Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uthole omagazini bamuva beNqabayokulinda benokubaluleka okuwusizo kuwe? Khona-ke kungani ungazihloli ukuthi ukhumbula kangakanani ngokulandelayo?
▫ Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi akekho owayengaba umfundi wakhe uma ‘ayengamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe’? (Luka 14:26)
UJesu wayengasho ukuthi ngamunye wabalandeli bakhe kumelwe azizonde ngokoqobo izihlobo zakhe noma ukuphila kwakhe siqu. Kunalokho, wayesho ukuthi umfundi akumelwe athande abanye noma ukuphila kwakhe siqu ukwedlula uJesu.—1/1, ikhasi 8.
▫ Yiziphi izici ezintathu eziyisisekelo eziye zenza ukuba umsebenzi wezithunywa zevangeli woFakazi, wesikhathi esidlule nowanamuhla, uphumelele?
Esokuqala siwukuthintana ngokuqondile nabantu emakhaya abo. Esinye siyisigijimi soMbuso esiqondile nesilula esisekelwe eBhayibhelini. Esesithathu siwuthando olunjengolukaKristu oluboniswa izithunywa zevangeli ekusebenzelaneni nabantu.—1/1, ikhasi 14.
▫ Kungani uNkulunkulu anezela okwesikhashana isivumelwano soMthetho esivumelwaneni sika-Abrahama?
Isivumelwano soMthetho sabonisa ukuthi amaisrayeli ayeyizoni ezazidinga umpristi wasikhathi sonke nomhlatshelo ophelele. Savikela uhlu lweNzalo futhi sasiza ekuboniseni ukuthi leyoNzalo ingubani. Sabonisa nokuthi ngolunye usuku uNkulunkulu wayeyoba nesizwe samakhosi angabapristi.—2/1, ikhasi 16.
▫ Yiziphi izivumelwano zaphezulu eziyisikhombisa eziqhubekayo eziholela ezibusisweni zaphakade kithi sonke?
Isivumelwano sase-Edene, isivumelwano sika-Abrahama, isivumelwano soMthetho, isivumelwano sompristi onjengoMelkisedeki, isivumelwano sikaDavide soMbuso, isivumelwano esisha, nesivumelwano soMbuso.—2/1, ikhasi 19.
▫ Ingabe izinkulungwane zokwahlukahlukana okusemibhalweni yesandla yeBhayibheli zilulaza ukuzisholo kweBhayibheli kokuthi liyiZwi likaNkulunkulu?
Cha. Izazi zeBhayibheli zisitshela ukuthi cishe konke lokhu kwahlukahlukana akubalulekile embhalweni. Kumane nje kuqinisa ubufakazi bokuthembeka kwemiBhalo. (IHubo 119:105; 1 Petru 1:24)—2/1, amakhasi 29, 30.
▫ Lisuselwaphi igama elithi “agnostic,” futhi lisetshenziswa kanjani eBhayibhelini?
Igama elithi “agnostic” lisuselwa egameni lesiGreki elithi aʹgno·stos, elisho “okungaziwa.” UPawulu wasebenzisa uhlobo lwalo enkulumweni yakhe kwabaseAthene lapho ebhekisela ealtare lamaqaba elinikezelwe’KuNkulunkulu Ongaziwayo.’ (IzEnzo 17:23)—2/15, ikhasi 5.
▫ Kumelwe senze njani lapho ukuqondisa okuthile okungokomBhalo kubonakala kuvulekele emibonweni ehlukene?
Kumelwe sibonise ukusabela kokuthobeka okwaboniswa amaKristu okuqala, samukele izinqumo neziqondiso ezivela ebandleni likaNkulunkulu. (IzEnzo 15:6-29)—2/15, ikhasi 20.
▫ Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi: “Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona ongalungile, ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade”? (Luka 16:9)
Kumelwe sikhuthalele ukusebenzisa noma iyiphi ingcebo okungenzeka sinayo ukuze sisekele izithakazelo zoMbuso futhi kanjalo sihlakulele ubuhlobo noJehova neNdodana yakhe. Yibo kuphela abangasilungiselela indawo ezulwini noma emhlabeni oyipharadesi lapho ingcebo ebonakalayo ihluleka noma iphela.—3/1, ikhasi 9.
▫ Yiziphi izinto ezintathu ezifunekayo kithi uma sifuna ukuzuza ukuqonda okunikezwa uJehova?
Sidinga ukwazisa inhlangano kaJehova; kumelwe silitadishe njalo iZwi likaNkulunkulu nezincwadi ezilungiselelwe ezisenza siliqonde; futhi kumelwe sizindle ngalokho esikufundile nangokuthi singakusebenzisa kanjani lokhu ekuphileni kwethu kwansuku zonke.—3/15, ikhasi 14.
▫ Kungani abantu bakwaIsrayeli wasendulo benza ngokuntula ukuqonda okukhulu kangaka?
Bahluleka ukuzindla ngokwazisa ngazo zonke izinto uJehova ayebenzele zona. (IHubo 106:7, 13)—3/15, ikhasi 17.
▫ Yini emelelwa ‘izimpi zabakhwele amahhashi’ okukhulunywa ngazo kusAmbulo 9:16?
Lamahhashi angokomfanekiso awameleli nje kuphela inani elinciphayo lensali yabagcotshiweyo kodwa futhi ‘nesixuku esikhulu sezinye izimvu’ esandayo nesinamandla. (IsAmbulo 7:9; Johane 10:16)—4/1, ikhasi 19.