Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/08 k. 3
  • Ingabe Izimpawu Zenhlekelele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Izimpawu Zenhlekelele?
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Abanye Abakubikezelayo
  • Kwenzekani Ngesimo Sezulu?
    I-Phaphama!—2003
  • Ukushintsha Kwesimo Sezulu Nekusasa Lethu—Okushiwo IBhayibheli
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ingabe Iplanethi EwuMhlaba Iyasongelwa?
    I-Phaphama!—2008
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 8/08 k. 3

Ingabe Izimpawu Zenhlekelele?

I-New Zealand Herald ithi: “UVeu Lesa waseTuvalu oneminyaka engu-73 ubudala, akayidingi imibiko yesayensi ukuze imtshele ukuthi amanzi olwandle ayenyuka. Ugu akhulela kulo seluyanyamalala. Izilimo ezazondla umkhaya wakubo sezibulawa amanzi anosawoti. Ngo-April [2007], kwadingeka ashiye umuzi wakhe lapho ukhukhulwa amagagasi olwandle anamadwala nemfucumfucu.”

KUBANTU baseTuvalu, eyiqoqo leziqhingi eziphakeme ngamamitha amane ngaphezu kolwandle, ukufudumala kwembulunga yonke akuwona nje umbiko wesayensi ongaqondakali, kodwa “uyiqiniso lansuku zonke,” kusho i-Herald.a Kakade izinkulungwane sezizishiyile lezi ziqhingi, futhi baningi abanye abalungiselela ukwenza kanjalo.

URobert waseBrisbane, e-Australia, yena ukwazi ukunisela isivande sakhe ngezinsuku ezithile kuphela, ngebhakede—hhayi ngepayipi lokunisela. Futhi uma imoto yakhe engayiyisi endaweni yokugeza izimoto enemishini yokuhlanza amanzi ukuze aphinde asetshenziswe, angakwazi ukugeza izingxenye ezithile kuphela zayo—izibuko, amafasitela nezinombolo zayo. Kungani kunemigoqo engaka? URobert uhlala engxenyeni yezwe enenkinga enkulu yalokho okuthiwa isomiso esibi kakhulu eminyakeni eyikhulu. Kwezinye izingxenye zezwe izimo zimbi nakakhulu. Ingabe izinkinga zase-Australia naseTuvalu ziwubufakazi bokufudumala kwembulunga yonke?

Lokho Abanye Abakubikezelayo

Abaningi bakholelwa ukuthi izinto ezenziwa abantu ziyimbangela eyinhloko yokufudumala kwembulunga yonke, okungase kube nemiphumela eyinhlekelele esimweni sezulu nasendaweni ezungezile. Ngokwesibonelo, ukuncibilika okukhulu kweqhwa emazweni abandayo kanye nokugcwala kwezilwandle njengoba amanzi eya ngokuya efudumala kungase kwenze izinga lolwandle lenyuke kakhulu. Iziqhingi ezisendaweni ephansi njengeTuvalu zingase zinyamalale, kuhlanganise nezingxenye ezinkulu zeNetherlands neFlorida, uma sibala nje ezinye izindawo ezimbili. Izigidi zabantu zingaphoqeleka ukuba zisuke ezindaweni ezinjengeShanghai neCalcutta kanye nezingxenye ezithile zeBangladesh.

Ngesikhathi esifanayo, ukwenyuka kwamazinga okushisa kungabangela iziphepho ezinamandla, izikhukhula nesomiso. Ezintabeni zaseHimalaya, izinguzunga zeqhwa ezincibilikayo—ezindaweni eziphakela imifula engu-7—zinganciphisela umphakathi womhlaba ongamaphesenti angu-40 amanzi ahlanzekile. Okunye okusengozini izinkulungwane zezinhlobo zezilwane, kuhlanganise namabhere asezindaweni ezibandayo, azingela kakhulu eqhweni. Ngempela, imibiko ibonisa ukuthi amabhere amaningi ayazaca futhi amanye abulawa nayindlala.

Ukunyuka kwamazinga okushisa nakho kungase kubangele ukwanda kwezifo ngokudala omiyane, amakhizane, nezinye izinambuzane ezithwala izifo, kuhlanganise nesikhunta, ukuba zisakazeke yonke indawo. I-Bulletin of the Atomic Scientists ithi: “Izingozi ezidalwa ukushintsha kwesimo sezulu cishe zimbi njengalezo ezibangelwa izikhali zenuzi. Imiphumela yakho eyinhlekelele ingase ingabonakali ngokushesha . . . , kodwa eminyakeni engamashumi amathathu kuya kwamane ukushintsha kwesimo sezulu kungabangela inhlekelele engenakulungiseka ezintweni umphakathi wesintu othembele kuzo ukuze uphile.” Okwethusa nakakhulu ngalokhu ukuthi abanye ososayensi bathi izinguquko okuthiwa zibangela ukufudumala kwembulunga yonke ziyaqhubeka zenzeka ngokushesha nakakhulu kunokuba bebelindele.

Ingabe kufanele sizikholwe lezi zibikezelo? Ingabe ukuphila emhlabeni sekufike kwangqi-ngetshe ngempela? Abagxeki bokuthi imbulunga yonke iyafudumala bathi lezi zibikezelo azinasisekelo. Abanye abaqiniseki. Ngakho, ikuphi okuyiqiniso? Ingabe ikusasa lomhlaba nelethu lisengozini?

[Umbhalo waphansi]

a Inkulumo ethi “ukufudumala kwembulunga yonke” ibhekisela ekwenyukeni kwezinga lokushisa emkhathini womhlaba nasolwandle.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela