Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Uthando Luhlanganisa Imikhaya
UBUNYE bomkhaya bungafinyelelwa kuphela lapho umshado usekelwe othandweni oluqondiswa ukungabi nabugovu. Uthando olunjalo luvela kuJehova, uNkulunkulu wothando, ngakho luyisithelo somoya kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22, 23; 1 Johane 4:8) Okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa indlela uthando olusekelwe olwazini lweBhayibheli oluye lwahlanganisa ngayo imikhaya.
EHong Kong
▫ EHong Kong elinye iphayona laqalisa isifundo seBhayibheli sasekhaya nenkosikazi ethile namadodakazi ayo amabili. Indoda yazwakalisa ukukhathazeka ngokuthi inkosikazi ingase ihileleke eqenjini lenkolo elivukela uhulumeni. Leliphayona lasikisela kulenkosikazi ukuba imeme indoda yayo ukuba ibe khona esifundweni bese izinqumela ngokwayo, okuyilokho eyakwenza. Phakathi nalesosikhathi, lenkosikazi yaqala ukuya emihlanganweni, kodwa yayinenkinga ekuqeqesheni abantwana bayo. Yayimthethisa njalo omdala futhi itotose omncane. Kwase kwaziwa ukuthi yona nomyeni wayo babenezinkinga. Izingxabano zabo zazivame ukugcina ngobudlova, futhi ezikhathini eziningana kwakuye kwadingeka ukuba kubizwe amaphoyisa. Leliphayona lasebenzisa iZwi likaNkulunkulu elinamandla ekubafundiseni indlela yokubonisa uthando lokwesaba uNkulunkulu emshadweni wabo. Ngokushesha izindlela nemikhuba emidala kwaqala ukushintsha. Bobabili baqala ukuba khona njalo emihlanganweni, futhi kwachuma isimo sokujabula okwengeziwe ekhaya. Indoda yayeka ukubhema futhi manje isihlanganyela eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Lenkosikazi manje isingummemezeli obhapathizwe.
Ubunye bomkhaya bafinyelelwa ngokubonisa uthando, oluyisithelo somoya kaNkulunkulu.
EBrithani
▫ Okuhlangenwe nakho okuvela eBrithani kubonisa indlela uJehova abusisa ngayo enye indoda ebonisa uthando, ukubekezela, ukukhuthazela ekusebenzelaneni nomkayo. Lapho lendoda ingena eqinisweni eminyakeni eyi-12 edlule, ukuphikisa okubuhlungu komkayo kwamholela ekubeni enze idivosi engokomthetho. Nokho, lendoda yaqhubeka imbonisa umusa, iqikelela ukuthi umkayo unakekelwa kahle ngokwezimali, imenzela imisetshenzana yasekhaya njalo ngezikhathi ezithile. Naphezu kokuphikisa kwakhe kwangaphambili, ngemva kweminyaka emine, lendoda yanquma ukuphinda ixoxe naye ngeqiniso. Lapho isikisela ukuthi omunye udade amfundele iBhayibheli, kwayimangaza kakhulu ukuba umkayo avume. Ekugcineni walimelela iqiniso futhi wabhapathizwa. Lendoda yayingazange ilahlekelwe uthando lwayo ngaye, futhi lapho ekufakazela ukuthi wayesenze iqiniso laba ngelakhe, lendoda yamcela ukuba baphinde bashade. Wamangala, engalindele neze ukuba yenze lokhu ngenxa yesimo sakhe sengqondo esibi sangaphambili. Sekuyiminyaka ecishe ibe yisishiyagalombili beshade kabusha, futhi bobabili baqhubeka kahle eqinisweni.
Ningizimu Pacific
▫ Eminyakeni engaphezu kwama-20, esiqhingini saseTuvalu eNingizimu Pacific insizwa yabhalela Watch Tower Society icela izincwadi. Babengekho oFakazi kulesosiqhingi ngalesosikhathi. Nakuba kunjalo, yazifundela lezozincwadi iyodwa futhi yaziqaphela njengeziyiqiniso. Nokho, umkayo wayiphikisa kanzima inkolo yayo entsha, ngakho yayiyeka.
Muva nje, lapho izincwadi zitholakala ngesiTuvalu, kwenzeka ukuba umkayo abe nezinye izincwadi futhi wakwazi ukuzifundela zona ngokwakhe. Manje waliqaphela iqiniso futhi wakhononda kumyeni wakhe: “Yonke leminyaka ubunokukhanya, kodwa awuzange ukuveze obala. Kungani okungenani ungazange ungichazele ukuthi kungani wawukholelwa ukuthi oFakazi baqinisile?” Manje usunobunye eqinisweni leBhayibheli, lombhangqwana waqala ukuhlanganyela noFakazi.
Lapho amadodakazi abo amabili, ayeya esikoleni eFiji, ebuyela ekhaya, abazali bawatshela ngesinqumo sabo sokuba oFakazi BakaJehova. Bakhuthaza lamantombazane ukuba ahlanganyele nabo esifundweni seBhayibheli, kodwa okwabamangaza ukuthi, bathola ukuthi lamantombazane ayeseya kakade emihlanganweni eFiji. Lomkhaya walamukela ngenjabulo iqiniso wonke, futhi ubaba, umama, nomunye wamadodakazi sebengabamemezeli boMbuso.
Yeka injabulo okuyiyo ukubona indlela iqiniso leBhayibheli nothando okuhlanganisa ngayo imikhaya emhlabeni jikelele.