Kungani Kufanele Sibonge?
BHEKA isembozo esingaphandle salomagazini. Ngokuqinisekile, sisikhumbuza ukuthi kunezinto eziningi ezinhle ezifiphaza ububi nokungcola okubonwa nxa-zonke.
Ingabe uyazazisa izinto ezinhle? Cabanga ngothingo oluxube imibala egqamile nemihle, ngemva kobumnyama besiphepho. Cabanga ngempophoma ephophomayo. Noma zama ukuba nombono wezilwane ezitshakadula namazinyane azo. Bona ngamehlo engqondo ingadi yezimbali enhle, noma isivuno esikhulu sikakolweni. Yebo, abantu abaningi bavamile ukuzibona lezizinto. Kodwa zinaliphi ithonya kuwe?
Zithathwa Kalula Ngokunganaki
Ngokuvamile, uma into ethile ibonwa kaningi ngokwengeziwe, iba ngejwayeleka ngokwengeziwe—futhi kulula kakhulu ukuyithatha kalula. Lokhu kwehluleka kungabonakala kuphawuleka kakhulu kulelikhulu lama-20 leminyaka elidlula ngokushesha. Kodwa ukungaziniki isikhathi sokuzindla noma sokubala izibusiso nezizathu zokubonga ngokuvamile kuye kwaba elinye lamaphutha esintu esingaphelele.
Ngakolunye uhlangothi, umhubi uDavide, ngaphansi kokuphefumlelwa, ngokuvamile wayeveza amazwi okubonga ngengoma. Lamazwi abhekiselwe kuNkulunkulu akwelinye lamahubo kaDavide ayisibonelo esiyinhloko sokubonga:
“Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho,
inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,
umuntu uyini ukuba umkhumbule,
nendodana yomuntu ukuba uyinake na?
Wamenza abe-ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho;
konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:
Izimvu, nezinkomo zonke,
yebo, nezilwane zasendle,
nezinyoni zezulu, nezinhlanzi zolwandle,
nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle.
Jehova Nkosi yethu, igama lakho liyababazeka kangaka emhlabeni wonke!”—IHubo 8:3, 4, 6-9.
Ukubonga Kunganqoba Ukunyukubala
Ukubonga komhubi ngenxa yezinto ezinhle kwasiza ekufiphazeni noma yikuphi ukunyukubala okulethwa izinto ezingathandeki noma izimo ezinzima. Nawe futhi ungaba nokuhlangenwe nakho okufanayo. Kanjani? Ngokulwela ukwazisa ngokugcwele izinto eziningi ezithandekayo ezisizungezile. Ngalendlela, ungandisa injabulo yakho neyalabo abakuzungezile.
Ngakho kungani ungavumeli imibukwane emihle yansuku zonke nezinye izinto ezimangalisayo kukushukumisele ukuba ubonge uMdali wethu ophana ngokusuka enhliziyweni? Manje cabangela ezinye izizathu ezengeziwe zokubonga.