Ukuthola Inkululeko ‘Esiqhingini Sabantu Abavalelwe’
ISIKEBHE esikhulu esasidabula amagagasi amancane oLwandle lwaseNicoya oluthe ukuphumela ezweni sasingagcwele. Nokho lokhu kwakungengenxa yokuntuleka kwezivakashi zakwamanye amazwe. Lapha ogwini lolwandle iPacific lwaseCosta Rica, izulu elicwathile, amanzi aluhlaza njengotshani, izingu ezinesihIabathi esimhlophe, namasundu kakhukhunathi apheshulwa umoya akuzange neze kwehluleke ukukhanga labo abafuna lelipharadesi elisendaweni eshisayo. Kodwa ngangingazele ukuzovakasha—futhi nabanye abagibeli babengezele leyonjongo.
“Isiqhingi Sabantu Abavalelwe”
Sasilibangise esiQhingini saseSan Lucas, izwe lokujezisa elaliphethwe uMnyango Wokwahlulela waseCosta Rica. Ngesinye isikhathi, isiQhingi saseSan Lucas sasingelinye lamajele angathandeki neze eLatin America. Iningi lababelapho kwakuyizigebengu ezingomakadebona, futhi labo ababethunyelwe lapha bafunda ukuphila ngaphansi kobunzima obukhulu. Iziphathimandla zazinakekela izidingo eziyisisekelo, kuyilapho iziboshwa zazizenzele isimiso sazo sokuxhaphaza izifiki futhi zilwela ukuthuthukisa indlela yazo siqu yokuphila. Ngokuvamile, labo ababezama ukubaleka babehudulelwa olwandle imisinga enamandla, noma babulawe oshaka.
Ekuqaleni kwawo-1950, owayekade eyisiboshwa sasesiQhingini saseSan Lucas, uJosé Léon Sánchez, wabhala incwadi eyayisekelwe ekuphileni kwakhe siqu esiqhingini sokujezisa. Indaba yakhe engagwegwesi, yonya, kodwa eyiqiniso, i-Isla de los Hombres Solos (Isiqhingi Sabantu Abavalelwe), ngokushesha yaba incwadi ethengwa kakhulu eMexico naseMelika Ephakathi. ECosta Rica yabangela ukukhononda okukhulu komphakathi.
Ngalesosikhathi, uhulumeni wayesenqubweni yokulungisa izakhiwo zakhe zokujezisa. Kwagcizelelwa ukuguquIa kunokujezisa, futhi kwaqedwa isigwebo sentambo. Ngokunakekela okwabangelwa incwadi kaSánchez, izinguquko zeza nasesiQhingini saseSan Lucas. Iziboshwa zafundiswa ukufuya izinkomo nezingulube, ukudoba, namanye amakhono. Zalima nezitshalo zokuthengiswa ukuze zizithengise futhi zavunyelwa ukuba zithole ingxenye yenzuzo. Kwathuthukiswa futhi nezindawo zokulala. Ngasekuqaleni kwawo-1960, iSan Lucas yabe isiyisikhungo senguquko esiyisibonelo sezigebengu ezingagadwa kakhulu.
Njengoba ngangehlela ebhulohweni elincane esikhumulweni, ngangazi kahle ngomlando ongathandeki walesiqhingi. Kodwa ngangilapha njengonogada weziboshwa, hhayi njengesiboshwa. Ngangingene eButhweni lamaPhoyisa Esizwe lapho ngineminyaka eyi-18, futhi ngenxa yokuthi ngangiqatha ngomzimba kuneminyaka yami, isabelo sami sokuqala sasiwumsebenzi wokugada esiQhingini saseSan Lucas.
Isiboshwa, Kodwa Esikhululekile
Njengoba ngakhuliswa izindela nabapristi bamaKatolika, njalo ngangesatshiswa umqondo wesihogo esivuthayo. Kimina, into ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwakuwukugwema ukugcina esihogweni. Kodwa ngadidwa ukubona ukuthi iningi labantu lalibonakala lingakunaki. Umpristi angase akhulume ngakho ekilasini, kodwa ngaphandle kwekilasi, akekho owayefuna ukukhuluma ngenkolo noma iBhayibheli. Babezisholo ukuthi bakholelwa esihogweni somlilo, kodwa lokho akuzange nakancane kuyinqande indlela ababeziphatha ngayo.
Isimo eSan Lucas sasingahlukile kakhulu. Noma onogada abaningi neziboshwa zazithi zinenkolelo efanayo, yayibonakala ingayithonyi indlela yabo yokuphila. Kwakuvame inkulumo eyichilo nemikhuba engcolile. Unogada engangisebenza naye wake wabanjwa eshushumbisa insangu kulesiqhingi futhi wagcina kwayena eyisiboshwa! Induna engangingaphansi kwayo yayinenhliziyo encane kabi futhi izikhathi ezimbili yake yacela iziboshwa ezinenkani inselele ukuba balwe ngenqindi. Njengoba nganginesikhathi esanele, ngokuvamile ngangicabanga ngokujulile ngezinto engangizibona kulesiqhingi. Njengensizwa engenakho okuhlangenwe nakho, ngangididekile futhi ngisangulukile.
Ngenye intambama, uFranklin, isiboshwa esethenjwayo, wangimema ukuba ngilalele ingxoxo yeBhayibheli. Ngisho nakuba ngangingenaso kangako isithakazelo, ngokushesha ingxoxo yavuthwa.
“Kumelwe ukuba kunzima ukuba isiboshwa futhi utadishe iBhayibheli,” ngiphawula. Angizange ngiyikhohlwe impendulo kaFranklin.
Wathi: “Ngokomzimba ngiyisiboshwa, kodwa ngokomoya ngikhululekile.”
Yeka ukuthi ngangifuna kanjani ukuqonda lolohlobo lwenkululeko!
OFakazi ESan Lucas
Kwatholakala ukuthi uFranklin wayetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngezinsuku zangeSonto, izihlobo nabangane babevunyelwa ukuba bangene kulesiqhingi. Ngokuvamile, izikebhe ezimbili noma ezintathu zaziletha oFakazi abangaba ama-30 ngobuningi ngasethekwini bevela eBandleni lasePuntarenas. Njengoba ngangisanda kufika lapho, ngamangala ukubona iziphathi-mandla zibavayizela kalula nje oFakazi zibavumela badlule bengakhuthuzwanga ezindaweni zokuhlola kuyilapho bonke abanye babekhuthuzwa. Okwakungimangaza ngisho nangokwengeziwe iphuzu lokuthi oFakazi babephatha ngenhlonipho kokubili iziboshwa nonogada ngendlela efanayo futhi babekhuluma nanoma ubani ngesigijimi sabo esisekelwe eBhayibhelini.
Iziboshwa eziningana, zazinezifundo zeBhayibheli eziqondene nazo zasikhathi sonke noFakazi ngalezinsuku zangeSonto. UFranklin wayengomunye wazo, futhi kwakunokuthile ngaye okwangihlaba umxhwele. Ngezwa ukuthi uFranklin owayegwetshwe iminyaka eyi-12 ejele ngenxa yokubulala wayembangisa kwezebhizinisi. Ejele wayefunde iaccountancy ngeposi. Ngenxa yokuthi wayengaphuzi, engabhemi, noma asebenzise izidakamizwa, wabekwa ukuba abe umbheki womtapo wezincwadi wasejele. Kamuva, wanikezwa indlwana yakhe siqu futhi ngisho nomthwalo wemfanelo owengeziwe.
Lapho esesesikoleni, uFranklin wayeye waba nabangane abangoFakazi BakaJehova. Waphawula ukuthi babengahileleki ezingxabanweni noma ekulweni, ngisho nalapho abanye bebachukuluza. Nakuba engazange ayithathe ngokungathi sína inkolo, wayazi ukuthi oFakazi bangabantu abanokuthula nabahlanzekile ngokokuziphatha. Ngakho lapho ezwa ukuthi kwakuneAtalaya (“INqabayokulinda,” njengoba abanye babebiza oFakazi BakaJehova) phakathi kweziboshwa, wafuna ukulithola.
Ngolunye usuku ngaphambi kokudla kwasemini, uFranklin wabona isiboshwa sihlezi sodwa ngaphandle kwehholo lokudlela. Ukubonakala kwaso sihlanzekile kwenza uFranklin asibuze ukuthi sasiyiAtalaya yini. Lapho etshelwa ukuthi sasiyilo, ukusabela kokuqala kukaFranklin kwakuwukuthi: “Kungani ulapha?” Lendoda yachaza ukuthi ekuqaleni yayigwetshelwe eJele Eliphakathi laseSan José, inhloko-dolobha, futhi yayiqale ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova ngesikhathi iselapho. Ngemva kokuthunyelwa eSan Lucas, yaqhubeka ifunda noFakazi abavela ePuntarenas. Ngesikhathi esifanele yabhapathizwa khona lapho oSebeni lwaseCoco esiQhingini saseSan Lucas.
Lokho kuhlangana kwasho ukuguquka ekuphileni kukaFranklin. Kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke, noma nini lapho oFakazi bevakasha, wayebahilela ezingxoxweni ezimnandi. Waqala nokukhuluma nezinye iziboshwa nonogada ngezinto ayezifunda. Inkambo yakhe, ukugqoka, nokuzilungisa kwaqala ukuthuthuka. Kokubili yena nomngane wakhe obhapathiziwe bazuza inhlonipho yabo bonke.
Ekugcineni, isigwebo sikaFranklin seminyaka eyi-12 sancishiswa saba iminyaka emithathu nezinyanga ezine. Yena nomngane wakhe baqhubeka betadisha iBhayibheli. Naphezu kwesimo sasejele esingesihle, babejabula, futhi ubuso babo babukubonisa lokho. Ngokusobala baqaphela ukuthi ngangihlukile kwabanye onogada, njengoba ngangingahlanganyeli emahlayeni angcolile nasekutekuleni okuyichilo. Ngakho bangimemela ezindlwaneni zabo ukuze sixoxe ngeBhayibheli. Lokho engakuzwa kubo nasezihambelini ezingoFakazi kwangithakazelisa kakhulu, ikakhulukazi ngesimo sabafile nokuthi asikho ngempela isihogo esishisayo. Nganikezwa incwadi ethi IQiniso Elaholela Ekuphileni Okuphakade futhi ngaqala ukuyifunda. Nakuba ngangingakuqapheli ngalesosikhathi, kwakutshaleka enhliziyweni yami izimbewu zeqiniso ezaziyoveza izithelo kamuva.
Inkululeko Yangempela Ekugcineni
Ngemva kokushiya iButho lamaPhoyisa Esizwe, ngahlala isikhashana eMiami, eFlorida. Ngolunye usuku engisebenza naye waqala ukukhuluma nami ngeBhayibheli. Inkulumo yakhe, ukugqoka, ukuzilungisa kwangitshela ukuthi ngase ngiphinde ngahlangana noFakazi BakaJehova. Lokhu kwabuyisa izinkumbulo zasesiQhingini saseSan Lucas, futhi ngambuza ukuthi kungani kungekho muntu owayebonakala enesithakazelo sokuxoxa ngezinto ezingokomoya. Wanginikeza impendulo emfushane futhi wasikisela ukuba sibe nengxoxo ekhaya lami. Lokhu kwaholela esifundweni seBhayibheli sasikhathi sonke futhi kamuva ekuzinikezeleni nasekubhapathizweni.
Ngabuyela eCosta Rica ngo-1975 futhi ngaya emhlanganweni wesigodi eSan José. Namanje angikaqiniseki ukuthi ubani owayemangele kakhulu kunomunye lapho mina noFranklin sithuka sihlangana emhlanganweni. Manje wayekhululeke ngokoqobo futhi esebhapathiziwe. Lapho ngisuka eSan Lucas, uFranklin wayengaqiniseki ngokuthi isithakazelo sami eBhayibhelini sasiqine kangakanani. Kodwa nakhu lapho sasikhona, owayeyisiboshwa nowayengunogada, ngempela simunye enkululekweni evela ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso uJehova!
Kwabanye “IsiQhingi Sabantu Abavalelwe” sokujezisa sasho kuphela izinkumbulo ezibuhlungu. Kimina sasho ukuqala kwenkululeko engokomoya. Manje, njengomKristu ongumdala, ngihlanganyela ekuletheleni inkululeko labo abacabanga ukuthi bakhululekile kodwa ngempela ababoshiwe njengoba ayenjalo lawomadoda engake ngawagada.—Njengoba ilandiswa nguDavid Robinson.
[Ibalazwe ekhasini 25]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Nicaragua
CARIBBEAN SEA
Costa Rica
Puntarenas
Gulf of Nicoya
San José
PANAMA
PACIFIC OCEAN
Km 0 50 100
mi 0 50 100