Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 7/15 kk. 7-8
  • “UKristu, INdodana KaNkulunkulu Ophilayo’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “UKristu, INdodana KaNkulunkulu Ophilayo’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Wathokoza NgoJesu—Ingabe Nawe Uyathokoza?
  • Ingabe UJesu WayeyiNdodana KaNkulunkulu Ngempela?
    I-Phaphama!—2006
  • Ungubani uJesu Kristu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ungubani UJesu Kristu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ungubani UJesu Kristu?
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 7/15 kk. 7-8

“UKristu, INdodana KaNkulunkulu Ophilayo’

NGEMVA kokuba abafundi bakhe sebelandisile ukuthi abantu babethi ungubani, uJesu wabuza: “Nina-ke nithi ngingubani na? USimoni Petru waphendula wathi: Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”—Mathewu 16:15, 16.

Ingabe uPetru kuphela owayefinyelele kulesiphetho? Lutho neze! Qaphela ukuthi obani abanye abenza kanjalo, futhi phawula isisekelo sabo sokumbiza kanje.

ABALANDELI BAKUQALA: UJohane uMbhapathizi, abafundi uNathanayeli noMarta, uSawulu waseTarsu, phakathi kwabanye, bonke babiza uJesu ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu. (Mathewu 14:33; Johane 1:33, 34, 49; 11:27; IzEnzo 9:20) Ukucabanga kwabo kwaqiniswa njengoba bebona indlela iziprofetho ezazenzelwe ukuphawula uMesiya othenjisiwe ezazigcwaliseka ngayo kuJesu.

ABAPHIKISI BAKUQALA: AmaJuda ayefuna ukubulala uJesu abhekisela kuye njengeNdodana kaNkulunkulu, njengoba kwenza amabutho ayekhona lapho ebethelwa. (Mathewu 27:54; Johane 19:7) Nakuba eqinisweni lokhu kungabonisi ukuthi abaphikisi abanjalo babekholwa, okungenani kubonisa ukuthi babejwayelene nalokho abanye ababekusho ngoJesu; nezenzakalo ezingavamile ezenzeka ngesikhathi sokubethelwa kwakhe ngokusobala zabangela abanye babo ukuba bawucabangele kabusha umbuzo wokuthi ungubani.

IZINGELOSI: Lapho imemezela ukuzalwa kukaJesu, ingelosi uGabriyeli yambiza ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu. (Luka 1:32, 35) Ngisho nabantu ababenamademoni bengaphansi kwethonya lezingelosi ezimbi bamemeza: “Sinamsebenzi muni nawe-Ndodana kaNkulunkulu?” (Mathewu 8:28-32) Ngenxa yokuphila kukaJesu kwangaphambi kobuntu ezulwini, kusobala ukuthi kokubili izingelosi ezilungile nezimbi zaziyomazi ukuba wayengubani.

UJESU NGOKWAKHE: UJesu akazange neze aqhoshe ngokuba iNdodana kaNkulunkulu ezama ukuzuza ukuthandwa abanye noma ukuzithokozisa ngodumo olunikezwa yilobuhlobo. Ngokuphambene nalokho, ezikhathini eziningi ngokuzithoba wazibiza ‘njengeNdodana yomuntu.’ (Mathewu 12:40; Luka 9:58) Kodwa ezikhathini eziningana wakuvuma ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu.—Johane 5:24, 25; 10:36; 11:4.

UJEHOVA UNKULUNKULU: Ubani owayengasho ngegunya elikhulu ukuthi uJesu Kristu ungubani kunoJehova uNkulunkulu ngokwakhe? UJehova waqinisekisa kabili esezulwini: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”—Mathewu 3:17; 17:5.

UNkulunkulu Wathokoza NgoJesu—Ingabe Nawe Uyathokoza?

Ekhulwini lokuqala leminyaka, izinkulungwane zabantu zamamukela uJesu ngokwalokho ayeyikho: uMesiya othenjisiwe, noma uKristu, owathunyelwa emhlabeni ukuba alwele ubukhosi bukaJehova nokunikela ukuphila kwakhe njengesihlengo sesintu. (Mathewu 20:28; Luka 2:25-32; Johane 17:25, 26; 18:37) Lapho bebhekene nokuphikiswa okunzima, abantu babengeke neze bashukunyiselwe ukuba babe abalandeli bakaJesu uma babengaqiniseki ngokuthi ungubani. Ngentshiseko nangesibindi, bamukela umsebenzi abanikeze wona, ‘wokwenza izizwe zonke abafundi.’—Mathewu 28:19.

Namuhla, izigidi zabafundi abangamaKristu ziyazi ukuthi uJesu akayona inganekwane. Zimamukela njengeNkosi ebekwe ezulwini yoMbuso kaNkulunkulu omisiwe, leyo manje eqhubeka ilawula umhlaba nezindaba zawo. Lohulumeni waphezulu osanda kumiswa uyizindaba ezifiselekayo ngoba uthembisa impumuzo ezinkingeni zezwe. LamaKristu eqiniso abonakalisa ukumsekela kwawo ngenhliziyo ephelele uMbusi okhethiwe kaNkulunkulu ngokumemezela “lelivangeli lombuso” kwabanye.—Mathewu 24:14.

Labo abasekela ilungiselelo loMbuso ‘ngoKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo,’ bayophila ukuze bajabulele izibusiso zaphakade. Nawe lezibusiso zingaba ezakho!

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

Izigidi ezike zangaqiniseki ngokuthi uJesu ungubani manje zinobunye ekumsekeleni njengoMbusi woMbuso kaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 7]

UPetru wabiza uJesu ngokuthi ‘uKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.’ Basho kanjalo ofakazi bakaJehova abangaphezu kwezi-3 000 000 namuhla

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela