Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 9/15 kk. 4-7
  • Okumelwe Sikwenze Ukuze Sisindiswe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okumelwe Sikwenze Ukuze Sisindiswe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ilungiselelo Lokusindiswa
  • Izimfuneko Zokusindiswa
  • Ingabe “Uma Umuntu Eke Wasindiswa, Uhlala Esindisiwe”?
  • “Okhuthazelayo . . . Nguyena Oyakusindiswa”
  • UJesu Usindisa Izwe—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe IBhayibheli Lifundisa Ukuthi ‘Uma Ususindisiwe, Ususindiswe Unomphelo’?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Iyini Insindiso?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukusindiswa—Lokho Okukushoyo Ngempela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 9/15 kk. 4-7

Okumelwe Sikwenze Ukuze Sisindiswe

KUNGANI sidinga ukusindiswa? Ngoba sonke sihlushwa imiphumela ebhubhisayo yesono: ukungapheleli, ubuhlungu, ukugula, usizi, futhi ekugcineni ukufa. Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi lokhu kungenxa yokuthi ukhokho wethu uAdamu wahlubuka emthethweni kaNkulunkulu. UPawulu wabhala: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye [uAdamu], nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Roma 5:12) Kungani isono sika-Adamu sabangela ukufa ukuba kusakazeke kubo bonke abantu? Empeleni, lokhu kwakungenxa yokwenzeka kwezinto okungokwemvelo.

Lapho uAdamu ona, wagwetshelwa ukufa ngokuvumelana nomthetho waphezulu. Lokhu kwakulungile futhi kudingekile. Kwakulungile, ngoba ukuphila akulona ilungelo kodwa kuyisipho esivela kuNkulunkulu. Ngokona ngamabomu, uAdamu walahlekelwa yilungelo lokugcina lesosipho. (Roma 6:23) Ukugwetshelwa kuka-Adamu ukufa kwakudingeka ngenxa yokuthi akukho okungaphelele okungavunyelwa ukuba kuphile futhi kungcolise indawo yonke phakade. Ngakho-ke, lapho uAdamu ona, waqala ukufa futhi akabange esaba nokuphila okuphelele, okungenasono ayengakudulisela kubantwana bakhe njengefa. Wayengabanika kuphela ukuphila okungcoliswe ukungapheleli nesono.—Roma 8:18-21.

Nokho, akumelwe sikhohlwe ukuthi kungenxa yomusa kaNkulunkulu ongasifanele kuphela ukuba sibe ngisho nanokuphila okufushane okuyisabelo sethu namuhla. (Jobe 14:1) UNkulunkulu wayengabophekile ukuba avumele uAdamu noEva ukuba babe nabantwana ngaphambi kokuba bafe. Wabavumela ukuba benze kanjalo ukuze abonise ukuthi abanye abantu abangaphelele babeyobusekela ubukhosi bukaNkulunkulu ngokugcina ubuqotho babo kuye. Futhi, uNkulunkulu wavumela lokhu, ngoba wayazi ukuthi ekugcineni wayeyohlenga, noma asindise, inzalo elalelayo yalezozihlubuki zokuqala, uAdamu noEva. Kanjani?

Ilungiselelo Lokusindiswa

UJehova uNkulunkulu wayengenakumane asibekele eceleni isahlulelo sakhe sokulunga. Akanakusikhohlwa ngamabomu isono sika-Adamu sokuqala nakho konke isintu esiye sakunezela kuso kusukela ngalesosikhathi. Ukuba uNkulunkulu ubengezukuyinaka imithetho yakhe siqu elungile, lokhu bekuyolulaza inhlonipho ngaso sonke isimiso sakhe sokulunga nokuthembela kuso. Ake ucabange ngokukhala obekuyozwakala uma, ngenxa yokufikelwa umcabango othile womuntu siqu, umahluleli ongumuntu ngokunganaki evumela isigebengu ukuba singajeziswa. Nokho, umahluleli onozwela ngokufanelekile angahlela ukuba omunye umuntu ozimisele akhokhele lomuntu onecala inhlawulo. Lokhu, ngandlela-thile, yilokho uNkulunkulu asenzele khona.

UJehova wahlela ukuba iNdodana yakhe siqu, uJesu Kristu, inikele ngokuphila kwayo okuphelele kobuntu esikhundleni sokuphila okuphelele okwalahlwa uAdamu. UJesu wayithwala ngokuzithandela inhlawulo ngezono zethu—ukufa. (Isaya 53:4, 5; Johane 10:17, 18) IBhayibheli lithi: ‘INdodana yomuntu yezela . . . ukunikela ukuphila kwayo, kube-yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28; 1 Thimothewu 2:6) Akekho omunye owayengakwenza lokhu. UJesu wayeyingqayizivele ngokuthi wazalwa engenasono futhi wahlala engumuntu ophelele, ongenasono kwaze kwaba sekufeni kwakhe. (Heberu 7:26; 1 Petru 2:22) Ukuthembeka kwakhe kuze kube sekufeni kwakwenza kwaba nokwenzeka ngaye ukuba akhokhe inhlawulo engokomfanekiso yezono zethu.

Nokho, khumbula, ukuthi uNkulunkulu, uMahluleli oPhakeme, akabophekile ukuba akhulule wonke umuntu. Ubheka ukuphila kobuntu okuphelele kukaJesu okwanikelwa njengenkokhelo yesikweletu esisikweletayo sesono. Kodwa uJehova uNkulunkulu ngeke akusebenzise lokhu ezonini ezingaphenduki, ezingenakwazisa, eziyizoni zamabomu. Kunokuba linikeze uhlobo oluthile lokuthethelelwa kwabantu bonke noma ukusindiswa kwabantu endaweni yonke, iBhayibheli lihlela izimo okumelwe kuhlangatshezwane nazo uma sifuna ukusindiswa emiphumeleni yesono esizuzwe ngefa.

Izimfuneko Zokusindiswa

Khona-ke, yini edingekile ukuze umuntu asindiswe? Imfuneko eyinhloko yileyo eyashiwo umphostoli uPawulu kumgcini-ziboshwa waseFilipi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa.” (IzEnzo 16:31) Ukulamukela ngobuqotho igazi likaJesu elachitheka kubalulekile uma sifuna ukusindiswa. Futhi ukusindiswa kuyosho ukuthini kithi? UJesu wabonisa impendulo lapho ethi: “Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade.” (Johane 10:28) Kwabaningi, ukusindiswa kuyosho ukuphila okuphakade emhlabeni obuyiselwe ekupheleleni kwasepharadesi. (IHubo 37:10, 11; IsAmbulo 21:3, 4) Nokho, endabeni ‘yomhlambi omncane’ kuyosho ukubusa kanye noJesu eMbusweni wakhe wasezulwini.—Luka 12:32; IsAmbulo 5:9, 10; 20:4.

Abanye bathi ukukholelwa kuJesu yikhona kuphela okudingekayo. “Yinye nje into okumelwe umuntu ayenze ukuze aye ezulwini,” kusho elinye ipheshana lenkolo, “okungukuthi, ukwamukela uJesu Kristu njengoMsindisi wakhe, ukuzithoba kuYe njengeNkosi noMfundisi, nokumvuma obala ukuthi unjalo phambi kwalo lonke izwe.” Ngaleyondlela, abaningi bakholelwa ukuthi ukuguquka okusheshayo, okungokomzwelo yikho kuphela esikudingayo ukuze siqiniseke ngokuthola ukuphila okuphakade. Nokho, ukugxila emfunekweni ebalulekile eyodwa kuphela ukuze umuntu asindiswe bese kuyekwa ezinye kunjengokufunda umusho owodwa obalulekile esivumelwaneni esithile kodwa ungayinaki eminye.

Lokhu kuba sobala ngokwengeziwe lapho silalela izinkulumo zabanye abake bacabanga ukuthi ukusho ukuthi bakholelwa kuJesu kwakuwukuphela kwento eyayidingeka ukuze basindiswe. UBernice uthi: “Ngakhulela eSontweni Labazalwane, kodwa ngazibuza ukuthi uma ukuphila okuphakade kuxhomeke ngokuphelele kuJesu, kungani yena ngokwakhe athi: ‘Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.’”—Johane 17:3.

Iminyaka eyisishiyagalolunye uNorman wayeqiniseka ukuthi usindisiwe. Kodwa wayesebona ukuthi kudingeka okwengeziwe kunokuvuma okungokomzwelo ukuthi uJesu Kristu unguMsindisi wakhe. “Ngabona ngokuvela eBhayibhelini ukuthi kwakunganele nje ukuvuma kuNkulunkulu ukuthi siyizoni futhi sidinga ukusindiswa,” uyasho. “Kudingeka ukuba senze nemisebenzi efanele ukuphenduka.”—Mathewu 3:8; IzEnzo 3:19.

Yebo, ukukholelwa kuJesu kubalulekile ukuze sisindiswe, kodwa kudingeka okwengeziwe. UJesu wakhuluma ngabanye ababethi bayakholelwa kuye baze benze ngisho ‘nemisebenzi yamandla’ ngegama lakhe. Kodwa akazange abazi. Ngani? Ngoba ‘babengabenzi bokubi’ futhi bengayenzi intando kaYise. (Mathewu 7:15-23) Umfundi uJakobe usikhumbuza ngesidingo ‘sokuba-ngabalenza izwi, singabi-ngabalizwayo kuphela, sizikhohlisa.’ Wathi futhi: “Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele. . . . Nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.”—Jakobe 1:22; 2:19, 26.

Nokho, abanye baphikisa ngokuthi labo abasindiswe ngempela vele bayazenza zonke lezizinto. Ingabe lokhu kunjalo ngempela uma kuziwa ekwenzeni? UDenis, ‘owamukela uJesu’ esewumfanyana, uthi: “Abantu ‘abasindisiwe’ engiye ngabazi abazizwa benesidingo esikhulu sokuhlola imiBhalo ngoba bacabanga ukuthi sebenakho kakade konke abakudingayo ukuze basindiswe.” Ngempela, ukuzenzisa nezenzo ezingezona ezobuKristu zabaningi abazisholo ukuthi basindisiwe kuye kwenza yonke indaba yokusindiswa ibe ebukelwa phansi.

Noma kunjalo, abaningi baphikelela ngokuthi imiBhalo ithi: “Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade.” (Johane 3:36) Ngakho-ke, baphetha ngokuthi uma uke wamukela iNkosi uJesu Kristu njengoMsindisi wakho siqu, awunakubuye ulahleke futhi. Isiqubulo sabo sithi, “Uma umuntu eke wasindiswa, uhlala esindisiwe.” Kodwa ingabe yilokho ngempela imiBhalo ekushoyo? Ukuze siphendule lombuzo, kudingeka sicabangele konke okushiwo yiBhayibheli ngalendaba. Ngeke sifune ‘ukuzikhohlisa ngokucabanga okungamanga’ ngokufunda kuphela izingxenye ezikhethiwe zeZwi likaNkulunkulu.

Ingabe “Uma Umuntu Eke Wasindiswa, Uhlala Esindisiwe”?

Phawula isixwayiso esiphefumlelwe somfundi uJuda. Wabhala: “Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba-kanye.” (Juda 3) Kungani uJuda abhala lokhu? Ngoba wayazi ukuthi amaKristu ngamanye ayesengalahlekelwa ‘insindiso ayihlanganyele wonke.’ Waqhubeka ethi: “Ngiyathanda ukunikhumbuza . . . ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe [samaIsrayeli] isikhipha ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga.”—Juda 5.

Isixwayiso sikaJuda besiyoba esiyize ukuba amaKristu ayengabhekene nengozi efana naleyo yalawomaIsrayeli. UJuda wayengakungabazi ukubaluleka komhlatshelo kaJesu. Lowomhlatshelo usisindise esonweni sika-Adamu, futhi uJesu uyobavikela labo abakholwa nguye. Akekho ongabahlwitha esandleni sakhe. Kodwa lesosivikelo singasilahlekela. Kanjani? Ngokwenza lokho okwenziwa amaIsrayeli amaningi ayesindiswe eGibithe. Singakukhetha ngamabomu ukungamlaleli uNkulunkulu.—Duteronomi 30:19, 20.

Ake ucabange ngokusindiswa enqabeni eshayo. Cabanga ngomuzwa wokukhululeka obewuyoba nawo njengoba ukhishelwa ngaphandle kwalesosakhiwo uphephile futhi okusindisile ethi: “Usuphephile manje.” Yebo, ubuyobe usindiswe ekufeni okuthile. Kodwa bekungenzekani uma unquma ukuphindela kulesosakhiwo ngenxa yesizathu esithile sobuwula? Ukuphila kwakho bekuyophinde kube sengozini.

AmaKristu asesimweni sokusinda. Anethemba lokuphila okuphakade ngoba asesimweni sokwamukeleka phambi kukaNkulunkulu. Njengeqembu, ukusinda kwawo esonweni sika-Adamu nakuyo yonke imiphumela yaso kungokuqinisekile. Kodwa wona ngamanye ayosindiselwa ekuphileni okuphakade kuphela uma eqhubeka enamathela kuzo zonke izimfuneko zikaNkulunkulu. UJesu wakugcizelela lokhu lapho ezifanisa nomvini futhi efanisa abafundi bakhe namagatsha alowomvini. Wathi: “Yilelo nalelogatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa [uNkulunkulu] . . . Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.” (Johane 15:2, 6; Heberu 6:4-6) Labo abalahlekelwa ukholo kuJesu balahlekelwa nawukuphila okuphakade.

“Okhuthazelayo . . . Nguyena Oyakusindiswa”

Yebo, kunezinto ezihlukahlukene ezihilelekile ekubeni umuntu asindiswe. Kumelwe singenise ulwazi oluqondile ngezinjongo zikaNkulunkulu nangendlela yakhe yensindiso. Khona-ke kumelwe sibe nokholo eNkosini yensindiso, uJesu Kristu, futhi senze intando kaNkulunkulu kukho konke ukuphila kwethu. (Johane 3:16; Thithu 2:14) Ukusindiswa kungokuqinisekile ngalabo abalandela lenkambo. Kodwa kuhilela ukukhuthazela kuze kube sekupheleni kokuphila kwethu kwamanje noma kwalesisimiso sezinto. Kuphela “okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.”—Mathewu 24:13.

Ekanye nabanye emkhayeni wakhe, umgcini-ziboshwa eFilipi wasabela ngendlela eqondile esigijimini sensindiso esasishunyayelwa uPawulu noSila. “Wabhapathizwa khona-lapho, yena nabo bonke abakhe.” (IzEnzo 16:33) Singasithatha lesinyathelo esifanayo esiqondile. Ngaleyondlela siyoba sebuhlotsheni obuseduze nobubusisiwe noJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, futhi singathembela ngokuphelele emalungiselelweni aphezulu ensindiso. Umgcini-ziboshwa waseFilipi “wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa kuNkulunkulu.” (IzEnzo 16:34) Inkambo enjalo iyobangela nathi ukuba ‘sithokoze.’

[Isithombe ekhasini 7]

Yini ebingenzeka uma ugijima uphindela esakhiweni esishayo ngemva kokuba ususindisiwe?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela