Ukuyihlelela Manje Iminyaka Eyinkulungwane Ezayo
“Babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.”—ISAMBULO 20:6.
1. Siyoba yini isimo emhlabeni eminyakeni engaphezu kweyinkulungwane kusukela manje?
INI! Ingabe sisho ukuthi eminyakeni engaphezu kweyinkulungwane kusukela manje, isintu siyobe siselapha emhlabeni? Sisho lokho kanye! Futhi okunye okwengeziwe, sonke isintu ngalesosikhathi siyobe siphelele emzimbeni, enhliziyweni, nasengqondweni—njengendoda nowesifazane bokuqala ekuqaleni kokuba khona komuntu kulembulunga. Yebo, eminyakeni eyinkulungwane kusukela manje, abantu bayofana noNkulunkulu noMvuseleli wabo. (Genesise 1:26-30) Bayobe bejabulela ukuphila ngokugcwele “ensimini yase-Edene,” ipharadesi lenjabulo, emhlabeni ohlanziwe oyobe ungaminyanisiwe izakhamuzi ezingabantu. (Genesise 2:15) Konke lokhu kuyobe kuwukugcwaliseka kwenjongo yokuqala yoMdali ngomhlaba nangalabo ababezohlala kuwo. Lokhu kugcwaliseka okuhle kuyomlwela njengothembekile esithembisweni sakhe sothando sokubusisa sonke isintu naphezu kwakho konke ukuphikiswa.
2. Abantu ababephila emakhulwini eminyaka ayi-19 adlule bawuthola kanjani umbono walokho isintu esiphelele esiyoba yikho?
2 Lokho kugcwaliseka okubusisiwe kuyoletha emvuthwandaba ukuBusa kukaNkulunkulu kweMinyaka Eyinkulungwane ngeNdodana yakhe ekhazinyulisiwe, eyachitha iminyaka engama-33 1/2 emhlabeni njengomuntu ophelele emakhulwini eminyaka angaphezu kwayi-19 adlule. Ngokuqondene nalokho eyabonakala iyikho ngalesosikhathi, siyafunda: “ULizwi waba-yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.” (Johane 1:14) Ngakho kuJesu Kristu, abantu bakwaIsrayeli ngalesosikhathi babona ukuthi isidalwa esingumuntu esiphelele sinjani. (Luka 3:23, 38) Yebo, emakhulwini eminyaka ayi-19 edlule abanye abantu babona ukuthi isintu esiphelele siyoba njani ePharadesi lasemhlabeni elizayo.
3, 4. (a) Ukubusa kukaJehova ngoJesu Kristu kuyothatha isikhathi eside kangakanani ngempela? (b) Iliphi igama elisetshenziselwa leyonkathi yesikhathi, futhi laboniswa kanjani ezihlokweni zezincwadi ezithile zeWatch Tower?
3 Ubude bokubusa koMbuso kaJehova ngoJesu Kristu nabafundi bakhe abakhazinyulisiwe abayizi-144 000 kwabikezelwa ukuthi buyoba iminyaka eyinkulungwane. Ngokuqondene nalokho kuBusa kweMinyaka Eyinkulungwane, umphostoli uJohane owayesegugile wabhala: “Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywé amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane. Abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala. Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba-ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.”—IsAmbulo 20:4-6.
4 Njengoba ngesiNgisi inkathi eyiminyaka eyinkulungwane ibizwa ngokuthi imillennium, leyonkathi ibizwa ngokuthi ukubusa kukaKristu kweMinyaka Eyinkulungwane (Christ’s Millennial reign). Labo abamukela futhi bafundise lemfundiso yeBhayibheli ngezinye izikhathi babizwa ngokuthi amamillenarian noma amachiliast (abakholelwa eminyakeni eyinkulungwane), ngokwegama lesiGreki elisho “inkulungwane.” Ngokuthakazelisayo, imiqulu yeStudies in the Scriptures (eyake yakhishwa iWatch Tower Bible and Tract Society) ekuqaleni yayibizwa ngokuthi i“Millennial Dawn.” Futhi iculo elake lasetshenziswa abaFundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke lalithi Hymns of the Millennial Dawn.
5. Siyoba yini isimo sikaSathane namademoni phakathi nokuBusa kukaKristu kweMinyaka Eyinkulungwane?
5 Amazwi athi “iminyaka eyinkulungwane” kusAmbulo 20:4 awawona angokomfanekiso kodwa abhekisela eminyakeni eyinkulungwane ebalwa ngokuzungeza kwelanga umhlaba. Phakathi naleyoMinyaka Eyinkulungwane, uSathane uDeveli noquqaba lwamademoni akhe bayobe bekwalasha, ngoba ngaphambi nje kokuba akhulume ngokuBusa kukaKristu kweMinyaka Eyinkulungwane, umphostoli uJohane wathi: “Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. Yambamba udrako, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane, yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana.”—IsAmbulo 20:1-3.
6. (a) Iluphi usuku amanye amaRoma Katolika aye alunikeza njengesiphelo sokuBusa kukaKristu kweMinyaka Eyinkulungwane? (b) Ukuba lokho amaKatolika akushoyo kwakuyiqiniso, isikhathi esifushane sokukhululwa kukaSathane emgodini ongenamkhawulo sesibe side kangakanani kakade?
6 Amanye amaRoma Katolika aye athi ukuBusa kukaJesu Kristu kweMinyaka Eyinkulungwane kwaphela ngo-1799 lapho amabutho aseFrance ethumba iRome futhi eketula upapa njengombusi wayo, kangangokuthi wathunyelwa eFrance eyisiboshwa, lapho afela khona. Abefundisi bamaKatolika baye bathi uSathane namademoni akhe ngalesosikhathi bakhululwa “emgodini ongenamkhawulo,” noma “kwalasha,” ukuze bavuselele umsebenzi wabo wokudukisa ‘okwesikhashana.’ (IsAmbulo 20:1-3, Douay Version yamaKatolika) Ukuba lokho kwakuyiqiniso, kwakuyosho ukuthi “isikhashana” kakade sesiqhubeke iminyaka eyi-190, nesiphelo singabonakali.
7. IBhayibheli libonisani ngesikhathi nangohlobo lokuBusa kukaJesu Kristu kweMinyaka Eyinkulungwane?
7 Nokho, ngokwemiBhalo ukuBusa kukaJesu Kristu kweMinyaka Eyinkulungwane kwangempela kuseza. Ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli kosuku lwanamuhla kubonisa ukuthi kuseduze kakhulu. Phakathi neMinyaka Eyinkulungwane yangempela, uSathane namademoni akhe bayofakwa kwalasha ngempela, futhi uJesu Kristu nezindlalifa ezikanye naye eziyizi-144 000 bayobusa phezu kwaso sonke isintu ngaphandle kokuphazanyiswa okuvela enhlanganweni kaDeveli. Ukubusiswa okuhlala njalo kwaso sonke isintu esihlengiwe, ekugcwalisekeni kwesivumelwano sikaJehova ‘nomhlobo’ wakhe uAbrahama, kuyoqala ‘esixukwini esikhulu,’ esiyosinda “osizini olukhulu” olungenakuqhathaniswa lolo isimiso esibi esiyophela ngalo. Kuyodlulela nasezigidini zezigidi zabantu abafile abahlengwe ‘ngegazi leWundlu,’ uJesu Kristu. (Jakobe 2:21-23; IsAmbulo 7:1-17; Genesise 12:3; 22:15-18; Mathewu 24:21, 22) Ngalenjongo, laba bayovuselwa ekuphileni emhlabeni bevela ebuthongweni bokufa emathuneni okukhunjulwa.—Johane 5:28, 29.
Inhlangano YobuKristu
8. Iyiphi inhlangano eyachazwa incwadi ethi The New Creation, kodwa imuphi umsebenzi wokuhlela engazange iwucabangele?
8 Ekufezekeni kwenjongo yaphezulu, inhlangano entsha iye yandulela lezozibusiso ngamakhulu eminyaka. Ngokuqondene naleyonhlangano, siyafunda: “Uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha.” “Nakusoka nakungasoki akulutho, isidalwa esisha kuphela.” (2 Korinte 5:17; Galathiya 6:15) Emuva ngo-1904, incwadi ethi The New Creation yadonsela ukunakekela kulenhlangano entsha eyaba khona ekhulwini lokuqala leminyaka C.E. (Studies in the Scriptures, Umqulu VI, Isifundo V, esinesihloko esithi “Inhlangano Yendalo Entsha”) Ngenxa yombono wayo walokho ukuphela kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914 okwakuyokusho, leyoncwadi ayizange icabange ngomsebenzi ophawulekayo wenhlangano okwakufanele wenzeke ngemva kwemiphumela ekhubazayo yempi yezwe yokuqala emlandweni wesintu.—Luka 21:24.
9. Insali yendalo entsha yazimisela ukubhekana nayiphi inselele?
9 Ukulondolozwa kwensali yendalo entsha engokomoya kuze kube sekupheleni kweMpi Yezwe I ngo-1918 nokulondolozwa kwayo iphila enyameni kuze kube ngonyaka wangemva kwempi ka-1919 kweza njengesimangaliso esikhulu. Kodwa izimo zeminyaka eyinkulungwane zazingakaqali. Khona-ke, ngokusobala kwakusenomsebenzi owengeziwe nokwakufanele insali yendalo entsha iwenze emhlabeni ngaphambi kokuba ijabulele ithemba layo lasezulwini lokuhlanganyela noJesu Kristu emsebenzini weminyaka eyinkulungwane. Ngakho-ke, isidingo esikhulu kwakungesokuvuselela nokuhlela kabusha insali. Ngakho, ngokholo oluqinile nangokulangazelela umsebenzi ojabulisayo owawungaphambili, yazimisela ukubhekana nenselele.
10. Imiphi imibuzo eyaphakama ngokuqondene nezigidi okulindeleke ukuba zisindele esimisweni esisha sezinto?
10 Insali yabagcotshiwe yayilindele ukusindela emhlabeni kwabanye besintu ekupheleni okuyinhlekelele kwalesimiso esibi badlulele ekuBuseni kukaJesu Kristu kweMinyaka Eyinkulungwane. Lokhu kwakunjalo ikakhulukazi ngemva kokunikezwa kwenkulumo yeningi ethi “Izigidi Eziphila Manje Zingase Zingafi” eLos Angeles, eCalifornia, ngonyaka wempi ka-1918. Ingabe lezigidi zesikhathi esizayo zabasinde eHarmagedoni kwakumelwe zihlelwe? (IsAmbulo 16:14-16) Ngaphambi kokuba zingeniswe eMinyakeni Eyinkulungwane ukuze zibe yingxenye ‘yomhlaba omusha,’ ingabe zaziyohlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso kanye nensali? (2 Petru 3:13) Lemibuzo yayiyophendulwa ngokwakuyovela ngemva kwempi.
11. (a) Yini okwayokudingeka yenziwe ngezinye izimvu ukuze zibe mhlambi-munye nensali? (b) Kungani ukwehluka kwamathemba kwakungesona isizathu sokwehlukana phakathi kwensali nezinye izimvu?
11 Amazwi alandelayo oMalusi Omuhle, uJesu Kristu, avelela ngokufanele: “Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesisibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube-mhlambi munye nomalusi munye.” (Johane 10:16) Uma insali egcotshiwe yayidinga ukuhlelelwa umsebenzi wangemva kwempi kusukela ngo-1919 kuqhubeke futhi uma kamuva ezinye izimvu kwakudingeka zibe mhlambi munye nensali kulesisibaya, khona-ke yini okwakumelwe ilandele? Phela, nezinye izimvu nazo kwakufanele zihlelwe kanye naleyonsali! Iqiniso lokuthi ezinye izimvu zazinethemba elihlukile—lokuphila epharadesi lasemhlabeni lenjabulo—lalingeyona imbangela yokwehlukana phakathi kwazo nensali. Bonke babelandela uMalusi oyedwa kuphela, futhi kwakungeke kube khona ukwahlukana phakathi kwalamaqembu amabili kuze kube ukukhazinyuliswa kwensali egcotshiwe eMbusweni.
12. (a) Yini ebaluleke kakhulu nangaphezulu kunokusinda kwesintu? (b) Kunini lapho kwaba okubaluleke kakhulu khona ukumemezela uMbuso futhi ngani?
12 Ukusindiswa kwesintu esonweni nasekufeni, ukupheliswa kokubuswa yizwe likaSathane, nokubuyiselwa kwesintu esilalelayo ePharadesi elimiswe kabusha emhlabeni wonke kuyizici ezivelele zenjongo kaJehova yothando. Nokho, kunento ebaluleke kakhulu endaweni yonke. Yini leyo? Ukulwelwa kobukhosi bukaJehova uNkulunkulu bendawo yonke kanye nokungcweliswa kwegama lakhe elingcwele. Ukufaneleka kokumemezela ngoMbuso kaNkulunkulu ngeNkosi ebusayo, uJesu Kristu, kwagcizelelwa ngo-1922 emhlanganweni wesibili wabaFundi BeBhayibheli Bezizwe Zonke eCedar Point, eOhio. Njengoba iZikhathi Zabezizwe zaziphele ngo-1914, kwakuyisikhathi esifanelekile sokugcwalisa amazwi kaJesu angokwesiprofetho: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) LoMbuso owawuyolwela ubukhosi bukaJehova bendawo yonke futhi ungcwelise igama lakhe elingcwele wawusumisiwe ezulwini ngo-1914, futhi uJesu Kristu wayebusa phakathi kwezitha zakhe. Lezi kwakuyizindaba ezinhle kakhulu ukuba zishunyayelwe ngazo zonke izindlela ezitholakalayo ukuze kumenyezelwe iNkosi noMbuso wayo!
13. Yini uNkulunkulu ayilungiselela umsebenzi wokumenyezelwa koMbuso, futhi ngani?
13 UJehova ungumhleli ngezinga lendawo yonke, ngoba ungoPhakeme Kakhulu. Manje wabe eseqikelela ukuhlelwa okuphelele, lapha emhlabeni, komsebenzi wokushumayela ngoMbuso wakhe ezizweni zonke ngaphambi kokuba ukuphela kwalesimiso kufike. Ngakho-ke, amalungu asindile ensali yabagcotshiwe ahlanganiswa aba inhlangano yezizwe zonke ukuze afeze intando yakhe. Laba kumelwe bamemezele ezweni ukuthi ngenxa yokuthi uSathane uye wabubekela inselele ubukhosi bukaJehova bendawo yonke, kokubili ukuba ngokoqobo kwalobobukhosi nokufaneleka kwabo kumelwe kulwelwe, kunikwe ilungelo kuze kube-phakade.
Ukuhlela Kwangaphambi Kweminyaka EyiNkulungwane
14. (a)Ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile, iyiphi inhlangano eyaba ingxenye yasemhlabeni yenhlangano kaJehova yendawo yonke? (b) UDavide wabonakala kanjani engumhleli ovelele?
14 Emakhulwini ayi-15 eminyaka ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile, uJehova uNkulunkulu wayenenhlangano ebonakalayo emhlabeni. Wasebenzisa umprofethi uMose njengomlamuleli waKhe ekuhleleni isizwe sakwaIsrayeli ngemva kokukhululwa kwaso eGibithe, umbuso wezwe wokuqala womlando weBhayibheli. Ngaphansi koMthetho kaMose, uIsrayeli waba ingxenye ebonakalayo yenhlangano kaJehova yendawo yonke. Umhleli ovelele phakathi kwalabantu abakhethwe uNkulunkulu kwakuyinkosi engumalusi uDavide, esifunda lokhu ngaye: “UDavide wawahlela [amaLevi akhonza ethempelini likaJehova] ngezigaba ezazibizwa ngoGereshoni, uKhohati, noMerari, amadodana kaLevi.” “Wabahlela [abapristi] ngokwenza inkatho phakathi kwabo, ngokuba kwakukhona izikhulu ezingcwele nezikhulu zikaNkulunkulu ohlwini lukaEliyazare nakolukaItamari.”—1 IziKronike 23:3, 6; 24:1, 5, The New English Bible.
15. (a) AmaIsrayeli aphuma kanjani eGibithe? (b) Obani abanye abakhetha ukushiya iGibithe, futhi ingabe bahlala benamaIsrayeli?
15 Emakhulwini eminyaka ngaphambi kwesikhathi sikaDavide, lapho amaIsrayeli eshiya iGibithe, awazange aphulukundlele ngendlela yobuhlanya kodwa ahamba ngendlela ehlelekile. Lokhu kwabonisa umsebenzi omuhle wokuhlela ngomlamuleli wawo, uMose. Isixuku sabangewona amaIsrayeli sahamba nawo, sikhetha ukuzihlanganisa nabantu bakaNkulunkulu owenza izimangaliso, uJehova, owayenamandla kunabo bonke onkulunkulu baseGibithe. Naphezu kobunzima obuningi, ngesinye isikhathi kamuva ‘lengxubevange’ enomusa kubantu abakhethiwe bakaJehova yayisenabo ehlane elisabisayo laseSinayi. (Eksodusi 12:37-51; Numeri 11:4) Sikanye namaIsrayeli, lesixuku esixubile ngokusobala sangena eZweni Lesithembiso ngaphansi kokuhola kwalowo owalandela uMose, uJoshuwa, ngoba uNkulunkulu wamisa ukuba abafokazi abanjalo benzelwe ilungiselelo.
16. (a) Isixuku esikhulu esixubile sasifanekisela obani? (b) Yini okumelwe laba bayenze ukuze basinde ekupheleni kwalesimiso?
16 Lesosixuku esikhulu esixubile esivela eGibithe likaFaro safanekisela isixuku esikhulu sekhulu lama-20 leminyaka. Asiwona amaIsrayeli angokomoya kodwa singezinye izimvu zoMalusi Omuhle, uJesu Kristu. Sikanye nensali egcotshiwe, sibheke phambili ekukhululweni okuphelele eGibithe elingokomfanekiso, isimiso sezinto sezwe leso uFaro Omkhulu, uSathane uDeveli, angunkulunkulu waso. (Johane 10:16; 2 Korinte 4:4; IsAmbulo 7:9) Kodwa yini okumelwe siyenze ukuze sisinde ekubhujisweni okunendluzula kwezwe elidala likaSathane futhi singene ezweni elisha elithenjisiwe ngaphansi kukaJoshuwa Omkhulu, uJesu Kristu? (2 Petru 3:13) Kumelwe sihambisane namalungiselelo okuhlela omnyombo wenhlangano kaJehova ebonakalayo, insali egcotshiwe.
17. Kulelizwe elingahlelekile, abesixuku esikhulu baziphatha kanjani, futhi yini ababheke phambili kuyo?
17 Ikakhulukazi kusukela phakathi neshumi lesine lekhulu lama-20 leminyaka isixuku esikhulu sezinye izimvu siye salethwa emhlanjini owodwa ohlelekile ngaphansi kukaMalusi oyedwa okhazinyulisiwe, iNkosi ebusayo uJesu Kristu. Ezweni eliqhubeka liba elingahlelekile naphezu kokuba khona kwenhlangano yeZizwe Ezihlangene, labo balesixuku esikhulu bayisekela ngenhliziyo ephelele insali egcotshiwe futhi kanjalo benikeza ubufakazi bamandla ahlanganisayo omoya ongcwele kaJehova. Ngokuzimisela, bazigcina behlelekile nensali lapho bebheke phambili enkonzweni ekhethekile emhlabeni phakathi nokuBusa kukaJesu Kristu kweMinyaka Eyinkulungwane.
Yini Oyikhumbulayo?
◻ ImiBhalo ibonisani ngesikhathi nangohlobo lokuBusa kukaKristu kweMinyaka Eyinkulungwane?
◻ Yini ebaluleke kakhulu ngokwengeziwe kunokusinda kwesintu?
◻ Ngaphambi kweSikhathi sethu Esivamile, iyiphi inhlangano eyaba ingxenye yasemhlabeni yenhlangano kaJehova yendawo yonke?
◻ Labo abafanekiselwa isixuku esikhulu esixubile basindela kanjani ekuBuseni kweMinyaka Eyinkulungwane?