Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 5/15 k. 32
  • Ukubhekana Nezinkinga Zokuphila

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubhekana Nezinkinga Zokuphila
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 5/15 k. 32

Ukubhekana Nezinkinga Zokuphila

Ngonyaka odlule indlu kathisha wesikole eBignona, eSenegal, yasha yaba umlotha. Kamuva igatsha leWatch Tower Society kulelozwe eliseNtshonalanga Afrika lathola lencwadi:

“Okungikhathaza kakhulu,” kwachaza uthisha wesikole, “ukuthi emlilweni ngilahlekelwe izincwadi ezibaluleke ngokungenakulinganiswa kimi. Izihloko zazo zihlanganisa esithi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo nesithi Ingabe Lokhu-Kuphila Ukuphela Kwakho? Ngingaphila kahle ngaphandle kwezingubo zami nendlu yami, kodwa ngeke ngiphile ngaphandle kwalezozincwadi! Zibaluleke kakhulu kimi kunakho konke okungilahlekele. Ngiyanicela, sizani ningithinte ngokushesha ngangokunokwenzeka,futhi ningazise ukuthi ngingazithola kanjani ezinye ezinjengazo. Ukuphila kugcwele izinkinga, futhi sidinga ukwaziswa okunjalo ukuze sizixazulule futhi kusisize senze izinqumo ezilungile futhi siziphathe ngendlela efanele.”

Abaningi abanye bazizwa ngendlela efanayo ngalezincwadi ezimbili. Eqinisweni, amakhophi angaphezu kwezigidi ezingama-22 encwadi Ubusha namakhophi angaphezu kwezigidi ezingama-20 encwadi ethi, Ingabe Lokhu-Kuphila Ukuphela Kwakho? aye asakazwa ezweni kabanzi. Ungazitholela lezincwadi ezimbili ezibalulekile ngokugcwalisa bese uthumelela lesigqebhezana kanye nomnikelo ka-R4

Sizani ningithumelele izincwadi ezimbili ezinoqwembe oluqinile, ezinamakhasi ayi-192 ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo nethi Ingabe Lokhu-Kuphila Ukuphela Kwakho? Ngifaka u-R4. Iposi likhokhelwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela