Umhlangano Waminyaka Yonke—Ngo-October 7, 1989
UMHLANGANO WAMINYAKA YONKE wamalungu eWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania uyoba ngo-October 7, 1989, eHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova, e-2932 Kennedy Boulevard, Jersey City, New Jersey. Umhlangano owandulelayo wamalungu kuphela uyoqala ngo-9:30 a.m., ulandelwe umhlangano weningi waminyaka yonke ngo-10:00 a.m.
Amalungu eNhlangano kufanele alazise manje iHhovisi likaNobhala nganoma iluphi ushintsho emakhelini awo phakathi nonyaka odlule ukuze izincwadi ezivamile zezaziso kanye namaphepha okuvota kufinyelele kuwo ngokushesha ngemva kuka-August 15.
Amaphepha okuvota, ayothunyelelwa amalungu kanye nesaziso somhlangano waminyaka yonke, kumelwe abuyiswe ukuze afinyelele eHhovisi likaNobhala weNhlangano kungakadluli uSeptember 1. Ilungu ngalinye kufanele liligcwalise ngokuphelele futhi libuyise iphepha lalo lokuvota ngokushesha, lisho ukuthi lizoba khona mathupha yini emhlanganweni noma cha. Ukwaziswa okunikezwe ephepheni ngalinye lokuvota kufanele kube okungujuqu kuleliphuzu, njengoba kuyothenjelwa kukho ekuboneni ukuthi obani abayoba khona mathupha.
Kulindeleke ukuthi sonke isimiso, kuhlanganise nomhlangano webhizinisi nombiko, siyophetha ngo-1:00 p.m. noma ngokushesha ngemva kwalokho. Ngeke sibe khona isimiso santambama. Ngenxa yendawo elinganiselwe, kuyongenwa ngamathikithi kuphela. Akukho malungiselelo ayokwenziwa okuxhumanisa umhlangano waminyaka yonke nezinye izindawo ngezingcingo.