Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 6/1 kk. 2-4
  • Ingabe Ukwesaba Kubi Ngaso Sonke Isikhathi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukwesaba Kubi Ngaso Sonke Isikhathi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kufanele Wesabe UNkulunkulu, Hhayi Abantu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • UKufunda UKuthola Injabulo Ngokwesaba UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Ukwesaba UNkulunkulu—Ingabe Kungakuzuzisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Yenza Ukuba Inhliziyo Yakho Yesabe UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 6/1 kk. 2-4

Ingabe Ukwesaba Kubi Ngaso Sonke Isikhathi?

KUNGONAKALISA injabulo kuqede nethemba. Kuye kwabhekiselwa kukho njengoshevu wengqondo, umbulali wokucabanga, futhi kuthiwa kubulala kakhulu kunesifo esibi kakhulu esingokomzimba. Yebo, ukwesaba kuwumzwelo onamandla. Nokho, ingabe kubi ngaso sonke isikhathi?

Ake uzicabange ushayela emgwaqweni ongawujwayele. Umgwaqo wenyukela ezintabeni futhi uqala ukuba mazombezombe. Ukuhlwa kuyaqala, futhi iqhwa liqala ukukhithika. Imoto yakho iyashelela kancane, futhi uyaqaphela ukuthi usufinyelele ukuphakama lapho umgwaqo uqala ukuba neqhwa khona.

Manje kumelwe uqaphelisise ngempela. Njengoba ujika ngokucophelela okukhulu kulelo nalelojika elineqhwa, ucabanga ngendlela obekuyoba lula ngayo ukwehluleka ukulawula imoto emgwaqweni oshelelayo futhi ukhalakathele esiweni esingezansi. Ngaphezu kwalokho, awunawo umqondo wokuthi iziphi ezinye izingozi ezicashe ebumnyameni. Njengoba imicabango efana nalena ifika engqondweni, umlomo wakho uyoma futhi inhliziyo yakho ishaya ngamandla. Uphapheme. Kungakhathaliseki ukuthi yini obuyicabanga ngaphambili, manje ucabanga kuphela ngomsebenzi ongaphambi kwakho: ukugcina imoto isemgwaqweni nokugwema ingozi.

Ekugcineni, umgwaqo uyehlela. Kukhona izibani zasemgwaqweni, futhi neqhwa alisekho. Kancane kancane, ukukhathazeka kuyaphela emzimbeni wakho. Uyaphumula bese uzwakalisa umuzwa wokukhululeka. Konke lokho bekungukwesaba ize!

Kodwa ingabe konke bekungukwesaba ize? Akunjalo ngempela. Ukwethuka okunengqondo ngaphansi kwezimo ezinjalo kuwukusabela okuvamile. Kusenza siqaphele, sixwaye. Ukwesaba okunempilo kungasisiza ukuba singenzi noma yini ngokuphamazela, sizilimaze. Yebo, ukwesaba akusiye ngaso sonke isikhathi umbulali wokucabanga noma ushevu wengqondo. Ngaphansi kwezimo ezithile, kungazuzisa ngisho nokuzuzisa.

IBhayibheli likhuluma ngokwesaba futhi lidonsela ekunakekeleni kwethu izinhlobo ezimbili ezibalulekile. Olunye uhlobo lokwesaba ngempela luwushevu wengqondo. Kodwa olunye alulona nje oluvamile nolunempilo kodwa ludingekile ukuze sisindiswe. Ziyini lezinhlobo ezimbili zokwesaba? Futhi singakwazi kanjani ukwakha olunye kuyilapho sigwema olunye? Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]

Cover: USDA Forest Service photo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela