Ukuqondisisa Izindaba
Ingabe Iyisihluthulelo Senjabulo?
“Ubunzima beminyaka emibili, injabulo yaphakade.” Lokhu, ngokwephephandaba laseJapane iYomiuri Shimbun, kuyisiqubulo samuva phakathi kwabafundi abangamaShayina baseJapane. Benamathemba okuceba, labafundi baboleka izimali zokuza eJapane, lapho bekholelwa ukuthi lina khona imali evela ezulwini. Banethemba lokuthi ngokubamba amatoho iminyaka emibili lapho besesesikoleni, bangase balondoloze amayen ayizigidi ezimbili (cishe amaRandi ayizi-39 200) bese bephindela ekhaya ukuze bayophila ngenjabulo phakade ngemva kwalokho.
Ukuncika okunjalo emalini njengesihluthulelo senjabulo kuvamile emhlabeni kabanzi. Ukuhlolwa kwamuva kwentsha emazweni ayi-9 kwayi-11 kwembula ukuthi “‘imali’ yayingungqá phambili” ezintweni ezaziyikhathaza, kusho iAsahi Evening News.
Ingabe ukuthembela engcebweni kuyowuvula ngempela umnyango oya enjabulweni? INkosi ehlakaniphile uSolomoni yaxwayisa ngokuthi “othanda imali akayikusutha ngemali.” (UmShumayeli 5:10; 7:12) Ukubeka imali phambili akuphumeli ekwanelisekeni kwangempela, futhi akuqinisekisi ukulondeka esikhathini esizayo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi: “Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba-namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova.” (Zefaniya 1:18) Nokho, ngokuphambene umhubi uDavide wabhala: “Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova.” Ukuthembela kuJehova, hhayi emalini, kuyisihluthulelo sokujabulela injabulo phakade.—IHubo 40:4; Isaya 30:18.
Inkinga Yobhapathizo
Ezikhathini zamuva kuye kwaphakama izinkinga ezimbili ngokubhapathizwa kwezinsana eSontweni laseNgilandi. Eyokuqala iphathelene nobhapathizo “olungakhethi,” olwachazwa omunye umfundisi njengohlobo oluthile ‘lokugoma okungokomoya.’ Eyesibili iwukwenqaba kwenani elikhulayo labefundisi ukubhapathiza izingane abazali bazo abangalisekeli ngenkuthalo iSonto laseNgilandi.
Abefundisi abaningi bayaqaphela ukuthi abazali ngokuvamile abanaso isifiso sokuya esontweni futhi abanakufuna ukuba abantwana babo benze kanjalo. Khona-ke kungani bebhapathiza izinsana? “Bafuna ukuba izingane zabo zibhapathizwe,” kuphawula iTimes, “njengoba nje befuna ukupha noma ukwamukela izipho zosuku lokuzalwa, ukuhlobisa amakhaya abo ngoKhisimusi . . . Kuyingxenye yesiko labo: akudingekile ukuba kube nesizathu.”
Omunye umfundisi wayeka ubufundisi ngoba wafinyelela esiphethweni sokuthi ubhapathizo lwezinsana akumelwe lwenziwe. Wathi: “Ukuphela komuntu ongenza lokho kuzibopha kuKristu umuntu ngokwakhe.” Wayenganezela ngokuthi uJesu Kristu wayeneminyaka engama-30 ubudala lapho ebhapathizwa nangokuthi igama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi ubhapathizo, elithi ba·ptiʹzo, lisho ukucwilisa noma ukufaka ngaphansi. Ngemva kokuba ebhapathizwe eMfuleni waseJordani, uJesu ‘wakhuphuka emanzini.’ (Marku 1:10; Mathewu 3:13, 16) Akukho lapho iBhayibheli libhekisela khona ekufafazweni kwezinsana ngamanzi. Njengoba ubhapathizo luwuphawu lokuzinikezela komuntu kuNkulunkulu njengomlandeli wezinyathelo zikaKristu, alusona isinqumo esingenziwa usana.
Ukuvimbela Inzalo NamaKatolika
Ukumelana kweSonto lamaKatolika nokuvimbela inzalo kwaqinisekiswa uJohn Paul II eMkhandlwini Wesibili WeZizwe Zonke owawumayelana neMfundiso Yenkolo Ngokuziphatha owaqhutshelwa eRome ngoNovember odlule. Ngokwephephandaba laseDolobheni laseVatican, iL’Osservatore Romano, wathi: “Akuyona imfundiso eyasungulwa umuntu. Ibhalwe isandla esingokoqobo sikaNkulunkulu ngayo kanye indlela yomuntu wasemhlabeni. Ukukungabaza kufana nokwenqaba ukulalela uNkulunkulu,” futhi ngalesosikhathi, uyenezela, “akunakungatshazwa umfundisi ongumKatolika.”
Kodwa incwadi kapapa eyayiya kubabhishobhi iHumanae Vitae uPapa John Paul abhekisela kuyo futhi eyabhalwa eminyakeni engama-20 edlule, uPaul VI “ngaso lesosikhathi yangatshazwa yinani elikhulu labefundisi,” kuphawula iphephandaba laseNtaliyane iStampa, futhi yanganakwa “uquqaba lwamaKatolika.”
Ngokusobala, ukungavumelani nezimo kwesonto ngendaba yokuvimbela inzalo kuye kwahlukanisa abefundisi futhi kwawaphazamisa kakhulu amaKatolika aqotho. Ukuphikisana okuqhubekayo ngokusetshenziswa kwanoma yiluphi uhlobo lwezinto zokuvimbela inzalo kwabangela ngisho noJohn Paul ukuba anxuse izazi zemfundiso yenkolo ukuba zonke zikhulume “limi lunye.” Nokho, ngokuphambene nokuzisholo kukapapa ukuthi ukuma kwesonto mayelana nokuvimbela inzalo ‘kwakubhalwe isandla esingokoqobo sikaNkulunkulu,’ iphephandaba laseNtaliyane iLa Repubblica liphawula ukuthi “akukho vesi elivela emaVangelini noma eTestamenteni Elidala elikhonjwayo ukuze kusekelwe lemfundiso.”
Akukho ndawo lapho iBhayibheli lixoxa khona ngokusetshenziswa kwezinto zokuvimbela inzalo noma ukulawula inzalo emshadweni, futhi akukho lapho lisho khona ukuthi amaKristu abophekile ukuba azale. IZwi likaNkulunkulu lishiya lendaba yokuhlelwa komndeni kunembeza wombhangqwana ngamunye ongumKristu. Ngokumisa imithetho yalo yokulawula inzalo, iSonto lamaKatolika seliye ‘leqisa kokulotshiweyo.’—1 Korinte 4:6.