Londoloza Ukholo Lwakho Nempilo Engokomoya
“Hlala ubambelele esibonelweni samazwi aphilayo owawezwa kimi ngokholo nothando oluphathelene noKristu Jesu.”—2 THIMOTHEWU 1:13, “NW”.
1. Kungani impilo enhle engokomzimba iyinto eyigugu okumelwe ilondolozwe?
IMPILO enhle engokomzimba iyinto eyigugu. Uma siphilile, singenza izinto eziningi futhi sikujabulele ngokwengeziwe ukuphila. Kodwa uma sigula njalo noma sikhubazekile, ukuphila kunzima ngokwengeziwe. Yebo, impilo enhle kumelwe ilondolozwe. Abaningi abayinaki impilo yabo noma benza izinto ezibangela ukugula. Nokho, labo abazinakekelayo ngokuvamile banesilinganiso esithile sempilo enhle namandla engxenyeni enkulu yesikhathi sokuphila kwabo.
2. (a) Kungani impilo engokomoya ibaluleke ukwedlula impilo engokomzimba? (b) Yini edingekile ukuze umuntu ahlale ephilile okholweni?
2 Impilo engokomoya ibaluleke kakhulu kunempilo engokomzimba. Impilo engcono kakhulu engokomzimba ayinakuletha isipho sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade. Impilo enhle engokomoya ivela ekukhulekeleni okuhlanzekile nasokholweni olusekelwe olwazini oluqondile. (Johane 17:3; Heberu 11:6; Jakobe 1:27) Umphostoli uPawulu wathi: “Amadoda amadala mawabe-ngazithibayo, azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni.” (Thithu 2:2) Noma ubani ofisa ukuphila kahle okholweni kumelwe enze umzamo wenkuthalo futhi ahlale ekhuthele. Izinto ezisongela impilo enhle engokomoya zingavela kithi noma ngaphandle. Kumelwe siziqaphele lezinsongo uma sifuna ukulondoloza ukholo nempilo engokomoya kulelizwe eligulayo.
Lelizwe Ligula Kangakanani?
3, 4. Ukugula ngokokuziphatha kuboniswa kanjani kulelizwe nasezenzweni zabantu?
3 Akungabazeki ukuthi izwe ligula kakhulu ngokokuziphatha. Sibona izifo ezibulalayo kuzo zonke “izitho” zalelizwe—izinkolo zalo, izimiso zezombangazwe, izinhlangano zezohwebo, nezokuzijabulisa. Bambalwa abanenhlonipho ngoNkulunkulu nangemithetho ayinikezile ukuze isintu sihlale kahle. Futhi njengoba umlando ubonisa, ukonakala kokuziphatha ngaso sonke isikhathi kuholela ekwandeni kwezifo nezinkinga ezingokomzimba. Ngokuhlekisayo, abaningi abafuni ukwenza lutho ngokwelapha lesimo esigulayo ngokokuziphatha ngoba bayazithanda izinto ezisigulisayo.
4 Yeka ukuthi lelizwe ligula kanjani! Ngokufuna izinjabulo noma ngokuzama ukubalekela isimo esingokoqobo, abaningi baye bonakalisa ukuphila kwabo ngokusebenzisa kabi utshwala nezidakamizwa. Ubudlova bukuyo yonke indawo, ukuphila akuseyinto yalutho, futhi amajele agcwele swí izigebengu. Emazweni amaningi, ingxenye yayo yonke imishado iphela ngedivosi. Abantwana ngenxa yokuntula ukuqondisa okufanelekile kwabazali babo bakhula bengamahlongandlebe. Ngenxa yokuthi ukuziphatha okubi kobulili kusakazeke kabanzi, ingculaza (AIDS) nezinye izifo ezithathelwana ngobulili zanda ngokushesha.
5. UIsaya wazichaza kanjani izimo zakwaJuda wasendulo?
5 UNkulunkulu angasho ngalelizwe eligulayo lokho aphefumlela uIsaya ukuba akusho ngoJuda ohlubukayo: “Hawu, sizwe esonayo, bantu abasindwé ngububi, nzalo yababi, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uJehova, bamdelele oNgcwele kaIsrayeli, babuyele emuva. Ningabe nisashaywa kuphi, nisaqhubeka ukwambuka, na? Lonke ikhanda liyagula, nayo yonke inhliziyo ibuthakathaka. Kusukela ematheni onyawo kuze kube-sekhanda akukho okuphelele.”—Isaya 1:4-6.
6. KwaJuda wasendulo nasosukwini lwethu, yikuphi ukusabela okuye kwaba khona ekunxuseni kukaJehova kokufunda ukwenza okuhle?
6 Ukunxusa kukaJehova kokuba baphenduke futhi ‘bafunde ukwenza okuhle’ akuzange kunakwe cishe yibo bonke kwaJuda. (Isaya 1:16-20) Lokhu ekugcineni kwaholela ekubhujisweni kweJerusalema nokuthunjelwa kwamaJuda eBabiloni. Abathembekile abambalwa kuphela abathola isibusiso sikaNkulunkulu nokulondolozwa phakathi kwesizwe esigulayo. Ngokufanayo namuhla, kulelizwe eligula kusukela ekhanda kuya ozwaneni, bambalwa kuphela abafisa ukufunda ukwenza okuhle. Lezinceku ezithembekile zikaJehova zenza imizamo yenkuthalo ukuze zilondoloze ukholo nempilo engokomoya manje, zinethemba lokuzuza impilo engokomzimba ephelele nokuphila okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe.—2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1-4.
Izingozi Ezingokomoya Kulelizwe Eligulayo
7. (a) Yiziphi izingozi ezisongela ukholo lwethu nempilo engokomoya? (b) Yini eshiwo imiBhalo ngokubhekana nezici ezintathu eziyinhloko ezifaka impilo engokomoya engozini?
7 Ukulondoloza ukholo nempilo engokomoya kuyinselele ngoba ukugula okungokokuziphatha kwalelizwe akuve kuthathelwana. AmaKristu kumelwe futhi alwisane nokungapheleli kwawo siqu akuzuze ngefa. (Roma 7:21-25) Ngaphezu kwalokho, uSathane, “umbusi wezwe,” uyabazi ubuthakathaka benyama futhi uyingcweti yokulinga. (Johane 14:30; 1 Johane 5:19) Lezingozi ezintathu eziyinhloko ezisongela ukholo nempilo engokomoya—inyama, izwe, noDeveli—zibangela ukwesaba. Kodwa kungenzeka ukuba ‘singabi ngabezwe,’ nakuba sihlala kulo. ‘Singaqhubeka sihamba ngoMoya futhi singazifezi izinkanuko zenyama.’ Futhi ngosizo lwaphezulu singaba “namandla okumelana namaqhinga kaSathane.” (Johane 17:15, 16; Galathiya 5:16; Efesu 6:11; 2 Korinte 2:11) Kodwa manje ake sicabangele indlela esingabhekana ngayo nalezici ezintathu eziyinhloko ezifaka ukholo lwethu nempilo engokomoya engozini.
8. UJesu uwachaza kanjani amandla angaphakathi kithi amelene nempilo engokomoya?
8 Phakathi kwesimo sethu sokuba abantu abangaphelele kunamandla angaphumela esonweni futhi angasenza sigule ngokomoya. (Jakobe 1:14, 15) Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi enhliziyweni engokomfanekiso. UJesu wathi: “Ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi-nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. Zonke lezozinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”—Marku 7:21-23.
9. (a) Yiziphi izifiso ezitshaleke enhliziyweni engokomfanekiso? (b) NgokwezAga 4:20-23, singayilondoloza kanjani inhliziyo?
9 Nakuba inhliziyo ingumthombo wezifiso ezimbi, kubantu abesaba uNkulunkulu ibuye ibe isizinda senhlonipho ngoJehova nothando lokulungile. (Mathewu 22:37; Efesu 4:20-24) Ukuthi kuyovama okuhle noma okubi kithi kuxhomeke kulokho esikufaka ezinhliziyweni zethu. IZwi likaNkulunkulu liyeluleka: “Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami. Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho, ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo.”—IzAga 4:20-23.
10. Ubuthakathaka bethu obungokwenyama buyithinta kanjani imizwelo yethu nezifiso?
10 Ubuthakathaka bethu obungokwenyama buthinta imizwelo yethu nezifiso. Ubani ongahlushwa ngezikhathi ezithile ukudangala, ukuphelelwa isineke, ukucasuka? Uma sikulungisa ngokushesha lokhu kuthambekela okungokwenyama, impilo engokomoya ingalondolozwa. Kodwa ukuqhosha nokuzicabangela ngokweqile kungahluma ngokushesha enhliziyweni. Ubugovu nokufisa izinjabulo ezeqile nokuzitika kungaqalisa. Futhi isifiso sobulili, nakuba singesemvelo ngenxa yendlela uNkulunkulu asenze ngayo, singasidukisa ngobuqili. Ukuze sivimbele ukugula okunjalo okungokomoya ukuba kukhule phakathi kwethu, sidinga ukuhlakulela izithelo zomoya kaNkulunkulu ekuphileni kwethu nsuku zonke, siziqeqeshele ukuba ‘senyanye okubi’ futhi ‘sibambelele kokuhle.’—Roma 12:9; Galathiya 5:22, 23.
Imithombo Yangaphandle Yokugula Okungokomoya
11. (a) Yiziphi izimo zengqondo nezenzo zezwe ezithathelwana kakhulu? (b) NgokukaJesu, kukusiphi isici okumelwe siqaphele kuso izinhliziyo zethu?
11 Isifo esingokomoya singavela emithonjeni yangaphandle. Singasakazekela kithi sivela kulabo abafile ngokomoya. (Efesu 2:1-3) Uma sisondelene kakhulu nabo, singangenwa izimo zabo zengqondo nendlela yabo yokuphila. Ukuphumelela ngokwezinto zezwe, ukuthanda imali, ukujabulela okungcono kakhulu ngokwezinto ezibonakalayo, nokuba nesikhathi esimnandi kuyizinto ezinkulu ekuphileni kwabantu balelizwe. Kodwa ukufisa izinto ezinjalo akuve kuthathelwana, futhi ngisho nokuchayeka ngezinga elincane kuzo kungasenza sibhashe ngokomoya. UJesu waxwayisa: “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhukuphila, lunizume lolosuku ningazelele, ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke.”—Luka 21:34, 35.
12. Imicabango nezimfundiso ezingalungile kungaba kanjani yingozi empilweni engokomoya?
12 Imicabango emibi nezimfundiso ezingalungile zalelizwe nakho kungasingena. UPawulu waxwayisa: “Kuyakuba-khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo, bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.” (2 Thimothewu 4:3, 4) Izimfundiso zamanga zinjengesilonda esibhucukayo. (2 Thimothewu 2:16, 17) Lapho siqalisa, ingxenye yenyama yakho iyafa ngoba igazi elinikeza ukuphila selinqamukile kuleyongxenye yomzimba.
13. Uma ukugula okungokomoya sekuqalile njengesilonda esibhucukayo, yini okumelwe yenziwe?
13 Yeka ukuthi isilonda esibhucukayo sanda ngokushesha kanjani! Ukuze avimbele ukufa, udokotela kungase kudingeke ukuba anqume ingxenye ethile yomzimba. Ngakho, uma ukungabaza, ukukhononda, noma ukuhlubuka kusongela ukuba kukungcolise ngokomoya, kunqume ngokushesha! (Qhathanisa noMathewu 5:29, 30.) Thola usizo kwabadala bebandla. Ungafani nalabo uPawulu abachaza ngokuthi ‘baphethwe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi’ ngoba ‘bengawalandelanga amazwi aphilileyo.’—1 Thimothewu 6:3, 4.
14. Ikuphi abadala abangase bathole kudingekile ukuba bakwenze ukuze bavikele impilo engokomoya yebandla?
14 Ukuze bavikele impilo engokomoya yebandla, abadala kudingeka ‘bayale ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo.’ (Thithu 1:9, 13, 16; 2:1) Mhlawumbe abantu abanjalo bangabuyiselwa esimweni esinempilo ngokomoya. (2 Thimothewu 2:23-26) Kodwa kuthiwani uma ngokungaguquki beqhubekisela phambili imfundiso yamanga? Khona-ke, eqinisweni, kumelwe bakhishwe phakathi kwethu. Bayasuswa ekuhlanganyeleni, futhi siyabaxwaya ukuze singasakazekeli kithi isifo sabo esingokomoya.—Roma 16:17, 18; 1 Korinte 5:9-13; Thithu 3:9-11.
15. Ekuzameni ukwenza impilo engokomoya yabantu bakaNkulunkulu ibe buthakathaka, iziphi izindlela ezimbili eziyinhloko eziye zasetshenziswa uDeveli?
15 Umthombo wesithathu wengozi okholweni nasempilweni engokomoya unguDeveli. (Efesu 6:11, 12) Kuze kube sosukwini lwethu, uye wazama ukwenza ukholo lwabantu bakaJehova lube buthakathaka ngokubashushisa, kuhlanganise nokubahlasela ngesixuku, ukubashaya, ukubavalela ejele, nangokusongela ngokufa. (IsAmbulo 2:10) Njengoba uSathane engavamile ukuphumelela ngalamaqhinga ekwephuleni ubuqotho bezinceku zikaNkulunkulu, usebenzisa izinto ezikhangayo zalelizwe, angunkulunkulu walo, ekuzameni ukuwisa abanye.—2 Korinte 4:4; 11:3, 14.
16. Yiziphi izivikelo esinazo ekumelaneni nokuhlasela kukaDeveli ukholo lwethu nempilo engokomoya?
16 Singamelana kanjani nokuhlasela okwenziwa uDeveli? Ngokuhloma ngazo zonke izikhali ezingokomoya ezivela kuNkulunkulu. Kumelwe ikakhulukazi ‘sithathe isihlangu sokukholwa esiyakuba-namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo’ uSathane ayiciba kithi. Futhi kumelwe sithandaze ngokuvumelana namazwi kaJesu: “Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.” (Efesu 6:11-18; Mathewu 6:13) Uma sithandaza ngaleyondlela futhi senza ngokuvumelana nemithandazo yethu, singalindela usizo lukaBaba wethu wasezulwini ekucimeni yonke imicibisholo kaSathane evuthayo.
Ukuhlala Siphilile Okholweni
17. Ekulondolozeni impilo engokomoya, kubaluleke kangakanani ukungenisa “ukudla ngesikhathi sakho” nokuhlanganyela njalo emisebenzini yobuKristu?
17 Ukuvimbela kuyisici esikhulu ekulondolozeni impilo enhle engokomzimba. Ukudla okunomsoco, ukuziqeqesha okufanelekile, nokunakekelwa okuvamile kwengqondo nomzimba kubalulekile. Izivikelo ezingokwemvelo zezifo zinamandla ngokwengeziwe emzimbeni onempilo. Ngokufanayo, ukuze silondoloze impilo engokomoya, kubalulekile ukuba silandele ukudla okuchazwa uNkulunkulu futhi sikwazise. “Ukudla” okungokomoya okunika amandla “ngesikhathi sakho” okulungiselelwa ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ Njengoba senqaba ukudla okungenamsoco ngokomoya kwalelizwe, kumelwe sitadishe iBhayibheli nezincwadi zamaKristu futhi sihlangane nabantu bakaNkulunkulu njalo. (Mathewu 24:45-47; Heberu 10:24, 25) Futhi sidinga ukuziqeqesha okuvela ‘ekuvameni njalo emsebenzini weNkosi’ enkonzweni nakweminye imisebenzi yobuKristu.—1 Korinte 15:58.
18. Siyini “isibonelo samazwi aphilayo,” futhi kungani kumelwe sisigcine enhliziyweni nasengqondweni?
18 Ukuze uhlale uphilile okholweni, wasebenzise ngokugcwele amalungiselelo angokomoya kaNkulunkulu. Njengoba uPawulu atshela uThimothewu: “Hlala ubambelele esibonelweni samazwi aphilayo owawezwa kimi ngokholo nothando oluphathelene noKristu Jesu. Lelithemba elihle lilondoloze ngomoya ongcwele ohlala kithi.” (2 Thimothewu 1:13, 14, NW) Ulimi lunokuhlelwa kwamazwi. Ngokufanayo, “ulimi oluhlanzekileyo” lweqiniso leBhayibheli lunohlelo olusekelwe ngokuyinhloko esihlokweni sempindiselo kaJehova ngoMbuso. (Zefaniya 3:9, NW) Kumelwe sigcine loluhlelo lwamazwi aphilileyo enhliziyweni nasengqondweni uma sifuna ukulondoloza ukholo lwethu nempilo engokomoya. Ngaphandle kwalokho, ukubaluleka kwalo kuyofiphala kithi. Lokhu ngokusobala kwenzeka ebandleni laseKorinte, lapho abanye ‘babebuthakathaka futhi begula’ ngoba bentula ukuqonda okungokomoya.—1 Korinte 11:29-32.
19. (a) Uma ukugula okungokomoya sekuye kwangena, yini okumelwe yenziwe? (b) Yini engenziwa abadala uma umuntu egula ngokomoya?
19 Yini okumelwe yenziwe uma usugula ngokomoya? Ngokuqinisekile kudingeka usizo lothando futhi luyatholakala, ngoba uJakobe uthi: “Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi.” (Jakobe 5:14) Yebo, bonana nabadala. Njengodokotela abangokomoya, bangakusiza ukuba uthungathe umsuka wokugula okungokomoya. Bayokuhlikihla ngesineke kodwa ngendlela ephumelelayo ngamafutha elaphayo eZwi likaNkulunkulu. Uma wenze izono kodwa uphenduka, qiniseka ngokuthi uJehova uthethelela ngempela. (IHubo 103:8-14) Njengoba abadala bethandaza nawe futhi bekuthandazela, yini engalindelwa? UJakobe uyaphendula: “Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.”—Jakobe 5:15.
Impilo Engokomoya Iholela Ekuphileni Okuphakade
20. (a) Yisiphi iseluleko esakhishwa indikimba ebusayo yekhulu lokuqala leminyaka ngokulondoloza impilo engokomoya? (b) Yini eyosisiza njengoba silindele izibusiso zezwe elisha?
20 “Mpilo-hle!” Ngalawomazwi, indikimba ebusayo yekhulu lokuqala leminyaka yabantu bakaJehova yaphetha incwadi yayo ekhuluma ‘ngezinto ezidingekile’ ezifuneka kumaKristu. Kwakumelwe ‘aqhubeke eyeka okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe.’ (IzEnzo 15:28, 29, NW) Lowomyalo esiwunikeziwe ukuze sibe nempilo enhle ngokomoya usabalulekile. Futhi njengoba silindele izibusiso zomhlaba omusha, singalulondoloza ukholo lwethu nempilo engokomoya uma ngentshiseko siqhubeka sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso futhi siphakamisa igama likaJehova kulelizwe eligulayo. Ukuhlala simatasa ngalendlela kuyosenza singaphelelwa yisineke sokulindela izibusiso zezwe elisha eziseduze kangaka. Yiqiniso, “ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo; isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.”—IzAga 13:12.
21. Yiziphi izibusiso ezigcinelwe labo abalulondoloza ngokuphumelelayo ukholo lwabo nempilo engokomoya kulelizwe eligulayo?
21 Ungaphuthelwa izibusiso ezinhle uJehova azigcinele labo abamthandayo. Konke ukumelana namathonya ezwe, konke ukulwisana nobuthakathaka bakho obungokwenyama, nakho konke ukucisha imicibisolo evuthayo kaDeveli ngeke kube okwakwenzelwa ize. Ezweni elisha likaJehova, uyozibonela ngawakho isikhathi lapho ‘abakhé khona bengasayikusho ukuthi: Ngiyagula.’ (Isaya 33:24) Lokhu kuyokwenzeka ngenxa yelungiselelo likaNkulunkulu ngesihlengo somhlatshelo kaJesu Kristu, lowo ‘owabetshatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu.’ (Mathewu 8:17; Isaya 53:4) Uyokwazi ukuphuza ‘emfuleni’ ongokomfanekiso “wamanzi okuphila” futhi udle ‘emthini wokuphila’ onamaqabunga “okuphulukisa izizwe.” (IsAmbulo 22:1, 2) Ukuphila okungenakuphela ekupheleleni nasenjabulweni kuyoba umvuzo wakho ngenxa yokulondoloza ukholo lwakho nempilo engokomoya kulelizwe eligulayo.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Kungani ukuba ngophilile okholweni kubaluleke ukwedlula ukuba nempilo enhle ngokomzimba?
◻ Iziphi izingozi ezintathu eziyinhloko ezisongela ukholo nempilo engokomoya?
◻ Impilo enhle engokomoya inakuhlobana kuni nenhliziyo engokomfanekiso?
◻ Uma umuntu egula ngokomoya, yini okumelwe yenziwe?
[Izithombe ekhasini 16]
Ngisho naszweni eligulayo, kungenzeka ukuba umuntu abe nokholo oluqinile nempilo enhle engokomoya
[Izithombe ekhasini 18]
Impilo enhle engokomoya ixhomeke emsebenzini wobuKristu wentshiseko nasekungeniseni njalo ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele