Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 8/15 kk. 4-7
  • Ukuphela Kobugebengu Manje Kuseduze!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphela Kobugebengu Manje Kuseduze!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwesaba UNkulunkulu Kumelene Nomhawu
  • Ukholo Lumelene Nobugovu
  • Abantu Babaluleke Ukwedlula Impahla
  • Ubugebengu—Ingabe Sebuqediwe Kakade?
  • Ukuqedwa Kobugebengu—Amathemba
  • Kungani Kunobugebengu Obuningi Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • UJesu Welapha Amadoda Ayizimpumputhe, Asize NoZakewu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Ufundisa EJeriko
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • UJesu Ufundisa EJeriko
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 8/15 kk. 4-7

Ukuphela Kobugebengu Manje Kuseduze!

ABASESHI bafuna ukuxazulula ubugebengu ngokuhlola imikhondo eyembula ukuthi zingobani izigebengu nezisusa zazo. Amasu namakhono omseshi kukhulunywa ngawo emanovelini athandwa ngabantu emhlabeni wonke. Nakuba ekugcineni engase aphumelele ekutholeni isigebengu, umsebenzi womseshi ngokuvamile uqala ngemva kwesenzakalo, ngemva kokuba ubugebengu sebenziwe.

Njengoba kungase kubonwe ngokwanda kobugebengu, ngesigebengu ngasinye esibanjwayo, kunabanye abaningi abaphendukela ebugebengwini. Ngakho kudingeka kwenziwe okungaphezu kokumane kuxazululwe lezozenzo zobugebengu esezenziwe kakade ukuze kuqedwe ubugebengu. Yini eyovimbela abantu ekubeni izigebengu?

Ubugebengu buhlangene nokuziphatha. Asinabunzima ekuvumeni ukuthi ukubulala, ukudlwengula, nezinye izenzo zobudlova kuwubugebengu. Kodwa kuthiwani ngokukhohlisa lapho kugcwaliswa amafomu entela? Isenzo esinjalo naso siwubugebengu, ngoba siphambene nezindinganiso zokuziphatha zokwethembeka. Ukubuqeda ngokuphelele ubugebengu kumelwe kusho ukususwa kwazo zonke izenzo eziphambene nokuziphatha okuyisisekelo.

Cabangela izibonelo zeBhayibheli ezintathu ezingaqokomisi nje kuphela imbangela yobugebengu kodwa futhi nendlela obuyoqedwa ngayo.

Ukwesaba UNkulunkulu Kumelene Nomhawu

Siza uphawule amazwi omhubi uAsafa: “Ngaba-nomhawu ngabazidlayo, lapho ngibona ukubusa kwababi.” (IHubo 73:3) Yebo, umhawu ngokuchuma kwesigebengu nendlela yaso yokuphila kuyenga abaningi ukuba bathathe izindlela ezingemthetho. Ubugebengu obukhangayo kuthelevishini nasemaphephandabeni bubenza bamukeleke ngokwengeziwe kunokuba bushukumise inzondo ngokubi.

Nakuba kunjalo, umlobi ophefumlelwe wezAga uyanxusa: “Inhliziyo yakho mayingabi-namhawu ngezoni, kepha mawube-sekumesabeni uJehova usuku lonke.” Sona kanye isisusa nesifiso somuntu kuwumsuka walenkinga. Indlela ephumelela kakhulu yokukunqanda ingokwakha ukwesaba ukudumaza uJehova uNkulunkulu. “Ngokuba impela umvuzo ukhona, nethemba lakho aliyikunqunywa.”—IzAga 23:17, 18.

Ukholo Lumelene Nobugovu

Ekwindla ka-33 C.E., uJesu wayehamba edolobheni laseJeriko. Leyo kwakuyindawo okwadabuka kuyo uZakewu, lowo umlobi weVangeli uLuka amchaza ‘njengomthelisi omkhulu,’ enezela ngokuthi ‘wayecebile.’ Isigodi esivundile esizungeze iJeriko sasiyindawo eyinhloko yokuthelisa, futhi njengoba kuboniswa amazwi akhe siqu uZakewu, umsebenzi wakhe njengomthelisi omkhulu wawumnikeza amathuba okwephuca abanye. Kodwa uZakewu akazange ahlale eyisigebengu.—Luka 19:1-8.

UZakewu wagijimela ngaphambi kwesixuku esasizungeze uJesu futhi ngenxa yokuba kwakhe mfushane wafuna indawo ayengabuka ekuyo ngokugibela emkhiwaneni. UJesu wambona futhi wamtshela ukuba ehle, ngoba wayeyohlala naye lapho eseJeriko. Kamuva, amazwi kaZakewu abonisa isimo sengqondo esishintshile: “Ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.” Ukubuyisela izamba zemali eziphuciwe kwakuyohilela izindleko ezinkulu. Ngokuthembisa ukwenza lokhu, uZakewu wayebonisa ukholo lwakhe kuJesu. Yebo, umbono wakhe oshintshile waletha umphumela ophawulekayo, ukubuyiselwa kokuye kwathathwa ngokungemthetho kanye nokuphindwa kathathu kwalokho, kwenza ukubuyiselwa kube ngokuphindwe kane. Ngakho-ke uZakewu walungisa okubi ayekwenzile futhi wadlulela ngisho nangalé kwalokho, efakazela ubuqotho bendlela yakhe yokuphila eshintshile.—2 Korinte 7:11.

Abantu Babaluleke Ukwedlula Impahla

Umbusi waseRoma uPilatu wathi ngoJesu Kristu obekwe icala: “Angifumani-cala kulomuntu.” (Luka 23:4) Kunokuba aphendukele enkambweni yobugebengu ukuze azuze izinto ezibonakalayo, kuyo yonke inkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wabonisa isithakazelo sothando kubantu. “Ebona izixuku waba-nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi. Wayesethi kubafundi bakhe: Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.” (Mathewu 9:36-38) Ngokusobala, uJesu wayekhathalela abantu kunempahla, ngisho nangaphambi kokunethezeka nezithakazelo zakhe siqu. Lokhu sikubona nasekuzimiseleni kwakhe ukuba matasa ekunakekeleni abafundi nezixuku ezazimfuna ukuze zithole isiyalo nosizo. (Mathewu 8:20; 14:13-16) Kulokhu, uJesu wasishiyela isibonelo ukuba sisilandele.—1 Petru 2:21.

Ingabe kungenzeka ngabantu namuhla ukuba balandele lesosibonelo, ukuba babheke abantu abakanye nabo njengabayigugu ukwedlula izinto ezibonakalayo? Singaphendula ngoyebo. Cabangela oFakazi BakaJehova, asebengaphezu kwezigidi ezintathu nengxenye yesine. Bafuna ukuba nomqondo kaKristu nokuwubonisa ngokoqobo. Njalo basebenzela ukukhipha ezinhliziyweni zabo izifiso ezimbi eziholela abaningi ebugebengwini. Ngaphambi kokuba babe oFakazi, njengoba babetadisha iBhayibheli futhi beba nothando ngoNkulunkulu, lokhu kwathinta abanye babo ababekade beyizigebengu, kwashukumisela abaningi ukuba bahlawule ngenxa yezenzo zobugebengu ababezenze ngaphambili. Cha, abanjalo abazange benze lokho ukuze babonwe abantu kodwa ukuze babe nobuhlobo obunokuthula noJehova uNkulunkulu futhi ngaleyondlela bazuze emseni wakhe ongasifanele njengoba uboniswe ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu.—1 Korinte 2:16; 6:11; 2 Korinte 5:18-20.

Ngenxa yothando ngomakhelwane bawo, amaKristu anjalo asebenzisa isikhathi evakashela eminye imikhaya futhi echaza ukuthi imikhaya enjalo ingabheka kanjani phambili ekuphileni ezimweni zePharadesi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Isonto ngalinye oFakazi BakaJehova baba nemihlangano yasikhathi sonke emaHholo abo oMbuso. Elinye isela elazisho ngokwalo ukuthi laleba lamukela isimemo sokuba khona libone ukuthi leyomihlangano injani. Liyalandisa: “Engingakusho nje ukuthi, ngangimangele kakhulu. Yayingesona neze isicefe noma isidina njengoba ngangilindele. Imfudumalo nothando, okwakusobala kwakungekhona okokuzenzisa. Futhi ukwazisa bonke oFakazi okwakubonakala benakho ngezinto ezingokomoya kwakungokuvelele.” Lahlabeka umxhwele kakhulu kangangokuthi laqhubeka lihlanganyela, futhi lokhu kwalisiza ukuba liguquke. Kungakhathaliseki ukuthi uye wahileleka ebugebengwini noma cha, lapho uhlanganyela nezinceku zikaNkulunkulu, nawe futhi uyothola isithakazelo esifanayo sangempela kubantu kunasezintweni ezibonakalayo.—Mathewu 22:39.

Ubugebengu—Ingabe Sebuqediwe Kakade?

Uma abantu bengasabenzi ubugebengu, ingabe lokho kusho ukuthi baphelele? Akunjalo neze! OFakazi BakaJehova, njengabo bonke abantu, bahlushwa isono abasizuza ngefa kumzali wethu wokuqala ongumuntu, uAdamu. (Roma 5:12; 1 Johane 1:8) Kodwa manje banobunye ekukhonzeni uNkulunkulu, njengoba kuboniswa emsebenzini wabo womhlaba wonke wokushumayela nokufundisa. Lokhu kunikeza ubufakazi obunamandla bokugcwaliseka kwesiprofetho sikaIsaya esithi: “Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, . . . nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.” (Isaya 2:2) Ngempela, izigidi zigobhozela ekukhulekeleni kukaJehova okuphakeme, zifuna ukufundiswa ngezindlela zakhe. Ungaba ngomunye walabo abazuza ngokuhlanganyela nabantu abagwema ubugebengu.

Ukuqedwa Kobugebengu—Amathemba

Umsebenzi wobugebengu owandile wosuku lwethu eqinisweni ubikezela ukuba seduze kokungenela kwaphezulu ukuze kususwe bonke ababi, kuhlanganise nabo bonke abenza ubugebengu. “Ngokuba ababi bazakuchithwa . . . kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.” (IHubo 37:9, 10) Ngempela ukuphela kobugebengu sekuseduze, ngoba sisondele esikhathini lapho isigebengu sokuqala, uSathane uDeveli, siyoboshwa khona futhi siphonswe kwalasha. (IsAmbulo 20:1-3) Yeka ukuthi kumelwe kuvuse amadlingozi kanjani ukwazi ukuthi ukwesaba ubugebengu nobuhlungu obuzwiwa izisulu zabo ngokushesha kuzoba izinto zesikhathi esidlule!

Nokho, kuthiwani ngezigidi zabantu abayobuyiselwa ekuphileni emhlabeni ngovuko? (IzEnzo 24:15) Uma bephikelela nobuntu obufana nezindlela ababenazo ngaphambi kokuba bafe, ngeke yini baqalise igagasi elisha lobugebengu? Asikho isidingo sokukwesaba lokho. UJesu wathembisa isela uvuko, ethi: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba-nami eParadisi.” (Luka 23:43) Lokhu ngokuqinisekile kubonisa ukuthi abavusiwe kuyodingeka benze ushintsho; kungenjalo izwe elisha belingeke libe ipharadesi.

Njengoba nje ngisho nezigebengu ezinenkani zidinga ukulungisa izigwegwe ngaphambi kokuba zikwazi ukuhlala emphakathini ngaphandle kokudala izinkinga, ngakho ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, isimiso esifinyelela kude sokufundisa siyosiza izikhonzi ukuba zilalele umthetho. (IsAmbulo 20:12, 13) Benethuba elisobala lokuzungezwa izakhamuzi zePharadesi, ezilalela imithetho kaNkulunkulu, abavusiwe bayobona izimo zezomnotho ezilawulwa ngokufanelekile. (Isaya 65:21-23) Kuyoba nababusi abalungile ezikhundleni, futhi noma imuphi omubi ophikelelayo uyosuswa ekuphileni. (Isaya 32:1; 65:20) Ngakho kunezizathu eziningi zokukholelwa ukuthi, ekugcineni, ubugebengu buyophela.

Nakuba sisaphila phakathi kwezwe eliphawuleka ngobugebengu, ungathembela ngesibindi kuJehova, othembisa ukuvuza izinceku zakhe ezithembekile ngokuphila okuphelele ePharadesi. Yenza kanjalo manje ngokulisebenzisa ngokugcwele ilungiselelo lesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala esinikezwa oFakazi BakaJehova. (Johane 17:3) Uma ubabona ngokulandelayo, kungani ungaceli imininingwane eyengeziwe? Noma ungabhalela ekhelini eliseduze nawe njengoba ebhalwe ekhasini 2 lalomagazini. Ngokuqinisekile kuwufanele umzamo, ngoba ukuphela kobugebengu sekuseduze!

[Isithombe ekhasini 5]

Ukholo lukaZakewu lwamshukumisela ukuba abuyisele lokho ayekuphuce abantu

[Isithombe ekhasini 7]

Isimiso sokufundisa siyofundisa izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu ukuba zilalele umthetho

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela