Ukukhazimulisa Igama LikaJehova Eziqhingini Zolwandle
CABANGA ngokumangala kwenhloli ethi lapho ifika esiqhingini ‘esingaziwa’ ithole ifulege lezwe lakubo limiswe lapho obala. Ngasekuqaleni kwekhulu le-19 leminyaka, uJohn Williams, ilungu leNhlangano Yezithunywa Zevangeli yaseLondon, wabhekana nokumangala okufanayo ekufikeni kwakhe eRarotonga, isiqhingi esincane eCook Islands, eningizimu yePacific. Kulesiqhingi lapho ayecabanga ngaye ngokwakhe njengommeleli wokuqala weLobukholwa, wathola ialtare lokubonga uJehova noJesu Kristu. Ukulandisa kohambo lwakhe lobuthunywa bevangeli ngemikhumbi kunikeza incazelo elandelayo:
Iminyaka ethile ngaphambi kokufika kukaWilliam, kwakufike owesifazane evela eTahiti futhi wayekhulume nabantu bendawo ngezimangaliso ayezibone ezweni lakubo lendabuko. Wakhuluma ngokuba khona kwabantu abamhlophe okuthiwa amaCooke, (aqanjwe ngoKaputeni uCook). Wachaza amathuluzi ensimbi ababewasebenzisa esikhundleni samathambo ukuba bagawule imithi nokuba bakhe izikebhe kalula nangokushesha kakhulu. Kepha wabatshela futhi nokuthi abantu abamhlophe babekhulekela uNkulunkulu uJehova noJesu Kristu. Eshukunyiswe yilokho, umalume wenkosi yesiqhingi wanquma ukwakha ialtare nemarae elinikezelwe kubo.a Ngalendlela, igama likaNkulunkulu siqu landulela izithunywa zevangeli zeLobukholwa eziQhingini zasePolynesia.
UJehova—Igama Elalaziwa Kahle Ekuqaleni
Lapho izithunywa zevangeli zeLobukholwa ziqala ukufundisa inkolo yazo kubantu basePolynesia, zathola ukuthi kulezoziqhingi kwakukhulekelwa onkulunkulu abaningi. Ukuze zigweme noma ikuphi ukudideka ngalabonkulunkulu, zaqala ukubhekisela kuNkulunkulu oPhakeme ngegama lakhe kunokuba zibhekisele kuye ngesiqu esinjengokuthi Nkosi, Simakade, noma ngisho uAtua, igama elimelela ‘uNkulunkulu’ ngezilimi eziningi zasePolynesia. Kanjalo izakhamuzi zaleziqhingi zafunda ukuthandaza kuJehova, zisebenzisa igama lakhe siqu.
Kamuva, izinguqulo zokuqala zeBhayibheli zavela ngezilimi zendawo. Ngokunengqondo, basebenzisa igama likaNkulunkulu siqu: Iehova ngesiHawaii, ngesiRarotonga, ngesiTahiti, nangesiNiue; Ieova ngesiSamoa; Ihowa ngesiMaori. Futhi okuphawuleka ngokwengeziwe, igama laze lavela ngisho nasezinguqulweni eziningi zemiBhalo yamaKristu yesiGreki (iTestamente Elisha).
Isizukulwane esidala samaMaori eNew Zealand sisengakhumbula isikhathi lapho igama likaJehova lalisetshenziswa ngokuvamile—ikakhulukazi kuyimarae. Ezenzakalweni ezingokomthetho, izingcaphuno ezinjengokuthi “ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha” zaziyingxenye yenkulumo yokwamukela izikhulu ezivakashile. Kulo lonke elasePolynesia, leligama lalisetshenziswa ngokukhululekile ezinkonzweni zesonto. Kuze kube namuhla, asebekhulile bajwayelene negama likaNkulunkulu ngolimi lwendawo yakubo. Nokho, lokhu akunjalo ngabaningi besizukulwane esisha, abaye bashiya indlela yokuphila yakudala.
Imizamo Yokulifihla Leligama
Ngokuhamba kwesikhathi, eziningi zezinguqulo zasePolynesia zabukezwa. Njengoba nje kuye kwenzeka ngokubukeza okuhlukahlukene okwenziwa eYurophu naseNyakatho Melika, enye yezinguquko eziyinhloko kwakuwukususwa kwegama elithi Jehova (noma okunye okufana nalo kakhulu). Ngakho, lathathelwa indawo nguAlii (Nkosi) ohlelweni olubukeziwe lweBhayibheli lesiSamoa olwavela ngo-1969, futhi ukubukezwa okufanayo kwahlelwa ngesiNiue.
Yiqiniso, izakhamuzi zasePolynesia azisabakhulekeli onkulunkulu noma izithombe zazo njengasesikhathini esidlule, ngisho noIo woBuso Obufihliwe, unkulunkulu wokuqala ophakeme wamaMaori. Kepha ingabe lokho nganoma iyiphi indlela kuyabagunyaza abahumushi beBhayibheli ukuba bashiye uNkulunkulu weBhayibheli engaziwa ngokufaka isiqu esivamile nje esikhundleni segama lakhe? Ingabe leligama linokubaluleka okuncane namuhla? Ngokuqinisekile akunjalo, njengoba uJesu ngokwakhe emthandazweni oyisibonelo, afundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele ukungcweliswa kwalelogama.b
Umvikeli Wegama
Naphezu kwalezehlakalo zamuva, igama elithi Jehova alinakunyamalala ePolynesia. Kungani kungenakuba njalo? Ngoba, njengakuwo wonke amanye amazwe, oFakazi BakaJehova bazihambela njalo izakhamuzi zaleziqhingi ukuze bazazise lelogama. Njengamanje oFakazi abangaphezu kwezi-16 000 kulengxenye yomhlaba bayahlanganyela kulomsebenzi obalulekile, futhi babonisa abantu abakanye nabo ukubaluleka kokuba nolwazi oluqondile lweZwi likaNkulunkulu nokulusebenzisa lololwazi. Yilokho okushiwo ukukhulekela uNkulunkulu nokungcwelisa igama lakhe.—Johane 4:21-24.
[Imibhalo yaphansi]
a Ekuqaleni imarae kwakuyindawo engcwele ebiyelwe ngothango eyayisetshenziselwa izinjongo ezingokwenkolo nezingokwenhlalo. Namuhla ngokuvamile ibhekisela endaweni yombuthano wesizwe.
b Umthandazo oyisibonelo owafundiswa uJesu kubalandeli bakhe (ngokuvamile obizwa ngokuthi uBaba Wethu) uqalisa ngalamazwi: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho.”—Mathewu 6:9.
[Ibalazwe ekhasini 14]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IHawaii
ISamoa
INiue
ITahiti
IRarotonga
INew Zealand
[Izithombe ekhasini 15]
ITutuila, ESamoa YaseMelika
IChibi IGunn, ENew Zealand
ISavaii, ENtshonalanga Samoa
IAvatele Beach ENieu