Ukuqondisisa Izindaba
Ukuxazulula Ubugebengu
Naphezu kwezithembiso zabezombangazwe abasemkhankasweni zokunikeza umthetho ongcono mayelana nobugebengu eUnited States, iABA (American Bar Association) ivumile muva nje ukuthi ubugebengu abulawuleki nokuthi isimiso sokwahlulela izigebengu asikwazi ukubunqanda. IABA yalinganisela ukuthi ngo-1986 kwenziwa amacala obugebengu ayizigidi ezingama-34, kodwa ukuhlola kukahulumeni kwembula ukuthi “ayizinkulungwane ezingamakhulu ambalwa kuphela aphumela ezigwebweni zokuvalelwa ejele,” kubika iThe New York Times. Ngaphezu kwalokho, iABA ithi iningi lalamacala obugebengu awabikwa emaphoyiseni. Naphezu kwalokhu, amajele ayachichima, futhi amacala obugebengu agcwala ezinkantolo. Lokuhlola kwavuma ukuthi “alikho ithemba elingokoqobo lokuthi ukuquliswa amacala nokuvalela ejele okwengeziwe kungake kubunqande ubugebengu,” kusho iTimes.
Nakuba umphakathi okhungathekile ungase uthole lokhu kuvuma kushaqisa, abafundi beBhayibheli abanolwazi abashaqeki. Emakhulwini amaningi eminyaka adlule umphostoli uPawulu wabikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina” zalesimiso samanje, “abantu ababi . . . bazakuqhubekela phambili ebubini.” (2 Thimothewu 3:1, 13) Nokho, lokho umuntu angakwazi ukukwenza, uNkulunkulu angakwenza. Uthembisa ukuthi ababi “bayakunqunywa ezweni.”—IzAga 2:22.
Ubani Onecala?
Lapho indiza i-103 yePan American World Airways iqhuma esibhakabhakeni phezu kweLockerbie, eScotland, ngoDecember odlule, kwafa bonke abagibeli abangama-258. Izakhamuzi eziyishumi nanye zaseLockerbie nazo zafa lapho izingcezu zendiza ziwela ezindlini eziningana. Abathandekayo abashoné kulenhlekelele eshaqisayo yasemoyeni balilelwa izihlobo nabangane ngokufanayo. Ingabe uNkulunkulu nguye onecala ngalenhlekelele?
Omunye umbhishobhi ongumKatolika eScotland kubonakala ecabanga kanjalo. NgokweThe New York Times, wathi entshumayelweni yakhe eSontweni LamaKatolika Holy Trinity: “Baba, uma unguNkulunkulu wothando, kungani ukuvumele lokhu ukuba kwenzeke? Kungani uvumele ukubhujiswa kwamakhulu okuphila okungenacala? . . . Futhi kungani uvumela abantu abaningi kangaka ukuba bathwale umthwalo obuhlungu nodabukisayo wosizi lokushonelwa?”
Ingabe uNkulunkulu ngempela uyena okumelwe asolwe ngenxa yokuhlupheka okunjalo? Ngokwabaseshi, kwatholakala ubufakazi ezingcezwini zendiza obakhomba ekonakalisweni okwenziwe ibhomu yamaphekula. Lapho abantu belwa ukuze baqhubekisele phambili izithakazelo zabo siqu zobugovu, ingabe kufanele kubekwe uNkulunkulu icala ngokulimala okungase kukulethe kwabanye? Cha! Kumelwe kulindelwe ukuthi abantu ngeke babe abagonyelwe imiphumela yalokho abakwenzayo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.” (Galathiya 6:7) Ngaphezu kwalokho, ngokuqondene nezisulu ezingenacala zezenzo zabanye zonya nokungacabangi, umShumayeli 9:11 uthi “bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.” Ngakho-ke, umuntu angalimala noma alahlekelwe ngisho nawukuphila kwakhe, hhayi ngoba uNkulunkulu efuna ukuba abantu bahlupheke kodwa ngoba, ngengozi, usendaweni embi esikhathini esibucayi.
Umbulali Ongokoqobo
Eminyakeni eminingi ochwepheshe bebekholelwa ukuthi abantu abanamawala emsebenzini wabo futhi abahlala bejahile ngaso sonke isikhathi babeyizisulu eziyinhloko zesifo senhliziyo. Nokho, manje ubufakazi obusha busikisela ukuthi intukuthelo, hhayi ukuxhamazela, ingase ibe umbulali ongokoqobo. UDkt. Bedford Williams, Jr., wasesiKhungweni Sezokwelapha SaseDuke University wachaza ukuthi ukujaha noma ukuba isisebenzi esithanda umsebenzi “akukubi ngempela enhliziyweni yakho,” kubika iNew York Post. UWilliams waveza ukuthi “okubi kulapho uma unamazinga aphakeme enzondo nentukuthelo futhi ungazikhathazi ngokukufihla lapho usebenzelana nabanye abantu.” Labo abasengozini enkulu yesifo senhliziyo kwathiwa “bayashesha ukuthukuthela bagane unwabu” futhi abazethembi izisusa zabanye. “Bathukuthela njalo futhi babonakalise ukungathokozi kwabo obala, kunokuba bakubambe,” kuphawula iPost.
Imiphumela emibi yokuthukuthela sekuyisikhathi eside yaziwa abafundi beBhayibheli. Emakhulwini amaningi eminyaka adlule iNkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Isififane siyenza ubuwula” futhi “umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana.” Nokho, umuntu “owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.” (IzAga 14:17; 15:18) Labo ngokuhlakanipha abalandela leseluleko seBhayibheli bangenza ingozi yokuba nesifo senhliziyo ibe ncane. IZwi likaNkulunkulu liqinisile: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama, kepha umhawu ungukubola kwamathambo.”—IzAga 14:30.