Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Okuhlangenwe Nakho Okuvela ETuvalu
IZINDABA ezinhle zoMbuso ziyamenyezelwa eziqhingini ezinhle zaseTuvalu, eNingizimu Pacific, futhi ubufakazi obuhle buye banikezwa ngisho nakubantu abasezikhundleni eziphakeme. Umzalwane waseAustralia okhonza nomkakhe emsebenzini wokujikeleza eTuvalu usitshela ngokuhlangenwe nakho kwakhe:
“Mina nomkami samenyelwa ukuza ekudleni ekhaya likaMongameli waseTuvalu. Umkhosi wawungowokuhambela kukaNgqongqoshe Wezangaphandle waseAustralia. Phakathi nokudla, mina nomkami saba nethuba elihle lokufakaza kubo bobabili ungqongqoshe waseAustralia nomkakhe. Lapho esethula, uMongameli wakhuluma ngomsebenzi omuhle oFakazi BakaJehova abawenzayo eTuvalu, ikakhulukazi mayelana nokuhunyushelwa kwezincwadi zethu olimini lwaseTuvalu. Wathi, ‘Nginazo zonke izincwadi zabo emtatsheni wami wezincwadi, futhi zinhle ngokukhethekile!’ Bobabili ungqongqoshe nomkakhe babenesithakazelo sokuzwa ngentuthuko yomsebenzi wethu eTuvalu.
“Kamuva kusihlwa, says komunye umdlalo wokuzijabulisa wendawo womdanso womdabu. Ngemva kwalokho uNdunankulu waseTuvalu weza kithi futhi wathi abanye oFakazi babeye bahambela kwakhe ngesonto elidlule futhi babemshiyele abanye omagazini beNqabayokulinda nePhaphama! Ekhasini lokugcina Iomunye umagazini wabona ukukhangiswa kweNew World Translation of the Holy Scriptures futhi wayefuna ukwazi ukuthi wayengayithola kanjani kuleyondawo. Samtshela ukuthi sasingajabulela ukumnikeza yona. NgeSonto elilandelayo, ngaya endlini yakhe ngiliphethe leloBhayibheli, futhi saba nengxoxo emnandi cishe ihora. Wasitshela indlela ayewazisa ngayo umsebenzi nezincwadi zethu. Eqinisweni, lapho sifika kwakhe, umkakhe wayefunda incwadi ethi Ungaphila Phakade ngolimi lwaseTuvalu. Ngakho sakujabulela ukukwazi ukufakaza kwabanye ‘abasezikhundleni eziphakeme.’”—1 Thimothewu 2:1-4, NW.
Ngesinye isikhathi uMongameli waseTuvalu wahambela eziqhingini zaseSolomon. Umphakathi wabantu baseTuvalu ohlala lapho wamenzela idili lokumhlonipha. Phakathi kwalabo abamenyelwa edilini kwakungomunye udade, owalandisa okuhlangenwe nakho okulandelayo:
“Ekupheleni kwedili, uMongameli wavula ithuba lokubuza imibuzo ngezenzakalo zamuva nje eTuvalu. Omunye umbuzo wawuthi, ‘Zikhona yini izinkolo ezintsha eTuvalu?’ UMongameli waphendula ngokuthi ‘zikhona izinkolo ezintsha eziye zavunyelwa ukuba zingene eTuvalu kodwa iyodwa kuphela elungile.’ Lapho ebuzwa ukuthi iyiphi, waphendula, ‘oFakazi BakaJehova.’
“Wonke umuntu wamangaliswa impendulo yakhe, futhi kwaphakama umbuzo osobala wokuthi kungani oFakazi BakaJehova ‘bewukuphela kwenkolo elungile.’ Wathi: ‘Ngoba abefundisi bethu bahlala ekhaya usuku lonke futhi basikhalisele insimbi ngamaSonto kuphela ukuze siyobalalela. Kodwa oFakazi BakaJehova eqinisweni beza kuwe, futhi ngisho nakuba ungase ungayi esontweni, bayokufundisa ngeBhayibheli ekhaya lakho siqu.’”
Ngakho, nakuba abanye beyigxeka inkonzo yethu yendlu ngendlu, ngokusobala abanye bayakwazisa ukuba sibalethele isigijimi khona kanye emakhaya abo.—IzEnzo 5:42.