? Lokhu ngokuqinisekile kuyohlanganisa ukulungiselela ukunakekela izidingo ezingokomoya nezezinto ezibonakalayo zabazali asebegugile, njengoba kwenza uJesu. Ukwehluleka ukwenza kanjalo kungabonisa ukuntula ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. (Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 3:2, 3, 5.) UmKristu ozinikezele ulungiselela abazali abasweleyo hhayi nje kuphela ngenxa yomusa noma umthwalo wemfanelo kodwa ngenxa yokuthi uyawuthanda umkhaya wakhe, futhi uyaqaphela ukuthi uJehova ukubheka njengokubalulekile ukunakekela umthwalo wemfanelo onjalo. Kanjalo, ukunakekela kwakhe abazali asebegugile kuwukubonakaliswa kokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.b
13. Ubaba ongumKristu angakubonisa kanjani ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu emkhayeni wakhe?
13 Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kungaboniswa ekhaya nangezinye izindlela. Ngokwesibonelo, ubaba ongumKristu unomthwalo wemfanelo wokunakekela umkhaya wakhe ngezinto ezibonakalayo, ngokomzwelo, nangokomoya. Ngakho, ngaphezu kokusekela ngezinto ezibonakalayo, ulungiselela ngothando isifundo seBhayibheli somkhaya sasikhathi sonke. Uhlela isikhathi sokuhlanganyela njalo enkonzweni yasensimini nomkhaya wakhe. Uyalinganisela, eqaphela isidingo sawo sokuphumula nesokuzijabulisa. Futhi ngokuhlakanipha uhlela izinto eziza kuqala, engayivumeli imisebenzi yebandla imbangele ukuba adebeselele umkhaya wakhe. (1 Thimothewu 3:5, 12) Ukwenzelani konke lokhu? Hhayi kuphela ngoba enomuzwa wokuba nomthwalo wemfanelo kodwa kungenxa yothando lwakhe ngomkhaya wakhe. Uyaqaphela ukuthi uJehova ukubheka njengokubalulekile ukunakekela komuntu umkhaya wakhe. Ngokugcwalisa kanjalo imithwalo yakhe yemfanelo njengendoda nobaba, ubonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.
14. Umfazi ongumKristu angakubonisa kanjani ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekhaya?
14 Abafazi abangamaKristu nabo banomthwalo wemfanelo wokubonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ekhaya. Kanjani? IBhayibheli lithi umfazi kufanele “athobele” indoda yakhe futhi kufanele abe ‘nenhlonipho ejulile’ ngayo. (Efesu 5:22, 33, NW) Ngisho noma indoda ingakholwa, kumelwe ‘azithobe’ kuyo. (1 Petru 3:1) Owesifazane ongumKristu ubonisa ukuzithoba okunjalo kobufazi ngokusekela indoda yakhe ezinqumweni ezenzayo uma nje lezozinqumo zingangqubuzani nemithetho kaNkulunkulu. (IzEnzo 5:29) Kungani amukela lendima? Akungoba nje ethanda indoda yakhe kodwa ikakhulukazi kungoba eqaphela ukuthi lokhu “kufanele eNkosini”—okungukuthi, kuyilungiselelo likaNkulunkulu ngomkhaya. (Kolose 3:18) Kanjalo ukuzithoba kwakhe ngokuzithandela endodeni yakhe kuwukubonakaliswa kokuzinikela kwakhe kuNkulunkulu.
“Ngiphumele Khona Lokho”
15. UJesu wakubonisa ngayiphi indlela evelele ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
15 Enye yezindlela ezivelele uJesu abonakalisa ngazo ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ‘yayingokushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu.’ (Luka 4:43) Ngemva kokubhapathizwa kwakhe eJordani ngo-29 C.E., uJesu wachitha iminyaka emithathu nengxenye eyalandela ematasa kakhulu kulomsebenzi obaluleke kakhulu. Wachaza: “Ngiphumele khona lokho.” (Marku 1:38; Johane 18:37) Kodwa lokhu kwaba kanjani ukubonakaliswa kokuzinikela kwakhe kokwesaba uNkulunkulu?
16, 17. (a) Yini eyashukumisela uJesu ukuba abe matasa kakhulu ngokushumayela nongokufundisa? (b) Kungani inkonzo kaJesu yokushumayela nokufundisa yayiwukubonakaliswa kokuzinikela kwakhe kokwesaba uNkulunkulu?
16 Khumbula ukuthi ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kuhilela ukuphila ngendlela ethokozisa uNkulunkulu ngoba umthanda futhi uzazisa ngokujulile izimfanelo zakhe ezithandekayo. Yini-ke eyashukumisa uJesu ukuba achithe iminyaka yakhe yokugcina emhlabeni ematasa kakhulu ngokushumayela nangokufundisa? Ingabe kwakumane kuwumuzwa wokuba nomthwalo wemfanelo noma isibopho? Akungabazeki ukuthi wayebakhathalela abantu. (Mathewu 9:35, 36) Futhi wayekuqaphela ngokugcwele ukuthi ukugcotshwa kwakhe ngomoya ongcwele kwakummisa futhi kumthuma ukuba enze inkonzo yakhe. (Luka 4:16-21) Nokho, izisusa zakhe zazijulile kunalokho.
17 “Ngiyamthanda uBaba,” uJesu wabatshela ngokucace kanjalo abaphostoli bakhe ngobusuku bokugcina bokuphila kwakhe kwasemhlabeni. (Johane 14:31) Lolothando lusekelwe olwazini olujulile nolunzulu ngezimfanelo zikaJehova. (Luka 10:22) Eshukunyiswa inhliziyo enokwazisa okujulile, uJesu wakujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu. (IHubo 40:8) ‘Kwakungukudla’ kwakhe—kudingeke kakhulu ukuba aphile, kumnandi kakhulu. (Johane 4:34) Wabeka isibonelo esiphelele ‘sokufuna umbuso kuqala’ esikhundleni sokuzibeka phambili. (Mathewu 6:33) Ngakho okwenza inkonzo yakhe yokushumayela nokufundisa ibe ukubonakaliswa kokuzinikela kwakhe kokwesaba uNkulunkulu kwakungekhona lokho akwenza noma ngisho nobungako balokho akwenza kodwa yisizathu sokukwenza kwakhe.
18. Kungani ukuba nengxenye ethile enkonzweni kungekhona ngempela ukubonakaliswa kokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
18 Singalandela kanjani endleleni ‘yesibonelo,’ uJesu, kulesici? (1 Petru 2:21) Bonke abasabela esimemweni sikaJesu sokuthi ‘woza ungilandele’ bathunywe ngokwaphezulu ukuba bashumayele izindaba zoMbuso futhi benze abafundi. (Luka 18:22; Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ingabe lokhu kusho ukuthi ngokuba nengxenye ethile ekumemezeleni izindaba ezinhle, sesiphishekela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu? Akunjalo. Uma besihlanganyela enkonzweni ngendlela yokugcina icala, noma ukuze nje sijabulise amalungu omkhaya noma abanye, bekungenakubhekwa ‘njengesenzo sokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.’—2 Petru 3:11, NW.
19. (a) Yini okumelwe ibe isizathu esiyinhloko salokho esikwenzayo enkonzweni? (b) Uba yini umphumela uma sishukunyiswa uthando olujulile ngoNkulunkulu?
19 NjengakuJesu, izisusa zethu kumelwe zijule kunalokho. UJesu wathi: “Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho [imizwelo, izifiso, nomuzwa womuntu ongaphakathi], nangawo wonke umphefumulo wakho [ukuphila kwakho nobuqu bakho bonke], nangayo yonke ingqondo yakho [amandla akho engqondo], nangawo onke amandla akho.” Kulokhu, umbhali ohlakaniphile wanezela: “Ukuyithanda yona . . . kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.” (Marku 12:30, 33, 34) Ngakho okunendaba akukhona nje kuphela lokho esikwenzayo kodwa futhi nokuthi kungani sikwenza. Uthando olujulile ngoJehova oluhilela bonke ubuqu bethu kumelwe lube isizathu esiyinhloko salokho esikwenzayo enkonzweni. Uma kunjalo, ngeke saneliswe ingxenye yokugcina icala, kodwa siyoshukunyiselwa ukubonisa ukujula kokuzinikela kwethu kokwesaba uNkulunkulu ngokwenza konke okusemandleni ethu. (2 Thimothewu 2:15) Ngesikhathi esifanayo, lapho uthando ngoNkulunkulu luyisisusa sethu, ngeke sibe abagxekayo, siqhathanise inkonzo yethu neyabanye.—Galathiya 6:4.
20. Singazuza kanjani ngokugcwele esibonelweni sikaJesu ekuphishekeleni ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
20 Yeka ukuthi singabonga kanjani ngokuthi uJehova usambulele imfihlakalo engcwele yokuzinikela kokumesaba! Ngokubhekisisa izinto uJesu azisho nazenza nangokulwela ukumlingisa, siyosizakala ukuba sihlakulele futhi sibonakalise ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ngesilinganiso esigcwele. UJehova uyosibusisa ngokucebile njengoba silandela isibonelo sikaJesu ekuphishekeleni ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu njengamaKristu azinikezele, nabhapathiziwe.—1 Thimothewu 4:7, 8.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole izibonelo ezengeziwe, cabangela lokho esikufundayo ngoJehova ekulandiseni okulandelayo: kuMathewu 8:2, 3; Marku 14:3-9; Luka 21:1-4; nakuJohane 11:33-36.
b Ukuze uthole ingxoxo ephelele ngalokho okuhilelekile ekuboniseni ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu kubazali asebegugile, bheka INqabayokulinda, kaJune 1, 1987, amakhasi 13-18.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Ekuphishekeleni ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, kungani kufanele sicabangele isibonelo sikaJesu?
◻ Yini esiyifundayo ngoJehova emuseni nasemuzweni ojulile owaboniswa uJesu?
◻ Singakubonakalisa kanjani ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu emalungwini omkhaya?
◻ Kumelwe sibe yini isisusa sethu ukuze inkonzo yethu ibe ukubonakaliswa kokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 21]
Ubaba ongumKristu unomthwalo wemfanelo wokunakekela umkhaya wakhe ngokwezinto ezibonakalayo, ngokomzwelo, nangokomoya
[Isithombe ekhasini 23]
“Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke . . . [ma]babuyisele okufaneleyo kubazali babo.”