Umhlangano Waminyaka Yonke—October 1, 1988
UMHLANGANO WAMINYAKA YONKE wamalungu eWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania uyoba ngo-October 1, 1988, eHholo LoMhlangano IoFakazi BakaJehova, eliku-2932 Kennedy Boulevard, eDolobheni laseJersey, eNew Jersey. Umhlangano wokwandulela wamalungu kuphela uyohlangana ngo-9:30 ekuseni, ulandelwe umhlangano ovamile waminyaka yonke ngo-10:00 ekuseni.
Amalungu eNhlangano kumelwe azise iHhovisi likaNobhala manje nganoma yiluphi ushintsho olube khona emakhelini awo phakathi nonyaka odlule ukuze izincwadi ezivamile zezaziso nezincwadi zokuvota zifike kubo ngokushesha ngemva kuka-August 15.
Izincwadi zokuvota, eziyothunyelwa emalungwini kanye nezaziso zomhlangano waminyaka yonke, kumelwe zibuyiswe ukuze zifike eHhovisi likaNobhala weNhlangano ngaphambi komhla ka-1 kuSeptember. Ilungu ngalinye kumelwe ligcwalise futhi libuyise incwadi yalo yokuvota ngokushesha, liphawula noma lizoba khona mathupha emhlanganweni noma cha. Ukwaziswa okunikezwa encwadini ngayinye yokuvota kumelwe kube okuqondile kuleliphuzu, njengoba kuyothenjelwa kukho ekwazini ukuthi obani abayoba khona mathupha.
Kulindeleke ukuba sonke isimiso, kuhlanganise nomhlangano ongokomthetho ongokwebhizinisi nemibiko, kuphethwe ngo-1:00 ntambama noma ngokushesha ngemva kwalokho. Asiyikubakhona isimiso santambama. Ngenxa yendawo elinganiselwe, kuyongenwa ngamathikithi kuphela. Awekho amalungiselelo ayokwenziwa okudlulisela lomhlangano waminyaka yonke ngocingo kwezinye izindawo.