Kungani Kunobugebengu Obuningi Kangaka?
“UBUGEBENGU obuningi benziwa empahleni,” kugomela incwajana kahulumeni waseBrithani. Nokho, kulelozwe ubugebengu bobudlova kubantu kubikwa ukuthi ‘buwuhlobo lobugebengu obanda ngokushesha okukhulu,’ nakuba bakha amaphesenti ama-5 kuphela awo wonke amacala.
Lesisimo sibonisa ukwanda kobugebengu emhlabeni wonke. Ukuthumba, ukuphanga ngezikhali, ukudlwengula, nezinye izenzo zobudlova kukhishwa njalo ezinhlwini zamaphephandaba omhlaba wonke, ngokuvamile zidonsa ukunakekela okwengeziwe kunemibiko yobugebengu obungenabudlova. Khona-ke, ngokusobala kokubili wena nempahla yakho ningase nibe isisulu sobugebengu. Kodwa kungani? Yini eshukumisela abantu ukuba babe izigebengu?
Izigebengu eziningi zingabantu abasizakala ngethuba abalitholayo. Ngenxa yalokho, iziphathimandla zizama ukuqeda igagasi lobugebengu ngokukhuthaza abantu ukuba babe abakuqaphele ngokwengeziwe lokho okwenzeka endaweni yakubo. Nakuba kusetshenziswa izindlela ezinjalo ukuze kuzanywe ukunqanda izenzo zobugebengu, ingabe ziyabavimbela abantu ekubeni babe izigebengu? Cha.
Ubuntu besigebengu buyindaba okumelwe ibhekisiswe kakhulu. Ngokuthakazelisayo, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, linikeza umbono wokucabanga kwesigebengu lapho lixwayisa izinsizwa ngalabo ngokuyenga abathi: “Wozani; masitholeni othile esingambulala! Masihlaseleni abantu abangenacala ngenxa nje yobumnandi! Siyobathola bephila futhi bengahlushwe yilutho, kodwa bayobe befile lapho siqedile ngabo! Siyothola zonke izinhlobo zengcebo futhi sigcwalise izindlu zethu ngempango! Wozani nihlanganyele nathi, futhi sonke siyohlukaniselana ngalokho esikwebile!” (IzAga 1:11-14, Today’s English Version) Yebo, ubugovu, ukuhaha, nombono wokugxila ezintweni ezibonakalayo kubangela ubugebengu.
Ukusetshenziswa kabi kwemilaliso nokuzitika ngenjabulo nakho kubusa ukucabanga kwabaningi kulelikhulu lama-20 leminyaka. Kudingeka imali ukuze kukhokhelwe izinto ezingadingeki kangako, ngisho nanoma kudinga ukulimaza omunye noma ukumbulala ukuze kutholwe leyomali. ‘Kulezikhathi ezinzima,’ kuyiqiniso ngempela ngenani elikhulayo labantu ukuthi “babugijimela kakhulu ubugebengu, bayashesha ukuchitha igazi.”—2 Thimothewu 3:1, 3, 4; IzAga 1:16, The New English Bible.
Ubugebengu ‘buyicala elikhulu ikakhulukazi lokuziphatha,’ kusho iWebster’s Ninth New Collegiate Dictionary. Siphila enkathini yokuwohloka kokuziphatha. Umphostoli uPawulu waxwayisa amaKristu ase-Efesu ngabantu ‘abahamba ebuzeni bengqondo yabo, behlelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo, [laba baye] bazinikela emanyaleni.’ Ngokufanayo, sidinga ukulalela namuhla.—Efesu 4:17-19.
Ukwanda kwamavideo abukisa ngokudlwengula, ukudunyiswa kwempi, nokuphishekelwa ngobugovu kwezinjabulo ezingemthetho konke akubi nengxenye yini ekwenzeni abanye babe izigebengu kuyilapho kwenza abantu abangenacala babe izisulu zobugebengu? Kodwa kusenesinye isici ochungechungeni lwecebo lobugebengu. Siyini lesosici?
SinguSathane uDeveli. Intukuthelo yakhe yokhela umlilo wobudlova nobugebengu bokungabi nangqondo obugcwele kulelizwe. (1 Johane 5:19; IsAmbulo 12:12) Injongo yakhe iwukususa bonke abantu kuNkulunkulu weqiniso, uJehova. Nakuba engase aphumelele kwabaningi, ngokwesiprofetho iBhayibheli lembula ukuthi uyohluleka ukuphula ubuqotho bezinceku zikaNkulunkulu zeqiniso. Ekugcineni, uSathane uyosuswa. Nokho, ngisho noma uSathane engasekho, ingabe lokho kuyosho ukuphela kobugebengu? Futhi ingabe ukuphela kobugebengu sekuseduze?