Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 7/15 kk. 15-20
  • Qaphela Ukufundisa Kwakho Njalo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Qaphela Ukufundisa Kwakho Njalo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokuqalisa Insimu “Entsha”
  • Nikeza Ubufakazi Ngokuphelele
  • Labo Abakhonondayo
  • Ukuhlangabezana Nenselele Yokunganaki Kwabantu
  • Ukuwunakekela, Kuze Kube Sekupheleni
  • Ungakhathali Ekwenzeni Okuhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Sebenzela Ukuphumelela Enkonzweni Yakho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ensimini Esetshenzwa Njalo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Sebenzisa UMthetho Wegolide Enkonzweni Yakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 7/15 kk. 15-20

Qaphela Ukufundisa Kwakho Njalo

“Ziqaphele [njalo] wena kanye nesifundiso [sakho], ume kulezozinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.”—1 THIMOTHEWU 4:16, qhathanisa neNW.

1. Kungani lesi kungesona isikhathi ngathi sokwehlisa ijubane emsebenzini wethu wokushumayela ngoMbuso?

UJEHOVA manje usheshisa ukuqoqwa kwabantu abanjengezimvu. Khona-ke, ngokuqinisekile lesi akusona isikhathi ngabantu bakhe sokuba behlise ijubane emsebenzini wabo wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. (Isaya 60:8, 22; Mathewu 24:14; 28:19, 20) Sidinga ukwenza ngokuvumelana nomoya walokho uNkulunkulu akwenzayo esikhathini sethu. Njengoba isiphelo sisondela eduze, siyophindela ngokuphindaphindiwe komakhelwane bethu. Eqinisweni, umsebenzi wokufakaza owandisiwe owenziwa abamemezeli abaningi kangaka namaphayona manje ushukumisa umhlaba wonke. Futhi umfutho walokhu kuqoqwa okuthokozisayo usazokhula.—Isaya 60:11; qhathanisa neHubo 126:5, 6.

2. (a) NgokukaIsaya 40:28-31, yimuphi umthombo wamandla esingancika kuwona ukuze sithole amandla adingekayo ekuqedeni umsebenzi wokushumayela ngoMbuso? (b) Siyini isizathu esihle sokunakekela ngokwengeziwe izinga lenkonzo yethu ngalesikhathi?

2 Kunokunqotshwa yinoma yimuphi umuzwa wokuzizwa ‘sikhathele’ ngenxa yokuthi insimu ethile ihlanganiswa ngokuphindaphindiwe, kufanele siqaphele ukuthi lesi isikhathi sokuthandazela ‘amandla’ adingekile kuJehova ukuze siwuqede lomsebenzi. (Isaya 40:28-31; 1 Johane 5:14) Yiqiniso, izigidi eziningi ‘zesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ seziye zaqoqwa kakade. Kodwa lokho ekuqaleni okwakuphumelela ekusizeni abantu abathile kungase kungabe kusasebenza ekusizeni abanye abasesensimini yethu. (IsAmbulo 7:9, 10; Johane 10:16) Ngakho, izinga lenkonzo yethu lidinga ukunakekelwa okwengeziwe.

3. Ingavuselelwa kanjani intshiseko entsha enkonzweni yethu yasensimini?

3 Sínokuzimisela okuvuselelwe, singagxilisa ingqondo ekuthuthukiseni ukuphumelela kwethu enkonzweni. Lokhu kungavuselela intshiseko entsha enkonzweni yethu yasensimini. Kodwa kungenziwa kanjani? ‘Ngokuziqaphela njalo nesifundiso sethu,’ hhayi ukufeza nje inkonzo yethu njengomkhuba. (1 Thimothewu 4:16) Izindebe zethu kumelwe zinikele okungaphezulu kakhulu ‘kunomhlatshelo wokubonga’ wokushwampuluza. (Heberu 13:15) Kufanele sibe nekhono emsebenzini wethu. (IzAga 22:29) Khona-ke, okudingekayo, ukusebenza insimu yethu ngekhono. Nazi ezinye izici zenkonzo yethu esidinga ‘ukuziqaphela njalo.’

Indlela Yokuqalisa Insimu “Entsha”

4. Singayiqala ngayiphi indlela insimu “entsha” ensimini eyabelwe ibandla lethu?

4 Ake sibheke isimo ngendlela engokoqobo. Emazweni amaningi, ayikho insimu entsha noma engasetshenzwa njalo. Ngakho kungani singaqalisi insimu “entsha” phakathi kwensimu eyabelwe ibandla? Kanjani? Nokho, lapho siphindela ngokuphindaphindiwe, asinakwenza sengathi asikaze sihambele kulelokhaya ngaphambili ngokusho kuphela lokho ngokuvamile esiye sakusho emakhaya abantu. Ngokunokwenzeka, umninikhaya uyasikhumbula nakanjani uma siye sahlanganisa lensimu ngokuphindaphindiwe. Incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo inikeza izingeniso ezingaphezu kwama-40 esingazisebenzisa enkonzweni yethu. Kumelwe sizilungiselele kahle njengokuthile okusha nokukhangayo ngokuzihlanganisa nezindaba ezithakazelisa umphakathi nezisematheni. Kunokuba sibe nomuzwa wokuxolisa ngokuphindela kaningi, sidinga ukuba nesimo sengqondo esihle futhi sishumayele insimu yethu “entsha” ngezintshumayelo zezinga elihle. Kodwa ingabe lokho kuyosiza uma abaninikhaya bengenabungane?

5. (a) Singasisebenzisa kanjani isimo sangaphambili sokungabi nabungane ngokwenzuzo yethu? (b) Yini oyithole isebenza ngokuphumelelayo endaweni yakini? (c) Kungani ukulalela nokuncoma okuqotho kuwusizo?

5 Ukwazi isimo somninikhaya sesikhathi esidlule kungadala imizwa yokungathandi ukuphindela futhi. Kodwa kungani ungenzi lololwazi lusebenzele inzuzo yakho? Kanjani? Mhlawumbe ngokubhekisela kuso kuqala bese wakhela phezu kwalokho okwashiwo ekuhambeleni kwangaphambili. Ungase uthi: “Sawubona, Mnu. Zuma!” Uma kubonakala kufaneleka, unganezela: “Wasala kanjani?” Khona-ke ungase uthi: “Ngenkathi ngilapha ngesonto elidlule, wangitshela ukuthi isonto lakho lizinakekele zonke izidingo zakho ezingokomoya nokuthi uyilungu elishisekayo. Njengomakhelwane obheka inkolo ngokungathi sina ngokufanayo, ngicela ukubuza ukuthi lithini isonto lakho ngethemba lokusinda kulenkathi yenuzi?” Khona-ke, mvumele akutshele. Ncoma umninikhaya lapho ungakwenza khona ngobuqotho. Ukumlalela nokumncoma kungase kushintshe isimo sakhe sengqondo. Ngokuvamile, abantu bayokuvumela okunye ukuhanjelwa uma bona ngokwabo bevunyelwa ukuba bakhulume okuthile. Yebo, uyofuna ukufanelanisa isigijimi sakho nalokho umninikhaya akushoyo.

6. (a) Singabalungiselela kanjani abaninikhaya ukuba balindele ukuba sibahambele njalo? (b) Yimaphi amazwi ayisihluthulelo angasisiza ukuba siphumelele? (c) Yini esebenza kahle ensimini yakini?

6 Ngalokho okushoyo, ungabalungiselela abaninikhaya ukuba balindele ukuba sibahambele njalo. Zama ukuthi: “Sawubona, Nkk. Mzobe! Kunjani namuhla? Kulokhu kuhambela omakhelwane bethu, sixoxa . . . ” Noma ungase uthi: “Sawubona! Senza ukuhambela kwethu esikwenza njalo kanye ngesonto. Ngiyajabula ukuphinda futhi ngibe kwakho. Omakhelwane bakho baye basijabulela isihloko esisha esixoxa ngaso kulokhu kuhambela.” Bese uqhubeka. Lokho futhi kuyosebenza ekwenzeni insimu ibe “entsha” kuwe. Ukuhlelwa kwamazwi ngokoqobo kungase kwehluke kancane ezweni lakini, kodwa lokhu kunikeza umqondo oyinhloko. Kungani ungakusebenzisi ngokugcwele, ngokwenzuzo yakho?

7. (a) Lapho behamba, abanye oFakazi bamlungiselela kanjani umninikhaya ukuba alindele ukuhanjelwa okulandelayo? (b) Maqondana nalokhu, yini esebenza kahle ensimini yakini?

7 Ukuze balungiselele umninikhaya ukuba alungele ukuhambela okulandelayo, abanye oFakazi baye baphumelela ngesiphetho esifana nalesi: “Sibheke phambili ekukuvakasheleni futhi.” Kulabo ababebonakala bengathandi ukukhuluma nawe ekuqaleni, ungase uthi: “Ngiye ngayijabulela ingxoxo yethu. Ngokuqinisekile uveze amaphuzu athile amahle. Lokhu kuthathe imizuzu embalwa, kodwa okungenani asizange sikhulume ngezindaba ezimbi, esingazizwa noma nini. Bekujabulisa ngempela.” Ngokungangabazeki, uyothuthukisa ezinye izindlela ezifanelekayo zokukhuluma nabaninikhaya. Noma kunjalo, zama ukusiza umphakathi ukuba ungakucasukeli ukuhambela kwethu kwasikhathi sonke ngamazwi akhuthazayo, izintshumayelo zezinga elihle nobungane.

Nikeza Ubufakazi Ngokuphelele

8, 9. Yikuphi ukusikisela okunikeziwe ekubeni abangashwampuluzi ekufuneni abafanelekayo?

8 Enye into esingayinakekela eyogcina intshiseko yethu iphakeme ukuba abangashwampuluzi ekufuneni abantu abafanelekayo. (IzEnzo 8:25; 20:24) Ngokwesibonelo, uma owesifazane noma ingane bengase beze emnyango ngezimpela-sonto noma ntambama umzalwane angase abuze umnumzane wekhaya. Ngokunokwenzeka, siye sikhulume nomfazi ezikhathini eziningi. Ngakho singenza isiqalo esisha kulendlu ngokukhuluma nenhloko yomkhaya. Khona-ke singafanelanisa isigijimi sethu naye, sisho izinto ezinjengalezi, “Ucabanga ukuthi yini eyoqinisekisa umkhaya wakho ngekusasa elijabulisayo?” noma, “Phawula indlela iBhayibheli elithuthukisa ngayo ubunye bomkhaya.” Mncome umnumzane ngemibono emihle angase ayiveze.

9 Enye indlela yokuthola insimu “entsha” ukufuna amanye amalungu omkhaya ahlala ngaphansi kophahla olufanayo—ugogo, umzala oya esikoleni, umakoti osebenzayo phakathi nesonto. Kuye kwaba usizo futhi ukuphawula ukuthi kunemishini emingaki yokukala ugesi osetshenzisiwe noma amabhokisi eposi akhona kulowomuzi. Lokhu kungabonisa lapho abantu beye baxhuma ikamelo eliphansi, eliphezulu, noma enye indawo yokuqashisa. Zama ukuthintana nalabo abaqashile—izitshudeni, izisebenzi ezingashadile, abafelokazi, nabanye. Lokho futhi kusiza ekunwebeni insimu ekhona.

10. Iyiphi enye indlela yokunweba insimu yethu yendlu ngendlu, futhi abanye baye benzani ukuze bathintane nabantu abasebenza ebusuku?

10 Enye indlela yokunweba insimu yethu yendlu ngendlu ukuyiphumuza ngezinye izikhathi njengoba sihlanganyela kwezinye izici zenkonzo yethu. Ekushintsheni, singase sisebenze insimu sicela ngokuqondile isifundo somkhaya seBhayibheli sasekhaya samahhala. Abanye abantu abangekho emakhaya lapho sibahambela bangatholakala ezindaweni zabo zamabhizinisi noma zomsebenzi. Futhi ukufakaza ezindaweni zamabhizinisi kungaba okuthela kakhulu. Abanye balabantu bangase futhi bathintwe uma sifakaza emgwaqweni ngamahora afanelekayo nakhiqizayo. ECanada amaphayona aye aba nemiphumela emihle ngokuzihambela ntambama kakhulu izisebenzi ezisebenza eziteshini zikaphethiloli ezivulwa bonke ubusuku, ezitolo, nasemahhotela lapho omabhalane ngokuvamile bengematasa ngalesosikhathi futhi ngokuvamile bekwazisa ukuba nokuthile kokufunda. Yiqiniso, odade ikakhulukazi bayodinga ukuba bagweme izindawo ezithile ngamahora asebusuku.

11. (a) Yini eyenziwa abanye oFakazi lapho abaningi bengekho ekhaya ekuhambeleni kwabo kokuqala? (b) Inkuthalo ekuhambeleni abangekho emakhaya ingaba naliphi ithonya ensimini yethu, futhi namiphi imiphumela enkonzweni?

11 Kuthiwani ngalabo abangekho emakhaya uma sibahambela? Nalapha futhi kumelwe singashwampuluzi. Abanye oFakazi basebenzisa imibhalo yabo yendlu ngendlu egcinwe kahle ngemva nje kokwenza umsebenzi wabo wendlu ngendlu futhi babuyele ezindaweni lapho abantu bebengekho emakhaya ekuqaleni kwalolosuku. Ngokuvamile, abaninikhaya basuke sebebuyele emakhaya, noma abasebenza ebusuku sebevukile ngalesosikhathi. Ezindaweni eziningi, amaphesenti angama-50 noma ngaphezulu awekho emakhaya ngesikhathi sasemini. Ngakho singase siyiphinde ngokoqobo leyonsimu ngokuhambela ababengekho emakhaya ngamahora ahlukahlukene kuze kube yilapho sithola othile ekhaya. Amaphayona nabamemezeli abangomakadebona bayavuma ukuthi inkuthalo ekusebenzeni insimu yababengekho emakhaya ngokuvamile iveza imiphumela emihle kunokuhlanganisa kwethu insimu okokuqala. Ngokunakekela lesisici senkonzo yethu, cishe siyovuna izibusiso eziningi.—IzAga 10:22.

Labo Abakhonondayo

12. Kufanele sisabele kanjani uma abantu bekhononda ngokuthi sibahambela ngokuphindaphindiwe? Ngani?

12 Yini engashiwo kubantu abakhononda ngokuthi sibahambela ngokuphindaphindwe kakhulu? Ngaphezu kwakho konke, kumelwe sibonise ukuqonda. (Mathewu 7:12) Kubo, kubonakala sengathi siye saphindela ngokushesha kakhulu. Kodwa kuhle ukukhumbula ukuthi ngisho naseminyakeni eminingi edlule abantu babethi, ‘Benikade nilapha ngesonto elidlule,’ lapho sazi kahle ukuthi sekuphele izinyanga eziyisithupha noma ezengeziwe kusukela sabahambela. Ngaphandle kwalokho, ukubahambela ngokuphindaphindiwe kungavusa isithakazelo. EGuadeloupe indoda ethile yagijimela uFakazi iyomtshela ukuthi: “Manje sekungamasonto amaningi ngikubona. Ngokuvamile, angibalaleli oFakazi, kodwa ngifuna ukwazi ukuthi kungani nivakashela abantu kaningi kangaka!” Kwaphumela esifundweni seBhayibheli esisha.

13, 14. Abanye esikholwa nabo bazisingatha kanjani izindaba uma abaninikhaya bekhononda?

13 Abanye abazalwane baye babatshela ngomusa abakhonondayo usuku oluqondile lokuhambela kwabo kwakuqala futhi babanikeza omagazini bamuva, benza kukhanye ukuthi izihloko zihlukile kulezo zomagazini esasinabo esikhathini esagcina ngaso ukubahambela. Ekubonisaneni nabaninikhaya abanjalo, singase sithi mhlawumbe baye bathola amaphephandaba amaningi nomagazini kusukela ekuhambeleni kwethu kokugcina, kodwa laba ngaso sonke isikhathi babengaqukethe izindaba ezinhle. Singachaza ukuthi siletha izindaba ezinhle nokuthi ukuhambela kwethu kufushane. Kodwa uma umninikhaya ematasa kakhulu, singathi: “Uma lesi kungesona isikhathi esihle kakhulu sokukhuluma nawe, ngingakubona ekuhambeleni kwethu okulandelayo emva kwesonto noma ngaphezulu.”

14 Yini enye engashiwo? Lokhu kuxhomeke esimweni sengqondo somninikhaya nempatho evamile nelindelekile lapho sihlala khona. Omunye udade eJapane uchaza ukuhambela kwethu okuphindaphindwayo ngalendlela: ‘Izindaba zethelevishini ziyobika ngomzila ozothathwa isiphepho ngokuphindaphindiwe, ziphindaphinda lokhu kwaziswa kaningi ukuze kuzuzise labo okungenzeka abakuzwanga ukusakaza kokuqala. Lokhu kwenziwa ngenxa yokuthi ukuphila kwabantu kuhilelekile. Ukuphindwaphindwa kwemibiko kuyanda njengoba nesiphepho sisondela eduze. Ngakho, njengoba isiphepho seArmagedoni sisondela eduze, isigijimi esixwayisayo kumelwe simenyezelwe kaningi ngangokunokwenzeka ukuze kusindiswe ukuphila kwabantu.’ Yebo, amazwi anjalo siyowakhuluma ngomusa nangobuqotho, sithemba ukufinyelela inhliziyo yesilaleli.

Ukuhlangabezana Nenselele Yokunganaki Kwabantu

15. (a) Yini engaba inselele ekhulayo uma siyisebenza kaningi insimu yethu? (b) Kungani abanye abantu benesimo sokunganaki?

15 Njengoba ukuphindwaphindwa kokuhambela kwethu kwanda, inselele ekhulayo iwukunganaki esivame ukuhlangabezana nakho. Kodwa ukuhlolisisa ezinye zezimbangela zokunganaki kwabantu kungasikhuthaza ukuba siphawule ukuthi kusenokwenzeka ukuba sifinyelele izinhliziyo zabathile kulabantu. Ukunganaki kwalabantu kungase kubonise ukukhungatheka kwabo noma ukuphelelwa ithemba. Bangase babe nomuzwa wokuthi ayikho indlela yokuphuma kulesimo sezwe sanamuhla, becabanga ukuthi bayomane nje baphile ukuphila kwabo ngendlela engcono kakhulu abangayiphila. Abanye bacasukile ngoba abanye abaholi benkolo bahileleka kwezombangazwe, noma banecala lokuziphatha okubi, noma bahluleka ukuthatha ukuma okuqinile ngokumelene nokuziphatha okubi kobulili. Ngakho labaninikhaya abasafuni ukukhohliswa ngakho baphilela olwanamuhla nje kuphela.

16. Singayifinyelela kanjani inhliziyo yomuntu onesimo sokunganaki?

16 Siyazi ukuthi izikhonzi ezingamaKristu akuqala zabhekana ngokuphumelelayo nesimo sengqondo esinjalo, ngoba ngalesosikhathi abanye abantu bathi: “Masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.” (1 Korinte 15:32) Ngakho, siyazi ukuthi sinalokho kanye abantu abanjalo abafuna ukukuzwa. Nokho, singayifinyelela kanjani inhliziyo yabo? Enye indlela iwukubekela eceleni izincwadi zethu zeBhayibheli okwesikhashana, senze babone ukuthi sizibekela eceleni. Khona-ke singase sibabuze imibuzo ecatshangwe kahle enjengalena: “Ingabe ucabanga ukuthi likhona ikhambi elithile lokuxazulula izinkinga zosuku lwanamuhla? Ingabe kumane nje kungenxa yokuthi abantu abaningi abakawatholi amakhambi? Ingabe ucabanga ukuthi kumelwe sibe nombono oqondile futhi siqhubeke sifuna?” Kwabanye, singathi: “Ngokuqinisekile uyavuma ukuthi kungcono ukuphila ngethemba kunokuphila ngaphandle kwanoma yiliphi ithemba lezinto ezingcono. Yini othemba ukuyibona?” Singase sibuze: “Wena ngokwakho ucabanga ukuthi isiphi isithiyo esikhulu kunazo zonke sobunye nokuthula komhlaba?” Nokho abanye bangabuzwa: “Ingabe ucabanga ukuthi zonke izinkolo zinjengalokhu okuchazile?” Ezikhathini eziningi imibuzo enjalo iyobangela abaninikhaya ukuba baveze imibono yabo. Khona-ke, lapho besabela qiniseka ukuthi uyalalela. Yebo, bavumele bathululele inhliziyo yabo kuwe. Abaningi babo ‘bayakhala futhi bayabubula ngazo zonke izinengiso ezenziwayo.’—Hezekeli 9:4.

17. Zingasetshenziswa kanjani izincwadi zethu ukuze sifinyelele abanye ngisho noma ekuqaleni bephikelela ngokuthi abanasithakazelo?

17 Enye indlela yokubhekana nokunganaki kwabantu iwukuphawula iphuzu noma ukuphikisa okwenziwe umninikhaya bese sibuyela nomagazini noma enye yezincwadi zeWatch Tower ephathelene naleyondaba. Okokuqala, kungase kube ngisho nayisihloko esingaphathelene nenkolo, njengesihloko esiphathelene nokufa kwezinsana ngokuzumayo noma ukubulawa kwamahlathi. Chaza ukuthi ubucabanga ngalokho okwathakazelisa umninikhaya futhi wakhumbula ngalesihloko. Khona-ke veza amaphuzu ayisihluthulelo kulesihloko. Omunye wesifazane owayesanda kwenqaba izincwadi zethu wathatha umagazini emizuzwaneni embalwa kamuva. Ngani? Ngoba uFakazi wabuza owesifazane ukuthi wayazi yini ukuthi minyaka yonke kunokukhishwa kwezisu okuyizigidi ezingama-55. Eshaqiswe ukuzwa lokhu, wacela umagazini owawuqukethe lokhu kwaziswa.

Ukuwunakekela, Kuze Kube Sekupheleni

18, 19. (a) Yimaphi amanye amaphuzu engeziwe okufanele ‘siwaqaphele’ njengoba sifeza inkonzo yethu? (b) Imiphi imibono yobandlululo abanye abanayo ngathi nangezinkolelo zethu, futhi singabaphendula kanjani?

18 Ngaphezu kwakho konke, sidinga ukubabekezelela abantu. Khuluma ngokungajahi nangomdlandla. Bonisa uthando nomusa. (Galathiya 5:22, 23) Ngaphambi kokuba udlulele endlini elandelayo, cabanga ngalokho okwenzeke endlini yokuqala ukuze ubone lapho ungathuthukisa khona. Yiba ngoqondayo, ngoba abantu abaningi banemibono engalungile ngoFakazi BakaJehova. Bangase bathi: ‘Nigwema ezombangazwe nezinkonzo ezenzelwa isizwe,’ ‘Nenqaba inkonzo yezempi,’ noma, ‘Nichitha imikhaya.’ Kodwa lesimo siyefana naleso izwe elalinaso ngakulabo esikholwa nabo ekhulwini lokuqala leminyaka. Babonise abaninikhaya lokhu, mhlawumbe usebenzisa izingcaphuno ezingaphansi kwesihloko esithi “Ukungathathihlangothi” encwadini Ukubonisana.

19 Ngokuphathelene namaKristu okuqala, isazimlando uWill Durant sabhala: “KumKristu inkolo yakhe yayingokuthile okuhlukile futhi okuphakeme kunomphakathi wezombangazwe; ukuzinikela kwakhe okukhulu kwakukuKristu hhayi kuKesari. . . . Ukuzehlukanisa komKristu nezindaba zezwe kumaqaba kwakubonakala njengokubalekela inkonzo eyenzelwa isizwe, ukwenziwa buthakathaka kwamandla nentando yesizwe. UTertullian waluleka amaKristu ukuba enqabe inkonzo yezempi; . . . amaKristu akhuthazwa ngabaholi bawo ukuba agweme abangemaKristu, axwaye imidlalo yabo yemikhosi njengeyobuqaba, nemidlalo yabo yaseshashalazini njengamaziko ahlazisayo. . . . UbuKristu [lapho buguqula abantu] babumangalelwa ngokuthi buchitha umkhaya.”—Caesar and Christ, ikhasi 647.

20, 21. (a) Yini esifuna ukuqiniseka ngayo lapho abantu bengasabeli? (b) Kungani kungafanele ‘sikhathale’ kodwa siqhubeke nomsebenzi wethu omuhle wokushumayela ngoMbuso?

20 Abanye abantu ngeke balalele, kungakhathaliseki ukuthi sithini. Kodwa lokhu kufanele kube ngenxa yokwenqaba kwabo isigijimi soMbuso, hhayi ngenxa yokwehluleka kwethu ukunikeza izintshumayelo zezinga elihle enkonzweni yethu. (Luka 10:8-11; IzEnzo 17:32; Hezekeli 3:17-19) Kufanele senze konke okusemandleni ethu ngosizo lukaNkulunkulu, futhi uJehova uyowunakekela umsebenzi kuze kube sekupheleni kwawo.—Qhathanisa noFilipi 1:6, NW.

21 Khona-ke, uqiniseka ngokugcwele, qhubeka ‘uvama njalo emsebenzini weNkosi, wazi ukuthi ukusebenza kwakho akusilo ize.’ (1 Korinte 15:58) “Ziqaphele [njalo] wena kanye nesifundiso [sakho], ume kulezozinto; ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.” (1 Thimothewu 4:16, qhathanisa neNW.) Ngaphezu kwakho konke, “masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.”—Galathiya 6:9.

Ingabe Uyakhumbula?

◻ Yiziphi ezinye izindlela zokulondoloza isimo esiqondile ensimini esetshenzwa ngokuphindaphindiwe?

◻ Singaba kanjani abangashwampuluzi ekufuneni abantu abafanelekayo?

◻ Singazama kanjani ukusebenzelana nalabo abakhononda ngokuthi sibahambela kaningi kakhulu?

◻ Singahlangabezana ngaziphi izindlela nenselele yokungakhathali?

◻ Yini eyothuthukisa izinga lenkonzo yethu?

[Ibhokisi ekhasini 20]

NJENGOBA UKUHLANGANISWA KWENSIMU KWANDA,

‘Qaphela njalo’ lokhu:

◻ Izingeniso ezinhle nezintshumayelo

◻ Ukungashwampuluzi ekufuneni abantu abafanelekayo

◻ Ukusebenzelana nabakhonondayo ngesineke

◻ Ukuhlangabezana nezinselele zokunganaki kwabantu nokungaqondi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela