Ukuvuna Kuletha Injabulo EJapane
“KWAKUSOBALA kakhulu ukuthi iZithunywa zizizwa zinesilinganiso esiphawulekayo sokudumazeka.” Waphawula kanjalo uCharles T. Russell, umongameli wokuqala weWatch Tower Bible and Tract Society, ngemva kokuzihlolela mathupha isimo senkolo eJapane ngo-1912. Wayekhuluma ngokwehluleka kwezithunywa zeLobukholwa futhi wathi: “Okudingwa abaseJapane ‘iVangeli lombuso.’”
Ingabe lesidingo sasiyoke sigcwaliseke? Inhlansi yeqiniso yakhanya kwabaseJapane ngoFakazi BakaJehova abambalwa abathembekile phakathi nawo-1920 nawo-1930. Ngisho naphakathi neMpi Yezwe II, abambalwa baphikelela bememezela izindaba ezinhle naphezu kokucindezelwa uhulumeni olawula ezinye izizwe. Nokho, umsebenzi omkhulu ngokwedlulele wokuvuna wawugcinelwe loluhide lweziqhingi eziseMpumalanga Ekude.
Ngokufika kwezithunywa zevangeli zeWatchtower eziyi-15 ngo-1949, uJehova waphefumlela ukuphila okusha emsebenzini wokushumayela ngoMbuso eJapane. Izithunywa zevangeli ezazisanda kufika zabona umphumela weMpi Yezwe II kuyo yonke indawo: Amadolobha ayeyimvithi, futhi abantu babedidekile, njengoba isimiso sabo esidala sezinto eziyigugu sasigumbuqelwe. Izithunywa zeLobukholwa nazo zavuselela umsebenzi wazo eJapane ngesikhathi esifanayo, kodwa zahluleka ukwenza amaJapane abe amaKristu oqobo. “Ezango-49” kanye nezithunywa zevangeli ezingaphezu kwe-150 zoFakazi BakaJehova ezazilandela zabhekana nenselele enkulu yokutshala ukukholwa kuMdali, uJehova uNkulunkulu, ezingqondweni nasezinhliziyweni zabaseJapane. Zahlangabezana kanjani nalenselele?
Ukubeka Isisekelo
Umzamo wazo wobuthunywa bevangeli waqala endlwaneni encane enezitezi ezimbili eTokyo. Ngawo-1950, ukuvuna kweza kancane kancane. ‘Bambalwa kuphela abayongena eqinisweni eJapane ngaphambi kweHarmagedoni,’ kucabanga omunye wamaJapane okuqala asabela ezindabeni ezinhle kulezozinsuku. Omunye wababonisi besifunda bokuqala ukhumbula elunguza ngefasitela lesitimela futhi ezibuza ukuthi kazi izindlu ezisemizaneni ayedlula kuyo zaziyoke zifinyelelwe yini ngezindaba ezinhle.
Kwathatha cishe ishumi leminyaka lomzamo wezithunywa zevangeli ukuba inani labamemezeli boMbuso eJapane lifinyelele esilinganisweni sabayinkulungwane. Kodwa ngo-1963, ngenxa yokwanda okuqhubekayo, igatsha elincane laseTokyo labhidlizwa futhi kwakhiwa isakhiwo esiqinile esinezitezi eziyisithupha endaweni yalo.
Izithunywa zevangeli zabeka isisekelo esihle sekusasa ngokufaka umoya wobuphayona ezinhliziyweni zezifundo zazo zeBhayibheli. UJehova wawubusisa umzamo wobunye wezithunywa zevangeli namaphayona angamaJapane, futhi inani loFakazi lanyuka laba sesilinganisweni sezinkulungwane eziyishumi ngo-1970. Ngo-1972, ukuze kubhekwane nokwanda, kwakhiwa isakhiwo sokunyathelisa esinezitezi ezintathu nesokuhlala esinezitezi ezinhlanu eNumazu, cishe engamakhilomitha ayi-120 eningizimu-mpumalanga yeTokyo. Manje, kunokuba omagazini banyatheliswe inkampane yangaphandle, INqabayokulinda nePhaphama! kwase kunyatheliswa ngomshini wokunyathelisa wegatsha laseJapane ukuze kukhonzwe umsebenzi wokushumayela ngoMbuso wasendaweni.
Ubani owayengalindela ukuthi umsebenzi wokuvuna wawuyokhula ungakwazi ukusingathwa izakhiwo zaseNumazu phakathi neminyaka eyishumi eyalandela? Kodwa yilokho okwenzeka, futhi uJehova wayegcine ukwanda kwezakhiwo okwengeziwe ukuze asingathe isivuno esikhulayo.
Ukwanda Naphezu Kwezinkinga
Isakhiwo esisha segatsha esidlula esiseNumazu ngokuphindwe kathathu saqedwa ukwakhiwa ngo-1982 e-Ebina, eseningizimu kancane yeTokyo. Ngesikhathi sinikezelwa ngoMay walowonyaka, uJehova wayesebusise oFakazi eJapane ngamanani aphakeme abamemezeli anyanga zonke alandelanayo eminyakeni engaphezu kwemithathu. Lokhu kwanda kwaqhubeka, futhi ngoMay 1985 inani labamemezeli baseJapane lafinyelela isilinganiso sezinkulungwane eziyikhulu. Yebo, uJehova wayesheshisa umsebenzi ngesikhathi sawo, ngakho okunye ukwandiswa kwezakhiwo zegatsha kwakungenakugwenywa. (Isaya 60:22) Eminyakeni embalwa kuphela ngemva kokunikezelwa kwesakhiwo sokuqala sase-Ebina, iNdikimba Ebusayo yavuma ukuba kwakhiwe ifektri entsha enezitezi eziyisithupha enengosi engaphansi nesakhiwo sokuhlala sezitezi eziyisishiyagalombili.
Ngokusobala, uSathane akajabulanga ngalokhu kwanda phakathi kwezinceku zikaJehova ngoba ngemva kwenyanga kufinyelelwe isilinganiso sabamemezeli abayizinkulungwane eziyikhulu, kwaba necala elingathi sína lokumpontshelwa igazi eJapane. Umfana oneminyaka eyishumi ubudala wafa ngemva kokuba abazali bakhe benqabe ukuba ampontshelwe igazi, kodwa hhayi ngenxa yalokho. (IzEnzo 15:29) Ngenxa yalokho, abezindaba bahlasela oFakazi. Nakuba uyise walowomfana ngalesosikhathi ayengeyena uFakazi ozinikezele, wamelana nokubeleselwa ngonya izintatheli. Kamuva wabhapathizwa futhi manje ukhonza nomkakhe njengephayona elivamile.
Lokhu kuhlasela kwawuthinta kanjani umsebenzi wokuvuna? Kancane kakhulu. Ezinye izifundo zeBhayibheli zayeka ukufundelwa, kodwa amanani aphakeme abamemezeli anyanga zonke aqhubeka ngaphandle kokunqamuka, futhi uDecember 1988 waphawula iminyaka eyishumi yamanani aphakeme alandelanayo. Phakathi nenkathi yeminyaka eyisikhombisa ephakathi kokunikezelwa kwesakhiwo sokuqala sase-Ebina nokunikezelwa kwesisha, inani labamemezeli laphindeka kabili lisuka ku-67 000 liya ngaphezu kuka-135 000, kuyilapho inani lamaphayona avamile liphindeka kathathu lisuka ku-12-000 liya ku-36 000, futhi inani lezifundo zeBhayibheli zasekhaya lacishe laphindeka kabili lisuka ku-97 000 liya ku-172 000. Yeka ubufakazi obuphawulekayo bokunqoba kukaJehova ukuhlasela kukaSathane abantu bakhe!—IzAga 27:11.
Ukwakha Izakhiwo Ezintsha
OFakazi BakaJehova abakhi izakhiwo ezinkulu ukuze bakhange abantu. Kodwa njengoba bebhekana nokwanda kwabamemezeli boMbuso, ngokuvamile izakhiwo zabo kudingeka zibe zinkulu kakhulu. Ifektri entsha yaseJapane iyisibonelo esihle. Inephansi elicishe libe amamitha-skwele angu-22 500, liphinda kabili iphansi lefektri yokuqala. Umshini wezembozo zezincwadi, Indawo Yokulungisa Imishini, noMnyango Wokuthumela kwathuthela efektri entsha, futhi cishe izitezi ezimbili zisetshenziselwa ukugcinwa kwezinto. Ngisho nakuba inazo zonke lezizinto, ifektri entsha isengathwala okwengeziwe. Kwenziwa izisekelo zengosi engaphansi ukuze kufakwe imishini yokunyathelisa eyengeziwe enesivinini esikhulu, futhi izitezi ezimbili azikabi nalutho, zilindele ukwanda kwesikhathi esizayo.
Isakhiwo sokuhlala esisha esinezitezi eziyisishiyagalombili sinendawo okufikela kuyo izihambi enhle nehlotshiswe ngokufanele. Kunamakamelo angu-128 ezisebenzi zaseBethel nephansi elingamamitha-skwele angu-8 980—eliqhathaniseka nephansi lomkhumbi kaNowa. Omunye umakhelwane wabuza ngisho nokubuza izisebenzi zokwakha ukuthi wayengasifaka kanjani isicelo sokuhlala ‘kulezakhiwo’ ezintsha!
Bonke abahlanganyela ekwakheni badumisa uJehova njengowaqondisa umsebenzi wokwakha. (IHubo 127:1, 2) Izisebenzi eziningi kwakuyintsha ezimisele eseminyakeni yama-20, egcwele intshiseko kodwa engenakho okuhlangenwe nakho kokwakha. “Ekuqaleni,” kulandisa isazi sezokwakha esasebenza kulesisakhiwo, “kwakunzima ngami ukuba ngidwebe ipulani ngendlela eyayingase iqondwe abazalwane abangenakho okuhlangenwe nakho.” Nokho, ngomoya wokubambisana nxa-zonke, izithiyo zanqotshwa.
Lokhu kuzimisela ukubambisana kwenza kwaba lula ngomoya kaJehova ukuba usebenze phakathi kwezisebenzi. “Lapho senza umsebenzi wokumba,” kukhumbula esinye, “njalo uma lina—kungakhathaliseki ukuthi kusekuseni kakhulu noma ebusuku kakhulu—ngangiya esakhiweni ukuze ngibone ukuthi izindonga ezivimbela ukudilika kwenhlabathi zazisamile yini. Ngaso sonke isikhathi, ngangithola njalo obunye ubuso obukhathazekile lapho, futhi sonke sasisebenza ndawonye, sijuluke sibe manzi, ukuze sibhekane nanoma yisiphi isimo esiphuthumayo. Okuhlangenwe nakho okunjalo kwakhulisa umuzwa wethu wokusondelana.”
Ukusekelwa Kokuvuna Emhlabeni Wonke
Njengoba lezizakhiwo ezintsha zakhelwa ukusekela umsebenzi kaJehova wokuvuna, kwakungokufanelekile ukuba zinikezelwe kuye uma seziphelile. Isimiso sokunikezela saqhutshwa ngoMay 13, 1989, kunoCarey Barber, uJohn Barr, noLloyd Barry beNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, kanye nomkabo. AmaJapane abhapathizwa kuqala angaphezu kwenkulungwane amenyelwa esimisweni sokunikezela, futhi ajabula ukuthola abangane abadala besakhonza uJehova ngokwethembeka. Abameleli abavela emazweni ayi-13 bamukela isimemo sokuba khona nokuhlanganyela kulesenzakalo esijabulisayo. “Kwakunjengomhlangano omncane wezizwe zonke,” kusho omunye ummeleli.
Okwenza isimiso sibe esezizwe zonke ngempela kwakuyimibiko eyayivela kwayisishiyagalombili alawomazwe. Isibopho esiqinile sobuzalwane sazwakala njengoba abameleli abavela emazweni ahlukahlukene aseAsia babelandisa izibonelo zokubambisana kwezizwe zonke futhi bebhekisela eqinisweni lokuthi ifektri entsha ikhonza izidingo zamazwe akubo kanye nensimu yaseJapane. Igatsha laseJapane manje linyathelisa izincwadi ngezilimi eziyi-13 futhi lithumela izincwadi emazweni amaningi.
Ntambama, uMzalwan’ uBarber wanikeza inkulumo ezilalelini futhi wagcizelela ukubaluleka kokugcwaliseka kweziprofetho zikaHezekeli. UMzalwan’ uBarr wabe esenikeza inkulumo enesihloko esithi “Ukugcwalisa Umhlaba Ngenkazimulo KaJehova,” esiza izilaleli ukuba ziqonde amandla eqiniso afinyelela ekujuleni.
Inkulumo yokunikezela yanikezwa uMzalwan’ uBarry, owayekhonze esikhathini esidlule njengesithunywa sevangeli eJapane iminyaka engaphezu kwama-25. Enkulumweni yakhe enesihloko esithi “Kumelwe Uthokoze Phambi KukaNkulunkulu Wakho, UJehova,” wakhuthaza izilaleli ukuba zijabule ngokuphila enkathini efanekiselwa uMkhosi wamaDokodo, noma Wokuvuna, kwaIsrayeli wasendulo. Waveza izizathu zokujabula njengoba ayelandisa umlando omfushane ngalomsebenzi eJapane. Lapho uMzalwan’ uBarry etusa ukuba lezizakhiwo ezintsha zinikezelwe kuJehova, bonke ababekhona basabela ngehlombe elikhulu.
Ngosuku olulandelayo, abameleli beNdikimba Ebusayo banikeza izinkulumo ezilalelini ezingu-233 780 ezazihlangene ezindaweni ezingu-46 zixhunywe ngocingo kuzo zonke iziqhingi zaseJapane. Ngempela, njengoba uMalusi uRussell aphawula ngo-1912, amaJapane adinga izindaba ezinhle zoMbuso. UJehova wagcwalisa lesosidingo ngokumisa izisekelo ngomsebenzi wezithunywa zevangeli nangokufaka umoya wobuphayona koFakazi abangamaJapane. Lezizakhiwo ezisanda kunikezelwa ziwubufakazi ‘bokusheshisa’ kukaJehova ukuvuna phakathi noMkhosi Wamadokodo ongokomfanekiso.—Isaya 60:22.
[Izithombe ekhasini 24]
Kwesobunxele: isakhiwo esisha sefektri e-Ebina kanye (ngezansi kwesobunxele) nesimiso sokunikezela siqhubeka, kanye (ezansi kwesokudla) nendawo yokwamukela izihambi yesakhiwo esisha sokuhlala
[Izithombe ekhasini 25]
Isakhiwo esisha sokuhlala kanye (phakathi nendawo) nomtapo wezincwadi esitezi sesibili sesakhiwo sehhovisi
[Izithombe ekhasini 26]
Lezithunywa zevangeli eziyi-19 ezivela ekilasini le-11 laseGileyadi zazikhona ekunikezeleni. Inkonzo yazo yesikhathi esigcwele—kanye neyezinye eziyisihlanu ezivela ekilasini le-11 ezafa zithembekile esabelweni eJapane—yenza ingqikithi yeminyaka eyi-1 023
Amalungu amathathu eNdikimba Ebusayo—uCarey Barber, uJohn Barr, noLloyd Barry—ahlanganyela esimisweni sokunikezela