Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Izindaba Ezinhle Ziyachuma ECyprus Naphezu Kokuphikiswa
UMPHOSTOLI uPawulu washumayela izindaba ezinhle zoMbuso eCyprus. (IzEnzo 13:4-12) Lokho kwakungo-47-48 C.E. Namuhla, izindaba ezinhle ziyashunyayelwa kulesiqhingi esihle oFakazi BakaJehova abayizi-1 154, futhi ngoApril kuwo lonyaka, abayizi-2 570 babakhona enkonzweni yeSikhumbuzo, okubonisa ukuthi kunabantu abaningi abanhliziyo-ziqotho nabesaba uNkulunkulu kulesiqhingi. Kodwa nakuba abantu abaningi besamukela isigijimi seBhayibheli sokuthula esinikezwa oFakazi BakaJehova, abefundisi bamaGreki obuOrthodox, ngokufana ncamashi nabefundisi bamaJuda bosuku lukaJesu bayawuphikisa lomsebenzi. (Johane 15:20) Ihhovisi legatsha laseCyprus liyabhala: “Kunanini ngaphambili, iSonto LamaGreki LobuOrthodox libonisa ukuzimisela kwalo ukuphazamisa umsebenzi wethu wokushumayela.” Khona-ke umbiko uchaza indlela abefundisi ababahlupha ngayo abazalwane enkonzweni yabo yendlu ngendlu futhi bazame ukubacunula ukuze babahilele empikiswaneni. Khona-ke babathwesa icala lokudala isiyaluyalu, kodwa abazalwane abavumi ukucunulwa kunalokho bayahamba.
Yiqiniso, ngokuvamile ekuphikiseni kwabefundisi isikhuni sibuya nomkhwezeli, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa: “Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, owesifazane othile waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi muva nje umyeni wakhe wahlanganyela ekufundeni. Khona-ke umfundisi wawuvakashela lombhangqwana, enethemba lokuwukholisa ukuba uyeke isifundo sawo seBhayibheli. Umfundisi wazama ukuwuchazela uZiqu-Zintathu. Ngemva kwesikhashana indoda yangenela futhi yathi: ‘Angiqondi ukuthi njengoba nithi uJesu manje usezulwini ngomzimba ongokwenyama, angakwazi kanjani ngesikhathi esifanayo ukuba munye noNkulunkulu osesimweni esingokomoya.’ Impendulo yomfundisi yathi: ‘Nokho, awudingi ukuqonda yonke into.’ Lomuntu othakazelayo wathi: ‘Kodwa ngiyaqonda ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu futhi akayena uNkulunkulu ngokwakhe. Angisafuni ukuzwa lutho ngoZiqu-zintathu.’ Kulokhu umfundisi wasukuma ecasukile wathi: ‘Usuthuthuke kakhulu ngesifundo sakho seBhayibheli. Ngeke uguquke.’”
Manje inkosikazi iba khona kuyo yonke imihlangano futhi yabhapathizwa eMhlanganweni Wesigodi ‘Wokuthembela KuJehova.’ Indoda iyaqhubeka nesifundo sayo futhi iba khona kweminye imihlangano.
“Kanjalo, naphezu kwemizamo yabo, abefundisi abawufinyeleli umgomo wabo,” kusho umbiko ovela ehhovisi legatsha laseCyprus. “Kunalokho, esikuphawulayo ukuthi abantu abaningi abathakazelayo manje baba khona emihlanganweni kunakuqala. Ngesikhathi esifanayo, abazalwane bazimisele ngokwengeziwe ukuletha izindaba ezinhle kubantu abanhliziyo-qotho.” UJehova usekela abantu bakhe abathembekile njengoba athembisa ukuthi wayeyokwenza kuJeremiya 1:19: “Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe, usho uJehova, ukuba ngikophule.”