Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 9/15 kk. 3-4
  • Ingabe Bonke Abantu Abalungile Baya Ezulwini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bonke Abantu Abalungile Baya Ezulwini?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Izulu Liyindawo Enjani?’
  • Linjani Izulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izulu
    I-Phaphama!—2016
  • Obani Abaya Ezulwini, Futhi Ngani?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Bakuphi Manje Abathandekayo Bethu Abafile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 9/15 kk. 3-4

Ingabe Bonke Abantu Abalungile Baya Ezulwini?

“Umngcwabo wawusudlulile kodwa ukushaqeka okuhlasimulisayo kwakusekhona. . . . Kwakubonakala kungakholeki ukuthi emasontweni ambalwa nje ngaphambili umfanyana wami wayecathula, ubuso bakhe obuncane buchachambile ngenjabulo ngenxa yempumelelo. Kodwa manje uAndrew wayesefile! . . .

“Ngangilokhu ngimi efasiteleni, ngibuka phandle ebumnyameni bobusuku, ngifuna amazulu. ‘Uphi umfanyana manje?’ ngizibuza. ‘Ingabe usendaweni ethile laphaya phezulu ezulwini phakathi kwezinkanyezi?’”

UKUFA komntwana ngokunokwenzeka kungokuhlangenwe nakho okubuhlungu ukwedlula konke abazali abangaba nakho. Ùphi umntwana wethu manje?’ bayazibuza. Ùsezulwini noma kwenye indawo ethile?’ Izinkolo eziningi kakhulu zifundisa ukuthi izingane ezifayo ziya ezulwini. EGoli, eNingizimu Afrika, umbhalo oqoshiwe kwelinye itshe lethuna ufundeka kanje: “UNkulunkulu wayefuna imbali esaqhakaza, ingelosi yakhe yathatha enye engeyethu.” Kodwa omunye angase azibuze: ‘Kungani uNkulunkulu efuna “imbali esaqhakaza” lapho, ngokwenkolelo ethandwayo, esenazo kakade eziningi kangaka?’ Futhi abantu abangenakubalwa bayazibuza . . .

‘Izulu Liyindawo Enjani?’

Abantu abaningi banombono nje olufifi ngezulu. Abanye ngokukhululeka bakhuluma “ngenjabulo eba sezulwini lapho ufa.” Kodwa lithini iBhayibheli? Lona kanye ivesi lalo lokuqala lithi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Lokhu kubhekisela emazulwini abonakalayo, ukuhleleka okubenyezelayo kwezinkanyezi nemithala. (Duteronomi 4:19) Kodwa kukhona futhi namazulu angabonakali. Ngakho-ke, iBhayibheli likhuluma ‘ngendawo kaJehova yobukhosi neyodumo.’—Isaya 63:15.

Ubani owayengowokuqala ukunyukela ‘kulendawo yobukhosi’ kaBaba wethu wasezulwini? INdodana yakhe ethandekayo, uJesu Kristu. Yathi: “Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.” (Johane 3:13) Lokhu kubonisa ngokusobala ukuthi azikho izidalwa ezingabantu ezaziye ezulwini. Kodwa uJesu wathembisa ukuthi abanye abantu babeyoya ezulwini. Ngaphambi nje kokuba anyukele ezulwini, wathi kubafundi bakhe abathembekile: “Ngiya ukunilungisela indawo . . . nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibekhona nani.”—Johane 14:2, 3.

Khona-ke, ngokusobala, abanye abantu abalungile bayaya ezulwini. Kodwa ingabe bonke abantu abalungile baya ezulwini? Kuthiwani ngekhaya lomuntu—umhlaba? Ingabe uzobhujiswa ngempi yenuzi bese uba umlotha ophephetheka emkhathini? Ngokuqinisekile akunjalo. IBhayibheli lithi: “Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza, kepha umhlaba umi phakade.” (UmShumayeli 1:4) Futhi uMdali angawubhubhiselani lomhlaba omuhle, ngisho nakuba izingxenye zawo zingcoliswe abantu abanobugovu? IZwi likaNkulunkulu liyathembisa: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29.

Khona-ke, ngokusobala, umhlaba unekusasa elithakazelisayo. ENtshumayelweni yakhe edumile yaseNtabeni, uJesu wabikezela: “Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba.” (Mathewu 5:5) Ngaphezu kwalokho, incwadi yokugcina yeBhayibheli, isAmbulo, ibonisa ukuthi umhlaba uyoba ipharadesi. Ngokuqondene nesintu esilalelayo ithi: “Yena uNkulunkulu abenabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikubakhona.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Kulokhu osekushiwo, kungabonwa ukuthi abanye abantu abalungile baya ezulwini, kuyilapho abanye beyojabulela ukuphila emhlabeni. Lokhu kusho ukuthi kuhileleke amaqembu amabili ahlukile. Lokho kungenzeka kanjani? Ngaphezu kwalokho, njengonina ka-Andrew, abaningi bakhathazeka ngalokho okwenzeka ezinganeni zabo ezifa zingabhapathiziwe. AmaRoma Katolika afundiswa ukuthi ziya endaweni ebizwa ngokuthi iLimbo. Ingabe ikhona indawo enjalo? Ingabe izingane ziya lapho? Izimpendulo ezanelisayo neziduduzayo zinikezwa esihlokweni esilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela