Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 7/1 k. 13
  • Ubuqotho Ngaphansi Kokuvinjelwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubuqotho Ngaphansi Kokuvinjelwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Ubavuza Ngokucebile Labo Abagcina Indlela Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2008
  • Qhubeka Ukhonza UJehova Lapho Umsebenzi Wethu Uvinjelwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • UNkulunkulu Akalukhohlwa ‘Uthando Enalubonakalisa Ngakulo Igama Lakhe’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 7/1 k. 13

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ubuqotho Ngaphansi Kokuvinjelwa

EMINYAKENI eyi-11 umsebenzi wokushumayela kwelinye izwe eliseMpumalanga-Ningizimu yeAsia uye waba ngaphansi kokuvinjelwa uhulumeni. Nokho, eminyakeni yamuva, abazalwane baye baba nesizathu sokukholelwa ukuthi abanye abantu abanemithwalo yemfanelo kuhulumeni bangathanda ukwenza isimo sibe ngcono. Ukuvinjelwa kubonakala kuye kwakhuthazwa ithonya elinamandla lezinkolo zeLobukholwa ezisezikhungweni zikahulumeni.

Ngezinye izikhathi abazalwane baye balandelelwa, baboshwa, futhi baphenywa ngemibuzo ejulile. Labo abasebenza ezindaweni zikahulumeni baye basongelwa ngokwehliswa ezikhundleni noma ukuyekiswa umsebenzi ngempoqo uma bengahlanganyeli neqembu lezombangazwe loMbuso. Iqembu labamemezeli lashaywa kanzima.

OFakazi baye futhi baphucwa amalungelo, anjengezinkonzo zezinkantolo zomphakathi nelungelo lokuqhuba imingcwabo. (Iziphathi-mandla zikhetha umfundisi ukuba enze lokhu.) Kwezinye izindawo, ngisho nokubhaliswa kwemishado oFakazi bayakwenqatshelwa!

Nokho, labo abengamele umsebenzi lapho bayabika: “Ngokungashintshashintshi, lapho abazalwane bebhekene nenkinga ngesibindi, ngenhlonipho benikeza ubufakazi obuvela eBhayibhelini, ukuphenywa ngemibuzo ekugcineni kuyama futhi nokulandelelwa kuyehla, kwenze abazalwane bakwazi ukuqhubeka ngokuphumelelayo nomsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi.”—Mathewu 28:19, 20.

Ngokwesibonelo, udade owayephenywa ngemibuzo wabuzwa ukuthi silithathaphi igama elithi Jehova. Ngesibindi wavula iBhayibheli lakhe kuEksodusi 15:3, lapho igama livela khona. Owayemphenya ngemibuzo, isikhulu sezempi, safunda eBhayibhelini, sithi: “Yebo, ngempela. LiseBhayibhelini.” Khona-ke, siphendukela kumfundisi owayehlanganyela ekubuzeni udade imibuzo, sabuza: “Kungani ungabazisi abantu ngaleligama?” Umfundisi engazi ukuthi uzothini waphendula: “O, yebo, leligama liseTestamenteni Elidala. Kodwa ngenxa yokuthi lelizwe alinakho ukuzwana okuhle nelakwaIsrayeli, asilisebenzisi leligama.” Ngokushesha udade wakhululwa!

Enza njengoba ecetshiswe umuntu “othakazelayo,” amaphoyisa amisa umhlangano wokuqala emihlanganweni emithathu yesigodi ebusuku bangaphambi kokuba uqale! Nokho, abantu abanezingqondo ezikahle abaningana embuthweni wamaphoyisa basiza ekuvimbeni ukuphenya okuphikelelayo. Ngokungesabi, abazalwane baba neminye imihlangano emibili.

Naphezu kokuphikiswa okungokwenkolo okunamandla kulelizwe, kusekhona labo abakuthandayo ukulunga. Ngokwesibonelo, omunye umqashi, ebone ubuqotho babazalwane ezimisweni nasezinkolelweni zabo, uye waze ngisho waba nokuthembela okwengeziwe kubazalwane. Banikezwa imithwalo eyengeziwe yemfanelo emsebenzini.

Izinto ezifanayo ziyenzeka kubantwana abasesikoleni. Othisha abanezinhliziyo eziqotho bayabazisa ngokumela kwabo okuqinile izinkolelo zabo.

Nakuba isimo ensimini siye sathamba kubazalwane, amasonto asaqhubeka nokuhlasela kwawo futhi azama zonke izindlela ezinokwenzeka ukumisa umsebenzi wokushumayela. Ngezinye izikhathi azama ukubalimaza ngokomzimba labo abafunda iBhayibheli noFakazi. Nokho, abantu abathakazelayo basatheleka enhlanganweni kaJehova. Okunye okuhlangenwe nakho okwesalukazi esineminyaka engama-70. Ngemva kokuba elinye lamehlo aso lihlinziwe, sabonisa isifiso saso sokuba iphayona elisizayo. Ngenxa yeminyaka yaso, ekuqaleni saba nomuzwa wokuthi imfuneko yamahora angama-60 yayinkulu kakhulu kuso kodwa, ngemva kokukuzama, sathola ukuthi sasingakwenza. Eqinisweni, ezinsukwini zokuqala eziyishumi, sasebenzisa amahora angama-38 enkonzweni yasensimini; sihambise izincwadi ezimbili, izincwajana ezintathu, nomagazini ababili ensimini elukhuni; futhi saqalisa izifundo zeBhayibheli ezimbili. Sasijabula!

Sekukonke, isimo senkonzo yasensimini kulelizwe sihle kakhulu. Ikakhulukazi ngemva kokhetho, abazalwane baye bakwazi ukuqhubeka bephishekela izici ezihlukahlukene zokufakaza. Lokhu ngempela kuye kwawusheshisa umsebenzi. Iphayona elivamile liyakwazi ukuba nezifundo zeBhayibheli eziyisikhombisa kuya kweziyishumi. Esikhathini esidlule, abaninikhaya babefuna kakhulu ukwazi ukuthi sasingobani, sivelaphi, njalonjalo. Manje sekuyethukela ukuba abazalwane bazethule. Abantu balambele ukudla okwanelisayo okungokomoya. Ngempela insimu ilungele ukuvunwa.—Mathewu 9:37, 38.

Ngempela, abazalwane kulelizwe baye bagcina ubuqotho ngaphansi kokulingwa, muva nje bejabulela ukwanda okungamaphesenti ayisi-7 kwabamemezeli! Bathatha ukuma okufanayo nalokho umhubi uDavide akuthatha lapho ethi: “Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami.”—IHubo 26:11.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela