Ukubhekisisa IGrisi
lzakhamuzi zakuqala zaseGrisi ezaziwayo zazibizwa ngokuthi amaIonian. Kukholelwa ukuthi leligama livela kukhokho wazo uJavani (ngesiHeberu, Ya·wanʹ), indodana kaJafete futhi ngalokho umzukulu kaNowa. (Genesise 10:1, 2) EmiBhalweni yeBhayibheli YamaKristu YesiGreki, iGrisi ibizwa ngokuthi iHel·lasʹ. Yizwe elimagquma-gquma futhi elinamadwala, nezintaba ezimbalwa ezinamahlathi amakhulu. Esikhathini eside esidlule amaGreki aba arnatilosi ayizingcweti.
AmaGreki asendulo ayenonkulunkulu abaningi, ababechazwa njengabanesimo somuntu futhi bebahle kakhulu. Labonkulunkulu kucatshangelwa ukuthi babedla, bephuza, futhi belala; futhi nakuba babebhekwa njengabangcwele nabangafi, babeyengela abesifazane ebuhlotsheni bobulili futhi bebadlwengula futhi babeyizingcweti zokukhohlisa nobugebengu. Izinganekwane ezinjalo kungenzeka ngempela zibe izinkumbulo ezisontiwe zesikhathi sangaphambi kukaZamcolo lapho amadodana kaNkulunkulu ayizingelosi eza emhlabeni njengezihlubuki, ahlala nabesifazane, aveza inzalo enamandla eyabizwa ngokuthi amaNefili, futhi egcwalisa umhlaba ngobudlova.—Genesise 6:1-8, 13.
Ekhulwini lesine leminyaka B.C.E., uPhilip waseMakedoniya, uyise ka-Alexander Omkhulu, waqala ukuhlanganisela imizi yamaGreki eyayiyimibuso ezimele ngaphansi kokulawulwa iMakedoniya. Ekhulwini lesibili leminyaka B.C.E., iGrisi yaba isifundazwe samaRoma, futhi impucuko yaseGrisi yafinyelela eRoma.
Ukwanda kokusetshenziswa kabanzi kolimi lwekoi·neʹ Greki kwanikela ekusakazekeni okusheshayo kwezindaba ezinhle zobuKristu kuyo yonke indawo yaseMedithera.
Umphostoli uPawulu wavakashela eMakedoniya naseGrisi phakathi nohambo lwakhe lwesibili nolwesithathu lwezithunywa zevangeli. Wakha amabandla obuKristu eFilipi, eThesalonika, eKorinte, naseBereya. USila, uThimothewu, uThithu, namanye amaKristu akuqaia nabo futhi bafundisa lapha. Namuhla, iGrisi inamabandla angaphezu kwama-320 oFakazi BakaJehova nabamemezeli boMbuso kaNkulunkulu abangaphezu kwezi-23 000.