“Ziwusizo Njengeziqondiso Ekuphileni Kwansuku Zonke”
YILOKHO owesifazane waseToronto, eCanada, abiza ngakho izincwadi zeWatch Tower Bible and Tract Society. “Ngiyakujabulela ukuzifunda futhi ngithola ukwaziswa kwazo kunikeza ulwazi kakhulu, kufudumeza inhliziyo, futhi ngaphezu kwakho konke ziwusizo kakhulu njengeziqondiso ekuphileni kwansuku zonke.”
Wanezela: “Ngineziqu zaseyunivesithi, futhi kumelwe ngivume ngokushaqisayo ukuthi ngiye ngafunda okuningi kakhulu ngezincwadi zenu ukwedlula engakufunda kuyo yonke iminyaka yami yokufunda. Ngajabulela ikakhulukazi incwadi yenu ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Azikho ezinye izincwadi eziye zakwazi ukuba nomphumela oqonde kangaka ekuphileni kwami njengoba ezenu zenzile—ziye zangisiza kakhulu; futhi ngiyanibonga ngempela ngalokhu.”
Incwadi eshiwo ngenhla, Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise, inikeza ukusikisela okuqondile okukusizayo ekuxazululeni izinkinga nasekwenzeni umshado ube injabulo uMdali ayewuhlosele ukuba ube yiyo. Ukuze uzitholele eyakho, gcwalisa futhi uthumele isigqebhezana esingezansi kanye nomnikelo ka-R2.
Sizani ningithumelele ngeposi, incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi ayi-192 ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Ngifaka u-R2.