“Uma UJehova Engayakhi Indlu...”
KUNGAKHATHALISEKI ukuthi uhlalaphi, kunendawo ethile leyo, kuwe, eyikhaya. Izinhlobo zezindawo zokuhlala nezindlela zokwakhwa zehluka kakhulu. Amaqhugwane akhiwe ngodaka nangezintingo, izindlu ezakhiwe ngezingodo, izindlu ezakhiwa ngokuhlanganisa izindonga ezakhiwa kusengaphambili—ngeke siziqede. Abanye bazizwa besekhaya emaqhugwaneni otshani njengoba nje nabahlala ezindlini ezisezingeni elingcono bezizwa kanjalo. Kungani lokhu kunjalo?
Ukukhululeka, ukwaneliseka, kuxhomeke ikakhulukazi ebanganeni umuntu anabo. (IzAga 18:24) Naphezu kwabo bonke ubukhazikhazi nobuhle izwe elibunikezayo, ikhaya liyindawo lapho umuntu efuna ukuphendukela khona ngokwemvelo ukuze uthole ukuthula nenduduzo. Nokho, ngokwemibiko ephathelene nokuphila kwasekhaya kwanamuhla, asikho isiqinisekiso sokuthi umuntu ngaso sonke isikhathi uyothola ukuthula nenduduzo ekhaya. Ngokwezinga elikhulu, labo abahlala nawe—umkhaya wakho—bangase bahlanganyele nawe ukuthula noma bakubhidlize. Khona-ke, iyini imfihlo yokwakha ikhaya elijabulisayo, elinokuthula?
Ukwakha Indlu
“Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo,” kusho ivesi lokuqala leHubo 127. Labo abahlanganyela ekwakheni izakhiwo zokukhulekela uNkulunkulu weqiniso, uJehova, bakuthola kuyiqiniso lokhu. Nakuba izisebenzi ezinekhono zinikela ngesikhathi sazo nemizamo ukuze kwakhiwe amaHholo oMbuso amahle ngokushesha, yisibusiso sikaJehova esiqinisekisa impumelelo. Ngisho nezibukeli ngokuvamile zingabona ukuthi kukhona into engavamile esebenzayo. Ngokwesibonelo, umagazini owawubika ngesakhiwo esinjalo eColchester, eNgilandi, wasebenzisa isihloko esithi “UJehova Umisa Uphahla.”
Nokho, impumelelo kweminye imisebenzi ngaphandle komsebenzi wokwakha ngokwawo nayo ixhomeke esibusisweni sikaJehova. Cabangela amazwi kaSolomoni evesini lesithathu leHubo 127: “Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.” UJehova futhi unguMakhi oyingcweti uma kuziwa emikhayeni, futhi abazali banelungelo elihle lokuba izisebenzi ezikanye naye.a (Heberu 11:10) Abazali abangamaKristu bangalisebenzisa kahle kanjani lelithuba lokubambisana okuyilungelo futhi bakhe ngokuphumelelayo umkhaya ojabulisayo, onokuthula, oletha udumo kuMdali, uJehova uNkulunkulu?
Ukwakha Umkhaya Okuphumelelayo
Isici esidingekayo ekwakheni okuphumelelayo yipulani yomdwebi wamapulani ezindlu enengqondo. Ukuze kwakhiwe abadumisi bakaNkulunkulu abasebasha, ayikho ipulani engcono kuneZwi lakhe eliphefumlelwe, iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16, 17) “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba-ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo,” kwabhala uSolomoni. (IzAga 22:6) ‘Indlela eyakuba ngeyakhe’ yindlela kaJehova, futhi uma abazali beyilandela, banikeza abantwana babo ithemba lokukhula babe izinceku ezithembekile zikaNkulunkulu.
Ukwakha okunengqondo kudinga izinto zokwakha ezinengqondo. Esinye isivakashi singumAfrika esasivakashele eYurophu sakuthola kunzima ukukholelwa ukuthi ezinye izakhiwo esasizibona zazinamakhulu eminyaka ubudala. Kwakuyisambulo kuso ukubona izinto zokwakha eziqinile zisetshenziswe kulezizakhiwo. Ngakolunye uhlangothi, lapho abakhi bengasebenzisi izinto zokwakha ezanele, imiphumela ngokuvamile iba yinhlekelele, ngisho nebulalayo. Lokhu kungaba yiqiniso nasekukhuliseni abantwana.
Lapho bakheka eziswini, abantwana, bathola ifa lezakhi zofuzo ezinokungapheleli ngenxa yesono. (IHubo 51:5) Ngamanye amazwi, baba nezici zisuka nje. Abazali abangamaKristu kumelwe balwisane nalokhu ngokuzimisela ukwakha izimfanelo eziqinile, zokwesaba uNkulunkulu kubantwana babo. (1 Korinte 3:10-15) Uma lokhu kungenziwa, kungakhathaliseki ukuthi abazali basebenza kanzima kangakanani kwezinye izici, njengokunikeza amadodana abo noma amadodakazi abo ukudla okungcono, izembatho nendawo yokuhlala, imizamo yabo yokwakha iyoba yize.
Yingakho isiyalo saphezulu esiya kubazali, ikakhulukazi kobaba, sithi: “Nani-boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” (Efesu 6:4) Ukuyala nokuqondisa kweNkosi kuhilela amapulani nezinto zokwakha ezingcono kakhulu. Ukukusebenzisa kuyophumela ezinzuzweni ezihlala njalo emkhayeni wonke.
Ukuqeqeshwa Ngenkathi Usebenza
Naphezu kwamapulani adwetshwe kahle, kuba nezimo ezibucayi ezingalindelekile ngaso sonke isikhathi phakathi nesikhathi sanoma ikuphi ukwakha. Ngokufanayo, abazali kumelwe bafunde ukulindela izinkinga ezingalindelekile ekuphileni kwansuku zonke kwamalungu omkhaya futhi bakulungele ukubhekana nazo. Lokhu kungenziwa kanjani?
Ukuxoxisana okuhle phakathi kwabo bobabili abazali kubalulekile. Lapho ubaba nomama bexoxa ngobuqotho ngentuthuko yabantwana babo ndawonye, bayothola ezinye izindawo lapho ukutusa kufaneleke khona nezinye lapho ‘ukwakha’ okwengeziwe kudingeke khona. Lapho ubuthakathaka obunjalo sebubonakele, abazali bangasizana futhi bathathe izinyathelo ezifanelekile ukuze babhekane nabo.
Kodwa mhlawumbe unomkhaya omkhulu, futhi ungase uzibuze: ‘Singayifanelanisa kanjani imizamo yethu nezidingo ezihlukene zabantwana bethu abaningi?’ Kungani ungabaqeqesheli umsebenzi abantwana bakho ukuze basizane? Abaqeqeshwayo basebenza iminyaka eminingi yokufunda amakhono besebenza nezingcweti ezingochwepheshe. Mhlawumbe esifundweni somkhaya wakho, ungazama ukucela abantwana bakho asebeve eshumini ukuba bachazele laba abasebancane izindaba ezithile. Ukuthembeka, ukukhetha abangane, ukumelana namathonya amabi esikoleni, njalonjalo, okuyizihloko ezingaqondwa kahle kokubili abantwana asebekhulile nabasebancane. Ngokwabela abantwana asebekhulile imisebenzi enjalo engokoqobo ekuphileni, ungasiza ekubaqeqesheni ukuba bathuthukise amandla abo okuqonda nekhono lokufundisa kuyilapho ufundisa abancane lokho okudingeka bakwazi. (Heberu 5:14) Lokhu kunenzuzo eyengeziwe yokuhlakulela ubuhlobo beqiniso phakathi kwezelamani.
Mhlawumbe umkhaya wakho mncane, unomntwana oyedwa kuphela. Khona-ke, unamathuba amaningi okumazi nokumqonda umntwana wakho. Nokho, qaphela ingozi yokumona umntwana wakho ngokumnaka ngokweqile. Nibathathu, akunjalo? Ngakho yenzani izinto ndawonye. Lokho kuyomfundisa ukuxoxa nabanye futhi aphendulele ukunakekela kwakhe kwabangaphandle, kanjalo kumvimbela ekubeni nesimo sengqondo sobugovu.
Jongani Ukuba Ndawonye Komkhaya
Yiqiniso, kunokuningi okudingekile ekwakheni umkhaya kunokuqhuba isifundo seBhayibheli nokunikeza iseluleko nokuyala. USolomoni wathi: “Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe.” (UmShumayeli 2:24) Ngokungangabazeki umkhaya wakho uyakujabulela ukudla lapho kulungiselelwe kahle kunambitheka. Ingabe uyahlela ukuba nidle ndawonye njengomkhaya? Lokhu kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi lapho amalungu ahlukahlukene omkhaya engekho esemsebenzini, esikoleni, noma kwezinye izindawo. Nokho, ngokuvamile okungenani kunokudla okukodwa kosuku lapho ningadla khona ndawonye njengomkhaya. Yini engaba nengxenye esimweni esakhayo etafuleni lomkhaya?
Omunye umzalwane usebenzisa lelithuba ukuba aphakamise umbuzo weBhayibheli ukuze bonke abakhona baxoxe ngawo. Yiqiniso, uyakugwema ukudumaza labo okungase kwenzeke ukuthi abayazi impendulo. Abanye balandisa okuhlangenwe nakho kwenkonzo yasensimini. Ngokunakekela izindaba ezingokomoya, izikhathi zokudla ziba izikhathi zokwakha umkhaya wonke. (Bheka abaseRoma 14:19.) Yiqiniso, kwezinye izingxenye zezwe, akulona isiko ukuxoxa kakhulu phakathi nokudla. Nokho, umzamo wokuzimisela wokulondoloza isimo sokujabula ubalulekile. IzAga 15:17 zithi: “Isidlo semifino lapho kukhona uthando singcono kunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.”
Ukuphumula nokuguqula isivinini sokwenza izinto nakho kunengxenye yakho ekuphileni komkhaya wamaKristu. Abazali abahlakaniphile basebenzisa izenzakalo ezinjalo ukuba bakhe ubunye bomkhaya obuqinile obungokwasezulwini. Kanjani?
Nakuba kulula ukuvumela abantwana abancane bazihambele futhi bazijabulise ngalokho abakuthandayo, kunengozi kulokhu. Ngokwesibonelo, yeka ukuthi kuwubuwula kangakanani ukuvumela abantwana bahileleke kakhulu kwezemidlalo kangangokuthi lokho kuze kusongele ukuphila, ingalo noma umlenze! (1 Thimothewu 4:8) Ngangokunokwenzeka, khetha imisebenzi ehilela wonke amalungu omkhaya. Ubaba angacela ukuzwa imibono yabo futhi abele ngamunye okuthile angakwenza lapho kulungiselelwa.
Ingabe nina njengomkhaya ningalwenabisa uthando lwenu futhi nimeme amanye amalungu ebandla ukuba ahlanganyele izinjabulo zomkhaya wenu? Amalungu asekhulile ebandla ngokuvamile ayakujabulela ukuhlanganyela umoya womkhaya, ikakhulukazi lapho imikhaya yawo ingekho noma ingaphili ngokuvumelana nezimiso zobuKristu. (Jakobe 1:27) Emabandleni amaningi, kukhona imikhaya enomzali oyedwa. Ngokucabangela okufanelekile ubunhloko obungokwasezulwini nangokuhlonipha ukuziphatha okuhle kobuKristu, abadala nabanye banganikela ikhaya elingokomoya emalungwini emikhaya enjalo. (Isaya 32:1) Ziningi ‘izintandane’ eziye zathuthuka zagcina ziyizinhloko zemikhaya ezilinganiselayo ngenxa yesithakazelo sothando esiboniswa umuntu omdala ongumKristu ovuthiwe.—IHubo 82:3.
Ukwakha umuzi wamaKristu kungumsebenzi onzima. Kodwa ngosizo lukaJehova, uyokwazisa ngempela ukuthi “abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.” (IHubo 127:1, 3) Bangaba umthombo wodumo hhayi kuphela kubazali abangamaKristu kodwa nakuMdali wabo, uJehova uNkulunkulu.
[Umbhalo waphansi]
a Eqinisweni, igama lesiHeberu elithi ‘abakhi’ (evesini 1) nelithi “abantwana” (evesini 3) womabili kucatshangelwa ukuthi avela emsukeni osho “ukwakha.” Ngokungaphezulu, ngesiHeberu igama elithi “indlu” lingabhekisela ‘endaweni yokuhlala’ noma ‘emkhayeni.’ (2 Samuweli 7:11, 16; Mika 1:5) Ngakho, ukwakha indlu kuxhumene nokukhulisa umkhaya. Isibusiso sikaJehova siyadingeka kuyo yomibili lemisebenzi.