Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukufunwa Kweqiniso LeBhayibheli Kuyavuzwa eIsrael
ABANTU abengeziwe baseIsrael njenganomaphi bayabubona ubuze bemizamo yomuntu yokuletha ukuthula okuhlala njalo nokunikeza ithemba lekusasa. OFakazi BakaJehova abangama-370 kulelozwe elihle, elingokomlando baletha ithemba elinika ukuphila kulabo abafuna uNkulunkulu. (Isaya 55:2, 3) Imibiko elandelayo evela ehhovisi legatsha leWatch Tower Society eTel Aviv ibonisa ukuthi uNkulunkulu uyabavuza labo abafuna iqiniso leBhayibheli.
“Iziphazamiso ezenziwa abashisekela inkolo ngokweqile nabayizixhwanguxhwangu seziphelile, nemizamo yabo yangaphambili yokuphazamisa imihlangano yethu iyaqhubeka iba izinduku ezishaya abaninizo. Ngokwesibonelo, omunye umbhangqwana osukhulile waseRussia wawuhlanganyela neqembu lamaSabatha kodwa wawungenelisekile ngalokho owawukufunda. Awububonanga ubufakazi bokushushiswa okwakuprofethwe ukuthi babuyokwenza ubuKristu beqiniso buhluke. Khona-ke ngolunye usuku wathola umagazini wezindaba omdala, olahliwe obhalwe ngolimi lwesiRoma, owawuphethe umbiko owawukhuluma ngokuhlasela kobudlova kweqembu lezichwensi ngo-1985 esakhiweni sehhovisi legatsha leNhlangano naseHholo LoMbuso eTel Aviv. Isithakazelo sawo sishukunyisiwe, waya eTel Aviv futhi wahamba amahora amane waze wasithola lesakhiwo esichazwe esihlokweni sephephandaba. Wakujabulela ukuthola izimpendulo zeminye yemibuzo yawo futhi walindela umhlangano wangalobobusuku, lapho wajabulela khona ukuhlangana noFakazi abakhuluma isiRussia. Kusukela lapho, kwaqaliswa isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke nawo. Lapho uqhubeka ufunda, yilapho uqiniseka ngokwengeziwe ngokuthi uthole lokho kanye owawukufuna—iqiniso!
“Kwesinye isenzakalo, umzalwane wafakaza komunye ubaba osemusha ongazange avumelane namaphuzu athile lomzalwane ayezama ukuwachaza futhi akabange esaqhubeka elalela isigijimi soMbuso. Ngemva kweminyaka ethile, indodakazi yalendoda yagula, futhi abangane bayo abakholelwa ezeni bayitshela ukuthi inkinga cishe yayibangelwa umqulu omncane wesikhumba owawunanyatheliswe ezinsikeni zomnyango wendlu yayo. Batusa ukuba icele umfundisi wobuJuda ukuba azowuhlola. Yanquma ukukwenza lokhu. Ngesikhathi esifanayo, yathandaza ngobuqotho kuNkulunkulu icela isiqondiso ekutholeni iqiniso.
“Endleleni iya ekhaya lomfundisi wobuJuda, lendoda ngokushesha yanquma ukuyothatha imithi emthola-mpilo. Lapho ifika, yathola bani omunye ehlezi lapho ngaphandle kukaFakazi owayeyishumayeze eminyakeni ethile ngaphambili! Lomzalwane uthi wayengahlelanga ukuya emthola-mpilo ngalokho kuhlwa kwaze kwaba yilapho ekhumbula okuthile ayekudinga. Lomzalwane nalendoda bahlala baxoxa amahora ambalwa ngalokho kuhlwa, futhi isifundo seBhayibheli sahlelwa nalensizwa. Yaqala ukuza emihlanganweni, intuthuko yayo yayiqhubeka, yahlanganyela eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Ngokushesha yayisiya enkonzweni yasensimini, futhi manje isingumzalwane obhapathiziwe. Ayibange isafika nakulowomuzi womfundisi wobuJuda!”
Ukufuna kwalabantu iqiniso leBhayibheli kwavuzwa ngokucebile, ngoba batholé ingcebo eyigugu kunegolide elicwengekileyo.—IzAga 3:13-18.