Ukukhulekelwa KukaSathane Esikhathini Sethu
AKUNGABAZEKI ukuthi uSathane ufuna ukukhulekelwa. Lapho elinga uJesu, wathembisa ukumnika umvuzo omkhulu ngombandela owodwa nje kuphela: “Uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.” (Mathewu 4:9) Yebo, uJesu wenqaba, kodwa akubona bonke abaye balandela isibonelo sakhe. Ukukhulekelwa kukaSathane kusakazeke kabanzi ezweni lethu lanamuhla.
Ngokwesibonelo, eCanada iThe Calgary Herald yakhipha izihloko eziwuchungechunge ngaphansi kwesihloko esithi “Abafundi BakaDeveli.” Lelophephandaba lacaphuna umbiko womseshi oyiphoyisa, othi: “Ngezingxoxo ngiye ngathola ukuthi ukukhulekelwa kukaSathane akuqhutshwa iqembu elithile nje kuphela emphakathini. Ukwaziswa okuqoqwe uMnyango Wamaphoyisa AseCalgary namaPhoyisa AseCanada Asebukhosini Agibela Amahhashi kwembula ukuthi eCalgary iyodwa kucatshangelwa ukuthi kunabayizi-5 000 abakhulekela uSathane.”
Eminye imibiko yamaphephandaba ibonisa ukuthi ukukhulekelwa kukaSathane, ngezindlela ezihlukahlukene, kuyabonakala eUnited States naseYurophu. Ngisho namaphoyisa abonisa isithakazelo esithile ekukhulekelweni kukaSathane. Kungani? Ngoba emacaleni amaningi athola ukuthi kunokuhlangana phakathi kobugebengu nokukhulekela kukaSathane. Muva nje omunye umseshi wacashunwa ethi: “Esishikilisana nakho inkolo nabantu abakholelwa kuyo njengoba abanye bekholelwa ebuKristwini, ubuJuda noma ubuIslam. Enikubonayo akubona ubugebengu ngenxa yokuthanda ukweqa umthetho, kodwa ubugebengu ngenxa yenkolo ethile.”
Esinye isibonelo esivelele sasiwukubulawa kwabantu okwenziwa iqembu likaManson eCalifornia emuva ngo-1969. Ngokukaprofesa wezomlando uJeffrey Russell, “uManson wathi uyikho kokubili uKristu noSathane. . . . Lapho umlandeli kaManson uTex Watson, ezobulala uSharon Tate wathi, ‘Ngingudeveli; ngizele ukuzokwenza umsebenzi kadeveli.’” Kodwa ukukhulekelwa kukaSathane akukho obala ngaso sonke isikhathi njengalokhu.
Ubuthakathi, Imimoya, Nobulumbi
Ngempela, ukukhulekelwa kukaSathane akulinganiselwe ekukhulekeleni uSathane ngokuqondile ngokusebenzisa igama lakhe. Umphostoli uPawulu waxwayisa: “Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni.” (1 Korinte 10:20) Futhi ukukhulekela amademoni kuyefana ngempela nokukhulekela uSathane, njengoba uSathane ebizwa ngokuthi ‘umbusi wamademoni.’ (Marku 3:22) Imiphi imikhuba ‘yabezizwe’ engahlanganiswa nokhulekela amademoni, noma ukukhulekelwa kukaSathane? Amazwi kaNkulunkulu kuIsrayeli asinikeza izibonelo ezithile: “Makungafunyanwa kuwe umuntu . . . ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova.”—Duteronomi 18:10-12.
Ngakho-ke, siyaxwayiswa ngokumelene nomnikelo wegazi nokuxhumana nemimoya okuqhutshwa abapristi abangabalumbi eBrazil noma ngamahoungan namamambo aseHaiti. Futhi siyaxwayiswa ngokumelene nayo kanye imikhuba efanayo yobuSanteria, eqashelwa abanye baseCuba abathunjelwa eUnited States. Futhi, siyaxwayiswa ngokumelene nabalumbi abathi bakhuluma nemiphefumulo efi-le ukuze basabise abaphilayo.—Qhathanisa no-1 Samuweli 28:3-20.
Ubuthakathi buvamile ezingxenyeni ezihlukahlukene zeAfrika. Ngokwesibonelo, eNingizimu Afrika izangoma zinamandla amakhulu, futhi abantu bazithatha ngokungathi sina kakhulu. Amacala amuva abikwa emaphephandabeni ayengawezixuku ezabashisa bephila abantu ababebekwe icala lokubangela umbani ukuba ushaye izakhamuzi ezikanye nabo! Izinyanga zakuleyondawo zabeka abantu abangenacala icala ngalezizenzo “ezingezona ezemvelo” zase zibabophelela emthini ukuba bashiswe. Ukukholelwa okunjalo ekulumbeni noma emilingweni ngokufanayo kuwukukhulekelwa kwamademoni.
Nokho, ubuthakathi abenziwa eAfrika kuphela. Ngo-1985, uHerbert D. Dettmer, lapho esadonsa isigwebo sasejele esikhungweni sokulungisa izigebengu eVirginia, eU.S.A., wanikezwa imvume yiNkantolo Yesifunda EsingaseMpumalanga yeVirginia ukuba angenise izambatho nezinto ukuze akwazi ukuqhuba inkolo yakhe ejele. Futhi yayiyini inkolo yakhe? Ngokombhalo ogciniwe wenkantolo, wayeyilungu “leSonto LaseWicca (elaziwa ngokuvame ngokwengeziwe ngokuthi ubuthakathi).” Ngemva kwalokho, uDettmer wathola imvume engokomthetho yokusebenzisa isibabule, usawoti wasolwandle, noma usawoti ongafakiwe isibulala magciwane; amakhandlela; impepho; iwashi elikhalayo; kanye nesambatho esimhlophe ekukhulekeleni kwakhe.
Yebo, ngokwalokho okuphawulekayo, ubuthakathi busakazeke kabanzi eNtshonalanga. Iphephandaba laseBrithani iManchester Guardian Weekly labika: “Eminyakeni emihlanu edlule, kwakucatshangwa ukuthi kunabathakathi abayizi-60 000 eBrithani: namuhla [ngo-1985] lelonani lilinganiselwa ngabanye abathakathi ukuba seliye landa laba yizi-80 000. IPrediction, umagazini wanyanga zonke wokufundwa kwezinkanyezi nemilingo, unyatheliswa ngezi-32 000.”
Ukukhulekelwa KukaSathane Nomculo
UProfesa Russell, encwadini yakhe ethi Mephistopheles—The Devil in the Modern World, udonsela ukunakekela kwethu kwenye indlela izinjongo zikaSathane eziqhutshekiselwa phambili ngayo. Uyabhala: “Ukukhulekelwa kukaSathane okusobala kwanyamalala ngokushesha ngemva kwawo-1970, kodwa izici zokukhulekelwa kukaSathane okuthuthukisiwe zaqhubekela ko-1980 ngomculo werock ‘onomsindo nesigqi esinamandla’ nokusebenzisa kwawo ezikhathini ezithile igama likaDeveli nenhlonipho ephawulekayo ngezici eziphawula ithonya likaSathane zonya, imilaliso, ububi, ukucindezeleka, ukuzitika, ubudlova, umsindo nesiyaluyalu, nokungajabuli.”—Omalukeke sizenzele.
Mhlawumbe abadlali bomculo abafaka izici zokukhulekelwa kukaSathane emculweni wabo babengaqondile. Kungenzeka ukuthi babemane nje bezama ukushaqisa noma ukuhluka. Nokho, abanye abantu abathathekayo bathinteka ngokunamandla. UProfesa Russell uphawula ukuthi “inkulumo-ze ephindaphindwayo yobubi engengathi sina ngokwengxenye iye yaba nomphumela owonakalisayo kubantu abayizithutha nababuthakathaka. Omunye umphumela uye waba ukuqubuka kobugebengu obuhlazisa ngokushaqisayo, kuhlanganise nokuxhashazwa kwabantwana nokucwiywa kwezilwane.”
Isigigaba samuva nje sashaqisa izakhamuzi zaseNew York. Ngokombiko welinye iphephandaba, umfana oneminyaka eyi-14 ubudala, “eqhutshwa umoya kaSathane,” wabulala unina ngommese wayesezibulala. Umeluleki wemikhaya waseCanada waphawula, njengoba kubikwe kumagazini iMaclean’s, ukuthi inani elikhulayo lentsha ekhathazekile lavuma ukuthi liqhuba “ukukhulekelwa kukaSathane, ngokuvamile likwenza kanye nemilaliso nezinhlobonhlobo zomculo werock onomsindo nesigqi esinamandla ocindezela ngokwengeziwe.”
Akuyona Nje Imfashini
Imfashini ekhukhula iUnited States kwamanje ibizwa ngokuthi ukuxhumanisa. Ngalokhu, ngokuvamile abantu bakhokha amakhulu amaningi amaRandi ukuze bahlanganyele emigidini lapho “umxhumanisi,” okuwukuthi isangoma, (abaxhumanisi ngokuvamile ngabesifazane) uthi ukhuluma nomoya womuntu owafa kudala. Endabeni yomunye umxhumanisi, amaphephandaba abika ukuthi, imigidi “idluliselwa njalo ngezikhathi ezithile ezinkulungwaneni zabantu emadolobheni ayisithupha ngasikhathi sinye ngokuxhumanisa amathelevishini ngomkhumbi-mkhathi.” Lomkhuba usephula isidanasi iseluleko seBhayibheli sokugwema ababhula emadlozini, nababikezeli abachwepheshile bezenzakalo. Ngakho-ke, kuwuhlobo lokukhulekelwa olungabizwa ngokuthi ukukhulekelwa kwamademoni. Futhi njengazo zonke izinhlobo zemimoya, kusekelwe emangeni kaSathane okuthi umphefumulo womuntu awufi.—UmShumayeli 9:5; Hezekeli 18:4, 20.
Ithonya LikaDeveli Ezweni Eligcwele Inzondo
Isimo esisabisayo sesintu kulelikhulu leminyaka lama-20 sisenza sizibuze ukuthi ithonya likaSathane alidluleli yini ngalé kwalokhu. UProfesa Russell uyakuthinta lokhu lapho ethi: “Manje, njengoba kunezindawo okugcinwa kuzo izikhali zenuzi okulinganiselwa ukuthi zedlula izikhali ezidingekile ekubulaleni zonke izilwane eziphilayo ezinemigogodla emhlabeni ngokuphindwe kamashumi ayisikhombisa, siwenza ngenkani amalungiselelo empi engeke izuzise muntu, sizwe, noma imibono kodwa eyolahla izinkulungwane zezigidi ngokufa okwethusayo. Imaphi amandla asiqhubela endleleni eba yingozi ngokwengeziwe nsuku zonke? Kungokwenzuzo kabani ukubhujiswa ngenuzi kwalonozungezilanga? Yilawomandla kuphela lawo kusukela ekuqaleni aye athanda ukubhubhisa ukuhleleka kwendalo ngonya olungapheli nangenzondo.”
Angubani noma ayini lawomandla? Lowoprofesa unikeza impendulo yakhe siqu ngalamazwi: “UDeveli uye wachazwa njengomoya ofuna ukuphazamisa nokubhubhisa ukuhleleka kwendalo kaNkulunkulu ngokusemandleni akhe. Akunakwenzeka yini ukuthi amandla asiqhubela ukuba sandise izikhali zenuzi abe amandla afanayo abelokhu ekulwela njalo ukungabonwa ukuthi yiwo? Kulesisimo esibucayi kakhulu ngonozungezilanga wethu, asikwazi ukukuchilizela eceleni ukuthi kungaba yiwo.” Ngokuqinisekile amaKristu awakuchilizeli eceleni ukuthi kungaba yiwo. UJesu ngokwakhe wabonisa ithonya elikhulu likaSathane kulelizwe lapho embiza ngokuthi “umbusi walelizwe.” (Johane 12:31) Ichaza isimo sengqondo sikaSathane namuhla, incwadi yesAmbulo ithi ‘unolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.’ (IsAmbulo 12:12) Ibhekisela kulokho uSathane azama ukukufeza esikhathini sethu, leyoncwadi efanayo ithi usebenzisa inkulumo-ze yobudemoni ukuze aqoqele ababusi balelizwe “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.” (IsAmbulo 16:14) Cha, asinakuliphika ithonya likaSathane uDeveli uma sizama ukuqonda isizathu senkambo yesintu yobuhlanya yokuzibhubhisa ngokwaso.
Umphostoli uPawulu wabiza uSathane ngokuthi ‘umbusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli,’ nangokuthi “unkulunkulu walelizwe.” (Efesu 2:2; 2 Korinte 4:4) Akumangalisi neze ukuthi abaningi babuza ukuthi ingabe zonke izenzo zonya zalenkathi yesayensi “ekhanyiselwe”—izimpi ezimbili zezwe, izimpi eziphakathi kwezizwe eYurophu naseKampuchea, indlala eqhubezelwa ezombangazwe eAfrika, ubandlululo olujulile lomhlaba wonke lwenkolo nolwezinhlanga, inzondo, ukubulalana, ukuhlushwa okuhlosiwe, ukonakaliswa kwesintu okungemthetho yimilaliso, uma sibala nje ezimbalwa—bekungenakuba yini ukulandela ipulani yamandla athile amabi akhandlekela ukudedisela abantu kude noNkulunkulu mhlawumbe ngisho nasekuzibhubhiseni kwembulunga yonke.
Khona-ke, ungubani uSathane? Uhlose ukwenzani ngempela? Yini thina njengabantu ngabanye esingayenza ngakho? Sikumema ukuba ucabangele ukukhulunyelwa kwalemibuzo ezihlokweni ezimbili ezilandelayo.
[Isithombe ekhasini 7]
Njengoba begwema umculo olawulwa uSathane, abantu bakaNkulunkulu bafuna ukuzijabulisa okwakhayo