Basha—Xwayani Ukuphila Ukuphila Okumbaxa-mbili
“Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho . . . kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.”—UMSHUMAYELI 11:9.
1, 2. Isiphi isibonelo esikhona somusha ophila ukuphila okumbaxa-mbili?
“KUSUKELA ebuntwaneni ngakhuliswa 11 emkhayeni wobuKristu, phakathi koFakazi BakaJehova,” kwabhala osemusha. “Nokho, ukuphila engakuphila, ngisho nalapho ngisekhaya, kwakuphambene ngokuphelele nezindinganiso kanye nokucabanga kwabazali bami. Ingxenye enkulu yokuphila kwami yayiwukuphila kokungazithibi, ukuphila kwezwe kokwenza umathanda.”
2 Omusha wachaza ngokuqhubekayo: “Ngisho nangaphambi kokuba ngifinyelele iminyaka eyishumi ubudala, ngaqala ukuphila ukuphila okumbaxa-mbili ngangokusemandleni ami—ukuba ngamukeleke futhi ngithole nobungane esikoleni nokho ngibe ngisamukeleka kubazali bami. Esikoleni ngangizifanelanisa ngangokunokwenzeka emikhubeni nasekuziphatheni . . . Kodwa ekhaya ngangihluke ngokuphelele. NgangiwumKristu oziphatha kahle abazali bami ababelindele ukuba ngibe nguye.
3. (a) Ikuphi ukuqiniseka esinakho, nokho yini esiyiqaphelayo? (b) Yini ebangela ukuba silethe ukunakekela entsheni?
3 Siyaqaphela ukuthi ukuziphatha kwalona omusha akulimeleli iningi lenu nina bantu abasha ebandleni. Siyaqiniseka ukuthi iningi lenu lithembekile kubazali benu nasebandleni, futhi lokhu kujabulisa izinhliziyo zethu. Ngesikhathi esifanayo, siyazi ukuthi abanye bazenza abaqotho kodwa bese befihla inkambo embi ngawo wonke amandla abo kubantu abadala. Kungakho kunalombuzo: Ingabe uwuhlobo lomuntu ofuna sicabange ukuthi uyilo, noma ingabe uphila ukuphila okumbaxambili? Asibuzi lombuzo ngomoya wokugxeka, kodwa kunalokho, ngenxa yokuba sinithanda ngempela futhi sifuna ukunisiza ukuba nijabulele ubusha benu ngokuphila ngendlela eyothokozisa uJehova.—UmShumayeli 11:9, 10; 12:14; 2 Korinte 5:10.
4. Abanye abantu abadala nabo baye bakuphila kanjani ukuphila okumbaxa-mbili, kodwa yini eye yaphawuleka muva nje phakathi kwentsha?
4 Nokho, ningase nibuze: ‘Kungani kukhethwa thina abasha? Kuthiwani ngabantu abadala?’ Akukho kungabaza ukuthi nabo futhi kumelwe bakuxwaye ukuphila ukuphila okumbaxambili. UGehazi, inceku kaElisha, wakhohlisa, ezama ukufihla iqiniso lokuthi wamukele izipho kuNahamani. (2 AmaKhosi 5:20-26) Futhi uAnaniya noSafira, ababengabantu abadala, abakhohlisa ngokuba bathi banikeze abaphostoli yonke imali yensimu—bezama ukuzenza babonakale belungile—lapho eqinisweni babezigodlele ingxenye yemali. (IzEnzo 5:1-4) Nokho, isizathu sokuba siqondise ukunakekela kinina basha siwukuthi ngokusobala kuye kwaba nokwanda kwalenkinga phakathi kwenu.
Isizathu Sokuba Abanye Baphile Ukuphila Okumbaxa-mbili
5. (a) Kungani intsha ethile iphila ukuphila okumbaxa-mbili? (b) Ngokuvamile abasha baphathwa kanjani uma bephila ukuphila okutusekayo, ngakho yini abanye abayenzayo?
5 Kungani kunjalo? Omunye omusha waveza isizathu esikhulu, echaza: “Ngangingafuni ukulahlekelwa abangane bami ngokuba umuntu ohlukile.” Kuyiqiniso ukuthi ukuba ohluke ngendlela elungile ngokuvamile kukwenza inhlekisa. (Qhathanisa no-1 Petru 3:16; 4:4) Ukuze bagweme lokhu, futhi bazuze ukwamukelwa ngontanga, abanye abasha bayadakwa nokudakwa noma babe nobuhlobo bobulili. Intombazane eneminyaka eyi-13 ubudala, engeyena uFakazi, eyaphumelela ngamalengiso kuzo zonke izifundo zayo futhi eyayihlanganyela njalo ezingxoxweni zasekilasini, yathi: “Abafana ngeke babe nesithakazelo kothile obonakala ehlakaniphe njengami. . . . Ngicabangela ukudebesela izifundo zami noma ngenze okuthile okuzoshintsha idumela lami.”
6. UPetru wathonywa kanjani ukuba aziphathe ngokungafanele, futhi ngalokho lokhu kufanele kukuthinte kanjani ukwahlulela kwethu intsha?
6 Ngokuphawulekayo, umphostoli uPetru ngokwakhe wake wacabanga kakhulu ngesimo sakhe, noma idumela, kunokwenza lokho ayazi ukuthi kulungile. Lapho amaKristu angamaJuda aseJerusalema evakashela eAntiyokiya, uPetru wahoxa ebudlelwaneni bakhe namaKristu angabeZizwe ngoba esaba ukugxekwa amaJuda ngokuzihlanganisa nalaba beZizwe. (Galathiya 2:11-14) Njengoba ngisho namaKristu avuthiwe eye anqotshwa kanjalo ukucindezela kontanga, ingabe kuyamangaza yini ukuthi intsha engenakho okuhlangenwe nakho ingenza kanjalo ngokufanayo?—IzAga 22:15.
7. Yini engalingela intsha ethile ukuba iphile ukuphila okumbaxa-mbili?
7 Esinye isizathu esihlobene sokuthi kungani enye intsha iphila ukuphila okumbaxambili siwukuthi ikholelwa ukuthi ilahlekelwa injabulo. Izwa enye intsha esikoleni ikhuluma ngezenzo zayo—ukuthi iphathi yayinkulu kangakanani, umculo onogqozi, ukuphuza, imilaliso, indlela eyadakwa ngayo! Noma ‘izwa indlela othile aqabula futhi ashele ngayo. Ngakho kuvuswa isifiso sokunambitha lezinto, futhi intsha ithonywa ukuba ihlole lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘ukuthokoza isikhashana esonweni.’—Heberu 11:24, 25; 1 Korinte 10:6-8.
8. Siyini isizathu esiyinhloko sokuba intsha iphile ukuphila okumbaxa-mbili?
8 Nokho, isizathu esiyinhloko sokuba enye intsha iphile ukuphila okumbaxambili siwukuthi uJehova nezwe elisha elizayo bamane nje abasibo abangokoqobo kuyo. Ayizikholelwa ngempela izithembiso zikaJehova noma izixwayiso ezikhishwe ngeZwi lakhe nenhlangano yakhe ebonakalayo ngokuphathelene nemiphumela yokungamlaleli uJehova. (Galathiya 6:7, 8) Ayifani noMose, lowo iBhayibheli elithi ngaye: “Wayebheké umvuzo [kaNkulunkulu]. . . . Wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.” KuMose, uJehova nezithembiso zaKhe babengokoqobo. Kodwa labo abaphila ukuphila okumbaxambili bayaluntula lolokholo. Babona kuphela lokho uSathane afuna ukuba bakubone—inkazimulo yesimiso sakhe. Ngakho balandela ukujabula kwesikhashana esonweni, kodwa ngesikhathi esifanayo, bazama ukuzenza abangcwele.—Heberu 11:26, 27.
Bazali, Ningaba Nengxenye
9. (a) Abazali bangaba kanjani nengxenye ekuphileni kwabantwana babo ukuphila okumbaxambili? (b) Yini okudingeka abantu abadala bayiqonde futhi baphaphamele ukuyenza?
9 Omusha ocashunwe ekuqaleni waphawula: “Okwakwenza ukuba ngingathandeki esikoleni kwangenza ngamukeleka futhi ngathandwa ekhaya. Kodwa ngangidinga okungaphezu kwalokho. Ngangidinga othile engingabambelela kuye, ngixoxe naye, futhi ngimtshele isifuba sami, kodwa ngangingakutholi lokho kubazali bami.” Bazali, ingabe niyaqaphela ukuba ningabi nengxenye ekuphileni kwabantwana benu ukuphila okumbaxa-mbili? Ingabe nibanikeza ukunakekela komuntu siqu nesiqondiso abasidingayo? Abantu abadala kumelwe baqonde ukucindezela okukhulu, okujivaza ukholo abasha bethu ababhekana nakho esikoleni futhi baphaphamele ukwenza konke abangakwenza ukuba babakhuthaze futhi babasize.—IHubo 73:2, 3; Heberu 12:3, 12, 13.
10. (a) Isiphi isifiso sokwazi esiwumthwalo wemfanelo wabazali ukuba basanelise? (b) Ngokuvamile uyini umphumela uma abazali behluleka ukunikeza isiqondiso?
10 Ngokuvamile imibuzo yentsha iphathelene nobuhlobo namalungu obulili obuhlukile, ngeshwa, okuyisihloko abazali abaningi abasigwemayo. “Abakaze baxoxe nami ngokukhululekile nangendlela engathi sina,” kulandisa umfundi omuhle ophumelela ngamalengiso oneminyaka eyi-15 ubudala. “Konke engakufunda ngobulili kwadingeka ngizifundele ngokwami. . . . Nganginamahloni kakhulu ukuba ngikhulume ngakho nakuba kwakunezinto eziningi engangifuna ukuzazi.” Waba yini umphumela? Wathi: “Udonga olungabonakali phakathi kwami nabazali bami lwaya lukhula, futhi ngaba intombazane efuna ukwazi kakhulu, eyisiwula nethatheka kalula.” Yebo, wavuma ukuba nobuhlobo bobulili nensizwa ethile, kodwa ubani ngempela obungathi wahlanganyela ecaleni lalokhu?—IzAga 22:3; 27:12.
11. (a) Abazali bangabonisa kanjani ukuthi bayabathanda abantwana babo? (b) Cishe intsha iyosabela kanjani othandweni olunjalo?
11 Kubalulekile ukuba abazali babonise intsha yabo ukuthi bayayithanda ngempela ngokusebenzisa isikhathi sabo nayo, bahlanganyele ingxoxo eyisifuba, futhi banikeze isiqondiso. (IzAga 15:22; 20:18) Omunye osemusha waphawula, “Nginomuzwa wokuthi uma babengikhathalela ngempela babezongibekela imithetho ethile.” Ngisho noma abasebasha beyizonda imithetho yakho nemiyalo manje, kamuva bayoyikhumbula ngokuyazisa. Osemusha wabhalela unina: “Njengowayelokhu ezama izindlela zokweqa imingcele, ngifuna lapho kuthambe ngakhona nezindlela zokubalekela imithetho nemiyalo eqinile, ngibonga kakhulu ngokuthi uye waqinisa isandla kimi.” Ngakho bonisa ukuthi uyabathanda abantabakho ngokubacela ukuba benze ngokuvumelana neziqondiso zakho. Sengathi ungelokothe ube nengxenye ekuphileni kwabo ukuphila okumbaxambili ngokwehluleka ukugcina izindlela zokukhulumisana zivulekile noma ngokwehluleka ukuba khona lapho bekudinga!
12. Isiphi isimo esingenangqondo sabazali abathile esingaba nengxenye ekubeni abantwana babo baphile ukuphila okumbaxa-mbili?
12 Abazali futhi bangaba nengxenye ekuphileni kwabantwana babo ukuphila okumbaxambili ngenye indlela ehluke kakhulu. Amazwi akhulunywa ijaji lenkantolo ephakeme yendawo yaseNew Jersey ayabonisa. “Othisha,” kusho ijaji, “bayazama ukujezisa abantwana ngobubi ababenzayo esikoleni bese besolwa abazali esikhundleni sokuba basekelwe.” Kubonakala sengathi abanye abazali bakholelwa ngokunephutha ukuthi intsha yabo ayinakukwenza okubi. Ngisho noma abadala abangamaKristu noma abanye abanomthwalo wemfanelo ebandleni beletha ububi babantwana babo ekunakekeleni kwabo, abazali bavala izindlebe zabo. Ngokwenza kanjalo baba nengxenye ekuphileni kwentsha yabo ukuphila okumbaxa-mbili.
Lokho Ngempela Okushiwo Ukuphila Ukuphila Okumbaxa-mbili
13. Eqinisweni ukuphila ukuphila okumbaxambili kufana nani?
13 Kubalulekile ukucabangela lokhu: Ukuphila ukuphila okumbaxambili eqinisweni kufana nokukhohlisa—ukuba ombuluzayo, noma umzenzisi. (IHubo 12:2; 2 Thimothewu 3:13) Kufana nokuba njengoSathane, “oziguqula ingelosi yokukhanya.” (2 Korinte 11:14, 15) Kusho futhi ukuba ofana nalabo baholi benkolo uJesu athi ngabo: “Maye kinina-babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafi-leyo nokungcola konke! Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.” (Mathewu 23:27, 28) Ngokusobala, ukuphila ukuphila okumbaxambili kuyisono esingathi sina kuNkulunkulu.
14. Kungani kufanele umuntu agweme ukuphila ukuphila okumbaxa-mbili?
14 Elinye iphuzu elidinga ukucatshangelwa ngokungathi sína yileli: Inkambo yobuzenzisi ayinakufihlwa phakade. “Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe, uma isenzo sakhe sihlanzekile, noma siqotho,” kusho iBhayibheli. (IzAga 20:11; Luka 12:1-3) Yebo, isenzo sakho, esihle noma esibi, siyokwaziwa ngokuhamba kwesikhathi. Futhi iBhayibheli liyabonisa ukuthi uNkulunkulu uyobajezisa kabuhlungu abazenzisi. (Mathewu 24:51) Ngokuqinisekile kufanele ufune ukugwema ukuphila ukuphila okumbaxambili!
Indlela Ongakugwema Ngayo
15. Yini eyosiza intsha ukuba igweme ukuphila ukuphila okumbaxa-mbili?
15 Enye indlela yokugwema ukuphila ukuphila okumbaxa-mbili iwukubhekana nalokho okukushoyo ngempela bese uzibuza: Ingabe ileyondlela engifuna ukukhunjulwa ngayo, njengomzenzisi, umlingisi kaSathane nabaFarisi? Phinde neze! Okunye futhi okuyokusiza ukuba ugweme ukuphila ukuphila okumbaxambili ukucabanga ngobuhlungu benhliziyo bomuntu siqu nangenhlekelele ukuphila okunjalo okuyokulethela yona. Khumbula okwenzeka kuGehazi ngokuzama ukukhohlisa. Uchoko lukaNahamani lwanamathela kuye, futhi waba onochoko kukho konke ukuphila kwakhe. Futhi uAnaniya noSafira bobabili babulawa uNkulunkulu ngokuzama ukuzenza abaphanayo.—2 AmaKhosi 5:27; IzEnzo 5:5, 9, 10.
16. Yini eyenzeka komunye osemusha owahileleka emkhubeni wezwe wokuphila?
16 Kukhona nezibonelo zosuku lwethu. Omusha waseUnited States wayeseqale ukutadisha iBhayibheli futhi eba khona emihIanganweni eHholo LoMbuso. Kodwa wayeseqala ukuzigaxa emkhubeni wezwe wokuphila futhi wayeka ukuhlanganyela. Iminyaka yadlula, futhi wabhala: “Cishe ezinyangeni ezimbili ezidlule ngacela uNkulunkulu ukuba angithumelele uFakazi ngoba ngazizwa nginesifiso sokuqala kabusha futhi. Ngaqala ukutadisha futhi lapho kwenzeka okukhulu. Ngaxilongwa ngenyanga edlule futhi kwatholakala ukuthi nginesifo seKaposi’s sarcoma, ingxenye yesifo esisha sengculaza esingalapheki.” Waphetha: “Ukuba kuphela ngangilandele futhi ngalalela izixwayiso ezingokomBhalo emuva ngalesosikhathi, ngabe angikho kulesimo namuhla.” Ngokuqinisekile ufuna ukugwema imiphumela enjalo edabukisayo! Empeleni izwe alinalutho olunenzuzo elingalunikeza.—1 Johane 2:15-17.
17. Ikuphi okunye ukucabangela okufanele kusize intsha ukuba igweme ukuphila ukuphila okumbaxa-mbili?
17 Okuyokusiza futhi ukuba ugweme ukuphila ukuphila okumbaxa-mbili ukucabangela umphumela ukwenza kanjalo okuyoba nawo egameni likaJehova. Osemusha ophawulwe esingenisweni wathi othile owambona emukela usikilidi wathi: “Ngangingazi ukuthi oFakazi BakaJehova bangabhema. Ingabe awuyena uFakazi?” Kamuva wathi lombuzo wamenza wazizwa enyanyeka ngoba lokho ayekwenza kwakuletha isihlamba kuJehova. Ingabe uyakufuna lokho? Ingabe ucabanga kancane kangaka ngoNkulunkulu wethu kangangokuba njengoIsrayeli wasendulo ongathembekile uyoletha isihlamba egameni lakhe?—IHubo 78:36, 37, 41; Hezekeli 36:22.
18. (a) Cishe abazali bayosabela kanjani uma bezwa ukuthi ingane yabo iphila ukuphila okumbaxa-mbili? (b) Kungani lokhu kufanele kuvimbele intsha engamaKristu ukuba iphile ukuphila okumbaxa-mbili?
18 Ngaphandle kwalokho, cabangela igama nemizwelo yabazali bakho. “Lwa-fika usuku lapho abazali bami bezwa ngalokho engangiyikho ngempela,” kubhala osemusha ophawulwe ngenhla. “Kwabashaqisa. Futhi ngokokuqala ngqa ekuphileni kwami ngabona umama nobaba bekhala. Babedabuke kakhulu ngalokho engangikwenzile.” Cishe abazali bakho nawe bayokhala, uma bezwa ukuthi ubuphila ukuphila okumbaxambili. Ingabe yilokho okufunayo? “Igama elihle linxaneleka kakhulu kunengcebo enkulu,” kusho iBhayibheli. (IzAga 22:1, The Jerusalem Bible) Ngokuphila ukuphila okumbaxa-mbili, ulimaza igama lakho elihle. Kodwa akukhona lokho kuphela. Ungcolisa igama elihle labazali bakho futhi ulibhixa ngodaka, ubenza bazizwe bephansi futhi benamahloni.—IzAga 10:1; 17:21.
19. Ukuziphatha ngokungafanele kwamadodana kaJakobe kwamthinta kanjani, futhi isiphi isifundo esingatholakala kulokhu?
19 Amadodana kaJakobe ayibonisa kahle indlela abantwana abangonakalisa ngayo igama elihle labazali babo. Lapho indodakazi kaJakobe uDina yoniwa, abafowabo babulala amadoda omuzi base bephanga umuzi, bebangela uJakobe ukuba akhale: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe.” UNkulunkulu waze wayala uJakobe ukuba asuke kuleyondawo. (Genesise 34:30; 35:1) Nawe futhi ungenza ukuba igama labazali bakho linuke kabi, ubenze babe namahloni okubheka ngisho nomakhelwane babo nabangane. Ngempela, njengoba iBhayibheli lisho: “Indodana eyisiwula ilusizi kuyise nokubaba kowayizalayo.”—IzAga 17:25.
20. Isiphi isipho esihle abazali abangamaKristu abaye basenza satholakala kubantwana babo?
20 Nokho, siyaqiniseka ukuthi awufuni ukuba abazali bakho babe nosizi nobuhlungu. Ngakho-ke cabangela imiphumela yezenzo zakho kubo. Futhi, uma unenhlanhla yokuba nabazali abangamaKristu, cabanga ngalokho abakunikeze khona—hhayi ukuphila nje kuphela—kodwa okuthile okuyigugu kakhulu. IBhayibheli lithi ngoJehova: “Umusa wakho umnandi kunokuphila.” (IHubo 63:3) Ngokukukhulisa eqinisweni, abazali bakho baye benza umusa kaNkulunkulu watholakala kuwe, bekusiza ukuba ube nobuhlobo naye. Ukuba nalokhu kungcono kakhulu kunokuphila ngokwakho ngoba ngisho noma ungafa, uNkulunkulu uyokubuyisela ekuphileni okuphakade ePharadesi.
Siza Abanye Bakugweme
21. (a) Imuphi umthwalo wemfanelo intsha eyazi ngobubi babanye enawo? (b) Isiphi isibonelo esihle esanikezwa osemusha oneminyaka eyi-13 ubudala?
21 Kuthiwani uma wazi ngothile ophila ukuphila okumbaxa-mbili? Okokuqala, mkhuthaze lomuntu ukuba abonane nabadala. Futhi kuthiwani uma enqaba ukwenza kanjalo? Khona-ke kuwumthwalo wakho wemfanelo ongokomBhalo ukukubika. (Levitikusi 5:1) Siyaqaphela ukuthi lokhu kungase kungabi lula, kodwa kuyinto elungile okumelwe uyenze. “Amanxeba othandayo athembekile,” kusho iBhayibheli. (IzAga 27:6) Intombazane eneminyaka eyi-13 ubudala, ngemva kokuzwa inkulumo eyayichaza ngomthwalo wayo wemfanelo ongokomBhalo, yaya kumngane wayo eyayazi ukuthi wayehileleke ekwenzeni ububi futhi yamtshela ukuthi kufanele ayovuma isono sakhe kwabadala. “Ngaya futhi ngahlola ukuze ngibone ukuthi wayesekhulumile yini nomdala othile,” kubhala lentombazane. “Wayengakayi. Ngakho ngakhuluma nomunye wabadala.” Lentombazane esencane yabuza: “Ingabe ngenze into enhle ngokuceba ‘owayekade engumngane wami omkhulu?’” Ngempela, yayenze into enhle! Lapho imiphumela esheshayo yokwenza lokhu ingase ibe edabukisayo, umphumela kamuva ungaba ojabulisayo, ngisho nosindisa ukuphila kowonileyo.—Heberu 12:11.
22. Iyiphi inkambo yokuhlakanipha intsha ekhuthazwa ukuba iyithathe, futhi uyoba yini umphumela wayo?
22 Nokho konke lokhu kungagwenywa uma ungaphili ukuphila okumbaxa-mbili kusukela ekuqaleni. Ngakho hlakanipha. Hlakulela ubuhlobo obuqinile bomuntu siqu noNkulunkulu, njengoba ungenza nomngane oseduze. Yenza lokhu ngokuthandaza njalo kuye, ngokucela usizo lwakhe, nangokutadisha ngenkuthalo iZwi laKhe iBhayibheli, ukuze uziqonde ngokuphelele izimfanelo zakhe. Basha, niyobusiswa futhi nenze inhliziyo yabazali benu ijabule. Kodwa okubaluleke ngisho nangokwengeziwe, niyokwenza inhliziyo kaJehova ijabule.—IzAga 27:11.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kungani intsha ethile iphila ukuphila okumbaxa-mbili?
◻ Abanye abazali baba kanjani nengxenye ekuphileni kwabantwana babo ukuphila okumbaxa-mbili?
◻ Eqinisweni ukuphila ukuphila okumbaxa-mbili kufana nani?
◻ Intsha ingakugwema kanjani ukuphila ukuphila okumbaxa-mbili?
◻ Imuphi umthwalo wemfanelo intsha enawo uma yazi ngentsha ethile eyenze ububi obungathi sina?
[Isithombe ekhasini 18]
Ukuthululelana izifuba kubonisa uthando lomzali
[Isithombe ekhasini 20]
Uma wazi ukuthi othile uye wenza isono esingathi sina, mkhuthaze ukuba asibike