“Ukuthobeka Kuyandulela Udumo”
INSIZWA ethile yayisejele laseGibithe imangalelwe ngamanga. Yayibhekane nokuthotshiswa okukhulu, futhi labonakala lingekho ithemba lokukhululwa ejele. Khona-ke yayalwa ukuba ivele phambi kukaFaro. Abalindi bejele bayikhipha ngokushesha. Yaphuca, yashintsha izimpahla zayo, ngemva kwalokho yavela phambi kwenkosi.
Isimangaliso sasilindele uJosefa. Ngosizo lukaJehova uJosefa wawachaza ngokuqondile amaphupho kaFaro amabili. UFaro wathi: “Bheka, sengikubeké phezu kwezwe lonke laseGibithe.” (Genesise 41:41) Yeka okuhlangenwe nakho okungakholeki—ukuphuma ejele uye endlini yobukhosi konke ngosuku olulodwa! Okuhlangenwe nakho kukaJosefa kwabonisa lokho uSolomoni kamuva aphefumlelwa ukuba akulobe: “Ngokuba waphuma etilongweni ukuba abe-yinkosi.” Ngokufanelekile, uSolomoni wabhala kabili: “Ukuthobeka kuyandulela udumo.”—UmShumayeli 4:14; IzAga 15:33; 18:12.
Ukuze uzuze kuleloqiniso laphezulu, zibuze: Yini eyasekela uJosefa phakathi nokuhlangenwe nakho kwakhe okuthobisayo? Lenceku kaJehova ethembekile yabhekana kanjani necala elingamanga elayifaka ejele? Iyiphi inkazimulo uJehova ayeyigcinele uJosefa? Hlobo luni lwenkazimulo elindele labo abaye babhekana nokushushiswa nokuthotshiswa ngokwethembeka nangesibindi emakhulwini eminyaka? Ngaphezu kwakho konke, yini esisiza ukuba silondoloze isimo sengqondo esilinganiselwe lapho sibhekene nokuthotshiswa?
Kumelwe ukuba uJosefa wayezindla njalo ngamaphupho angokwesiprofetho asekuqaleni abonisa ukuthi abafowabo ngisho nabazali bakhe ‘babeyakukhothama’ phambi kwakhe. Eqinisweni, abafowabo, lapho bezwa ngephupho lokuqala, bathi: “Uyakuba-yinkosi yethu, usibuse, na?”—Genesise 37:8-10.
Abafowabo bakaJosefa abanomona bacishe bambulala! Kodwa ngokuqondisa kukaJehova, lelibhungu elineminyaka eyi-17 lathengiselwa abathengisi abadlula ngendlela, kamuva, abalithengisela uPotifari, induna yomlindi kaFaro.
Ekugcineni, uJosefa waba umphathi phezu kwendlu kaPotifari, onkosikazi yakhe yazama ukuyiyenga lensizwa ebukekayo. Nokho uJosefa wathembeka kuJehova wabaleka. Lomfazi oyiqili wamangalela uJosefa ngamanga ngokuthi wazama ukumdlwengula, noPotifari wamkholelwa, ngakho uJosefa wabantu wagqunywa ejele.
Nokho, wahlala ethembekile kuJehova, lowo, njengoba sekushiwo kakade, owahlela ukuba ayiswe kuFaro ukuze achaze amaphupho. Ngemva kwalokho uFaro wamisa uJosefa elungelweni elikhazimulayo lokuqondisa ukukhishwa kokudla eGibithe. Lapho indlala yenabela naseKhanani, abafowabo bakaJosefa ngempela bamkhothamela ukuze bathole ukudla komkhaya.
Abanye Abasuka ‘Ekuzithobeni Baya Enkazimulweni’
Enye inceku kaJehova ethembekile endlela yayo yokuphila yafakazela iqiniso lokuthi “ukuzithoba kuyandulela udumo” kwakunguMose. Ekhuliswe emzini wengcebo kaFaro uMose wayenekusasa elithakazelisayo phambi kwakhe. Khona-ke izenzakalo zabonakala zishintsha ziba zimbi. UMose wabonisa ukholo kuJehova nokukhathalela kothando ngabantu bakhe, kangangokuthi kwadingeka ukuba abalekele uFaro othukuthele. Ehamba yedwa voʹ waya kwaMidiyani. Iminyaka engama-40 wabonisa ukuthobeka kwakhe ngokuphila ukuphila okuvamile kokuba ngumalusi, eyisisebenzi somukhwe wakhe uJetiro. Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwakukhuthaza kanjani ngoMose phakathi neminyaka engama-40 yokulolonga ubuntu ukuba acabange ngendlela kaJehova yokumthobisa futhi azindle ngalokho okwakungenzeka ukuthi ugcinelwe khona!
Khona-ke inkazimulo yafika. UJehova wabela uMose ukuba abe isithunywa saKhe kuFaro nokuba akhiphe abantu baKhe eGibithe. Yeka amalungelo akhazimulayo uMose aba nawo lapho ehileleka ngokuqondile ezinhluphweni eziyishumi nalapho ehola amaIsrayeli oLwandle Olubomvu! Kamuva, uMose wemukela uMthetho ovela kuJehova eNtabeni yaseSinayi. Lapho esehla, abantu “babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe.”—2 Korinte 3:7.
Cabanga futhi nangoJobe, omkhulu kunabo bonke abantu baseMpumalanga. ‘Wayengumuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.’ (Jobe 1:2, 3, 8) Khona-ke, kungazelelwe, walahlekelwa abantwana bakhe abayishumi nazo zonke izinkulungwane zezimvu zakhe, amakamela, nezinkomo nezimbongolo.
Akugcinanga lapho. Wagcwala amathumba ayingozi, okwabangela ukuba umzimba wakhe unyanyeke. Umkakhe siqu wamgcona: “Usabambelela ekupheleleni kwakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.” (Jobe 2:9) UJobe walingwa kanzima kakhulu futhi wathotshiswa, kodwa wayengazi lutho ngempikiswano eyayikhona phakathi kukaJehova nesihlubuki esikhulu, uSathane. Ingxoxo ende kaJobe ‘nabangane’ bakhe abathathu ayizange isithuthukise isimo. Nokho, uJobe wabugcina ubuqotho bakhe. Ngokuzithoba wemukela ngisho neseluleko sokuhlakanipha esivela kuElihu—owayeyindoda esencane kakhulu kunaye.—Jobe 32:4.
Ingabe uJobe wavuzwa? Yebo. UJehova wamlulamisa uJobe futhi wasiphinda kabili isibalo semihlambi yakhe wamnika namadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu—amahle kunawo wonke ezweni! Yeka umphumela okhazimulayo wokuthobeka kukaJobe! Yeka ukuthi kwabonakala kuyiqiniso kangakanani—“ukuthobeka kuyandulela udumo.”—Jobe 42:12-15.
Izinhlobo Ezihlukahlukene Zenkazimulo
Ngokusobala kunezinhlobo ezihlukahlukene zenkazimulo—kusukela enkazimulweni (udumo) yezinwele zowesifazane kuya enkazimulweni yobuso bukaMose njengoba ayehla evela eNtabeni iSinayi. (1 Korinte 11:15; 2 Korinte 3:7) Ukushona kwelanga okuvusa umzwelo kunenkazimulo enhle, izinkanyezi zinenye inkazimulo.—1 Korinte 15:41.
Izindlela ezihlukahlukene zegama elithi “inkazimulo” zisetshenziswa izikhathi ezingamakhulu eBhayibhelini. Ngokuhlola lapho lisetshenziswa khona nomongo wazo, kuyacaca ukuthi uJehova ungumthombo wayo yonke inkazimulo. Izinceku zakhe ezithembekile nemisebenzi yakhe yobungcweti yendalo kungabonisa inkazimulo ngezindlela eziningi nangamazinga ahlukahlukene.
Ekhulwini lethu lama-20 leminyaka, sinobufakazi obuningi bokuthotshiswa labo abanethemba elikhazimulayo lokuphila kwasezulwini ababhekana nakho. Phakathi neMpi Yezwe I, amalungu aholayo eWatch Tower Society eBrooklyn, eNew York, agwetshwa iminyaka engama-20 ejele ngamacala amanga. Cishe ngesikhathi esifanayo, kwaqubuka ukushushiswa ezindaweni eziningi. Ngokwesibonelo, uJ. B. Siebenlist waboshwa izinsuku ezintathu ngaphandle kwencwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe engakutholi ukudla, ngaphandle kwezingcezu ezintathu zesinkwa sikakolo esonakele. Wakhishwa ejele isixuku sabantu, wahlutshulwa, wathelwa ngetiyela elishisayo, futhi washaywa ngocingo lomsakazo wemoto olude kakhulu. Kokunye ukuqulwa kwecala ummeli ongumshushisi wathi: “Hamb’ uyokufa neBhayibheli lakho; kumelwe ufe iqolo lakho liphukile; kumelwe ulengiswe.”
Phakathi neMpi Yezwe II, ezinye izinceku zikaJehova ezithembekile zahlupheka ngendlela engakholeki ezinkanjini zokuhlushwa zamaNazi. Omunye kwakunguMartin Poetzinger, uFakazi ogcotshiwe owasinda waze waba yilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Wachaza iDachau ngokuthi “indlu yokuhlanyela amademoni.” Ekamu laseMauthausen, ‘amaGestapo azama zonke izindlela zokusenza silahle ukholo lwethu kuJehova. Ukubulawa ngendlala, ubungane obukhohlisayo, ukuphathwa ngonya, ukuma usuku nosuku, ukulengiswa ngezihlakala zisontwe ngemuva ensikeni engamamitha amathathu ukuphakama, ukushaywa ngeziswebhu—konke lokhu nokunye . . . kwazanywa.’
Yini Eyasekela LamaKristu Athembekile?
Ngaphansi kwezimo ezidabukisayo nezilulaza kanjalo, ukuze babekezele basizwa ukholo lwabo, kuhlanganise nethemba lekusasa elikhazimulayo ngalabo abagcina ubuqotho babo. Ngalabo ‘abomhlambi omncane’ woFakazi abagcotshiwe, leli ifa lasezulwini. (Luka 12:32) Uhlobo olukhethekile lwenkazimulo yasemhlabeni lugcinelwe abanye abantu abathembekile. Abanye babo, njengoMose noJosefa kukhulunywe ngabo kumaHeberu isahluko 11. Siza ufunde amavesi 32-40 futhi uzindle ngokuthotshiswa okwabekezelelwa abanye balaba abathembekile. Ngokungaphezulu, “isixuku esikhulu” sikhonza uJehova emhlabeni namuhla. (IsAmbulo 7:9, 15) Liyini ikusasa laso?
Ikusasa elicebile libalindele. Uhulumeni wasezulwini ngaphansi kukaJesu Kristu uyoba nabameleli basemhlabeni abayosebenzisa isiyalo esibhalwe emqulwini okhulunyelwa encwadini yesAmbulo 20:12. Abanjalo bayoba namalungelo akhazimulayo, hhayi njengamakhosi, kodwa ‘njengezikhulu emhlabeni wonke,’ bekanye nabo, abantu abangenakubalwa abathobekile, abathembekileyo, kuhlanganise nalabo abavusiwe, bayothola ukuphila okuphakade epharadesi elikhazimulayo emhlabeni.—IHubo 45:16.
Namuhla kunezigidi zalabo ababonise ukuthobeka kwabo ngokulahla inkolo yamanga nangokuhlanganyela ngenjabulo emsebenzini wokushumayela wendlu ngendlu woFakazi BakaJehova. Abaningi balaba baye baphathwa kabi amalungu emikhaya nabangane, kodwa baye babambelela ekukhulekeleni kweqiniso. Ngokuzithoba bamukele ukulungiswa nokuyalwa ukuze bakhonze uNkulunkulu weqiniso, uJehova. Ithemba labo lingukuphila ePharadesi elibuyiselwe, lapho “umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”—Habakuki 2:14.
Lezi izinsuku zokulingwa kwabantu bakaJehova. Kunjengokungathi siyizivakashi ezweni elingesilo elethu. Igebe phakathi kokukhulekela kweqiniso nokwamanga liya lijula futhi liba banzi. Sonke sibhekana nokuthotshiswa ngezinga elithile. Kodwa njengoba uJesu aduduzwa futhi waqiniswa injabulo eyayibekwe phambi kwakhe, nathi singakunqoba ukulingwa ngokukhumbula umphumela.
IBhayibheli liyeluleka: “Zithobeni ebusweni beNkosi khona iyakuniphakamisa.” (Jakobe 4:10) Noma yinini lapho ubhekene nokulingwa okunzima, cabanga ngalamazwi: “Ukuzithoba kuyandulela udumo.” Futhi khumbula ukuthi uJehova akehluleki!