Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 12/15 kk. 25-27
  • Ungagudluza Izintaba!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungagudluza Izintaba!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukugudluza Izintaba Namuhla
  • “Ungaba Iphayona Elihle!”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Amaphayona Ayapha Futhi Athola Izibusiso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • UJehova Uyayisekela Impi Yakhe Yezikhonzi Zesikhathi Esigcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 12/15 kk. 25-27

Ungagudluza Izintaba!

NGOMAY 29, 1953, kubikwa ukuthi kwakungokokuqala umuntu ema phezu kwesiqongo sentaba ende kunazo zonke emhlabeni—iMount Everest, ephakeme ngamamitha ayizi-8 848 kusuka ogwini lolwandle. Ngokusekelwa amadoda angaphezu kwama-450, uEdmund Hillary waseNew Zealand, noTenzing Norgay, umSherpa waseNepal, bazinqoba ngokuphumelelayo izingozi zeqhwa elishelelayo, umkhithiko oxhophayo, nokuswelakala komoya-mpilo ukuze bafinyelele isiqongo somgomo wabo wamakhilomitha angu-8,8.

Ukufinyelela isiqongo sezintaba eziphakeme ngokuqinisekile kuyimpumelelo ekhethekile. Nokho akunakuqhathaniswa nalokho uJesu akuchazela abafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini, uma ukholo lwenu belulingana nembewu yesinaphi, beningathi kulentaba, ‘Suka lapha uye laphaya’, ibiyosuka; akukho obekuyonehlula.” Cabanga, ungagibeli kodwa ugudluza intaba!—Mathewu 17:20, The Jerusalem Bible.

Yini eyashukumisela uJesu ukuba asho lokhu kubafundi bakhe? Babesanda kwehluleka nje ukuphulukisa umfana owayekhwelwe ngamademoni. UJesu wagcizelela isizathu sokwehluleka kwabo: Babedinga ukholo olwengeziwe. (Mathewu 17:14-20) Waqhathanisa ukholo nembewu yesinaphi, okuthile ababejwayelene impela nakho. Nakuba iphakathi “kwezincinyane,” imbewu yesinaphi ngemva kwezinyanga ezimbalwa zokukhula iyokuba isitshalo esifana nomuthi. (Mathewu 13:31, 32) Khona-ke, uJesu wayegcizelela amandla amakhulu ukholo oluncane olungaba nawo lapho luhlakulelwa futhi lunakekelwa kahle—okubonakala kungenakwenzeka kwakuyokwenzeka.

Kodwa ngemva kokukhulisa ukholo olunjalo, hlobo luni lwezintaba abafundi bakaJesu ababeyokwazi ukuzigudluza? Njengoba nje intaba engokoqobo ingaba eyesabisayo, izithiyo ezinjengentaba zingavimbela intuthuko yethu enkonzweni kaJehova. Zingase zibe yini ‘lezozintaba’ futhi ‘singazigudluza’ kanjani?

Umphostoli uPawulu uyisibonelo somKristu owabhekana nezithiyo eziningi. Kweyesi-2 Korinte 6:4-10 neyesi-2 Korinte 11:23-28, ungafunda ngokubhekana kwakhe nokuswela, ukushaywa, ukuboshwa, ukulinyalelwa umkhumbi, nezinye izingozi eziningi. Ngaphezu kwalezinto, kwakukhona ‘lelova enyameni’ elingokomfanekiso, okunokwenzeka ubunzima obuthile ngamehlo akhe. (2 Korinte 12:7; IzEnzo 14:15) Wakwazi kanjani ukwehlula izithiyo ezinjalo ezinjengentaba futhi afeze intando kaNkulunkulu ngaye ngokuphumelelayo? “Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo,” kubhala uPawulu. Lokhu kwakuwukuba “ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube-ngobukaNkulunkulu, bungabi-ngobuvela kithi.” (Filipi 4:13; 2 Korinte 4:7) Khona-ke, uPawulu wayethembela ngokuqinile emandleni kaJehova okumqinisa esikhathini esibucayi. Wayenokholo.

Ukugudluza Izintaba Namuhla

Ingabe kuyisifiso sakho ukwandisa inkonzo yakho kuJehova? Njengamakhulu ezinkulungwane aye azihlanganisa nohlu olukhulayo lwabashumayeli besikhathi esigcwele (amaphayona), nawe futhi ungase uzwe ukuphuthuma kwezikhathi futhi kungenzeka ucabanga ngokungathi sina ngokwandisa inkonzo yakho. Nokho, ingabe isithiyo esibonakala singenakunqotshwa njengentaba enkulu simi phambi kwakho? Uma kunjalo, ingabe wena ungazigudluza izintaba? Izinkulungwane ziye zenza lokho emizamweni yazo yokwandisa inkonzo yazo kuJehova. Nakhu okumbalwa nje kokuhlangenwe nakho kwabo.

Omunye udade osemusha owayezothola iziqu esikoleni ephambili ekilasini lakhe wayefisa ukuphayona, kodwa ukuswelakala komsebenzi kwakuyintaba kuye. Uyalandisa:

“Ukucabanga kwami okuphambene nokungabaza ngokuphayona kwami kwaba yisithiyo okwakumelwe ngisinqobe. Njengoba ngangikhathazeke kakhulu ngokuthola umsebenzi ngaphambi kokuba ngiqalise ukuphayona, ngangingathembeli ngokugcwele kuJehova nasemandleni akhe okulungiselela labo ababeka ukukhulekela kwakhe kuqala. Ngangilokhu ngicabanga, ‘Okokuqala ngizothola umsebenzi, bese ngifaka isicelo sami sobuphayona.’ Ngangingaphayoni; eqinisweni ngangichitha isikhathi esiyigugu. Nokho, omunye wabadala bebandla wabonisa ukuthi lapho ngilinda isikhathi eside ukuqalisa ukuphayona, kuyilapho imisebenzi yesikhathi esigcwele iyobonakala ingcono khona, njengoba ngangingenalutho olungivimbela ukuyamukela.”

Wenzani? “Ngathandaza kuJehova ngokungaphezi ngicela umoya wakhe ongcwele ukuba uqondise izenzo nokucabanga kwami.” Ngemva kokuthola iziqu lodade wathatha ubuphayona obusizayo, wabe esengenela inkonzo yobuphayona obuvamile. Ngokushesha ngemva kwalokho, wathola umsebenzi wokuziphilisa ofanele owavumelana nesimiso sakhe sobuphayona.

Omunye umdala, umkakhe owayesenkonzweni yobuphayona futhi okwakumelwe akhulise abantwana ababili, waba nomuzwa wokuthi kwakumelwe enze okungaphezu nje kokusekela umkhaya wakhe ngokwezimali. Kwabathile ababebukele, izimo ezazimvimbela enkonzweni yobuphayona zazibonakala zingenakunqotshwa, kodwa wayefisa ukwandisa inkonzo yakhe. Yini okwakumelwe ishintshe?

“Ngicabanga ukuthi isithiyo esikhulu okwakumelwe ngisinqobe eqinisweni kwakuyimi,” esho. “Inkonzo yasensimini yayingokuthile engangikujabulela njalo, ngokukhuluma nalabo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele nokubona izibusiso zabo, ngathola umoya omuhle ababewubonisa uthelelana. Ngangizibona ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele ngolunye usuku. Inkinga ekucabangeni kwami kwakuwukuthi ubuphayona baba yinto ethile engangiyicabanga kuphela. Kodwa ngangingakaze neze ngizibekele usuku lapho ngangiyothanda ukuba ngifinyelele lowomgomo.”

Ngemva kokukucabangela ngomthandazo, lomzalwane waqala ukusebenzela emgomweni wakhe wenkonzo yesikhathi esigcwele. Waya kumphathi wakhe emsebenzini, wachaza izinhloso zakhe, futhi wacela ukuba avunyelwe asebenze amahora ambalwa isonto ngalinye. Ngokuphathelene nenqubo yenkampane, uhlobo lwesimiso ayelufuna lwalungakaze lube khona.

Uyaqhubeka: “Umphathi wami waphetha ingxoxo ngokuthi cishe akunakwenzeka ukuba ngithole isimiso engangisicela. Ngangiqiniseka ukuthi uma isinqumo kwakungesakhe kuphela, impendulo kwakuyoba ngucha. Futhi kanjalo ukuvunyelwa kwakungeza kuphela ngendlela yokusekela kukaJehova. Esontweni nengxenye kamuva, ukuvunyelwa kwesimiso sami esisha kweza kuvela kubaqondisi abakhulu. Ngemva kokubonga umphathi wami, ngaphuma ngaya emotweni yami, ngadlula izakhiwo ezimbalwa, ngama eceleni komgwaqo, futhi ngabonisa ukubonga nokwazisa kwami kuJehova. Yebo, umgomo wami wenkonzo yesikhathi esigcwele waba yinto engokoqobo.”

Udade oshadile ‘wayigudluza’ kanjani intaba yakhe? Uyalandisa: “Nginezingane ezine nomyeni ongakholwa. Lapho ngiqala ukucabanga ngokuphayona, nganginezithiyo eziningana. Phakathi kokunye, umyeni wami wayengasebenzi okwesikhashana, njengoba umsebenzi wakhe wawungenkathi ethile yonyaka, futhi ngangibambe itoho ukuze ngisize ngezindleko. Ngakho ngazitshela ukuthi ngisho nakuba nganginesifiso, ngangingenakuphayona ngenxa yezimo zami. Nokho, nakhu lapho kwakumelwe ngilungise khona ukucabanga kwami. Ngabona ukuthi uma ngangiqhubeka ngicabanga ukuthi ngangingenakukwazi, ngeke neze ngiwenze umzamo. Umbuzo obalulekile olandelayo okwakumelwe ngiwuphendule wawuwukuthi, Ngizowatholaphi amandla okuphayona? Impendulo ngayithola kwabaseFilipi 4:13. Angithandazanga nje kuphela kuJehova ngendaba kodwa ngaqala ukuncika kuye ngokwengeziwe. Futhi ngathatha izinyathelo ezingokoqobo ekufinyeleleni umgomo wami ngokuhlela isimiso esihle nokubhalisa njengephayona elisizayo. Njengoba isikhathi sasiqhubeka, uJehova waqhubeka engivulela indlela yokungenela inkonzo yobuphayona. Umyeni wami wakwazi ukubuyela emsebenzini, futhi ngakwazi ukulinganisela itoho lami osukwini olulodwa ngesonto. Ngokushesha ngemva kwalokhu, ngaba yiphayona elivamile.”

Ngaphezu kwalokho, wavulekelwa yilungelo lokuba khona eSikoleni Senkonzo Samaphayona, esaba usizo olukhulu enkonzweni yakhe. “Ngifuna nje ukutshela noma ubani ocabanga ngokuphayona ukuba athandaze kuJehova futhi akubeke ezandleni zakhe,” esho. “Khona-ke yenza umzamo, futhi uyokubusisa ngokuzama.”—IHubo 37:5.

Ingabe lokhu okuhlangenwe nakho akukusizi ukuba ubone indlela ukholo olungasiza ngayo umKristu ukuba anqobe izithiyo ezinjengentaba uma elusebenzisa? Khona-ke, uma kuyisifiso sakho ukuphayona, hlola izimo zakho. Khuluma nabanye abaphayonayo, futhi ufunde kokuhlangenwe nakho kwabo. Thatha izinyathelo ezingokoqobo ukuze ufinyelele umgomo wakho. Futhi ngaphezu kwakho konke, thandaza kuJehova ngesifiso sakho; bese uncika kuye ukuze abusise imizamo yakho. Yebo, nawe futhi ungazigudluza izintaba!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela