Ingabe Ungalikholelwa IBhayibheli?
“AKUNANGOZI neze ukusho ukuthi uma uhlangana nomuntu othi akakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo, lowomuntu akazi lutho, uyisiphukuphuku noma uyahlanya.” Akuthinta kanjani lamazwi esazi sezinto eziphilayo uRichard Dawkins? Uma ulikholelwa iBhayibheli, cishe ukholelwa endalweni kunasembomweni ocatshangelwe wokuziphendukela kwemvelo. Ingabe lokho kusho ukuthi, njengomuntu okholelwa eBhayibhelini, awazi lutho, uyisiphukuphuku, noma uyahlanya?
Futhi, cabanga ngalenkulumo: “Izazi zeTestamente Elisha sezikuqinisekise ngokungenakungatshazwa ukuthi uJesu okukhulunywa ngaye ezincwadini zamaKristu akuqala ngezinga elithile uyinganekwane eyaqanjwa amaKristu.” Lamazwi akuyiWeekend Australian akhulunywa uDkt. Robert W. Funk, uprofesa waseyunivesithi wezifundo zenkolo nombhali wezincwadi eziningi ezichaza inkolo.
UDkt. Funk wasungula umsebenzi owaziwa ngokuthi iNhlolo Ephathelene NoJesu, iqembu lezazi zeBhayibheli ezingaphezu kwekhulu ezahlolisisa ndawonye amazwi ashiwo uJesu abikwé eBhayibhelini. Phakathi kwezinye izinto, zaphetha ngokuthi uMthandazo WeNkosi awuqanjwanga uJesu; ukuthi uJesu akazange asho ukuthi abathobekileyo bayodla ifa lomhlaba noma ukuthi abathanda ukuthula bayobizwa ngokuthi amadodana kaNkulunkulu; nokuthi akashongo ukuthi: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi . . . kasoze afa.”—Johane 11:25, 26; Mathewu 5:5, 9; 6:9, 10.
Ngisho noma iziphetho zabo zingakwethusa, azizona ezingavamile. Ziwumphumela wokucusumbulwa kweBhayibheli kwanamuhla, futhi imibono efana nazo ibifundiswa isikhathi esithile ezikoleni zokufundela ubufundisi. Mhlawumbe uye wavala izindlebe ukuze ungezwa lapho iBhayibheli liphikiswa ososayensi. Kodwa lapho abaholi benkolo befaka ukubungabaza ubuqiniso bomlando weBhayibheli, ungase uzibuze ukuthi akusona yini isikhathi sokuzihlola kabusha izinkolelo zakho. Ingabe kunengqondo ukulikholelwa iBhayibheli uma ongqondongqondo abaningi kangaka emkhakheni wezenkolo ngokusobala bengalikholelwa?